ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 20


Isigaba 20

Isambulo ngokumiswa nangokuphathwa kweBandla, esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFayette, eNew York noma ngakhona. Izingxenye zalesi sambulo kungenzeka ukuthi zanikwa kusuka ehlobo lango nyaka ka 1829. Isambulo sonke esiphelele, ngaleso sikhathi esa saziwa ngemiBhalo neziVumelwano, cishe sabhalwa masinyane nje emva komhlaka 6 Epreli, 1830 (usuku okwamiswa ngalo iBandla). UmPhrofethi wabhala lokhu, “Sakuthola kuye [uJesu Kristu] lokhu okulandelayo, ngomoya wesiphrofetho nowesambulo; okungasinikanga ulwazi oluningi kuphela, kodwa futhi okwasikhombisa usuku okuyilona lona, ngokwentando nangomyalelo wakhe, okwakufanele ngalo simise iBandla lakhe futhi lapha emhlabeni.”

1–16, INcwadi kaMormoni ibonisa ukuthi umsebenzi wezinsuku zokugcina uvela kuNkulunkulu; 17–28, Izimfundiso ngendalo, ngokuwa, ngenhlawulo, nangokubhabhadiswa ziyaqiniswa; 29–37, Imithetho elawula ukuphenduka, isihlanguzo, ukungcweliswa, nokubhabhadiswa ibekwa obala; 38–67, Imisebenzi yamagosa, abaphristi, abafundisi, namadikoni ibekwa kafushane; 68–74, Imisebenzi yamalungu, ukubusiswa kwabantwana, nendlela yokubhabhadisa iyembulwa; 75–84, Imikhuleko yesidlo esingcwele nemithetho elawula ubulungu beBandla iyanikezwa.

1 Ukuqala kwe Bandla likaKristu kulezi zinsuku zokugcina, kuyinkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu eminyaka selokhu kweza iNkosi nomSindisi wethu uJesu Kristu enyameni, elahlelwa futhi lamiswa ngokufaneleyo ngokuvumelana nemithetho yezwe lethu, ngentando nangemiyalelo kaNkulunkulu, kweyesine inyanga, nangolwesithupha usuku lwenyanga ebizwa ngo-Epreli—

2 Imiyalelo eyanikwa uJoseph Smith, omNcane, owabizwa nguNkulunkulu, wagcotshwa waba ngumphostoli kaJesu Kristu, ukuba abe yigosa lokuqala laleli bandleni;

3 Futhi naku-Oliver Cowdery, naye owabizwa nguNkulunkulu, umphostoli kaJesu Kristu, ukuba abe yigosa lesibili laleli bandla, futhi nowagcotshwa ngokubekwa izandla nguye;

4 Futhi lokhu ngokomusa weNkosi nomSindisi wethu uJesu Kristu, udumo lonke maluye kuye, manje naphakade. Amen.

5 Emva kokuba iNkosi isilikhombisile leligosa lokuqala ukuthi lase lithethelelwe izono, laphinda lahileka futhi ezintweni eziyize zomhlaba;

6 Kodwa emva kokuphenduka, nokuzithoba ngeqiniso, ngokholo, uNkulunkulu wambusisa nge ngelosi engcwele, ubuso bayo obabufana nombani, izingubo zayo ezazimsulwa futhi zimhlophe ngaphezu kwabo bonke ubumhlophe;

7 Futhi yamnika imiyalelo eyamshisekelisa;

8 Futhi yamnika amandla avela phezulu, ngezindlela ezazilungiswe ngaphambilini, ukuhumusha iNcwadi kaMormoni;

9 Equkethe imibhalo yabantu abawileyo, nokuphelela kwevangeli likaJesu Kristu okufanele liye kwabeZizwe nakumaJuda futhi;

