ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 76


Isigaba 76

Umbono owanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 16 Februwari, 1832. Ukwandulela ukubhalwa kwalo mbono, umlando ka Joseph Smith uthi: “Ekubuyeni kwami emhlanganweni owawuse-Amherst, ngaqhubeka futhi nokuhumusha imiBhalo eNgcwele. Ezambulweni ezahlukahlukene ezase zitholakele, kwakusobala ukuthi okuningi okwaku phathelene nensindiso yabantu kwase kususiwe eBhayibhelini, noma kwase kwalahleka ngaphambi kokuba lihlanganiswe. Kwabonakala kusobala kulawo maqiniso ayesa sele, ukuthi uma uNkulunkulu wayenika wonke umuntu umvuzo ngokwemisebenzi ayenze esesemzimbeni igama elithi ‘iZulu,’ uma kuhloswe ngalo ukuba libe yikhaya laphakade labaNgcwele, kufanele libe nemibuso eminingi kunowodwa. Ngakho-ke … ngesikhathi sihumusha ivangeli ngokukaJohane, mina neGosa uRigdon sabona lombono olandelayo.” Ngesikhathi kunikwa lombono, umPhrofethi waye humusha incwadi ka Johane 5:29.

1–4, INkosi inguNkulunkulu; 5–10, Izimfihlakalo zombuso zizokwambulwa kubo bonke abathembekileyo; 11–17, Bonke bazovuka ovukweni lwabalungileyo noma lwabangalungile; 18–24, Abantu basemihlabeni eminingi bangamadodana namadodakazi azelwe kuNkulunkulu ngeNhlawulo kaJesu Kristu; 25–29, Ingelosi kaNkulunkulu yawa futhi yaba ngudeveli; 30–49, Amadodana okulahlwa ezwa usizi nobuhlungu baphakade; bonke abanye bazuza izinga elithile lensindiso; 50–70, Inkazimulo nomvuzo wabaphakanyisiweyo embusweni wesilestiyali kuyachazwa; 71–80, Labo abayofumana ifa lombuso wethirestriyali bayachazwa, 81–113, Isimo salabo abasenkazimulweni yethilestiyali, yethirestriyali, neyesilestiyali siyachazwa; 114–119, Abathembekileyo bangazibona futhi baziqonde izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu ngamandla oMoya oNgcwele.

1 aYizwani, O nina mazulu, futhi nibeke indlebe, O mhlaba, futhi nijabule nina abahlala kuwo, ngokuba iNkosi ingu bNkulunkulu, futhi ngaphandle kwakhe cakukho dmSindisi.

2 aKukhulu ukuhlakanipha kwakhe, bziyamangalisa izindlela zakhe, nobubanzi bezenzo zakhe ngeke baziwe muntu.

3 aIzinhloso zakhe azihluleki, futhi akekho noyedwa ongakwazi ukuvimba isandla sakhe.

4 Kusuka phakade kuya phakade auyafana, futhi neminyaka yakhe bayisoze yaphela.

5 Ngokuba isho kanje iNkosi—mina, iNkosi, anginomhawu futhi nginomusa kulabo babangesabayo, futhi kuyangijabulisa ukuhlonipha labo abangi csebenzela ngokulunga nangeqiniso kuze kube sekupheleni.

6 Uyoba mkhulu umvuzo wabo futhi iyokuba ngeyaphakade ainkazimulo yabo.

7 Futhi kubo ngizo akwambula zonke bizimfihlakalo, yebo, zonke izimfihlakalo ezifihliwe zombuso wami kusuka ezinsukwini zakudala, futhi ezikhathini eziningi ezizayo, ngizobazisa okuhle ngentando yami ngokuphathelene nazo zonke izinto eziqondene nombuso wami.

8 Yebo, ngisho nezimangaliso zephakade bayozazi, nezinto ezisazofika ngizobatshengisa, ngisho izinto zezizukulwane eziningi.

9 Futhi aukuhlakanipha kwabo kuyokuba kukhulu, bnokuqonda kwabo kuyofinyelela ezulwini; futhi phambi kwabo ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo ckuyoshabalala, futhi nokuqonda kwabahlakaniphileyo kuyoba yize.

