ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 18


Isigaba 18

Isambulo kuJoseph Smith umPhrofethi, ku-Oliver Cowdery, kanye nakuDavid Whitmer, esanikezwa eFayette, eNew York, ngoJuni 1829. Ngokulandisa kuka mPhrofethi, lesi sambulo sasazisa “ngokubizwa kwaba phostoli abayishumi nambili kulezi zinsuku zokugcina, ngokunjalo nemiyalelo ngokuphathelene nokwakhiwa kweBandla.”

1–5, Imibhalo engcwele itshengisa ukuthi ibandla lakhiwa kanjani; 6–8, Umhlaba usuyavuthwa ebubini; 9–16, Ukubaluleka kwabantu kukhulu; 17–25, Ukuze abantu bathole insindiso, kufanele bamukele uKristu babe ngabalandeli bakhe; 26–36, Ubizo nomsebenzi wokufundisa ivangeli wabayiShumi namBili kuyambulwa; 37–39, U-Oliver Cowdery noDavid Whitmer kufanele bafune abayiShumi namBili; 40–47, Ukuze abantu bazuze insindiso, kufuneka baphenduke, babhabhadiswe, futhi bagcine imiyalelo.

1 Manje, bheka, ngenxa yodaba wena, nceku yami u-Oliver Cowdery, ofise ukwazi ngalo kimi, ngikunika lawa mazwi:

2 Bheka, ngambulile kuwe, ngoMoya wami ezikhathini eziningi, ukuthi izinto ozibhalile ziliqiniso; ngalokho-ke uyazi ukuthi ziliqiniso.

3 Futhi uma wazi ukuthi ziliqiniso, bheka, ngikunikeza umyalelo, ukuthi thembela ezintweni ezibhaliweyo;

4 Ngokuba kuzona kubhalwe zonke izinto eziphathelene nesisekelo sebandla lami, ivangeli lami, nedwala lami.

5 Ngalokho-ke, uma uyokwakha ibandla lami, phezu kwesisekelo sevangeli lami nedwala lami, amasango esihogo ngeke abuse phezu kwakho.

6 Bheka, umhlaba uyavuthwa ebubini; futhi kuzofanele ukuthi abantwana babantu bavuswe ukuba baphenduke, abeZizwe kanye nendlu ka-Israyeli.

7 Ngalokho-ke, njengoba wabhabhadiswa ngezandla zenceku yami uJoseph Smith, omNcane, ngokuphathelene nalokho engimuyale ngakho, uzifezile izinto engimuyale ngazo.

8 Manje, ungamangaliswa ukuthi ngimubizele ukuthi afeze inhloso yami uqobo, inhloso eyaziwa yimi; ngalokho-ke, uma eyokhuthalela ukugcina imiyalelo yami uyobusiswa ngokuphila okuphakade; futhi igama lakhe nguJoseph.

9 Manje, u-Oliver Cowdery, ngikhuluma nawe, kanye nakuDavid Whitmer, ngendlela yomyalelo; ngokuba, bheka, ngiyala bonke abantu yonke indawo ukuba baphenduke, futhi ngikhuluma nani, nanjengakuPawulu umphostoli wami, ngokuba nibizwe ngisho nangalolobizo olufanayo naye ayebizwe ngalo.

10 Khumbulani ukubaluleka kwabantu kukhulu emehlweni kaNkulunkulu;

11 Ngokuba, bhekani, iNkosi umHlengi wenu wezwa ukufa enyameni; ngalokho-ke wezwa ubuhlungu babo bonke abantu, ukuze bonke abantu baphenduke futhi beze kuyo.

12 Futhi uvukile futhi kwabafileyo, ukuze alethe bonke abantu kuye, uma bephenduka.

13 Futhi kukhulu kungakanani ukujabula kwakhe ngomuntu ophendukayo!

14 Ngalokho-ke, nibizwelwe ukuthi nishumayele ngokuphenduka kulaba bantu.

15 Futhi uma kwenzeka ukuthi niyosebenza zonke izinsuku zenu nishumayela ngokuphenduka kulaba bantu, futhi nilethe, umuntu oyedwa kuphela kimi, kuyoba kukhulu kangakanani ukujabula kwenu naye embusweni kaBaba!

16 Manje, uma ukujabula kwenu kuyoba kukhulu ngomuntu oyedwa enimlethe kimi embusweni kaBaba, kuyoba kukhulu kangakanani ukujabula kwenu uma ningaletha abantu abaningi kimi!

17 Bhekani, ninevangeli lami phambi kwenu, nedwala lami, nensindiso yami.

18 Celani kuBaba egameni lami ngokholo, nikholwa ukuthi niyonikwa, futhi niyonikwa uMoya oNgcwele, owambula zonke izinto ezifanele kubantwana babantu.