10 Eyanikwa ngentshisekelo, futhi iqiniswa kwabanye ngokusetshenzelwa yizingelosi, futhi yaziswa yibo emhlabeni—

11 Okubonisa abantu ukuthi imibhalo engcwele iliqiniso, futhi nokuthi uNkulunkulu uyabafundisa abantu futhi ababizele emsebenzini wakhe ongcwele kuleminyaka nakulesi sizukulwane, njengasezizukulwaneni zakudala;

12 Ngalokho utshengisa ukuthi usewuNkulunkulu ofanayo izolo, nanamuhla, naphakade. Amen.

13 Ngakho-ke, njengoba umhlaba unobufakazi obukhulu kangaka, umhlaba uyokwahlulelwa ngabo, ngisho abaningi abayokwamukela ulwazi lwalomsebenzi emva kwalesi sikhathi.

14 Futhi labo abamukela lomsebenzi ngokukholwa, futhi nabenza umsebenzi wokulunga, bayonikwa umqhele wokuphila okuphakade;

15 Kodwa labo abaqinisa izinhliziyo zabo ngokungakholwa, futhi bewenqaba, kuyoba nomphumela wokulahwa kwabo ngecala—

16 Ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu; futhi nathi, amagosa ebandla, sizwile futhi siyafakaza ngamazwi oMkhulu nokhazimulayo ophezulu, malube kuye udumo phakade naphakade. Amen.

17 Ngalezi zinto siyazi ukuthi ukhona uNkulunkulu ezulwini, ongenasiphelo nophakade, kusuka phakade kuya phakade kusenguye ongaguqukiyo uNkulunkulu, umenzi wezulu nomhlaba, nakho konke okukuwo;

18 Futhi nokuthi wadala umuntu, owesilisa nowesifazane, ngomfanekiso nongesimo sakhe, wabadala bona;

19 Futhi wabanika imiyalelo yokuthi bamthande futhi bamsebenzele, okunguye kuphela uNkulunkulu ophilayo noweqiniso, nokuthi kufanele kube uyenamuntu kuphela okufanele bamkhonze.

20 Kodwa ngokuphambuka kulemithetho engcwele abantu baba ngabathokozisa imizwa futhi baba ngababi, futhi baba ngabawileyo.

21 Ngalokho-ke, uNkulunkulu uMninimandla Onke wanikela nge Ndodana yakhe eZelwe Yodwa, njengoba kulotshiwe kuleyo mibhalo engcwele eyambuliwe mayelana naye.

22 Wabekezelela izilingo kodwa wangazinaka.

23 Wabethelwa, wafa, futhi wavuka ngolwesithathu usuku;

24 Futhi wenyukela ezulwini, ukuze ahlale ngakwesokunene isandla sika Baba, ukuze abuse ngamandla njengokwentando kaBaba;

25 Ukuze lowo nalowo oyokholwa futhi abhabhadiswe egameni lakhe elingcwele, futhi abekezele ekukholweni kuze kube sekupheleni, kufanele asindiswe—

26 Kungebona labo kuphela abakholwa emva kokufika kwakhe maphakathi nesikhathi, enyameni, kodwa bonke labo kusuka ekuqaleni, ngisho bonke ababekhona engakafiki, ababekholwa emazwini abaphrofethi abangcwele, ababekhuluma njengokushisekeliswa yisipho soMoya oNgcwele, ababe fakaza ngaye ngeqiniso kuzo zonke izinto, kufanele babe nokuphila okuphakade;

27 Kanye nalabo abazofika kamuva, abayokholelwa kwizipho nobizo lukaNkulunkulu ngoMoya oNgcwele, ofakaza ngoBaba nangeNdodana;

28 UBaba, iNdodana, noMoya oNgcwele abawuNkulunkulu munye, ongenasiphelo futhi ongunaphakade, nongenamkhawulo. Amen.

29 Futhi siyazi ukuthi bonke abantu kufanele baphenduke futhi bakholwe egameni likaJesu Kristu, futhi bakhonze uBaba egameni lakhe, futhi babekezele ekukholweni egameni lakhe kuze kube sekugcineni, noma ngeke basindiswe embusweni kaNkulunkulu.

