ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 88


Isigaba 88

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 27 nangomhlaka 28 Disemba, 1832, nangomhlaka 3 Januwari, 1833. UmPhrofethi wasibiza njenge “qabunga lomnqumo … elikhiwe eMthini waseParadisi, umlayezo weNkosi wokuthula kithi.” Lesi sambulo sanikwa emva kokuthi abaphristi abakhulu bekhulekile emhlanganweni “ngabanye futhi ngokuzwakalayo ukuba iNkosi yambule intando yayo kithi mayelana nokwakhiwa kweSiyoni.”

1–5, AbaNgcwele abathembekileyo bathola lowoMduduzi, okuyisethembiso sokuphila okuphakade; 6–13, Zonke izinto ziphethwe futhi zilawulwa ngokuKhanya kukaKristu; 14–16, UVuko luza ngokuHlengwa; 17–31, Ukuhlonipha umthetho wesilestiyali, wethirestriyali, noma wethilestiyali kulungiselela abantu leyo mibuso nezinkazimulo; 32–35, Labo abakhetha ukuhlala esonweni bahlala bengcolile njalo; 36–41, Yonke imibuso iphathwa ngomthetho; 42–45, UNkulunkulu unike umthetho kuzo zonke izinto; 46–50, Umuntu uzoqonda ngisho uNkulunkulu; 51–61, Umfanekiso wendoda ethuma izisebenzi zayo ukuyosebenza ensimini futhi izivakashele omunye emva komunye; 62–73, Sondelani eNkosini, nizobubona ubuso Bayo; 74–80, Zingcweliseni futhi nifundisane izimfundiso zombuso; 81–85, Wonke umuntu osexwayisiwe kufanele axwayise umakhelwane wakhe; 86–94, Izimpawu, ukuphazamiseka kwemvelo, futhi nezingelosi zilungisa indlela yokuza kweNkosi; 95–102, Amacilongo ezingelosi avusa abafileyo ngohlelo lwabo lokulandelana; 103–116, Amacilongo ezingelosi amemezela ukubuyiselwa kwevangeli, ukuwa kweBabiloni, futhi nempi kaNkulunkulu omkhulu, 117–126, Funani ukufunda, nimise indlu kaNkulunkulu (ithempeli), futhi nizembathise ngesibopho sesihe; 127–141, Uhlelo lweSikole sabaPhrofethi lubekwa obala, kanye nesimiso sokugezwa kwezinyawo.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini enibuthene ndawonye ukwamukela intando yakhe ngokuphathelene nani:

2 Bhekani, lokhu kuyajabulisa eNkosini yenu, futhi izingelosi aziyanithokozela; bimikhuleko yenu yezenzo zobumnene ikhuphukele ezindlebeni zeNkosi cSebawoti, futhi ibhalwe dencwadini yamagama abangcwelisiwe, ngisho labo bezwe lesilestiyali.

3 Ngalokho-ke, manje ngithumela kini omunye auMduduzi, ngisho kini bahlobo bami, ukuze ahlale ezinhliziyweni zenu, ngisho buMoya oNgcwele wesethembiso; lowoMduduzi ofanayo nengawuthembisa kubafundi bami, njengoba kubhaliwe ebufakazini ngokukaJohane.

4 LoMduduzi uyisethembiso engininika sona asokuphila okuphakade, ngisho binkazimulo yombuso wesilestiyali.

5 Leyonkazimulo okungeyebandla le aNkosana, ngisho kaNkulunkulu, ongcwele kakhulu kunabo bonke, ngoJesu Kristu iNdodana yakhe—

6 aLowo owenyukela phezulu, njengoba futhi behlela phansi kwazo zonke izinto, kangangoba cwaqonda zonke izinto, ukuze abe kuzo zonke izinto futhi nasezintweni zonke, dukukhanya kweqiniso;

7 Iqiniso elikhanyayo. Lokhu angukukhanya kukaKristu. Njengoba futhi eselangeni, futhi engukukhanya kwelanga, futhi engamandla alo belenziwa ngawo.

