ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 76


Isigaba 76

Umbono owanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 16 Februwari, 1832. Ukwandulela ukubhalwa kwalo mbono, umlando ka Joseph Smith uthi: “Ekubuyeni kwami emhlanganweni owawuse-Amherst, ngaqhubeka futhi nokuhumusha imiBhalo eNgcwele. Ezambulweni ezahlukahlukene ezase zitholakele, kwakusobala ukuthi okuningi okwaku phathelene nensindiso yabantu kwase kususiwe eBhayibhelini, noma kwase kwalahleka ngaphambi kokuba lihlanganiswe. Kwabonakala kusobala kulawo maqiniso ayesa sele, ukuthi uma uNkulunkulu wayenika wonke umuntu umvuzo ngokwemisebenzi ayenze esesemzimbeni igama elithi ‘iZulu,’ uma kuhloswe ngalo ukuba libe yikhaya laphakade labaNgcwele, kufanele libe nemibuso eminingi kunowodwa. Ngakho-ke … ngesikhathi sihumusha ivangeli ngokukaJohane, mina neGosa uRigdon sabona lombono olandelayo.” Ngesikhathi kunikwa lombono, umPhrofethi waye humusha incwadi ka Johane 5:29.

1–4, INkosi inguNkulunkulu; 5–10, Izimfihlakalo zombuso zizokwambulwa kubo bonke abathembekileyo; 11–17, Bonke bazovuka ovukweni lwabalungileyo noma lwabangalungile; 18–24, Abantu basemihlabeni eminingi bangamadodana namadodakazi azelwe kuNkulunkulu ngeNhlawulo kaJesu Kristu; 25–29, Ingelosi kaNkulunkulu yawa futhi yaba ngudeveli; 30–49, Amadodana okulahlwa ezwa usizi nobuhlungu baphakade; bonke abanye bazuza izinga elithile lensindiso; 50–70, Inkazimulo nomvuzo wabaphakanyisiweyo embusweni wesilestiyali kuyachazwa; 71–80, Labo abayofumana ifa lombuso wethirestriyali bayachazwa, 81–113, Isimo salabo abasenkazimulweni yethilestiyali, yethirestriyali, neyesilestiyali siyachazwa; 114–119, Abathembekileyo bangazibona futhi baziqonde izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu ngamandla oMoya oNgcwele.

1 Yizwani, O nina mazulu, futhi nibeke indlebe, O mhlaba, futhi nijabule nina abahlala kuwo, ngokuba iNkosi ingu Nkulunkulu, futhi ngaphandle kwakhe akukho mSindisi.

2 Kukhulu ukuhlakanipha kwakhe, ziyamangalisa izindlela zakhe, nobubanzi bezenzo zakhe ngeke baziwe muntu.

3 Izinhloso zakhe azihluleki, futhi akekho noyedwa ongakwazi ukuvimba isandla sakhe.

4 Kusuka phakade kuya phakade uyafana, futhi neminyaka yakhe ayisoze yaphela.

5 Ngokuba isho kanje iNkosi—mina, iNkosi, nginomhawu futhi nginomusa kulabo abangesabayo, futhi kuyangijabulisa ukuhlonipha labo abangi sebenzela ngokulunga nangeqiniso kuze kube sekupheleni.

6 Uyoba mkhulu umvuzo wabo futhi iyokuba ngeyaphakade inkazimulo yabo.

7 Futhi kubo ngizo kwambula zonke izimfihlakalo, yebo, zonke izimfihlakalo ezifihliwe zombuso wami kusuka ezinsukwini zakudala, futhi ezikhathini eziningi ezizayo, ngizobazisa okuhle ngentando yami ngokuphathelene nazo zonke izinto eziqondene nombuso wami.

8 Yebo, ngisho nezimangaliso zephakade bayozazi, nezinto ezisazofika ngizobatshengisa, ngisho izinto zezizukulwane eziningi.

