ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 29


Isigaba 29

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, kukhona amagosa ayisithupha, eFayette, eNew York, ngoSeptemba 1830. Lesi sambulo sanikwa ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komhlangano, owawuzoqala ngomhlaka 26 Septemba 1830.

1–8, UKristu uqoqa abakhethiweyo Bakhe; 9–11, Ukubuya Kwakhe kuqalisa isikhathi esiyiNkulungwane yemiNyaka; 12–13, AbayiShumi namBili bazokwahlulela bonke abakwa-Israyeli; 14–21, Izimpawu, izinhlupho, nencithakalo kuzokwandulela ukuZa kwesiBili; 22–28, Ukuvuka kwabafileyo kokugcina nokwahlulelwa kokugcina kulandela imiNyaka eyiNkulungwane; 29–35, Zonke izinto zingokomoya eNkosini; 36–39, Udeveli noquqaba lwakhe balahlwa ngaphandle ezulwini ukuze balinge abantu; 40–45, UkuWa neNhlawulo kuletha insindiso; 46–50, Abantwana abancane bayahlengwa ngeNhlawulo.

1 Lalela izwi likaJesu Kristu, umHlengi wenu, oMkhulu aungiNguye, ongalo yakhe byobubele cizihlawulele izono zenu;

2 aOyoqoqa abantu bakhe njengesikhukhukazi siqoqa amachwane aso ngaphansi kwamaphiko aso, ngisho abaningi abazolalela izwi lami futhi bbazithobe phambi kwami, futhi bangibize ngomkhuleko onamandla.

3 Bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ngalesi sikhathi izono zenu azixolelwe, ngakho-ke nithola lezi zinto; kodwa khumbulani ningabe nisona futhi, funa nehlelwe yizingozi.

4 Ngiqinisile, ngithi kini nikhethiwe emhlabeni ukushumayela ivangeli lami ngomsindo wenjabulo, anjengezwi lecilongo.

5 Phakamisani izinhliziyo zenu futhi nijabule, ngokuba angiphakathi kwenu, futhi bngingummeli wenu phambi kukaBaba; futhi kuyintando yakhe enhle ukuninika cumbuso.

6 Futhi, njengoba kulotshiwe—Noma yini eniyoyi acela bngokukholwa, cnimunye emkhulekweni njengokomyalelo wami, niyoyithola.

7 Futhi nibizelwe ukufeza aukubuthana bkwabakhethiweyo bami; ngokuba abakhethiweyo bami cbayalizwa izwi lami futhi abazenzi lukhuni dizinhliziyo zabo;

8 Ngalokho-ke isimemezelo siphumile kuBaba ukuthi abayoqoqelwa endaweni eyodwa ebusweni balelizwe, ukuze bbalungise izinhliziyo zabo futhi balungiselele zonke izinto ngosuku lapho cusizi nencithakalo sekuthunyelwa kwababi.

9 Ngokuba ihora selisondele nosuku seluseduze lapho umhlaba usuvuthiwe; futhi bonke aabaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayoba njenge bzinhlanga; futhi ngizoba cshisa baphele, kusho iNkosi yamaBandla, ukuze ububi bungabi bikho emhlabeni;

10 Ngokuba ihora selisondele, futhi nalokho aokwakhulunywa ngabaphostoli bami kumele kugcwaliseke; ngokuba njengoba bakhuluma kuyokwenzeka kanjalo;

11 Ngokuba ngiyozambula ezulwini ngamandla nangenkazimulo enkulu, nalo lonke auquqaba lwakhona, futhi ngihlale bngokulunga nabantu emhlabeni ciminyaka eyinkulungwane, futhi ababi ngeke bame.

12 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, futhi kuphume ngesimemezelo sokugcina, ngentando kaBaba, ukuthi aabaphostoli bami, abaliShumi namBili ababenami ebufundisini bami eJerusalema, bayoma ngakwesokudla sami ngosuku lokuza kwami ngensika byomlilo, bembathiswe ngezingubo zokulunga, benemiqhele phezu kwamakhanda abo, cbesenkazimulweni ngisho njengami, ukuze dbehlulele yonke indlu ka-Israyeli, ngisho abaningi abangithandile futhi bayigcina imiyalelo yami, futhi namunye omunye.

13 Ngokuba aicilongo liyokhala kade futhi kakhulu, ngisho njengaseNtabeni iSinayi, futhi wonke umhlaba uyozamazama, futhi bbayophuma—yebo, ngisho cabafileyo abafela kimi, ukuzozuza dumqhele wokulunga futhi nokugqokiswa, engisho njengami, ukuze babe nami, ukuze sibe munye.

