ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 93


Isigaba 93

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 6 Meyi, 1833.

1–5, Bonke abathembekileyo bazoyibona iNkosi; 6–18, UJohane wafakaza ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu yanda emseni yaze yafumana ukuphelela kwenkazimulo kaBaba; 19–20, Abantu abathembekileyo, abanda emseni, nabo bazofumana ukuphelela Kwakhe; 21–22, Labo abazelwe ngoKristu bayiBandla leNkosana; 23–28, UKristu wafumana ukuphelela kwalo lonke iqiniso, futhi umuntu ngokuhlonipha naye angenza kanjalo; 29–32, Umuntu ekuqaleni wayeno Nkulunkulu; 33–35, Imvelo ngeyaphakade, futhi umuntu angafumana ukuphelela kwenjabulo kulo uVuko; 36–37, Inkazimulo kaNkulunkulu ingukuqonda; 38–40, Abantwana bamsulwa phambi kukaNkulunkulu ngenxa yokukhululwa nguKristu; 41–53, Abazalwane abangabaholi bayalwa ukuba balungise imindeni yabo ihleleke.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi: Kuyokwenzeka ukuthi wonke umuntu aoshiya izono zakhe futhi oza kimi, futhi bobiza igama lami, futhi cothobela izwi lami, futhi ogcina imiyalelo yami, duyobubona eubuso bami futhi azi ukuthi nginguye;

2 Futhi nokuthi nginguku akhanya okukhanyisa wonke umuntu oza emhlabeni;

3 Futhi nokuthi angikuBaba, futhi uBaba ukimi, futhi uBaba nami simunye—

4 UBaba ukimi angokuba bwanginika ukuphelela kwakhe, futhi ngiyiNdodana ngokuba ngangise mhlabeni futhi ngenza cinyama yami itabernakele, futhi ngahlala phakathi kwamadodana abantu.

5 Ngangise mhlabeni futhi ngafumana kuBaba, futhi aimisebenzi yakhe yabonakaliswa ngokusobala.

6 Futhi auJohane wabona futhi wafakaza ngokuphelela kwe bnkazimulo yami, futhi ukuphelela ckobufakazi bukaJohane busazo kwembulwa emva kwalesi sikhathi.

7 Futhi wafakaza, ethi: Ngayibona inkazimulo yakhe, ukuthi wayekhona aekuqaleni, umhlaba ungakabi bikho;

8 Ngakho-ke, ekuqaleni auLizwi wayekhona, ngokuba wayenguLizwi, ngisho isithunywa sensindiso—

9 aUkukhanya no bmHlengi womhlaba; uMoya weqiniso, oweza emhlabeni, ngokuba umhlaba wenziwa nguye, futhi kuye kwakukhona ukuphila kwabantu nokukhanya kwabantu.

10 Imihlaba ayenziwa nguye; abantu benziwa nguye; zonke izinto zenziwa nguye, futhi ngendlela yakhe, futhi nangamasu akhe.

11 Futhi mina, uJohane, ngiyafakaza ukuthi ngabona inkazimulo yakhe, njengenkazimulo yoZelwe Yedwa kaBaba, ogcwele umusa neqiniso, ngisho uMoya weqiniso, oweza wazohlala enyameni, futhi wahlala phakathi kwethu.

12 Futhi mina, uJohane, ngabona ukuthi akakufumananga aukuphelela ekuqaleni, kodwa wafumana bumusa ngenxa yomusa;

13 Futhi akafumananga ukuphelela ekuqaleni, kodwa waphikelela awanda ngomusa, waze wafumana ukuphelela;

14 Futhi ngalokho wabizwa angeNdodana kaNkulunkulu, ngokuba akaku fumananga ukuphelela ekuqaleni.

15 Futhi mina, auJohane, ngiyafakaza, futhi bheka, amazulu avuleka, futhi buMoya oNgcwele wehlela phezu kwakhe ngesimo csejuba, futhi wahlala phezu kwakhe, futhi kwezwakala izwi liphuma ezulwini lithi: Lena dyiNdodana yami ethandekayo.

16 Futhi mina, uJohane, ngifakaza ngokuthi wafumana ukuphelela kwenkazimulo kaBaba;

17 Futhi wafumana awonke bamandla, ezulwini nasemhlabeni, futhi inkazimulo ka cBaba yayinaye, ngokuba wayehlala kuye.

18 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi uma nithembekile niyofumana ephelele indaba kaJohane.

19 Ngini nika lokhu engikushoyo ukuze niqonde futhi nazi ukuthi akukhozwa kanjani, futhi nazi ukuthi nikhonzani, ukuze nize kuBaba egameni lami, futhi ngesikhathi esifanele nifumane ukuphelela kwakhe.

20 Ngokuba uma nigcina aimiyalelo yami niyokufumana bukuphelela kwakhe, futhi cnikhazimuliswe kimi njengami kuBaba; ngakho-ke, ngithi kini, niyofumana dumusa ngenxa yomusa.