9 Futhi ukuhlakanipha kwabo kuyokuba kukhulu, nokuqonda kwabo kuyofinyelela ezulwini; futhi phambi kwabo ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo kuyoshabalala, futhi nokuqonda kwabahlakaniphileyo kuyoba yize.

10 Ngokuba ngo Moya wami ngizoba khanyisela, futhi nga mandla ami ngizokwambula izimfihlo zentando yami—yebo, ngisho lezo zinto iso elingakaziboni, nendlebe engakazizwa, futhi ezingakangeni enhliziyweni yomuntu.

11 Thina, uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon, siseMoyeni ngosuku lweshumi nesithupha lukaFebruwari, ngonyaka weNkosi yethu wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili—

12 Ngamandla oMoya amehlo ethu avuleka futhi nokuqonda kwethu kwakhanyiselwa, ukuze sizibone futhi siziqonde izinto zika Nkulunkulu—

13 Ngisho lezo zinto ezazisuka ekuqaleni ngaphambi kokuba umhlaba ubekhona, ezazimiswe nguBaba, ngeNdodana yakhe Ezelwe Yodwa, eyayisesifubeni sikaBaba, ngisho kusuka ekuqaleni;

14 Esifakazayo ngaye; futhi ubufakazi esibushoyo buwukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu, oyiNdodana, esambona nesa khuluma naye embonweni wasezulwini.

15 Ngokuba ngesikhathi sisenza umsebenzi woku humusha, iNkosi eyayisimisele wona, safika evesini lamashumi amabili nesishiyagalolunye lesahluko sesihlanu sikaJohane, elanikwa kithi ngalendlela elandelayo—

16 Elikhuluma ngokuvuka kwabafileyo, ngokuphathelene nalabo abayolizwa izwi le Ndodana yoMuntu;

17 Futhi bayophuma; labo abenze okuhle, ovukweni lwaba lungileyo; futhi labo abenze okubi, ovukweni lwabangalungile.

18 Manje lokhu kwenza ukuba simangale, ngokuba kwanikwa kithi ngoMoya.

19 Futhi ngesikhathi sisadlinza ngalezi zinto, iNkosi yathinta amehlo okuqonda kwethu futhi avuleka, nenkazimulo yeNkosi yasikhanyisa nxazonke.

20 Futhi sabona inkazimulo yeNdodana, ngakwe sokunene sika Baba, futhi safumana ukuphelela konke kwayo;

21 Futhi sabona izingelosi ezingcwele, futhi nalabo aba ngcwelisiwe phambi kwesihlalo sakhe, bedumisa uNkulunkulu, neMvana, bemdumisa phakade naphakade.

22 Manje, emva kobufakazi obuningi osebunikiwe ngaye, nabu ubufakazi, ekugcineni kwako konke, esibunikayo ngaye: Ukuthi uyaphila!

23 Ngokuba sambona, ngisho ngakwesokunene sika Nkulunkulu; futhi sezwa izwi lifakaza ukuthi uyiNdodana Ezelwe Yodwa kaBaba—

24 Ukuthi ngaye, futhi ngendlela yakhe, futhi nangamasu akhe, imihlaba ikhona futhi yadalwa, nabantu bayo bangama dodana namadodakazi azelwe kuNkulunkulu.

25 Futhi nalokhu sakubona, futhi siyafakaza, ukuthi ingelosi kaNkulunkulu eyayiphethe lapho kukhona khona uNkulunkulu, eyavukela iNdodana Ezelwe Yodwa eyayithandwa nguBaba futhi neyayisesifubeni sikaBaba, yaphoswa phansi isuka lapho kukhona khona uNkulunkulu neNdodana,

26 Futhi yabizwa ngokuLahlwa, ngokuba amazulu amkhalela—wayengu Lusifa, indodana yokusa.

27 Futhi sabona, futhi bheka, uwile! uwile, ngisho indodana yokusa!

28 Futhi ngesikhathi sisekuMoya, iNkosi yasiyala ukuthi asiwubhale lombono; ngokuba sambona uSathane, leyo nyoka endala, ngisho udeveli, owavukela uNkulunkulu, futhi wafuna ukuthatha umbuso kaNkulunkulu wethu noKristu wakhe—