30 Futhi siyazi ukuthi isihlanguzo ngomusa weNkosi yethu nomSindisi uJesu Kristu silungile futhi siliqiniso;

31 Futhi siyazi nokuthi ukungcweliswa ngomusa weNkosi yethu nomSindisi uJesu Kristu, kulungile futhi kuliqiniso, kubo bonke labo abamthandayo nabamkhonzayo uNkulunkulu ngawo wonke amandla abo, nange ngqondo yabo, nangokuqina kwabo.

32 Kodwa kunokwenzeka ukuthi umuntu awe emseni futhi ahlubuke kuNkulunkulu ophilayo;

33 Ngakho-ke ibandla maliqaphele futhi likhuleke njalo, funa bawele esilingweni;

34 Yebo, futhi ngisho nalabo abangcwelisiweyo mabaqaphele nabo.

35 Futhi siyazi ukuthi lezi zinto ziliqiniso futhi zingokwezambulo zikaJohane, futhi asinezezeli futhi asisusi lutho eziphrofethweni zencwadi yakhe, imibhalo engcwele, noma izambulo zikaNkulunkulu ezizofika emva kwalokhu ngesipho nangamandla oMoya oNgcwele, ngezwi likaNkulunkulu, noma ngokusetshenzelwa yizingelosi.

36 Futhi iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu; udumo, namandla, nenkazimulo makunikwe igama lakhe elingcwele, manje naphakade. Amen.

37 Futhi phezu kwalokho, ngendlela yomyalo ebandleni mayelana nendlela yombhabhadiso—Bonke labo abazithobayo phambi kuka Nkulunkulu, futhi befisa ukubhabhadiswa, futhi beza ngezinhliziyo edabukileyo nemimoya ephukileyo, futhi bekhombisa ibandla ukuthi baphenduke ngeqiniso ezonweni zabo zonke, futhi bezimisele ukwemukela igama likaJesu Kristu, besophe ukumsebenzela kuze kube sekugcineni, futhi bekhombisa ngokweqiniso ngemisebenzi yabo ukuthi sebethole ingxenye yoMoya kaKristu ngokwanele ukuze bathethelelwe izono zabo, bayokwemukelwa ngombhabhadiso ebandleni lakhe.

38 Lona ngumsebenzi wamagosa, abaphristi, abafundisi, amadikoni, namalungu ebandla likaKristuUmphostoli uyigosa, futhi wubizo lwakhe ukubhabhadisa;

39 Futhi nokugcoba amanye amagosa, abaphristi, abafundisi, namadikoni;

40 Futhi nokupha isinkwa newayini—izimpawu zomzimba negazi likaKristu—

41 Futhi nokuqinisa labo ababhabhadiswayo ebandleni, ngokubeka izandla ekhanda ukuze babhabhadiswe ngomlilo nango Moya oNgcwele, njengokwemibhalo engcwele;

42 Futhi nokufundisa, nokuchasisa imibhalo, nokuyala, nokubhabhadisa, futhi nokuvikela ibandla;

43 Futhi nokuqinisa ibandla ngokubekwa izandla ekhanda, nokupha uMoya oNgcwele;

44 Futhi nokuhola yonke imihlangano.

45 Amagosa kufanele aphathe imihlangano njengokuholwa uMoya oNgcwele, ngokwemiyalo nezambulo zikaNkulunkulu.

46 Umsebenzi womphristi wukushumayela, wukufundisa, wukuchasisa imibhalo, wukuyala nokubhabhadisa, nokupha isidlo esingcwele,

47 Futhi bavakashele umuzi welungu ngalinye, futhi babayale ukuba bakhuleke ngokuzwakala futhi nasesithe futhi benze yonke imisebenzi yomndeni.