21 Manje, ngiqinisile ngithi kini, ngangikhona aekuqaleni noBaba, futhi ngiyi bNkosana;

22 Futhi bonke labo abazalwe ngami bangaba ahlanganyela kuyo binkazimulo efanayo, futhi bayibandla leNkosana.

23 Nani nanikhona ekuqaleni anoBaba; lokho okunguMoya, ngisho uMoya weqiniso;

24 Futhi aiqiniso lingu blwazi lwezinto njengoba zinjalo, futhi njengoba zazinjalo, futhi njengoba zizoza;

25 Futhi noma yini aengafani nalokhu ingumoya walowo omubi owayengu bmqambi manga kwasekuqaleni.

26 UMoya aweqiniso ungokaNkulunkulu. NginguMoya weqiniso, futhi uJohane wafakaza ngami, ethi: Wafumana ukuphelela kweqiniso, yebo, ngisho lonke iqiniso;

27 Futhi akukho muntu ofumana aukuphelela ngaphandle kokugcina imiyalelo yakhe.

28 Lowo aogcina imiyalelo yakhe ufumana iqiniso noku bkhanya, aze akhazimuliswe kulo iqiniso futhi cazi izinto zonke.

29 Umuntu naye wayenoNkulunkulu aekuqaleni. bUkuqonda, noma ukukhanya kweqiniso, akuzange kudalwe noma kwenziwe, futhi impela ngeke kwaba njalo.

30 Lonke iqiniso lizimele kuleyondawo uNkulunkulu alibeke kuyo, ukuba alizenzele, njengakho konke ukuqonda nakho; kungenjalo akukho ukuba-khona.

31 Bhekani, kulokhu kukhona ailungelo lokukwazi ukuzikhethela lomuntu, futhi kulokhu kukhona ukubekwa icala komuntu; ngokuba lokho okwakukhona ekuqaleni bkwambulwa ngokucacile kubo, futhi abakwamukeli ukukhanya.

32 Futhi wonke umuntu umoya wakhe ongakwemukeli aukukhanya unecala.

33 Ngokuba umuntu aungumoya. bImvelo ngeyaphakade, futhi umoya nemvelo, kuhlangene ngokungahlukaniseki, kufumana ukuphelela kwenjabulo;

34 Futhi uma akwehlukene, umuntu ngeke akwazi ukuthola ukuphelela kwe bnjabulo.

35 aImvelo iyitabernakeli likaNkulunkulu; yebo, umuntu uyitabernakeli likaNkulunkulu, ngisho bamathempeli; futhi noma yiliphi ithempeli elingcolisiwe, uNkulunkulu uyolichitha lelo thempeli.

36 aInkazimulo kaNkulunkulu bingukuqonda, noma, ngamanye amagama, cukukhanya neqiniso.

37 Ukukhanya neqiniso kuyamshiya alowo omubi.

38 Umoya wawo wonke umuntu wawu angenacala ekuqaleni; futhi uNkulunkulu besemkhululile umuntu cekuweni, abantu baphinda futhi, esimweni sobuntwana babo, baba dmsulwa phambi kukaNkulunkulu.

39 Futhi lowo omubi ufika aathathe ukukhanya neqiniso, ngokungalaleli, kubantwana babantu, futhi ngenxa byosiko lokhokho babo.

40 Kodwa nginiyalile ukuba nikhulise aabantwana benu ekukhanyeni naseqinisweni.

41 Kodwa ngiqinisile ngithi kuwe, nceku yami uFrederick G. Williams, uqhubekile nokuba nalelicala;

42 Awuzange uba afundise abantwana bakho ukukhanya neqiniso, ngokwemiyalelo; futhi lowo omubi unamandla, njenga manje, phezu kwakho, futhi yikho lokhu okuyisi susa sokuhlupheka kwakho.

43 Manje ngikunika umyalelo—uma uzokhululwa auzolungisa indlu yakho ihleleke, ngokuba ziningi izinto ezingalungile endlini yakho.

44 Ngiqinisile, ngithi encekwini yami uSidney Rigdon, kwezinye izinto akayigcinanga imiyalelo ngokuphathelene nabantwana bakhe; ngakho-ke, lungisa kuqala indlu yakho ihleleke.

45 Ngiqinisile, ngithi encekwini yami uJoseph Smith, omNcane, noma ngamanye amagama, ngizonibiza angabahlobo, ngokuba ningabahlobo bami, futhi niyofumana ifa nami—

46 Nginibize angezinceku ngenxa yomhlaba, futhi niyizinceku zabo ngenxa yami—

47 Manje, ngiqinisile ngithi kuJoseph Smith, omNcane—Awuyigcinanga imiyalelo, futhi kufanele ausolwe phambi kweNkosi;

48 aUmndeni wakho kufanele uphenduke futhi ushiye izinto ezithile, futhi unake ngokucophelela iziyalo zakho, noma basuswe endaweni yabo.

49 Engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke; akhulekani njalo hleze lowo omubi abe namandla kini, futhi anisuse endaweni yenu.

50 Inceku yami uNewel K. Whitney naye, umbhishobhi webandla, kudingeka asolwe, futhi alungise umndeni wakhe uhleleke, futhi aqiniseke ukuthi bakhuthele futhi benza imisebenzi yabo ekhaya, futhi bakhuleke njalo, noma bayosuswa aendaweni yabo.

51 Manje, ngithi kini, bahlobo bami, inceku yami uSidney Rigdon makathathe uhambo lwakhe, futhi asheshise, futhi amemezele aunyaka womusa weNkosi, nevangeli lokusindiswa, njengoba ngiyomnika azokusho; futhi nangomkhuleko wenu wokukholwa ngokuvumelana ngizomqinisa.

52 Futhi izinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noFrederick G. Williams mabasheshe nabo, futhi bayonikezwa ngisho ngokomkhuleko wokukholwa; futhi kangangoba nigcina engikushoyo ngeke ninqotshwe kulomhlaba, noma emhlabeni ozayo.

53 Futhi, ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuba nisheshise aukuhumusha imibhalo yami engcwele, futhi bnokuthola culwazi lomlando, nolwamazwe, nolwemibuso, nolwemithetho kaNkulunkulu nolwabantu, futhi konke lokhu ukuze kusindiswe iSiyoni. Amen.