29 Ngalokho-ke, ulwa nabangcwele baNkulunkulu, futhi uyabazungeza nxazonke.

30 Futhi sabona umbono wokuzwa ubuhlungu kwalabo alwa nabo futhi wabanqoba, ngokuba leza kanje izwi leNkosi kithi:

31 Isho kanje iNkosi ngokuphathelene nabo bonke abazi amandla ami, futhi naseke bawafumana, futhi nabazivumele ngamandla kadeveli ukuba banqotshwe, futhi nokuba baliphike iqiniso futhi bangawahloniphi amandla ami—

32 Yibo laba abanga madodana okulahlwa, ngabo engithi kwakuyobangcono kubo ukuba abazalwanga;

33 Ngokuba bayizitsha zentukuthelo, sebenikelwe ukuba bezwe ubuhlungu bentukuthelo kaNkulunkulu, nodeveli nezingelosi zakhe phakade;

34 Ngokuphathelene nalabo esengikhulume ngabo akukho ukuthethelelwa kulomhlaba noma emhlabeni ozayo—

35 Sebewu phikile uMoya oNgcwele emva kokuba sebewufumene, futhi sebeyiphikile iNdodana kaBaba Ezelwe Yodwa, sebeyibethele bona uqobo futhi bayithela ngehlazo obala.

36 Yibo laba abayoya echibini lomlilo nesibabule, nodeveli nezingelosi zakhe—

37 Futhi okuyibo bodwa ukufa kwesibili okuyoba namandla kubo;

38 Yebo, ngiqinisile, nokuyibo bodwa abangeyikukhululwa ngesikhathi esifanele seNkosi, emva kokuzwa ubuhlungu bentukuthelo yayo.

39 Ngokuba bonke abanye bayokhishwa ngo kuvuka kwabafileyo, ngokunqoba nangenkazimulo ye Mvana, eyabulawa, eyayisesifubeni sikaBaba ngaphambi kokuba imihlaba yenziwe.

40 Futhi nanti ivangeli, izindaba ezimnandi, izwi elaliphuma emazulwini elafakaza ngazo kithi—

41 Ukuthi weza emhlabeni, ngisho uJesu, ukuzobethelelwa umhlaba, futhi nokuzo thwala izono zomhlaba, futhi nokuzo ngcwelisa umhlaba, futhi nokuzowu hlanza kukho konke ukungalungi;

42 Ukuze ngaye bonke basindiswe uBaba ababeke emandleni akhe futhi nabenze ngaye;

43 Okhazimulisa uBaba, futhi nosindisa yonke imisebenzi yezandla zakhe, ngaphandle kwalawo madodana okulahlwa aphika iNdodana emva kokuba uBaba eseyambulile.

44 Ngalokho-ke, ubasindisa bonke ngaphandle kwabo—bayohamba baye ekujezisweni kwaphakade, okungukujeziswa okungapheliyo, okungukujeziswa kwaphakade, ukuyobusa nodeveli nezingelosi zakhe ingunaphakade, lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacinywa, okungubuhlungu babo—

45 Futhi isiphetho salapho, noma indawo yalapho, noma ubuhlungu babo, akukho muntu obaziyo;

46 Akukaze kwambulwe, futhi akwambuliwe, futhi akuyikwambulwa kumuntu, ngaphandle kwalabo abenziwa abahlanganyeli balapho;

47 Kodwa, mina, iNkosi, ngikutshengisa ngombono kwabaningi, kodwa ngokushesha ngiwuvale futhi;

48 Ngalokho-ke, isiphetho, ububanzi, ukuphakama, ukujula, nosizi lwakhona, abakuqondi, namunye umuntu ngaphandle kwalabo aba bekelwe lokhu kulahlwa yicala.

49 Futhi sezwa izwi, lithi: Bhalani lombono, ngokuba bhekani, lesi yisiphetho sombono wokuzwa ubuhlungu kwabangamesabi uNkulunkulu.