10 Ngokuba ngo aMoya wami ngizoba bkhanyisela, futhi nga cmandla ami ngizokwambula izimfihlo zentando yami—yebo, ngisho lezo zinto diso elingakaziboni, nendlebe engakazizwa, futhi ezingakangeni enhliziyweni yomuntu.

11 Thina, uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon, asiseMoyeni ngosuku lweshumi nesithupha lukaFebruwari, ngonyaka weNkosi yethu wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili—

12 Ngamandla aoMoya bamehlo ethu avuleka futhi nokuqonda kwethu kwakhanyiselwa, ukuze sizibone futhi siziqonde izinto zika Nkulunkulu—

13 Ngisho lezo zinto ezazisuka ekuqaleni ngaphambi kokuba umhlaba ubekhona, ezazimiswe nguBaba, ngeNdodana yakhe Ezelwe Yodwa, eyayisesifubeni sikaBaba, ngisho kusuka aekuqaleni;

14 Esifakazayo ngaye; futhi ubufakazi esibushoyo buwukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu, oyiNdodana, esambona nesa akhuluma naye bembonweni wasezulwini.

15 Ngokuba ngesikhathi sisenza umsebenzi woku ahumusha, iNkosi eyayisimisele wona, safika evesini lamashumi amabili nesishiyagalolunye lesahluko sesihlanu sikaJohane, elanikwa kithi ngalendlela elandelayo—

16 Elikhuluma ngokuvuka kwabafileyo, ngokuphathelene nalabo aabayolizwa izwi le bNdodana yoMuntu;

17 Futhi bayophuma; labo abenze aokuhle, bovukweni lwaba clungileyo; futhi labo abenze okubi, ovukweni lwabangalungile.

18 Manje lokhu kwenza ukuba simangale, ngokuba kwanikwa kithi ngoMoya.

19 Futhi ngesikhathi asisadlinza ngalezi zinto, iNkosi yathinta amehlo okuqonda kwethu futhi avuleka, nenkazimulo yeNkosi yasikhanyisa nxazonke.

20 Futhi sabona ainkazimulo yeNdodana, ngakwe bsokunene sika cBaba, futhi safumana ukuphelela konke kwayo;

21 Futhi sabona aizingelosi ezingcwele, futhi nalabo aba bngcwelisiwe phambi kwesihlalo sakhe, bedumisa uNkulunkulu, neMvana, cbemdumisa phakade naphakade.

22 Manje, emva kobufakazi obuningi osebunikiwe ngaye, nabu aubufakazi, ekugcineni kwako konke, esibunikayo ngaye: Ukuthi buyaphila!

23 Ngokuba asambona, ngisho ngakwesokunene sika bNkulunkulu; futhi sezwa izwi lifakaza ukuthi uyiNdodana cEzelwe Yodwa kaBaba—

24 Ukuthi angaye, futhi ngendlela yakhe, futhi nangamasu akhe, bimihlaba ikhona futhi yadalwa, nabantu bayo bangama cdodana namadodakazi azelwe kuNkulunkulu.

25 Futhi nalokhu sakubona, futhi siyafakaza, ukuthi aingelosi kaNkulunkulu eyayiphethe lapho kukhona khona uNkulunkulu, eyavukela iNdodana Ezelwe Yodwa eyayithandwa nguBaba futhi neyayisesifubeni sikaBaba, yaphoswa phansi isuka lapho kukhona khona uNkulunkulu neNdodana,

26 Futhi yabizwa ngokuLahlwa, ngokuba amazulu amkhalela—wayengu aLusifa, indodana yokusa.

27 Futhi sabona, futhi bheka, auwile! uwile, ngisho indodana yokusa!

28 Futhi ngesikhathi sisekuMoya, iNkosi yasiyala ukuthi asiwubhale lombono; ngokuba sambona uSathane, leyo anyoka endala, ngisho budeveli, cowavukela uNkulunkulu, futhi wafuna ukuthatha umbuso kaNkulunkulu wethu noKristu wakhe—