8 Njengoba futhi esenyangeni, futhi engukukhanya kwenyanga, futhi engamandla ayo eyenziwa ngawo;

9 Njengoba futhi engukukhanya kwezinkanyezi, futhi engamandla azo ezenziwa ngawo;

10 Futhi nomhlaba nawo, namandla awo, ngisho umhlaba aenime kuwo.

11 Futhi ukukhanya okukhanyayo, okuninika ukukhanya, kungaye okhanyisa amehlo enu, okungukukhanya okufanayo nalokho okukhulisa aukuqonda kwenu;

12 aUkukhanya okusuka lapho kukhona khona uNkulunkulu bkugcwalise ububanzi bomkhathi—

13 Ukukhanya okukuzo azonke izinto, okunika bimpilo ezintweni zonke, oku cngumthetho okuphathwa ngawo zonke izinto, ngisho amandla kaNkulunkulu ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, osesifubeni sengunaphakade, ophakathi kwezinto zonke.

14 Manje, ngiqinisile ngithi kini, angokuhlengwa okwenzelwe nina kufezwa ukuvuka kwabafileyo.

15 Futhi aumoya bnomzimba ku cngumuntu.

16 Futhi aukuvuka kwabafileyo kungukuhlengwa komuntu.

17 Futhi ukuhlengwa komuntu kungaye ophilisa zonke izinto, esifubeni sakhe okumisiwe ukuthi aabampofu naba bthobekileyo cbomhlaba bayoba yizindlalifa zawo.

18 Ngakho-ke, kuzofanele ungcweliswe kukho konke ukungalungi, ukuze ulungiselwe ainkazimulo yesilestiyali;

19 Ngokuba emva kokuba usufeze inhloso yokudalwa kwawo, uyoqheliswa angenkazimulo, ngisho lapho kukhona khona uNkulunkulu uBaba;

20 Ukuze imizimba okungeyase mbusweni wesilestiyali ube angeyawo phakade naphakade; ngokuba, kungalesi bsizathu weziwa futhi wadalwa, futhi kungalesi sizathu cbengcweliswa.

21 Futhi labo abangangcwelisiwe ngomthetho engini nike wona, ngisho umthetho kaKristu, kufanele babe yizindlalifa zomunye umbuso, ngisho lowo okungumbuso wethirestriyali, noma lowo okungumbuso wethilestiyali.

22 Ngokuba lowo ongakwazi ukuhlonipha aumthetho wombuso wesilestiyali ngeke akwazi ukubekezelela inkazimulo yesilestiyali.

23 Futhi lowo ongakwazi ukuhlonipha umthetho wombuso wethirestriyali ngeke akwazi ukubekezelela ainkazimulo yethirestriyali.

24 Futhi lowo ongakwazi ukuhlonipha umthetho wombuso wethilestiyali ngeke akwazi ukubekezelela ainkazimulo yethilestiyali; ngakho-ke akawufanele umbuso wenkazimulo. Ngakho-ke kufanele abekezelele umbuso okungewona umbuso wenkazimulo.

25 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, aumhlaba uyawuhlonipha umthetho wombuso wesilestiyali, ngokuba ufeza inhloso yokudalwa kwawo, futhi awuphuli mthetho—

26 Ngalokho-ke, auyongcweliswa; yebo, nakuba buzofa, uyophiliswa futhi, futhi uyokwazi ukubekezelela amandla ophiliswa ngawo, futhi cabalungileyo dbayowufumana njengefa.

27 Ngokuba nakuba befa, nabo bayo avuka futhi, bumzimba womoya.

28 Labo abangumoya wesilestiyali bayofumana lowomzimba ofanayo owawungo wemvelo; ngisho nani niyoyifumana imizimba yenu, futhi anenkazimulo yenu kuyoba yileyo nkazimulo imizimba yenu beyophiliswa ngayo.

29 Nina eniphiliswe ngengxenye ayenkazimulo yesilestiyali niyobe senifumana efanayo, ngisho ukuphelela kwayo.

30 Futhi labo abaphiliswe ngengxenye ayenkazimulo yethirestriyali bayobe sebefumana efanayo, ngisho ukuphelela kwayo.

31 Futhi nalabo abaphiliswe ngengxenye ayenkazimulo yethilestiyali bayobe sebefumana efanayo, ngisho ukuphelela kwayo.

32 Futhi labo abaseleyo abayophiliswa nabo; nokho, bayobuyela futhi endaweni yabo, ukuyothokozela lokho babathanda ukuku fumana, ngokuba babengathandi ukuthokozela lokho ababengaku fumana.

33 Ngokuba kuyomsiza ngani umuntu uma isipho sinikwa yena, futhi esenqaba leso sipho na? Bheka, akathokozi ngalokho akunikiwe, futhi akathokozi ngalowo onika isipho.

