ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 20


Isigaba 20

Isambulo ngokumiswa nangokuphathwa kweBandla, esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFayette, eNew York noma ngakhona. Izingxenye zalesi sambulo kungenzeka ukuthi zanikwa kusuka ehlobo lango nyaka ka 1829. Isambulo sonke esiphelele, ngaleso sikhathi esa saziwa ngemiBhalo neziVumelwano, cishe sabhalwa masinyane nje emva komhlaka 6 Epreli, 1830 (usuku okwamiswa ngalo iBandla). UmPhrofethi wabhala lokhu, “Sakuthola kuye [uJesu Kristu] lokhu okulandelayo, ngomoya wesiphrofetho nowesambulo; okungasinikanga ulwazi oluningi kuphela, kodwa futhi okwasikhombisa usuku okuyilona lona, ngokwentando nangomyalelo wakhe, okwakufanele ngalo simise iBandla lakhe futhi lapha emhlabeni.”

1–16, INcwadi kaMormoni ibonisa ukuthi umsebenzi wezinsuku zokugcina uvela kuNkulunkulu; 17–28, Izimfundiso ngendalo, ngokuwa, ngenhlawulo, nangokubhabhadiswa ziyaqiniswa; 29–37, Imithetho elawula ukuphenduka, isihlanguzo, ukungcweliswa, nokubhabhadiswa ibekwa obala; 38–67, Imisebenzi yamagosa, abaphristi, abafundisi, namadikoni ibekwa kafushane; 68–74, Imisebenzi yamalungu, ukubusiswa kwabantwana, nendlela yokubhabhadisa iyembulwa; 75–84, Imikhuleko yesidlo esingcwele nemithetho elawula ubulungu beBandla iyanikezwa.

1 aUkuqala kwe bBandla likaKristu kulezi zinsuku zokugcina, kuyinkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu eminyaka selokhu kweza iNkosi nomSindisi wethu uJesu Kristu enyameni, celahlelwa futhi lamiswa ngokufaneleyo ngokuvumelana nemithetho yezwe lethu, ngentando nangemiyalelo kaNkulunkulu, kweyesine inyanga, nangolwesithupha usuku lwenyanga ebizwa ngo-Epreli—

2 Imiyalelo eyanikwa uJoseph Smith, omNcane, aowabizwa nguNkulunkulu, wagcotshwa waba bngumphostoli kaJesu Kristu, ukuba abe cyigosa lokuqala laleli bandleni;

3 Futhi naku-Oliver Cowdery, naye owabizwa nguNkulunkulu, umphostoli kaJesu Kristu, ukuba abe yigosa lesibili laleli bandla, futhi nowagcotshwa ngokubekwa izandla nguye;

4 Futhi lokhu ngokomusa weNkosi nomSindisi wethu uJesu Kristu, udumo lonke maluye kuye, manje naphakade. Amen.

5 Emva kokuba iNkosi isilikhombisile leligosa lokuqala ukuthi lase lithethelelwe izono, laphinda alahileka futhi ezintweni eziyize zomhlaba;

6 Kodwa emva kokuphenduka, nokuzithoba ngeqiniso, ngokholo, uNkulunkulu wambusisa nge angelosi engcwele, bubuso bayo obabufana nombani, izingubo zayo ezazimsulwa futhi zimhlophe ngaphezu kwabo bonke ubumhlophe;

7 Futhi yamnika imiyalelo eyamshisekelisa;

8 Futhi yamnika amandla avela phezulu, angezindlela ezazilungiswe ngaphambilini, ukuhumusha iNcwadi kaMormoni;

9 Equkethe imibhalo yabantu abawileyo, anokuphelela bkwevangeli likaJesu Kristu okufanele liye kwabeZizwe nakumaJuda futhi;