29 Ngalokho-ke, aulwa nabangcwele baNkulunkulu, futhi uyabazungeza nxazonke.

30 Futhi sabona umbono wokuzwa ubuhlungu kwalabo alwa nabo futhi wabanqoba, ngokuba leza kanje izwi leNkosi kithi:

31 Isho kanje iNkosi ngokuphathelene nabo bonke abazi amandla ami, futhi naseke bawafumana, futhi nabazivumele ngamandla kadeveli ukuba abanqotshwe, futhi nokuba baliphike iqiniso futhi bangawahloniphi amandla ami—

32 Yibo laba abanga amadodana bokulahlwa, ngabo engithi kwakuyobangcono kubo ukuba abazalwanga;

33 Ngokuba bayizitsha zentukuthelo, sebenikelwe ukuba bezwe ubuhlungu bentukuthelo kaNkulunkulu, nodeveli nezingelosi zakhe phakade;

34 Ngokuphathelene nalabo esengikhulume ngabo akukho aukuthethelelwa kulomhlaba noma emhlabeni ozayo—

35 Sebewu aphikile uMoya oNgcwele emva kokuba sebewufumene, futhi sebeyiphikile iNdodana kaBaba Ezelwe Yodwa, bsebeyibethele bona uqobo futhi bayithela ngehlazo obala.

36 Yibo laba abayoya aechibini lomlilo nesibabule, nodeveli nezingelosi zakhe—

37 Futhi okuyibo bodwa aukufa kwesibili okuyoba namandla kubo;

38 Yebo, ngiqinisile, anokuyibo bodwa abangeyikukhululwa ngesikhathi esifanele seNkosi, emva kokuzwa ubuhlungu bentukuthelo yayo.

39 Ngokuba bonke abanye abayokhishwa ngo bkuvuka kwabafileyo, ngokunqoba nangenkazimulo ye cMvana, eyabulawa, eyayisesifubeni sikaBaba ngaphambi kokuba imihlaba yenziwe.

40 Futhi nanti aivangeli, izindaba ezimnandi, izwi elaliphuma emazulwini elafakaza ngazo kithi—

41 Ukuthi weza emhlabeni, ngisho uJesu, aukuzobethelelwa umhlaba, futhi nokuzo bthwala izono czomhlaba, futhi nokuzo dngcwelisa umhlaba, futhi nokuzowu ehlanza kukho konke ukungalungi;

42 Ukuze ngaye bonke abasindiswe uBaba ababeke emandleni akhe futhi nabenze ngaye;

43 Okhazimulisa uBaba, futhi nosindisa yonke imisebenzi yezandla zakhe, ngaphandle kwalawo madodana okulahlwa aphika iNdodana emva kokuba uBaba eseyambulile.

44 Ngalokho-ke, ubasindisa bonke ngaphandle kwabo—bayohamba baye aekujezisweni bkwaphakade, okungukujeziswa okungapheliyo, okungukujeziswa kwaphakade, ukuyobusa cnodeveli nezingelosi zakhe ingunaphakade, lapho dimpethu yabo ingafi, nomlilo ungacinywa, okungubuhlungu babo—

45 Futhi aisiphetho salapho, noma indawo yalapho, noma ubuhlungu babo, akukho muntu obaziyo;

46 Akukaze kwambulwe, futhi akwambuliwe, futhi akuyikwambulwa kumuntu, ngaphandle kwalabo abenziwa abahlanganyeli balapho;

47 Kodwa, mina, iNkosi, ngikutshengisa ngombono kwabaningi, kodwa ngokushesha ngiwuvale futhi;

48 Ngalokho-ke, isiphetho, ububanzi, ukuphakama, aukujula, nosizi lwakhona, abakuqondi, namunye umuntu ngaphandle kwalabo aba bbekelwe lokhu ckulahlwa yicala.

49 Futhi sezwa izwi, lithi: Bhalani lombono, ngokuba bhekani, lesi yisiphetho sombono wokuzwa ubuhlungu kwabangamesabi uNkulunkulu.