48 Futhi angabuye agcobe abanye abaphristi, abafundisi, namadikoni.

49 Futhi kufanele ahole imihlangano uma kungekho gosa elikhona;

50 Kodwa uma kukhona igosa elikhona, kufanele ashumayele kuphela, afundise, achasise imibhalo, ayale, futhi abhabhadise,

51 Futhi avakashele umuzi welungu ngalinye, abayale ukuba bakhuleke ngokuzwakala nasesithe futhi benze yonke imisebenzi yomndeni.

52 Kuyo yonke lemisebenzi umphristi kufanele alekelele igosa uma kunesidingo.

53 Umsebenzi womfundisi ukuvikela ibandla njalo, nokubazisa futhi nokubaqinisa;

54 Nokuqiniseka ukuthi abukho ububi ebandleni, nolunya phakathi kwabo, nokuqamba amanga, nenhlebo, nokukhuluma kabi;

55 Nokuqiniseka ukuthi ibandla lihlangana ndawonye njalo, kanye nokuqiniseka ukuthi wonke amalungu ayawenza umsebenzi wawo.

56 Futhi kufanele ahole imihlangano uma lingekho igosa noma umphristi—

57 Futhi kufanele alekelelwe njalo, kuyo yonke imisebenzi yakhe ebandleni, ngamadikoni, uma kunesidingo.

58 Kodwa abafundisi namadikoni abavunyelwe ukubhabhadisa, nokubusisa isidlo esingcwele, nokubeka izandla;

59 Kufanele, kodwa, bexwayise, bachasise imibhalo, bayale, futhi bafundise, futhi babizele bonke abantu kuKristu.

60 Amagosa, abaphristi, abafundisi, noma amadikoni bonke kufanele bagcotshwe ngokwezipho nobizo lukaNkulunkulu kubo ngamunye; futhi ngamunye kufanele bagcotshwe ngamandla oMoya oNgcwele, akulowo obagcobayo.

61 Amagosa ahlukene ayingxenye yalelibandla likaKristu kufanele ahlangane emhlanganweni kanye ezinyangeni ezintathu, noma ngezikhathi ezahlukene njengokusho noma ukunquma kwaleyomihlangano esishiwo;

62 Futhi imihlangano esishiwo kufanele yenze noma yimuphi umsebenzi webandla okudingeke wenziwe ngaleso sikhathi.

63 Amagosa kumele athole izimvumelo kumagosa amanye, ngokuvota kwebandla lapho bengabakhona, noma emihlanganweni.

64 Umphristi, umfundisi, noma umdikoni ngamunye, ogcotshwe ngumphristi, angathola isitifiketi kuye ngaleso sikhathi, leso sitifiketi okuyothi uma siyiswa egoseni, simnike ilungelo lemvumelo eyomgunyaza ukwenza imisebenzi yobizo lwakhe, noma angayithola emhlanganweni.

65 Akukho muntu okufanele agcotshwelwe kunoma yisiphi isikhundla kulelibandla, lapho kukhona igatsha lebandla elihlelwe ngokufaneleyo, ngaphandle kwevoti lalelo bandla;

66 Kodwa amagosa angamele, ababhishobhi abahambayo, abemikhandlu emkhulu, abaphristi abakhulu, namagosa, bangaba nelungelo lokugcobela ubuphristi, lapho kungekho gatsha lebandla lapho ivoti lingabizwa khona.

67 Umongameli ngamunye wobuphristi obukhulu (noma igosa elingameleyo), umbhishobhi, owomkhandlu omkhulu, nomphristi omkhulu, kufanele bagcotshwe ngokugunyaza komkhandlu omkhulu noma komhlangano omkhulu.

68 Lona ngumsebenzi wamalungu emva kokwamukelwa ngombhabhadiso—Amagosa noma abaphristi kufanele babe nesikhathi esanele sokuchasisa zonke izinto mayelana nebandla likaKristu ukuze baqonde, ngaphambi kokudla isidlo esingcwele nokuqiniswa ngokubekwa izandla zamagosa, ukuze zonke izinto zenziwe ngohlelo.