34 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, lokho okuphethwe ngomthetho futhi kugcinwa ngomthetho futhi kupheleliswa futhi ku angcweliswa ngawo.

35 Lokho aokuphula umthetho, futhi okungaphili ngomthetho, kodwa okufuna ukuba ngumthetho ngokwako, futhi okuthanda ukuhlala esonweni, futhi okuhlala esonweni impela, ngeke kwangcweliswa ngomthetho, noma ngo bbubele, cukulunga, noma ukwahlulelwa. Ngakho-ke, kufanele bahlale dbengcolile njalo.

36 Yonke imibuso inomthetho onikiwe;

37 Futhi miningi aimibuso; ngokuba awukho umkhathi okungekho kuwo umbuso; futhi akukho mbuso okungekho kuwo umkhathi, kungaba ngomkhulu noma omncane umbuso.

38 Futhi kunoma yimuphi umbuso kunikwe aumthetho; futhi kuwo wonke umthetho ngamunye kukhona imingcele nezimiselo ezithile.

39 Bonke abantu abangahloniphi lezo azimiselo abatholwa bbengenacala.

40 Ngokuba aukuqonda kunamathela kokunye ukuqonda; bukuhlakanipha kwamukela ukuhlakanipha; ciqiniso lisingatha iqiniso; dubuqotho buthanda obunye ubuqotho; eukukhanya kunamathela kokunye ukukhanya; ububele fbunesihawu kobunye ububele futhi bufuna okungokwako; ukulunga kuhamba indlela yako futhi kufuna abangabakho; ukwahlulela kuhamba phambi kobuso balowo osesihlalweni sobukhosi nophatha futhi enze zonke izinto.

41 aUziqonda zonke izinto, futhi zonke izinto ziphambi kwakhe, futhi zonke izinto zinxazonke kuye; futhi uphezu kwezinto zonke, futhi ukuzo zonke izinto, futhi uphakathi kwazo zonke izinto, futhi usezintweni zonke nxazonke; futhi zonke izinto zenziwe nguye, futhi zisuka kuye, ngisho uNkulunkulu, phakade naphakade.

42 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, unike umthetho kuzo zonke izinto, ezinyakaza ngawo angezikhathi nezinkathi zazo;

43 Futhi imikhondo yazo imisiwe, ngisho imikhondo yamazulu nomhlaba, okuhlanganisa umhlaba nawo wonke amaplanethi.

44 Futhi zinika aukukhanya enye kwenye ngezikhathi zazo futhi nangezinkathi zazo zonyaka, ngemizuzu yazo, ngamahora azo, ngezinsuku zazo, ngamasonto azo, ngezinyanga zazo, ngeminyaka yazo—konke lokhu bkungunyaka owodwa kuNkulunkulu, kodwa hhayi kumuntu.

45 Umhlaba uzungeza ngamaphiko awo, futhi anelanga linika ukukhanya kwakhe emini, nenyanga inika ukukhanya kwakhe ebusuku, nezinkanyezi nazo zinika okwazo ukukhanya, ngesikhathi zizungeza ngamaphiko azo enkazimulweni yazo, phakathi kwa bmandla kaNkulunkulu.

46 Ngingayifanisa nani lemibuso, ukuze niqonde na?

47 Bhekani, zonke lezi ziyimibuso, futhi umuntu oseke wabona noma yiziphi zalezi noma ezincane zalezi ausembonile uNkulunkulu ehamba ngobukhosi nangamandla akhe.

48 Ngithi kini, usembonile; nokho, lowo owenza akwabakhe akemukelwanga.

49 aUkukhanya kukhanya ebumnyameni, futhi ubumnyama abukuqondi; nokho, usuku luyofika lapho bniyoqonda ngisho uNkulunkulu, seniphilisiwe kuye futhi nawuye.

50 Emva kwalokho niyokwazi ukuthi ningibonile, ukuthi nginguye, futhi nokuthi nginguku khanya kweqiniso okukini, futhi nokuthi nikimi; kungenjalo naningeke niphumelele.

51 Bhekani, ngizoyifanisa lemibuso nendoda enensimu, futhi yathumela izisebenzi zayo ensimini ukuba ziyolima ensimini.

52 Futhi yathi kwesokuqala: Hamba usebenze ensimini, futhi ngehora lokuqala ngizoza kuwe, futhi uzokubona ukujabula bobuso bami.