50 Futhi phezu kwalokho siyafakaza—ngokuba sabona futhi sezwa, futhi lobu wubufakazi bevangeli likaKristu ngokuphathelene nalabo abayophuma ovukweni lwabalungileyo—

51 Yibo laba abemukela ubufakazi bukaJesu, futhi bakholwa egameni lakhe futhi babhabhadiswa ngokufana nokungcwatshwa kwakhe, bengcwatshwa emanzini egameni lakhe, futhi lokhu ngokomyalelo awunikile—

52 Ukuthi ngokugcina imiyalelo banga gezwa futhi bahlanzwe kuzo zonke izono zabo, futhi bafumane uMoya oNgcwele ngokubekwa izandla yilowo ogcotshiwe futhi wanikwa la mandla;

53 Futhi abanqoba ngokukholwa, futhi babekwa uphawu ngo Moya oNgcwele wesethembiso, uBaba awuthumela kubo bonke labo abalungile nabaqotho.

54 Yibo laba abayibandla le Nkosana.

55 Yibo laba ezandleni zabo uBaba asebanike zonke izinto—

56 Yibo laba abanga baphristi namakhosi, asebefumene ukuphelela konke kwakhe, futhi nenkazimulo yakhe;

57 Futhi banga baphristi boPhakeme kaKhulu, ngokohlelo lukaMelkisedeki, olwalungokohlelo luka-Enoke, olwalungoko hlelo lweNdodana Ezelwe Yodwa.

58 Ngalokho-ke, njengoba kubhaliwe, ba ngonkulunkulu, ngisho amadodana kaNkulunkulu

59 Ngalokho-ke, zonke izinto zingezabo, noma ukuphila noma ukufa, noma izinto zamanje, noma izinto ezisazokuza, konke kungokwabo futhi bangabaKristu, noKristu ungokaNkulunkulu.

60 Futhi bayonqoba zonke izinto.

61 Ngalokho-ke, makungabikho muntu oziqhayisa ngomuntu, kodwa maka ziqhayise ngoNkulunkulu, oyo thobisa zonke izitha azibeke ngaphansi kwezinyawo zakhe.

62 Laba bayo hlala lapho kukhona khona uNkulunkulu noKristu wakhe phakade naphakade.

63 Yibo laba ayoza nabo, uma eseza emafwini asezulwini ukuzo busa emhlabeni phezu kwabantu bakhe.

64 Yibo laba abayokuba nengxenye ovukweni lokuqala.

65 Yibo laba abayophuma ovukweni lwabalungileyo.

66 Yibo laba abeze eNtabeni iSiyoni, nasedolobheni likaNkulunkulu ophilayo, indawo yasezulwini, engcwele kunazo zonke.

67 Yibo laba abeze esixukwini sezingelosi ezingabaleki, embuthanweni wabo bonke abantu nebandla lika-Enoke, nele Nkosana.

68 Yibo laba amagama abo abhalwe ezulwini, lapho uNkulunkulu noKristu benga bahluleli babo bonke.

69 Yibo laba abalungileyo aba phelelisiweyo ngoJesu umlamuleli wesi vumelwano esisha, ofeze lenhlawulo ephelele ngokuchitha igazi lakhe uqobo.

70 Yibo laba imizimba yabo ingeye silestiyali, inkazimulo yabo okuyileyo yelanga, ngisho inkazimulo kaNkulunkulu, ophakeme kunabo bonke, inkazimulo yakhe okubhalwe ngayo ukuthi ifana neyelanga esibhakabhakeni.

71 Futhi phezu kwalokho, sabona umhlaba wethirestriyali, futhi bhekani bheka, yibo laba abangabe thirestriyali, inkazimulo yabo ehlukile kuleyo yebandla leNkosana abafumane ukuphelela konke kukaBaba, ngisho njengenkazimulo ye nyanga ihlukile elangeni esibhakabhakeni.