50 Futhi phezu kwalokho siyafakaza—ngokuba sabona futhi sezwa, futhi lobu awubufakazi bevangeli likaKristu ngokuphathelene nalabo abayophuma bovukweni lwabalungileyo—

51 Yibo laba abemukela ubufakazi bukaJesu, futhi abakholwa egameni lakhe futhi bbabhabhadiswa cngokufana nokungcwatshwa kwakhe, dbengcwatshwa emanzini egameni lakhe, futhi lokhu ngokomyalelo awunikile—

52 Ukuthi ngokugcina imiyalelo banga agezwa futhi bbahlanzwe kuzo zonke izono zabo, futhi bafumane uMoya oNgcwele ngokubekwa cizandla yilowo dogcotshiwe futhi wanikwa la emandla;

53 Futhi abanqoba ngokukholwa, futhi ababekwa uphawu ngo bMoya oNgcwele wesethembiso, uBaba awuthumela kubo bonke labo abalungile nabaqotho.

54 Yibo laba abayibandla le aNkosana.

55 Yibo laba ezandleni zabo uBaba asebanike azonke izinto—

56 Yibo laba abanga abaphristi namakhosi, asebefumene ukuphelela konke kwakhe, futhi nenkazimulo yakhe;

57 Futhi banga abaphristi boPhakeme kaKhulu, ngokohlelo lukaMelkisedeki, olwalungokohlelo luka-bEnoke, olwalungoko chlelo lweNdodana Ezelwe Yodwa.

58 Ngalokho-ke, njengoba kubhaliwe, ba angonkulunkulu, ngisho bamadodana ckaNkulunkulu

59 Ngalokho-ke, azonke izinto zingezabo, noma ukuphila noma ukufa, noma izinto zamanje, noma izinto ezisazokuza, konke kungokwabo futhi bangabaKristu, noKristu ungokaNkulunkulu.

60 Futhi abayonqoba zonke izinto.

61 Ngalokho-ke, makungabikho muntu aoziqhayisa ngomuntu, kodwa maka bziqhayise ngoNkulunkulu, oyo cthobisa zonke izitha azibeke ngaphansi kwezinyawo zakhe.

62 Laba bayo ahlala lapho bkukhona khona uNkulunkulu noKristu wakhe phakade naphakade.

63 Yibo alaba ayoza nabo, uma beseza emafwini asezulwini ukuzo cbusa emhlabeni phezu kwabantu bakhe.

64 Yibo laba abayokuba nengxenye aovukweni lokuqala.

65 Yibo laba abayophuma aovukweni lwabalungileyo.

66 Yibo laba abeze aeNtabeni biSiyoni, nasedolobheni likaNkulunkulu ophilayo, indawo yasezulwini, engcwele kunazo zonke.

67 Yibo laba abeze esixukwini sezingelosi ezingabaleki, embuthanweni wabo bonke abantu nebandla lika-aEnoke, nele bNkosana.

68 Yibo laba amagama abo aabhalwe ezulwini, lapho uNkulunkulu noKristu benga bbahluleli babo bonke.

69 Yibo laba aabalungileyo aba bphelelisiweyo ngoJesu umlamuleli wesi cvumelwano esisha, ofeze dlenhlawulo ephelele ngokuchitha eigazi lakhe uqobo.

70 Yibo laba imizimba yabo ingeye asilestiyali, binkazimulo yabo okuyileyo cyelanga, ngisho inkazimulo kaNkulunkulu, ophakeme kunabo bonke, inkazimulo yakhe okubhalwe ngayo ukuthi ifana neyelanga esibhakabhakeni.

71 Futhi phezu kwalokho, sabona umhlaba awethirestriyali, futhi bhekani bheka, yibo laba abangabe thirestriyali, inkazimulo yabo ehlukile kuleyo yebandla leNkosana abafumane ukuphelela konke kukaBaba, ngisho njengenkazimulo ye bnyanga ihlukile elangeni esibhakabhakeni.