19 Futhi uma ningenalo ukholo, ithemba, nesihe, ngeke nenze lutho.

20 Ningabangi nabandla, ngaphandle kwebandla likadeveli.

21 Yamukelani uKristu nibizwe ngegama lakhe, futhi nikhulume iqiniso ngesizotha.

22 Futhi bonke abaphendukayo futhi babhabhadiswe egameni lami, elinguJesu Kristu, futhi ababekezela kuze kube sekugcineni, yibo abayosindiswa.

23 Bhekani, uJesu Kristu yigama elinikwe nguBaba, futhi alikho elinye igama elinikiwe umuntu angasindiswa ngalo;

24 Ngalokho-ke, bonke abantu kufanele bamukele igama elinikiwe nguBaba, ngokuba bayobizwa ngalelogama ngosuku lokugcina;

25 Ngalokho-ke, uma bengalazi igama ababizwa ngalo, ngeke bahlale embusweni kaBaba.

26 Manje, bhekani, kukhona abanye ababizelwe ukushumayela ivangeli lami, kwabeZizwe nakumaJuda;

27 Yebo, ngisho nabayishumi nambili; futhi abayiShumi namBili bayoba ngabafundi bami, futhi bayokwamukela igama lami; futhi abayiShumi namBili yilabo abayofisa ukwamukela igama lami ngokuzinikela okupheleleyo.

28 Futhi uma befisa ukwamukela igama lami ngokuzinikela okupheleleyo, babizelwe ukuya kuwo wonke umhlaba ukuyoshumayela ivangeli lami kubo bonke abantu.

29 Futhi yibo labo abagcotshwe yimi ukubhabhadisa egameni lami, ngokuvumelana nalokho okubhaliweyo;

30 Futhi ninakho lokho okubhaliweyo phambi kwenu; ngalokho-ke, kufanele nikufeze ngokuvumelana namazwi abhaliweyo.

31 Manje sengikhuluma kini, abayiShumi namBili—Bhekani, umusa wami unanele; kufanele nihambe ngokulunga phambi kwami futhi ningoni.

32 Futhi, bhekani, niyibo abagcotshwa yimina ukugcoba abaphristi nabafundisi; ukushumayela ivangeli lami, ngokwamandla kaMoya oNgcwele okinina, futhi ngokobizo nezipho zikaNkulunkulu kubantu;

33 Futhi mina, uJesu Kristu, iNkosi yenu noNkulunkulu wenu, ngikukhulumile lokhu.

34 Lawa mazwi akuwona awabantu noma omuntu, kodwa ngawami, ngalokho-ke, niyokufakaza ukuthi ngawami futhi akuwona awomuntu;

35 Ngokuba yizwi lami eliwakhulumayo kini; ngokuba ambulwe nguMoya wami kini, futhi ngamandla ami ningakwazi ukufundelana omunye komunye; futhi ngaphandle uma kungamandla ami beningeke nibe nawo;

36 Ngalokho-ke, ningafakaza ukuthi nilizwile izwi lami, futhi niyawazi amazwi ami.

37 Manje, bheka, nginika wena, u-Oliver Cowdery, kanye nakuDavid Whitmer, umsebenzi wokuthi niyofuna abayiShumi namBili, abayoba nalezo zifiso engikhulume ngazo;

38 Futhi ngezifiso zabo nangemisebenzi yabo niyobazi.

39 Futhi uma senibatholile niyobatshengisa lezi zinto.

40 Futhi niyowa phansi futhi nikhonze uBaba egameni lami.

41 Futhi kufanele nishumayele emhlabeni, nithi: Kumele niphenduke futhi nibhabhadiswe, egameni likaJesu Kristu;

42 Ngokuba bonke abantu kumele baphenduke futhi babhabhadiswe, futhi kungewona amadoda kuphela, kodwa nabesifazane, nabantwana asebefike eminyakeni yokuziphendulela.

43 Manje, ngemuva kokuba senikutholile lokhu, kufanele nigcine imiyalelo yami kuzo zonke izinto;

44 Futhi ngezandla zenu ngizokwena umsebenzi omangalisayo phakathi kwabantwana babantu, ukuze ngivumise abaningi ukuthi bonile, ukuze baphenduke, nokuze beze embusweni kaBaba.

45 Ngalokho-ke, izibusiso engininika zona zingaphezu kwezinto zonke.

46 Futhi ngemuva kokuba senikutholile lokhu, uma ningayigcini imiyalelo yami ngeke nisindiswe embusweni kaBaba.

47 Bhekani, mina, uJesu Kristu, iNkosi yenu noNkulunkulu wenu, futhi nomHlengi wenu, ngamandla oMoya wami ngikukhulumile lokhu. Amen.