53 Futhi yathi kwesesibili: Hamba nawe uye ensimini, futhi ngehora lesibili ngizokuvakashela nenjabulo yobuso bami.

54 Futhi nakwesesi thathu, ithi: Ngizokuvakashela;

55 Futhi nakwese sine, njalonjalo kuya kwese shuminambili.

56 Futhi inkosi yensimu yahamba yaya kwesokuqala ngehora lokuqala, futhi yahlala naso ihora lonke, futhi sajabuliswa wukukhanya ebusweni benkosi yaso.

57 Futhi emva kwalokho yasuka kwesokuqala ukuze ivakashele esesibili, futhi nesesithathu, futhi nesesine, njalonjalo kuya kwese shuminambili.

58 Futhi ngalokho zonke zathola ukukhanya kobuso benkosi yazo, indoda ngayinye ngehora layo, futhi nangesikhathi sayo, futhi ngenkathi yayo—

59 Iqale ngesokuqala, njalonjalo kuya kweso akugcina, futhi kusuka kweso kugcina kuya kweso kuqala, futhi kusuka kweso kuqala kuya kweso kugcina;

60 Indoda ngayinye ngokohlelo lwayo, lize liphele ihora layo, ngisho njengokuyalwa kwayo yinkosi yayo, ukuze inkosi yayo ikhazimuliswe kuyo, futhi nayo enkosini yayo, ukuze bonke bakhazimuliswe.

61 Ngakho-ke, lemibuso ngizoyifanisa nalomfanekiso, futhi anabahlala khona—umbuso ngamunye ngehora lawo, futhi ngesikhathi sawo, futhi ngenkathi yawo, ngisho ngokwesi memezelo uNkulunkulu asenzile.

62 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, abahlobo bami, ngikushiya nani lokhu engikushoyo ukuba bnizindle ngakho ezinhliziyweni zenu, nalomyalelo engini nika wona, ukuthi cningibize ngise seduze—

63 aSondelani eduze kwami futhi nami ngizo sondela eduze kwenu; bngifuneni ngokukhuthala futhi nizongi cfumana; celani futhi nizophiwa, ngqongqothani, futhi nizovulelwa.

64 Noma yini aeniyicela kuBaba egameni lami nizokunikwa yona, lokho bokunifanele;

65 Futhi uma nicela noma yini aenganifanele, kuyophenduka bukulahlwa kwenu ngecala.

66 Bhekani, lokho enikuzwayo kunje angezwi lokhala ehlane—ehlane, ngokuba anikwazi ukumbona—izwi lami, ngokuba izwi lami lingu bMoya; uMoya wami uliqiniso; ciqiniso lihlala isikhathi futhi alinasiphelo; futhi uma likini liyovama.

67 Futhi uma amehlo enu aenamathele bkudumo lwami, imizimba yonke yenu iyogcwaliswa ngokukhanya, futhi ngeke kubekhona ubumnyama kini; futhi lowo mzimba ogcwaliswe ngokukhanya cuqonda zonke izinto.

68 Ngakho-ke, azingcweliseni ukuze bizingqondo zenu zinamathele kuNkulunkulu, futhi izinsuku zizoza lapho cniyombona; ngokuba uyonambulela ubuso bakhe, futhi kuyokuba ngesikhathi sakhe, futhi ngendlela yakhe, futhi ngokwentando yakhe.

69 Khumbulani isethembiso esikhulu nesokugcina engisenze kini; lahlani imicabango yenu ayobuvila bnohleko oluningi kude kunani.

70 Hlalani, hlalani kulendawo, futhi nibize umhlangano onesizotha, ngisho walabo abanga basebenzi bokuqala kulombuso wokugcina.

71 Futhi labo asebeba axwayisile ekuhambeni kwabo mababize iNkosi, futhi bazindle ngezinhliziyo zabo isexwayiso asebesitholile okwesikhashana.

72 Bhekani, futhi bheka, ngizoyinakekela imihlambi yenu, futhi ngizovusa amagosa futhi ngiwathumele kubo.

73 Bhekani, ngizowusheshisa umsebenzi wami ngesikhathi sawo.

74 Futhi nginika nina, eninga abasebenzi bokuqala kulombuso wokugcina, umyalelo wokuthi nibuthane ndawonye, futhi nizihlele, futhi nizilungiselele, futhi bnizingcwelise; yebo, cwebisani izinhliziyo zenu, futhi cnihlanze izandla zenu nezinyawo zenu phambi kwami, ukuze nginenze dnihlanzeke;

75 Ukuze ngifakaze ku aYihlo, noNkulunkulu wenu, noNkulunkulu wami, ukuthi nihlanzekile egazini lalesi sizukulwane esibi; ukuze ngigcwalise lesi sethembiso, lesi sethembiso esikhulu nesokugcina engisenze kini, uma sengithanda.