14 Kodwa, bhekani, ngithi kini ngaphambi kwalolu asuku olukhulu bilanga liyofiphazwa, futhi nenyanga iguqulwe ibe ligazi, futhi nezinkanyezi ziyowa zisuka ezulwini, futhi kuyoba cnezimpawu ezinkulu phezulu ezulwini nasemhlabeni ngaphansi;

15 Futhi kuyoba khona ukukhala anokulila phakathi koquqaba lonke lwabantu;

16 Futhi kuyoba khona aisichotho esikhulu esiyothunyelwa ukuzobulala zonke izitshalo zomhlaba.

17 Futhi kuyokwenzeka, ngenxa yobubi bomhlaba, ukuthi ngenze aimpindiselo bkwababi, ngokuba bayenqaba ukuphenduka; ngokuba isitsha sami sentukuthelo sigcwele; ngokuba bhekani, cigazi lami ngeke libahlanze uma bengangizwa.

18 Ngalokho-ke, mina iNkosi uNkulunkulu ngizothumela izimpukane ebusweni bomhlaba, eziyobamba bonke abantu bawo, futhi ziyokudla inyama yabo, futhi zidale ukuthi izimpethu zibahluphe;

19 Futhi izilimi zabo ziyobambeka ukuze bangakwazi aukukhuluma amazwi amelene nami; futhi inyama yabo iyolephuka isuka emathanjeni abo, futhi amehlo abo asuke ezingoxweni zawo;

20 Futhi kuyokwenzeka ukuthi aizilwane zasendle nezinyoni zezulu ziyobadla zibaqede.

21 Futhi anebandla elikhulu nelinengekile, beliyisifebe somhlaba wonke, liyophonswa phansi cngomlilo oqothulayo, njengoba kwashiwo ngomlomo kaHezekeli umphrofethi, owakhuluma ngalezi zinto, ezingakenzeki kodwa ngempela dokufanele zenzeke, njengoba ngiphila, ngokuba izinengiso ngeke zibuse.

22 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini uma aiminyaka eyinkulungwane isiphelile, futhi abantu sebeqala ukuphika uNkulunkulu wabo, ngaleso sikhathi ngiyowuhlenga umhlaba bokwesikhashana;

23 Futhi aukuphela kuyofika, futhi izulu nomhlaba kuyobhujiswa futhi bkudlule, futhi kuyoba khona izulu elisha cnomhlaba omusha.

24 Ngokuba zonke izinto ezindala aziyodlula, futhi zonke izinto ziyoba zintsha, ngisho izulu nomhlaba, nako konke ukugcwala kwawo, abantu nezilwane, izinyoni zezulu, nezinhlazi zolwandle;

25 Futhi aakukho nonwele olulodwa, nokuncane, okuyolahleka, ngokuba kuwumsebenzi wezandla zami.

26 Kodwa, bhekani, ngiqinisile ngithi kini, ngaphambi kokuba umhlaba udlule, auMikayeli, bingelosi yami enkulu, uyoshaya cicilongo lakhe, bese bonke abafileyo dbevuka, ngokuba amathuna abo ayovulwa, futhi ebayophuma—yebo, ngisho bonke.

27 Futhi aabalungileyo bayoqoqelwa bngasesandleni sami sokunene ukuya ekuphileni kwaphakade; futhi ababi abasesandleni sami sokunxele ngizoba namahloni ukuba nabo phambi kukaBaba;

28 Ngalokho-ke ngiyokuthi kubo—aDedani kimi, nina eniqalekisiweyo, ningene bemlilweni waphakade olungiselwe cudeveli nezingelosi zakhe.

29 Manje, bhekani, ngithi kini, angikaze noma ngasiphi isikhathi ngasho ngomlomo wami ukuthi bayobuya, ngokuba alapho ngikhona ngeke beze, ngoba abanawo amandla.

30 Kodwa khumbulani ukuthi konke ukwahlulela kwami akwambuliwe kubantu; futhi njengoba amazwi esephumile emlonyeni wami kanjalo-ke ayogcwaliseka, futhi aabokuqala bayoba abokugcina, futhi nokuthi abokugcina babe abokuqala kuzo zonke izinto nanoma yini engayidalayo ngezwi lamandla ami, okungamandla oMoya wami.

31 Ngokuba ngamandla oMoya wami angazidala zona; yebo, zonke izinto kabili bngokomoya nangokwemvelo—

32 Kuqala angokomoya, okwesibili ngokwemvelo, okuwukuqala komsebenzi wami; futhi phezu kwalokho, kuqala ngokwemvelo, okwesibili, ngokomoya, okungokokugcina komsebenzi wami—

33 Ngikhuluma kini ukuze niqonde ngokwemvelo; kodwa kimi umsebenzi wami aawunasiphetho, futhi awunasiqalo, kodwa niphiwe kona ukuze niqonde, ngokuba nicelile kimi futhi nivumelene.