72 Bhekani, yibo laba abafa abengenawo bumthetho;

73 Futhi nalabo abayi amimoya yabantu eyayigcinwe betilongweni, abavakashelwa yiNdodana, futhi cyashumayela divangeli kubo, ukuze bahlulelwe njengabantu abasenyameni;

74 Abangabemukelanga aubufakazi bukaJesu enyameni, kodwa kamuva babemukela.

75 Yibo laba abanga bantu abahloniphekile bomhlaba, ababevaleke amehlo ngobuqili babantu.

76 Yibo laba abafumana inkazimulo yakhe, kodwa hhayi ukuphelela konke.

77 Yibo laba abafumana ukuba-khona kweNdodana, kodwa hhayi ukuphelela konke kukaBaba.

78 Ngalokho-ke, abayimizimba yethirestriyali, abayona imizimba yesilestiyali, futhi bahlukile ngenkazimulo njengenyanga ihlukile elangeni.

79 Yibo laba aba angaqinile ebufakazini bukaJesu; ngalokho-ke, abawutholi umqhele embusweni kaNkulunkulu wethu.

80 Manje lesi yisiphetho sombono esawubona wethirestriyali, iNkosi eyasiyala ukuthi siwubhale ngesikhathi sisekuMoya.

81 Futhi phezu kwalokho, sabona inkazimulo ye athilestiyali, leyonkazimulo yalowo mbuso ongaphansi, ngisho njengenkazimulo yezinkanyezi ihluka enkazimulweni yenyanga esesibhakabhakeni.

82 Yibo laba abangalemukelanga ivangeli likaKristu, noma aubufakazi bukaJesu.

83 Yibo laba abangawuphiki uMoya oNgcwele.

84 Yibo laba abaphonswa phansi aesihogweni.

85 Yibo laba abangeke bakhululwe ku adeveli kuze kube bwuvuko lokugcina, ize iNkosi, ngisho uKristu ciMvana, iyobe isiwuqedile umsebenzi wayo.

86 Yibo laba abangakutholi ukuphelela konke kwakhe emhlabeni waphakade, kodwa abathola okoMoya oNgcwele ngokusetshenzelwa ngabase thirestriyali;

87 Futhi abethirestriyali ngoku asetshenzelwa ngabe silestiyali.

88 Futhi phezu kwalokho abethilestiyali bakuthola ngokusetshenzelwa yizingelosi ezibekwe ukuba zibasebenzele, noma ezibekwe ukuba zibe yimimoya ebasebenzelayo; ngokuba bayoba izindlalifa sensindiso.

89 Futhi ngalokho sabona, embonweni wasezulwini, inkazimulo yethilestiyali, edlula ukuqonda konke;

90 Futhi akukho muntu oyaziyo ngaphandle kwalowo uNkulunkulu ayembule kuye.

91 Futhi njengoba sekushiwo sayibona inkazimulo yethirestriyali edlula ngokwezinto zonke inkazimulo yethilestiyali, ngisho ngenkazimulo, nangegunya, nangamandla, nangobukhosi.

92 Futhi njengoba sekushiwo sayibona inkazimulo ye silestiyali, edlula ngokwezinto zonke—lapho uNkulunkulu, ngisho uBaba, ebusa esihlalweni sakhe sobukhosi phakade naphakade;

93 Ngaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi zonke izinto ziyakhothama angokuhlonipha kokuzithoba, futhi zimnika inkazimulo phakade naphakade.

94 Labo abahlala alapho ekhona bayibandla le bNkosana; futhi babona njengoba bebonwa, futhi cbazi njengoba baziwa, sebefumene ukuphelela konke kwakhe dnomusa wakhe;

95 Futhi ubenza abalingane ngegunya, nangamandla, nangobukhosi.

96 Futhi inkazimulo ye silestiyali iyodwa, ngisho njengoba inkazimulo ayelanga iyodwa.

97 Nenkazimulo yethirestriyali iyodwa, ngisho njengoba inkazimulo yenyanga iyodwa.

98 Futhi nenkazimulo yethilestiyali iyodwa, ngisho njengoba inkazimulo yezinkanyezi iyodwa; ngokuba njengoba inkanyezi ihluka kwenye inkanyezi ngenkazimulo, kanjalo-ke omunye uhlukile komunye ngenkazimulo emhlabeni wethilestiyali;