76 Futhi, ngininika umyalelo wokuthi niyoqhubeka anokukhuleka bnokuzila ukudla kusuka kulesi sikhathi kuya phambili.

77 Futhi ngini nika umyalelo wokuthi anifundisane bimfundiso yombuso.

78 Fundisani ngokukhuthala futhi aumusa wami uzoba nani, ukuze bnifundiseke ngokuphelele kokubonwa ngokucabanga kwengqondo, ngemigomo, ngemfundiso, ngomthetho wevangeli, kuzo zonke izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu, nezifanele nina ukuthi niziqonde;

79 Ngokuphathelene nezinto ezise azulwini nezise mhlabeni, nezingaphansi komhlaba; izinto esezike zaba khona, izinto ezikhona, izinto okufanele zenzeke maduzane; izinto ezisekhaya, izinto eziphesheya; bizimpi nokudideka kwezizwe, futhi nokwahlulela okuningi okusezweni; nolwazi lwamazwe nolwemibuso—

80 Ukuze nilunge ezintweni zonke uma sengiyonithumela futhi nokuthi niyokhulisa ubizo enginibizele kulo, futhi nomsebenzi wokufundisa ivangeli enginigunyaze ngawo.

81 Bhekani, nginithumela aukuyofakaza futhi nixwayise abantu, futhi kufanele ukuba wonke umuntu osexwayisiwe baxwayise umakhelwane wakhe.

82 Ngakho-ke, basele bengena zaba, futhi izono zabo ziphezu kwamakhanda abo.

83 Lowo aongifuna bmasinya uyongithola, futhi ngeke iNkosi imshiye.

84 Ngakho-ke, hlalani, futhi nisebenze ngokukhuthala, ukuze nipheleliswe emsebenzini wenu ukuze nihambe phakathi kwa abeZizwe okokugcina, ngangobuningi balabo umlomo weNkosi ozobasho, ukuba bbaqinisekise umthetho futhi banamathelise ubufakazi, ukulungiselela abangcwele ihora lokwahlulela elizofika;

85 Ukuze bakwazi ukuzisindisa olakeni lukaNkulunkulu, aukuchithakala kwesinengiso esibalindele ababi, kulomhlaba nasemhlabeni ozayo. Ngiqinisile, ngithi kini, labo abangesiwo amagosa okuqala mabaqhubeke esivinini uze umlomo weNkosi bubabize, ngokuba isikhathi sabo asikaka fiki okwamanje; izingubo zabo cazihlanzekile egazini lalesi sizukulwane.

86 Hlalani kuyo aikululeko benikhululwe ngayo; cningahibeki desonweni, kodwa izandla zenu emazihlanzeke, ize ifike iNkosi.

87 Ngokuba kungakadluli izinsuku eziningi aumhlaba buzozamazama futhi untengezele njengomuntu ophuzile; futhi cilanga lizobufihla ubuso balo, futhi lenqabe ukunika ukukhanya; nenyanga iyoba njenge dgazi; enezinkanyezi ziyothukuthela kakhulu, futhi ziyozilahla phansi njengomkhiwane owe emthini.

88 Futhi ngemuva kobufakazi benu kuza ulaka nentukuthelo phezu kwabantu.

89 Ngokuba ngemuva kobufakazi benu kuza ubufakazi abokuzamazama komhlaba, okuzoletha ukububula phakathi kwakhe, futhi abantu bayowa phansi ngeke bakwazi ukuma.

90 Futhi kuza ubufakazi abezwi lokuduma okuningi, nezwi lemibani, nezwi leziphepho, nezwi lamagagasi olwande ezifukula ngaphezulu kwemikhawulo yawo.

91 Futhi zonke izinto ziyoba ayisiyaluyalu; futhi nakanjani, abantu bayophela amandla; ngokuba ukwesaba kuyoba kubantu bonke.