10 Eyanikwa ngentshisekelo, futhi iqiniswa akwabanye ngokusetshenzelwa yizingelosi, futhi byaziswa yibo emhlabeni—

11 Okubonisa abantu ukuthi imibhalo engcwele ailiqiniso, futhi nokuthi uNkulunkulu buyabafundisa abantu futhi ababizele cemsebenzini wakhe ongcwele kuleminyaka nakulesi sizukulwane, njengasezizukulwaneni zakudala;

12 Ngalokho utshengisa ukuthi ausewuNkulunkulu ofanayo izolo, nanamuhla, naphakade. Amen.

13 Ngakho-ke, njengoba umhlaba unobufakazi obukhulu kangaka, umhlaba uyokwahlulelwa ngabo, ngisho abaningi abayokwamukela ulwazi lwalomsebenzi emva kwalesi sikhathi.

14 Futhi labo abamukela lomsebenzi ngokukholwa, futhi nabenza umsebenzi awokulunga, bayonikwa bumqhele wokuphila okuphakade;

15 Kodwa labo abaqinisa izinhliziyo zabo angokungakholwa, futhi bewenqaba, kuyoba nomphumela wokulahwa kwabo ngecala—

16 Ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu; futhi nathi, amagosa ebandla, sizwile futhi siyafakaza ngamazwi oMkhulu nokhazimulayo ophezulu, malube kuye udumo phakade naphakade. Amen.

17 Ngalezi zinto asiyazi ukuthi ukhona buNkulunkulu ezulwini, ongenasiphelo nophakade, kusuka phakade kuya phakade kusenguye ongaguqukiyo uNkulunkulu, umenzi wezulu nomhlaba, nakho konke okukuwo;

18 Futhi nokuthi awadala umuntu, owesilisa nowesifazane, bngomfanekiso nongesimo sakhe, wabadala bona;

19 Futhi wabanika imiyalelo yokuthi abamthande futhi bbamsebenzele, okunguye kuphela uNkulunkulu ophilayo noweqiniso, nokuthi kufanele kube uyenamuntu kuphela okufanele cbamkhonze.

20 Kodwa ngokuphambuka kulemithetho engcwele abantu baba angabathokozisa imizwa futhi baba bngababi, futhi baba cngabawileyo.

21 Ngalokho-ke, uNkulunkulu uMninimandla Onke wanikela nge aNdodana yakhe eZelwe Yodwa, njengoba kulotshiwe kuleyo mibhalo engcwele eyambuliwe mayelana naye.

22 Wabekezelela aizilingo kodwa wangazinaka.

23 aWabethelwa, wafa, futhi bwavuka ngolwesithathu usuku;

24 Futhi awenyukela ezulwini, ukuze ahlale ngakwesokunene isandla sika bBaba, ukuze abuse ngamandla njengokwentando kaBaba;

25 Ukuze lowo nalowo aoyokholwa futhi abhabhadiswe egameni lakhe elingcwele, futhi babekezele ekukholweni kuze kube sekupheleni, kufanele asindiswe—

26 Kungebona labo kuphela abakholwa emva kokufika kwakhe amaphakathi nesikhathi, enyameni, kodwa bonke labo kusuka ekuqaleni, ngisho bonke ababekhona engakafiki, ababekholwa emazwini babaphrofethi abangcwele, ababekhuluma njengokushisekeliswa cyisipho soMoya oNgcwele, ababe dfakaza ngaye ngeqiniso kuzo zonke izinto, kufanele babe nokuphila okuphakade;

27 Kanye nalabo abazofika kamuva, abayokholelwa akwizipho nobizo lukaNkulunkulu ngoMoya oNgcwele, bofakaza ngoBaba nangeNdodana;

28 UBaba, iNdodana, noMoya oNgcwele aabawuNkulunkulu munye, ongenasiphelo futhi ongunaphakade, nongenamkhawulo. Amen.

29 Futhi siyazi ukuthi bonke abantu kufanele abaphenduke futhi bakholwe egameni likaJesu Kristu, futhi bakhonze uBaba egameni lakhe, futhi babekezele bekukholweni egameni lakhe kuze kube sekugcineni, noma ngeke cbasindiswe embusweni kaNkulunkulu.