99 Ngokuba yibo laba aba aPawulu, naba-Apholo, nabaKhefase.

100 Yibo laba abathi bangabomuntu othile abanye bathi bangabomunye—abanye bangabaKristu nabanye bangabaJohane, nabanye bangabaMose, nabanye bangaba-Eliyasi, nabanye bangaba-Esayasi, nabanye abangaba-Isaya, nabanye bangaba-Enoke;

101 Kodwa abalemukelanga ivangeli, noma ubufakazi bukaJesu, noma abaphrofethi, noma aisivumelwano saphakade.

102 Okokugcina kwakho konke, yibo bonke laba abangeke baqoqwe nabangcwele, ukuze abahlwithelwe bebandleni leNkosana, futhi bamukelwe emafwini.

103 Yibo alaba abangaba bqambi manga, nabathakathi, cnabaphingi, nezifebe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

104 Yibo laba abezwa ubuhlungu be antukuthelo kaNkulunkulu emhlabeni.

105 Yibo laba abezwa ubuhlungu be ampindiselo yomlilo waphakade.

106 Yibo laba abaphonswa phansi aesihogweni futhi bnabezwa ubuhlungu bentukuthelo ka cNkulunkulu uMninimandla Onke, kuze kube dwukuphelela kwezikhathi, lapho uKristu eyobe eesezithobise zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi eyobe esewu fphelelisile umsebenzi wakhe.

107 Lapho eyonikeza umbuso, ewubeka phambi kuBaba, ucwebile, ethi: Nginqobile futhi aisikhamo sewayini bngisinyathele ngingedwa, ngisho isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.

108 Lapho uyobe esethweswa umqhele wenkazimulo yakhe, ukuze ahlale aesihlalweni sobukhosi samandla akhe ukuze abuse phakade naphakade.

109 Kodwa bhekani, futhi bheka, sabona inkazimulo nabantu abahlala emhlabeni wethilestiyali, ukuthi babengabaleki njengezinkanyezi esibhakabhakeni sezulu, noma njengesihlabathi osebeni lolwandle;

110 Futhi sezwa izwi leNkosi lithi: Laba bonke bayogoba amadolo, futhi zonke izilimi aziyomvuma lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi phakade naphakade;

111 Ngokuba bayokwahlulelwa ngokwemisebenzi yabo, futhi wonke umuntu uyofumana ngokwe amisebenzi yakhe, ubukhosi bakhe uqobo, bezindlini ezilungisiwe;

112 Futhi bayoba yizinceku zoPhakeme kaKhulu; kodwa alapho uNkulunkulu noKristu bbehlala khona ngeke bakwazi ukuza, izizukulwane zonke zaphakade naphakade.

113 Lesi yisiphetho sombono esawubona, esayalwa ukuba siwubhale ngesikhathi sisekuMoya.

114 Kodwa amikhulu futhi iyamangalisa imisebenzi yeNkosi, futhi bnezimfihlakalo zombuso asikhombisa zona, ezidlula konke ukuqonda ngenkazimulo, nangamandla, nangobukhosi;

115 Eyasiyala ukuthi singayibhali ngesikhathi sisekuMoya, futhi aokungavunyelwe ukuba umuntu ayikhulume;

116 Futhi akukho noyedwa umuntu aongakwazi ukuyembula, ngokuba ingabonwa futhi biqondwe kuphela ngamandla kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu awunika labo abamthandayo, nabazicwebisayo phambi kwakhe;

117 Kubo abanika lenhlanhla yokuzibonela nokuzazela ngokwabo;

118 Ukuze ngamandla nangesibonakaliso soMoya, ngesikhathi besenyameni, bakwazi ukubekezelela ukuba phambi kwakhe ezweni lenkazimulo.

119 Futhi makube kuNkulunkulu neMvana inkazimulo, nodumo, nobukhosi phakade naphakade. Amen.