72 Bhekani, yibo laba abafa bengenawo umthetho;

73 Futhi nalabo abayi mimoya yabantu eyayigcinwe etilongweni, abavakashelwa yiNdodana, futhi yashumayela ivangeli kubo, ukuze bahlulelwe njengabantu abasenyameni;

74 Abangabemukelanga ubufakazi bukaJesu enyameni, kodwa kamuva babemukela.

75 Yibo laba abanga bantu abahloniphekile bomhlaba, ababevaleke amehlo ngobuqili babantu.

76 Yibo laba abafumana inkazimulo yakhe, kodwa hhayi ukuphelela konke.

77 Yibo laba abafumana ukuba-khona kweNdodana, kodwa hhayi ukuphelela konke kukaBaba.

78 Ngalokho-ke, bayimizimba yethirestriyali, abayona imizimba yesilestiyali, futhi bahlukile ngenkazimulo njengenyanga ihlukile elangeni.

79 Yibo laba aba ngaqinile ebufakazini bukaJesu; ngalokho-ke, abawutholi umqhele embusweni kaNkulunkulu wethu.

80 Manje lesi yisiphetho sombono esawubona wethirestriyali, iNkosi eyasiyala ukuthi siwubhale ngesikhathi sisekuMoya.

81 Futhi phezu kwalokho, sabona inkazimulo ye thilestiyali, leyonkazimulo yalowo mbuso ongaphansi, ngisho njengenkazimulo yezinkanyezi ihluka enkazimulweni yenyanga esesibhakabhakeni.

82 Yibo laba abangalemukelanga ivangeli likaKristu, noma ubufakazi bukaJesu.

83 Yibo laba abangawuphiki uMoya oNgcwele.

84 Yibo laba abaphonswa phansi esihogweni.

85 Yibo laba abangeke bakhululwe ku develi kuze kube wuvuko lokugcina, ize iNkosi, ngisho uKristu iMvana, iyobe isiwuqedile umsebenzi wayo.

86 Yibo laba abangakutholi ukuphelela konke kwakhe emhlabeni waphakade, kodwa abathola okoMoya oNgcwele ngokusetshenzelwa ngabase thirestriyali;

87 Futhi abethirestriyali ngoku setshenzelwa ngabe silestiyali.

88 Futhi phezu kwalokho abethilestiyali bakuthola ngokusetshenzelwa yizingelosi ezibekwe ukuba zibasebenzele, noma ezibekwe ukuba zibe yimimoya ebasebenzelayo; ngokuba bayoba izindlalifa sensindiso.

89 Futhi ngalokho sabona, embonweni wasezulwini, inkazimulo yethilestiyali, edlula ukuqonda konke;

90 Futhi akukho muntu oyaziyo ngaphandle kwalowo uNkulunkulu ayembule kuye.

91 Futhi njengoba sekushiwo sayibona inkazimulo yethirestriyali edlula ngokwezinto zonke inkazimulo yethilestiyali, ngisho ngenkazimulo, nangegunya, nangamandla, nangobukhosi.

92 Futhi njengoba sekushiwo sayibona inkazimulo ye silestiyali, edlula ngokwezinto zonke—lapho uNkulunkulu, ngisho uBaba, ebusa esihlalweni sakhe sobukhosi phakade naphakade;

93 Ngaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi zonke izinto ziyakhothama ngokuhlonipha kokuzithoba, futhi zimnika inkazimulo phakade naphakade.

94 Labo abahlala lapho ekhona bayibandla le Nkosana; futhi babona njengoba bebonwa, futhi bazi njengoba baziwa, sebefumene ukuphelela konke kwakhe nomusa wakhe;

95 Futhi ubenza balingane ngegunya, nangamandla, nangobukhosi.

96 Futhi inkazimulo ye silestiyali iyodwa, ngisho njengoba inkazimulo yelanga iyodwa.

97 Nenkazimulo yethirestriyali iyodwa, ngisho njengoba inkazimulo yenyanga iyodwa.

98 Futhi nenkazimulo yethilestiyali iyodwa, ngisho njengoba inkazimulo yezinkanyezi iyodwa; ngokuba njengoba inkanyezi ihluka kwenye inkanyezi ngenkazimulo, kanjalo-ke omunye uhlukile komunye ngenkazimulo emhlabeni wethilestiyali;