92 Futhi aizingelosi ziyondiza emkhathini wezulu, zisho ngezwi elikhulu, zikhalisa icilongo likaNkulunkulu, zithi: Lungisani, lungisani, O nina bantu basemhlabeni; ngokuba ukwahlulela kweNkosi yethu sekufikile. Bhekani, futhi bheka, buMyeni uyeza; phumani niyomhlangabeza.

93 Futhi masinyane kuyobonakala ezulwini aisibonakaliso esikhulu, futhi bonke abantu bayosibona ndawonye.

94 Futhi enye ingelosi iyoshaya icilongo layo, ithi: Lelo abandla belikhulu, cunina wezinengiso, owenze zonke izizwe ziphuze iwayini lolaka dlokuhlobonga kwakhe, ohlupha abangcwele baNkulunkulu, ochitha igazi labo—ohlezi phezu kwamanzi amaningi, naphezu kweziqhingi zolwandle—bhekani, ungu ekhula lomhlaba; useboshwe izinyanda; amaketango akhe asenziwe aqina, akukho muntu ongawaqaqa; ngakho-ke, uselungele fukushiswa. Futhi iyoshaya icilongo layo isikhathi eside futhi kakhulu, futhi zonke izizwe ziyolizwa.

95 Futhi kuyoba khona aukuthula du ezulwini isikhathi sengxenye yehora; futhi masishane emuva kwalokho ikhethini lezulu liyovulwa, njengo bmqulu uvulwa emva kokuba ubugoqiwe, futhi cubuso beNkosi buyokwambulwa.

96 Futhi abangcwele abasemhlabeni, abaphilayo, bayophiliswa futhi abayohlwithwa ukuyomhlangabeza.

97 Futhi labo abalale emathuneni abo abayophuma, ngokuba amathuna abo ayovulwa; futhi nabo bayohlwithwa ukuyomhlangabeza phakathi kwensika yezulu—

98 BangabaKristu, aizithelo zokuqala, labo abayokwehla naye kuqala, futhi labo abasemhlabeni futhi nasemathuneni abo, abangabokuqala ukuhlwithwa ukumhlangabeza; futhi konke lokhu ngezwi lokukhala kwecilongo lengelosi kaNkulunkulu.

99 Futhi emva kwalokhu enye ingelosi iyokhalisa, okuyicilongo lesibili; futhi bese kuza ukukhululwa kwalabo abangabaKristu ekuzeni kwakhe, abafumane ingxenye yabo kulelo atilongo elilungiselwe bona, ukuze bemukele ivangeli, futhi bbahlulelwe njengabantu enyameni.

100 Futhi phezu kwalokho, elinye icilongo liyokhala, okungelesi thathu icilongo; futhi emva kwalokho kuza aimimoya yabantu abazokwa hlulelwa, futhi abatholwe bbenecala;

101 Futhi yibo bonke laba aabafileyo; futhi abaphili kuze kube binkulungwane yeminyaka iyaphela, ngeke futhi, kuze kube sekupheleni komhlaba.

102 Futhi elinye icilongo liyokhala, okungelesine icilongo, lithi: Kukhona abaphakathi kwalabo okufanele basale kuze kube yilolo suku olukhulu nolokugcina, ngisho ukuphela, abayohlala belokhu abengcolile.

103 Futhi elinye icilongo liyokhala, okungele sihlanu icilongo, okungeye sihlanu ingelosi ezisa aivangeli laphakade—indiza emkhathini wezulu, kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, nabantu;

104 Futhi lokhu kuyoba ukukhala kwecilongo lakhe, lithi kubo bonke abantu, ezulwini nasemhlabeni, futhi nakulabo abangaphansi komhlaba—ngokuba azonke izindlebe ziyolizwa, futhi wonke amadolo bayoguqa, futhi zonke izilimi ziyovuma, ngesikhathi bezwa ukukhala kwecilongo, lithi: cMesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo ohlezi esihlalweni sobukhosi, phakade naphakade; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.

105 Futhi phezu kwalokho, enye ingelosi iyokhalisa elayo icilongo, okungeye sithupha ingelosi, ithi: aUsewile ophuzise izizwe zonke iwayini lolaka lokuhlobonga kwakhe; usewile, usewile!

106 Futhi phezu kwalokho, enye ingelosi iyokhalisa elayo icilongo, okungeye sikhombisa ingelosi, ithi: Kufeziwe; kufeziwe! aIMvana kaNkulunkulu binqobile futhi cyanyathela isikhamo sewayini iyodwa, ngisho isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla Onke.