30 Futhi siyazi ukuthi aisihlanguzo bngomusa weNkosi yethu nomSindisi uJesu Kristu silungile futhi siliqiniso;

31 Futhi siyazi nokuthi aukungcweliswa ngomusa weNkosi yethu nomSindisi uJesu Kristu, kulungile futhi kuliqiniso, kubo bonke labo abamthandayo nabamkhonzayo uNkulunkulu ngawo wonke bamandla abo, nange ngqondo yabo, nangokuqina kwabo.

32 Kodwa kunokwenzeka ukuthi umuntu aawe emseni futhi ahlubuke kuNkulunkulu ophilayo;

33 Ngakho-ke ibandla maliqaphele futhi likhuleke njalo, funa bawele aesilingweni;

34 Yebo, futhi ngisho nalabo abangcwelisiweyo mabaqaphele nabo.

35 Futhi siyazi ukuthi lezi zinto ziliqiniso futhi zingokwezambulo zikaJohane, futhi aasinezezeli futhi asisusi lutho eziphrofethweni zencwadi yakhe, bimibhalo engcwele, noma izambulo zikaNkulunkulu ezizofika emva kwalokhu ngesipho nangamandla oMoya oNgcwele, cngezwi likaNkulunkulu, noma ngokusetshenzelwa yizingelosi.

36 Futhi iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu; udumo, namandla, nenkazimulo makunikwe igama lakhe elingcwele, manje naphakade. Amen.

37 Futhi phezu kwalokho, ngendlela yomyalo ebandleni mayelana nendlela yombhabhadiso—Bonke labo abazithobayo phambi kuka Nkulunkulu, futhi befisa aukubhabhadiswa, futhi beza bngezinhliziyo edabukileyo nemimoya ephukileyo, futhi bekhombisa ibandla ukuthi baphenduke ngeqiniso ezonweni zabo zonke, futhi bezimisele ukwemukela cigama likaJesu Kristu, dbesophe ukumsebenzela kuze kube sekugcineni, futhi bekhombisa ngokweqiniso engemisebenzi yabo ukuthi sebethole ingxenye yoMoya kaKristu ngokwanele ukuze fbathethelelwe izono zabo, bayokwemukelwa ngombhabhadiso ebandleni lakhe.

38 Lona ngumsebenzi wamagosa, abaphristi, abafundisi, amadikoni, namalungu ebandla likaKristuaUmphostoli uyigosa, futhi wubizo lwakhe bukubhabhadisa;

39 Futhi anokugcoba amanye amagosa, abaphristi, abafundisi, namadikoni;

40 Futhi anokupha isinkwa newayini—izimpawu zomzimba negazi likaKristu—

41 Futhi anokuqinisa labo ababhabhadiswayo ebandleni, ngokubeka bizandla ekhanda ukuze babhabhadiswe ngomlilo nango cMoya oNgcwele, njengokwemibhalo engcwele;

42 Futhi nokufundisa, nokuchasisa imibhalo, nokuyala, nokubhabhadisa, futhi nokuvikela ibandla;

43 Futhi nokuqinisa ibandla ngokubekwa izandla ekhanda, nokupha uMoya oNgcwele;

44 Futhi nokuhola yonke imihlangano.

45 Amagosa kufanele aaphathe imihlangano njengokuholwa uMoya oNgcwele, ngokwemiyalo nezambulo zikaNkulunkulu.

46 aUmsebenzi womphristi wukushumayela, bwukufundisa, wukuchasisa imibhalo, wukuyala nokubhabhadisa, nokupha isidlo esingcwele,

47 Futhi bavakashele umuzi welungu ngalinye, futhi babayale ukuba abakhuleke bngokuzwakala futhi nasesithe futhi benze yonke cimisebenzi yomndeni.