34 Ngalokho-ke, ngiqinisile ngithi kini zonke izinto zingezomoya kimi, futhi akukho sikhathi lapho ngake nganinika umthetho wasemhlabeni; akukho noyedwa umuntu, nabantwana babantu; noma u-Adamu, ubaba wenu, engamdalayo.

35 Bheka, ngamnikeza ukuba akwazi aukuzikhethela; futhi ngamnika umyalelo, kodwa angimnikanga myalelo wasemhlabeni, ngokuba eyami bimiyalelo ingeyomoya; ayiyona eyemvelo noma eyomhlaba, futhi ayiyona eyokunaka inyama noma eyokuthokozisa imizwa.

36 Futhi kwenzeka ukuthi u-Adamu, elingwa ngudeveli—ngokuba, bhekani, audeveli wabakhona kuqala kuno-Adamu, ngokuba bwangivukela, ethi, Nginike cudumo lwakho, dokungamandla ami; futhi phezu kwalokho eingxenye yesithathu fyoquqaba lwasezulwini wayenza yangilahla ngenxa gyelungelo labo lukukhetha;

37 Futhi baphonswa phansi, futhi wabakhona kanjalo-ke audeveli nezingelosi bzakhe;

38 Futhi, bhekani, kukhona indawo elungiselwe bona kusuka ekuqaleni, leyondawo ayisihogo.

39 Futhi udeveli kumele aabalinge abantwana babantu, noma ngeke bazikhethele ngokwabo; ngokuba uma bengeke bezwe bubuhlungu bebengeke babazi ubumnandi—

40 Ngalokho-ke, kwenzeka ukuthi udeveli wamlinga u-Adamu, futhi wasidla aisithelo ayengavunyelwe ukusidla futhi weqa umyalelo, ngalokho waba bngaphansi kwentando kadeveli, ngokuba wavumela isilingo.

41 Ngalokho-ke, mina, iNkosi uNkulunkulu, ngenza ukuba aakhishwe ngaphandle kweNsimu yase-bEdene, lapho ngikhona, ngenxa yesiphambeko sakhe, ngalokho waba cngofileyo ngokomoya, okungukufa kokuqala, ngisho lokho kufa okufanayo dokungukufa kokugcina, okungokomoya, okuyoshiwo kwababi lapho ngiyothi: Dedani, nina eeniqalekisiweyo.

42 Kodwa, bhekani, ngithi kini mina, iNkosi uNkulunkulu, ngamvumela u-Adamu futhi nenzalo yakhe, ukuthi abangafi ngokufa kwasemhlabeni, ngize mina, iNkosi uNkulunkulu, ngithumele bizingelosi zizokwazisa kubo cngokuphenduka dnangokuhlengwa, ngokukholwa egameni eleNdodana yami Ezelwe Yodwa.

43 Futhi ngenza kanjalo-ke mina, iNkosi uNkulunkulu, ukumisela umuntu aisikhathi sokuvivinywa—ukuze kuthi ngokufa kwakhe kwemvelo bavuselwe cesimweni sokungafi dnasekuphileni okuphakade, ngisho bebaningi kangakanani abakholwayo;

44 Futhi labo abangakholwayo bavuselwe ausizi nobuhlungu baphakade; ngokuba ngeke bahlengwe esimweni sokuwa ngokomoya, ngokuba abaphenduki;

45 Ngokuba bathanda ubumnyama kunokukhanya, futhi anezenzo zabo zimbi, futhi bazuza binkokhelo yalowo abakhetha ukumthobela.

46 Kodwa bhekani, ngithi kini, aabantwana abancane bbahlengiwe selokhu kwasekelwa umhlaba ngowami Ozelwe Yedwa;

47 Ngalokho-ke, ngeke bone, ngokuba amandla awanikiwe uSathane aukulinga abantwana abancane, kuze kube bakwazi bukuziphendulela phambi kwami;

48 Ngokuba kwambuliwe kubo ngokwentando yami, ngokuzikhethela kwami, ukuthi izinto ezinkulu zingadingeka akoyise.

49 Futhi, phezu kwalokho, ngithi kini, ubani othi enolwazi, engingamyalile ukuthi aphenduke na?

50 Futhi lowo ongenakho aukuqonda, kukimi ukuthi ngenze njengoba kulotshiwe. Manje angisazisi lutho olunye kini kulesi sikhathi. Amen.