69 Futhi amalungu ayokhombisa phambi kwebandla, kanye naphambi kwamagosa, ngokuziphatha ngokulunga, ukuthi bakufanele lokhu, ukuze kube khona imisebenzi emihle nokholo ngokuvumelana nemibhalo engcwele—behamba ngobungcwele phambi kweNkosi.

70 Ilungu ngalinye lebandla likaKristu elinezingane kufanele lizilethe kumagosa phambi kwebandla, okufanele abeke izandla phezu kwazo egameni likaJesu Kristu, futhi azibusise egameni lakhe.

71 Akekho noyedwa ongemukelwa ebandleni likaKristu ngaphandle kokuba esefike eminyakeni yokukwazi ukuziphendulela phambi kukaNkulunkulu, futhi engakwazi ukuphenduka.

72 Umbhabhadiso kufanele wenziwe ngalendlela elandelayo kubo bonke abaphendukayo—

73 Umuntu obizwe nguNkulunkulu futhi onegunya elisuka kuJesu Kristu lokubhabhadisa, uyokwehlela emanzini nomuntu ozilethile ukuzobhabhadiswa, futhi uyothi, embiza ngegama lakhe: Ngokugunyazwa uJesu Kristu, ngiyakubhabhadisa egameni likaBaba, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele. Amen.

74 Uyobe esemcwilisa emanzini, aphinde aphume futhi emanzini.

75 Kubalulekile ukuthi ibandla lihlangane njalo ndawonye ukuzodla isinkwa newayini ukukhumbula iNkosi uJesu;

76 Futhi igosa noma umphristi uyokubusisa; futhi uyokubusisa ngalendlela—uyoguqa nebandla futhi abize igama likaBaba ekhuleka ngesizotha, ethi:

77 O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise lesi sinkwa emiphefumulweni yabo bonke labo abasamukelayo, ukuze basidle bekhumbula umzimba weNdodana yakho, futhi bekhombisa kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayavuma ukubizwa ngegama leNdodana yakho, futhi bayikhumbule njalo futhi bagcine imiyalelo yayo ebanikeze yona; ukuze bahlale beno Moya wayo kubo. Amen.

78 Indlela yokubusisa iwayini—uyothatha isitsha, futhi athi:

79 O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise leli wayini emiphefumulweni yabo bonke labo abaliphuzayo, ukuze bakwenze lokho bekhumbula igazi leNdodana yakho, elachithelwa bona; ukuze bakhombise kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayayikhumbula njalo, ukuze babe noMoya wayo. Amen.

80 Noma yiliphi ilungu lebandla likaKristu elonayo, noma elitholwa lona, liyophathwa njengokusho kwemibhalo engcwele.

81 Kuyokuba wumsebenzi wamabandla ahlukene, enza ibandla likaKristu, ukuthumela umfundisi wabo oyedwa noma ngaphezulu ukuyoba khona emihlanganweni emikhulu eyahlukene ebanjwe ngamagosa ebandla,

82 Noluhla lwamagama amalungu ahlukene azihlanganisa nebandla kusukela emhlanganweni wokugcina; noma athumele ngesandla somunye umphristi nje; ukuze uluhla oluhlala lugciniwe lwawo wonke amagama amalunga alo lonke ibandla agcinwe ebhukwini yigosa elilodwa, lowo oyokhethwa ngamanye amagosa ngezikhathi ezahlukene;

83 Futhi nokuthi, uma kukhona abaxoshiweyo ebandleni, ukuze amagama abo asulwe ebhukwini lebandla elikhulu lamagama.

84 Wonke amalungu athuthayo ebandleni lapho ehlala khona, uma eya ebandleni lapho engaziwa khona, angathatha incwadi eqinisekisa ukuthi angamalungu aqhuba ngendlela eyiyo futhi afanelekile, leso sitifiketi singasayinwa yinoma yiliphi igosa noma ngumphristi uma ilungu elithola incwadi lijwayelene negosa noma umphristi, noma ingasayinwa abafundisi noma amadikoni ebandla.