48 Futhi angabuye aagcobe abanye abaphristi, abafundisi, namadikoni.

49 Futhi kufanele ahole imihlangano uma kungekho gosa elikhona;

50 Kodwa uma kukhona igosa elikhona, kufanele ashumayele kuphela, afundise, achasise imibhalo, ayale, futhi abhabhadise,

51 Futhi avakashele umuzi welungu ngalinye, abayale ukuba bakhuleke ngokuzwakala nasesithe futhi benze yonke imisebenzi yomndeni.

52 Kuyo yonke lemisebenzi umphristi kufanele aalekelele igosa uma kunesidingo.

53 Umsebenzi awomfundisi bukuvikela ibandla njalo, nokubazisa futhi nokubaqinisa;

54 Nokuqiniseka ukuthi abukho ububi ebandleni, anolunya phakathi kwabo, nokuqamba amanga, nenhlebo, bnokukhuluma kabi;

55 Nokuqiniseka ukuthi ibandla lihlangana ndawonye njalo, kanye nokuqiniseka ukuthi wonke amalungu ayawenza umsebenzi wawo.

56 Futhi kufanele ahole imihlangano uma lingekho igosa noma umphristi—

57 Futhi kufanele alekelelwe njalo, kuyo yonke imisebenzi yakhe ebandleni, angamadikoni, uma kunesidingo.

58 Kodwa abafundisi namadikoni abavunyelwe ukubhabhadisa, nokubusisa isidlo esingcwele, nokubeka izandla;

59 Kufanele, kodwa, bexwayise, bachasise imibhalo, bayale, futhi bafundise, futhi babizele bonke abantu kuKristu.

60 aAmagosa, abaphristi, abafundisi, noma amadikoni bonke kufanele bagcotshwe ngokwezipho bnobizo lukaNkulunkulu kubo ngamunye; futhi ngamunye kufanele bagcotshwe ngamandla oMoya oNgcwele, akulowo obagcobayo.

61 Amagosa ahlukene ayingxenye yalelibandla likaKristu kufanele ahlangane emhlanganweni kanye ezinyangeni ezintathu, noma ngezikhathi ezahlukene njengokusho noma ukunquma kwaleyomihlangano esishiwo;

62 Futhi imihlangano esishiwo kufanele yenze noma yimuphi umsebenzi webandla okudingeke wenziwe ngaleso sikhathi.

63 Amagosa kumele athole izimvumelo kumagosa amanye, angokuvota kwebandla lapho bengabakhona, noma emihlanganweni.

64 Umphristi, umfundisi, noma umdikoni ngamunye, ogcotshwe ngumphristi, angathola isitifiketi kuye ngaleso sikhathi, leso asitifiketi okuyothi uma siyiswa egoseni, simnike ilungelo lemvumelo eyomgunyaza ukwenza imisebenzi yobizo lwakhe, noma angayithola emhlanganweni.

65 Akukho muntu okufanele aagcotshwelwe kunoma yisiphi isikhundla kulelibandla, lapho kukhona igatsha lebandla elihlelwe ngokufaneleyo, ngaphandle bkwevoti lalelo bandla;

66 Kodwa amagosa angamele, ababhishobhi abahambayo, abemikhandlu emkhulu, abaphristi abakhulu, namagosa, bangaba nelungelo lokugcobela ubuphristi, lapho kungekho gatsha lebandla lapho ivoti lingabizwa khona.

67 Umongameli ngamunye wobuphristi obukhulu (noma igosa elingameleyo), aumbhishobhi, owomkhandlu omkhulu, bnomphristi omkhulu, kufanele bagcotshwe ngokugunyaza ckomkhandlu omkhulu noma komhlangano omkhulu.

68 Lona angumsebenzi wamalungu emva kokwamukelwa ngombhabhadiso—Amagosa noma abaphristi kufanele babe nesikhathi esanele sokuchasisa zonke izinto mayelana nebandla likaKristu ukuze bbaqonde, ngaphambi kokudla cisidlo esingcwele nokuqiniswa ngokubekwa dizandla zamagosa, ukuze zonke izinto zenziwe ngohlelo.