107 Futhi emva kwalokho izingelosi ziyoqheliswa ngenkazimulo yamandla akhe, futhi aabangcwele bayogcwaliswa bngenkazimulo yakhe, futhi bafumane cifa labo futhi benziwe dbalingane naye.

108 Futhi emva kwalokho ingelosi yokuqala iyophinde iyokhalise icilongo layo emadlebeni abo bonke abaphilayo, futhi ayambule izenzo eziyimfihlo zabantu, futhi nemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu bngeminyaka eyinkulungwane yokuqala.

109 Futhi emva kwalokho ingelosi yesibili iyokhalisa elayo icilongo, futhi yambule izenzo eziyimfihlo zabantu, nemicabango nemizindlo yezinhliziyo zabo, futhi nemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu ngeminyaka eyinkulungwane yesibili—

110 Njalo njalo, kuze kube yingelosi yesikhombisa ikhalisa icilongo layo; futhi iyoma ngokugqamileyo emhlabathini naphezu kolwandle, futhi ifunge egameni lalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, ukuthi akuseyikuba akhona sikhathi; futhi buSathane uyoboshwa, leyonyoka endala, ebizwa ngodeveli, futhi ngeke adedelwe isikhathi cesiyiminyaka eyinkulungwane.

111 Futhi emva kwalokho auyodedelwa isikhathi esincane, ukuze aqoqe ndawonye amabutho akhe.

112 Futhi auMikayeli, ingelosi yesikhombisa, ngisho ingelosi enkulu, iyoqoqa ndawonye amabutho ayo, ngisho izixuku zasezulwini.

113 Futhi udeveli uyoqoqa ndawonye amabutho akhe; ngisho izixuku zesihogo, futhi uyoza phezulu ukuzolwa noMikayeli namabutho akhe.

114 Futhi emva kwalokho kuza aimpi kaNkulunkulu omkhulu; futhi udeveli namabutho akhe bayophonswa endaweni yabo, ukuze bangaphinde babe namandla phezu kwabangcwele.

115 Ngokuba uMikayeli uzobalwela izimpi zabo, futhi uzomnqoba lowo aofuna isihlalo sobukhosi salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, ngisho iMvana.

116 Lena yinkazimulo kaNkulunkulu, neyaba angcwelisiwe; futhi abasoze baphinde bakubona bukufa.

117 Ngakho-ke, ngiqinisile ngithi kini, abahlobo bami, bizani umhlanagano wenu onesizotha, njengoba nginiyalile.

118 Futhi njengoba bonke bengenalo ukholo, funani ngokukhuthala futhi anifundisane amazwi bokuhlakanipha; yebo, funani cezincwadini ezinhle kakhulu amazwi okuhlakanipha; funani ukuthola ulwazi, ngisho ngokufunda futhi nangokukholwa.

119 Zihleleni; lungisani konke okudingekayo; futhi nimise aindlu, ngisho indlu yokukhuleka, indlu yokuzila ukudla, indlu yokukholwa, indlu yokuthola ulwazi, indlu yenkazimulo, indlu ehlelekile, indlu kaNkulunkulu;

120 Ukuze ukungena kwenu kube segameni leNkosi; ukuze ukuphuma kwenu kube segameni leNkosi; ukuze konke ukubingelelana kwenu kube segameni leNkosi, ngezandla eziphakanyiselwe koPhakeme kaKhulu.

121 Ngakho-ke, aphezani kuzo zonke izinkulumo zenu eziyize, kulo lonke buhleko, kuzo zonke cizinkanuko zenu, kukho konke dukuzikhukhumeza kwenu nokukhonza kwenu ukudlala, futhi nakuzo zonke izenzo zenu ezimbi.

122 Bekani phakathi kwenu ozofundisa, futhi bonke mabangabi ngabakhulumeli babantu ngesikhathi esisodwa; kodwa makukhulume oyedwa ngesikhathi futhi bonke mabalalele akushoyo, ukuze uma bonke sebekhulumile nakhane nonke, futhi ukuze wonke umuntu abe nelungelo elilinganayo.

123 Bonani ukuthi aniyathandana; phezani bukufisa izinto zabanye abantu; fundani ukuphana njengokuba ivangeli lisho.

124 Phezani aukuvilapha; phezani ukungahlanzeki; phezani bukutholana amaphutha; phezani ukulala kade kunokudingekile; lalani masinya, ukuze ningakhathali; vukani masinya, ukuze imizimba yenu nezingqondo zenu zivuseleleke.