99 Ngokuba yibo laba aba Pawulu, naba-Apholo, nabaKhefase.

100 Yibo laba abathi bangabomuntu othile abanye bathi bangabomunye—abanye bangabaKristu nabanye bangabaJohane, nabanye bangabaMose, nabanye bangaba-Eliyasi, nabanye bangaba-Esayasi, nabanye abangaba-Isaya, nabanye bangaba-Enoke;

101 Kodwa abalemukelanga ivangeli, noma ubufakazi bukaJesu, noma abaphrofethi, noma isivumelwano saphakade.

102 Okokugcina kwakho konke, yibo bonke laba abangeke baqoqwe nabangcwele, ukuze bahlwithelwe ebandleni leNkosana, futhi bamukelwe emafwini.

103 Yibo laba abangaba qambi manga, nabathakathi, nabaphingi, nezifebe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

104 Yibo laba abezwa ubuhlungu be ntukuthelo kaNkulunkulu emhlabeni.

105 Yibo laba abezwa ubuhlungu be mpindiselo yomlilo waphakade.

106 Yibo laba abaphonswa phansi esihogweni futhi nabezwa ubuhlungu bentukuthelo ka Nkulunkulu uMninimandla Onke, kuze kube wukuphelela kwezikhathi, lapho uKristu eyobe esezithobise zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi eyobe esewu phelelisile umsebenzi wakhe.

107 Lapho eyonikeza umbuso, ewubeka phambi kuBaba, ucwebile, ethi: Nginqobile futhi isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa, ngisho isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.

108 Lapho uyobe esethweswa umqhele wenkazimulo yakhe, ukuze ahlale esihlalweni sobukhosi samandla akhe ukuze abuse phakade naphakade.

109 Kodwa bhekani, futhi bheka, sabona inkazimulo nabantu abahlala emhlabeni wethilestiyali, ukuthi babengabaleki njengezinkanyezi esibhakabhakeni sezulu, noma njengesihlabathi osebeni lolwandle;

110 Futhi sezwa izwi leNkosi lithi: Laba bonke bayogoba amadolo, futhi zonke izilimi ziyomvuma lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi phakade naphakade;

111 Ngokuba bayokwahlulelwa ngokwemisebenzi yabo, futhi wonke umuntu uyofumana ngokwe misebenzi yakhe, ubukhosi bakhe uqobo, ezindlini ezilungisiwe;

112 Futhi bayoba yizinceku zoPhakeme kaKhulu; kodwa lapho uNkulunkulu noKristu behlala khona ngeke bakwazi ukuza, izizukulwane zonke zaphakade naphakade.

113 Lesi yisiphetho sombono esawubona, esayalwa ukuba siwubhale ngesikhathi sisekuMoya.

114 Kodwa mikhulu futhi iyamangalisa imisebenzi yeNkosi, futhi nezimfihlakalo zombuso asikhombisa zona, ezidlula konke ukuqonda ngenkazimulo, nangamandla, nangobukhosi;

115 Eyasiyala ukuthi singayibhali ngesikhathi sisekuMoya, futhi okungavunyelwe ukuba umuntu ayikhulume;

116 Futhi akukho noyedwa umuntu ongakwazi ukuyembula, ngokuba ingabonwa futhi iqondwe kuphela ngamandla kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu awunika labo abamthandayo, nabazicwebisayo phambi kwakhe;

117 Kubo abanika lenhlanhla yokuzibonela nokuzazela ngokwabo;

118 Ukuze ngamandla nangesibonakaliso soMoya, ngesikhathi besenyameni, bakwazi ukubekezelela ukuba phambi kwakhe ezweni lenkazimulo.

119 Futhi makube kuNkulunkulu neMvana inkazimulo, nodumo, nobukhosi phakade naphakade. Amen.