69 Futhi amalungu ayokhombisa phambi kwebandla, kanye naphambi kwamagosa, ngokuziphatha ngokulunga, ukuthi bakufanele lokhu, ukuze kube khona aimisebenzi emihle nokholo ngokuvumelana nemibhalo engcwele—behamba bngobungcwele phambi kweNkosi.

70 Ilungu ngalinye lebandla likaKristu elinezingane kufanele lizilethe kumagosa phambi kwebandla, okufanele abeke izandla phezu kwazo egameni likaJesu Kristu, futhi aazibusise egameni lakhe.

71 Akekho noyedwa ongemukelwa ebandleni likaKristu ngaphandle kokuba esefike eminyakeni ayokukwazi ukuziphendulela phambi kukaNkulunkulu, futhi engakwazi bukuphenduka.

72 aUmbhabhadiso kufanele wenziwe ngalendlela elandelayo kubo bonke abaphendukayo—

73 Umuntu obizwe nguNkulunkulu futhi onegunya elisuka kuJesu Kristu lokubhabhadisa, uyokwehlela emanzini nomuntu ozilethile ukuzobhabhadiswa, futhi uyothi, embiza ngegama lakhe: Ngokugunyazwa uJesu Kristu, ngiyakubhabhadisa egameni likaBaba, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele. Amen.

74 Uyobe aesemcwilisa emanzini, aphinde aphume futhi emanzini.

75 Kubalulekile ukuthi ibandla lihlangane njalo ndawonye aukuzodla isinkwa newayini bukukhumbula iNkosi uJesu;

76 Futhi igosa noma umphristi uyokubusisa; futhi uyokubusisa angalendlela—uyoguqa nebandla futhi abize igama likaBaba ekhuleka ngesizotha, ethi:

77 O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise lesi asinkwa emiphefumulweni yabo bonke labo abasamukelayo, ukuze basidle bekhumbula umzimba weNdodana yakho, futhi bbekhombisa kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayavuma cukubizwa ngegama leNdodana yakho, futhi bayikhumbule njalo futhi dbagcine imiyalelo yayo ebanikeze yona; ukuze bahlale beno eMoya wayo kubo. Amen.

78 aIndlela yokubusisa iwayini—uyothatha bisitsha, futhi athi:

79 O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise leli awayini emiphefumulweni yabo bonke labo abaliphuzayo, ukuze bakwenze lokho bekhumbula igazi leNdodana yakho, elachithelwa bona; ukuze bakhombise kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayayikhumbula njalo, ukuze babe noMoya wayo. Amen.

80 Noma yiliphi ilungu lebandla likaKristu elonayo, noma elitholwa lona, liyophathwa njengokusho kwemibhalo engcwele.

81 Kuyokuba wumsebenzi wamabandla ahlukene, enza ibandla likaKristu, ukuthumela umfundisi wabo oyedwa noma ngaphezulu ukuyoba khona emihlanganweni emikhulu eyahlukene ebanjwe ngamagosa ebandla,

82 Noluhla alwamagama amalungu ahlukene azihlanganisa nebandla kusukela emhlanganweni wokugcina; noma athumele ngesandla somunye umphristi nje; ukuze uluhla oluhlala lugciniwe lwawo wonke amagama amalunga alo lonke ibandla agcinwe ebhukwini yigosa elilodwa, lowo oyokhethwa ngamanye amagosa ngezikhathi ezahlukene;

83 Futhi nokuthi, uma kukhona aabaxoshiweyo ebandleni, ukuze amagama abo asulwe ebhukwini lebandla elikhulu lamagama.

84 Wonke amalungu athuthayo ebandleni lapho ehlala khona, uma eya ebandleni lapho engaziwa khona, angathatha incwadi eqinisekisa ukuthi angamalungu aqhuba ngendlela eyiyo futhi afanelekile, leso sitifiketi singasayinwa yinoma yiliphi igosa noma ngumphristi uma ilungu elithola incwadi lijwayelene negosa noma umphristi, noma ingasayinwa abafundisi noma amadikoni ebandla.