125 Futhi phezu kwazo zonke izinto, zembathiseni ngesibopho asesihe, njengengubo, okuyisibopho sokuphelela du bnokuthula.

126 aKhulekani njalo, ukuze ningadangali, ngize bngifike. Bhekani, futhi bheka, ngiza masinyane, futhi nginamukele kimi. Amen.

127 Futhi phezu kwalokho, uhlelo lwendlu elungiselelwa ubumongameli abesikole sabaphrofethi, emiselwe ukubafundisa ezintweni zonke ezibafanele, ngisho yabo bonke babasezikhundleni bebandla, noma ngamanye amazwi, labo ababizelwe emisebenzini ebandleni, kusuka kubaphristi abakhulu, ngisho kuya phansi kumadikoni—

128 Futhi lolu kuyoba wuhlelo lwendlu yobumongameli besikole: Lowo obekwe ukuba ngumongameli, noma ngofundisayo, uyotholwa eme endaweni yakhe, endlini eyolungiselwa yena.

129 Ngakho-ke, uyoba ngowokuqala endlini kaNkulunkulu, endaweni lapho ibandla endlini lingawezwa kahle amazwi akhe nangokucacile, futhi ngaphandle koku khulumela phezulu.

130 Futhi uma efika endlini kaNkulunkulu, ngokuba kufanele abe ngowokuqala kuleyondlu—bhekani, lokhu kuhle, ukuze abe yisibonelo—

131 Maka azinikele ngomkhuleko eguqe ngamadolo phambi kukaNkulunkulu, ukubonakalisa noma ukukhumbula isivumelwano saphakade.

132 Futhi uma kukhona oyokuza emva kwakhe, umfundisi makasukume, futhi, nezandla eziphakanyiselwe ezulwini, yebo, ngisho ziqondile, abingelele umfowabo noma umzalwane ngalamazwi:

133 Awusiye wena umfowethu noma nina abazalwane na? Ngiyakubingelela egameni leNkosi uJesu Kristu, ngesifaniso noma ngokukhumbula isivumelwano saphakade, okuyisivumelwano engikwamukela ngaso ukuba auhlanganyele, ngokuzimisela okumileyo, okunganyakaziseki, futhi okungaguqukiyo, ukuba ngumhlobo bnomfowenu ngomusa kaNkulunkulu ngezibopho zothando, ukuhamba kuyo yonke imiyalelo kaNkulunkulu ngokungasoleki, ngokubonga, phakade naphakade. Amen.

134 Futhi lowo otholwe engafanelwe yilesi sibingelelo ngeke abe nendawo phakathi kwenu; ngokuba aniyuku vumela ukuba indlu yami aingcoliswe uye.

135 Futhi lowo ongenayo futhi ethembekile phambi kwami, futhi engumfowenu, noma bengabazalwane, bayobingelela umongameli noma umfundis ngezandla eziphakamiselwe ezulwini, ngomkhuleko nesivumelwano esifanayo, noma ngokuthi Amen, ngesifaniso esifanayo.

136 Bhekani, ngiqinisile, ngithi kini, lokhu kuyisibonelo kini sokubingelelana endlini kaNkulunkulu, esikoleni sabaphrofethi.

137 Futhi nibizwe ukwenza lokhu ngomkhuleko nangokubonga, njengokunikwa wuMoya eniyokusho kukho konke enikwenzayo endlini yeNkosi, esikoleni sabaphrofethi, ukuze ibe yindawo engcwele, itabernakeli likaMoya oNgcwele ukuze anakhiwe.

138 Futhi aniyukwamukela muntu phakathi kwenu kulesi sikole ngaphandle uma ehlanzekile aegazini lalesi sizukulwane;

139 Futhi uyokwamukelwa ngesimiso soku agezwa kwezinyawo, ngokuba samiselwa lokhu isimiso sokugezwa kwezinyawo.

140 Futhi phezu kwalokho, isimiso sokugezwa kwezinyawo kufanele senziwe ngumongameli, noma igosa elengamele ibandla.

141 Kufanele siqaliswe ngomkhuleko; futhi emva akokudla isinkwa newayini, kufanele akhwice njenge bsibonelo esinikiwe esahlukweni seshumi nantathu sobufakazi bukaJohane ngokuphathelene nami. Amen.