ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 18


Isigaba 18

Isambulo kuJoseph Smith umPhrofethi, ku-Oliver Cowdery, kanye nakuDavid Whitmer, esanikezwa eFayette, eNew York, ngoJuni 1829. Ngokulandisa kuka mPhrofethi, lesi sambulo sasazisa “ngokubizwa kwaba phostoli abayishumi nambili kulezi zinsuku zokugcina, ngokunjalo nemiyalelo ngokuphathelene nokwakhiwa kweBandla.”

1–5, Imibhalo engcwele itshengisa ukuthi ibandla lakhiwa kanjani; 6–8, Umhlaba usuyavuthwa ebubini; 9–16, Ukubaluleka kwabantu kukhulu; 17–25, Ukuze abantu bathole insindiso, kufanele bamukele uKristu babe ngabalandeli bakhe; 26–36, Ubizo nomsebenzi wokufundisa ivangeli wabayiShumi namBili kuyambulwa; 37–39, U-Oliver Cowdery noDavid Whitmer kufanele bafune abayiShumi namBili; 40–47, Ukuze abantu bazuze insindiso, kufuneka baphenduke, babhabhadiswe, futhi bagcine imiyalelo.

1 Manje, bheka, ngenxa yodaba wena, nceku yami u-Oliver Cowdery, ofise ukwazi ngalo kimi, ngikunika lawa mazwi:

2 Bheka, ngambulile kuwe, ngoMoya wami ezikhathini eziningi, ukuthi izinto ozibhalile aziliqiniso; ngalokho-ke uyazi ukuthi ziliqiniso.

3 Futhi uma wazi ukuthi ziliqiniso, bheka, ngikunikeza umyalelo, ukuthi thembela ezintweni aezibhaliweyo;

4 Ngokuba kuzona kubhalwe zonke izinto eziphathelene nesisekelo sebandla lami, aivangeli lami, bnedwala lami.

5 Ngalokho-ke, uma uyokwakha ibandla lami, phezu kwesisekelo sevangeli lami nedwala lami, amasango esihogo ngeke abuse phezu kwakho.

6 Bheka, aumhlaba uyavuthwa ebubini; futhi kuzofanele ukuthi abantwana babantu bavuswe ukuba baphenduke, babeZizwe kanye nendlu ka-Israyeli.

7 Ngalokho-ke, njengoba awabhabhadiswa ngezandla zenceku yami uJoseph Smith, omNcane, ngokuphathelene nalokho engimuyale ngakho, uzifezile izinto engimuyale ngazo.

8 Manje, ungamangaliswa ukuthi ngimubizele ukuthi afeze inhloso yami uqobo, inhloso eyaziwa yimi; ngalokho-ke, uma aeyokhuthalela bukugcina imiyalelo yami cuyobusiswa ngokuphila okuphakade; futhi igama lakhe dnguJoseph.

9 Manje, u-Oliver Cowdery, ngikhuluma nawe, kanye nakuDavid Whitmer, ngendlela yomyalelo; ngokuba, bheka, ngiyala bonke abantu yonke indawo ukuba baphenduke, futhi ngikhuluma nani, nanjengakuPawulu aumphostoli wami, ngokuba nibizwe ngisho nangalolobizo olufanayo naye ayebizwe ngalo.

10 Khumbulani aukubaluleka bkwabantu kukhulu emehlweni kaNkulunkulu;

11 Ngokuba, bhekani, iNkosi aumHlengi wenu wezwa bukufa enyameni; ngalokho-ke cwezwa dubuhlungu babo bonke abantu, ukuze bonke abantu baphenduke futhi beze kuyo.

12 Futhi auvukile futhi kwabafileyo, ukuze alethe bonke abantu kuye, uma bbephenduka.

13 Futhi kukhulu kungakanani aukujabula kwakhe ngomuntu ophendukayo!

14 Ngalokho-ke, nibizwelwe ukuthi anishumayele ngokuphenduka kulaba bantu.

15 Futhi uma kwenzeka ukuthi niyosebenza zonke izinsuku zenu nishumayela ngokuphenduka kulaba bantu, futhi nilethe, aumuntu oyedwa kuphela kimi, kuyoba kukhulu kangakanani ukujabula kwenu naye embusweni kaBaba!

16 Manje, uma ukujabula kwenu kuyoba kukhulu ngomuntu oyedwa enimlethe kimi aembusweni kaBaba, kuyoba kukhulu kangakanani bukujabula kwenu uma cningaletha abantu abaningi kimi!

17 Bhekani, ninevangeli lami phambi kwenu, nedwala lami, anensindiso yami.

18 aCelani kuBaba begameni lami ngokholo, nikholwa ukuthi niyonikwa, futhi niyonikwa uMoya oNgcwele, owambula zonke izinto cezifanele kubantwana babantu.

19 Futhi uma ningenalo aukholo, bithemba, cnesihe, ngeke nenze lutho.

20 aNingabangi nabandla, ngaphandle bkwebandla likadeveli.

21 Yamukelani uKristu nibizwe angegama lakhe, futhi bnikhulume iqiniso cngesizotha.

22 Futhi bonke abaphendukayo futhi ababhabhadiswe egameni lami, elinguJesu Kristu, futhi bababekezela kuze kube sekugcineni, yibo abayosindiswa.

23 Bhekani, uJesu Kristu ayigama elinikwe nguBaba, futhi alikho elinye igama elinikiwe umuntu angasindiswa ngalo;

24 Ngalokho-ke, bonke abantu kufanele bamukele igama elinikiwe nguBaba, ngokuba bayobizwa ngalelogama ngosuku lokugcina;

25 Ngalokho-ke, uma bengalazi aigama ababizwa ngalo, ngeke bahlale bembusweni kaBaba.

26 Manje, bhekani, kukhona abanye ababizelwe ukushumayela ivangeli lami, akwabeZizwe nakumaJuda;

27 Yebo, ngisho nabayishumi nambili; futhi aabayiShumi namBili bayoba ngabafundi bami, futhi bayokwamukela igama lami; futhi abayiShumi namBili yilabo abayofisa ukwamukela bigama lami ngokuzinikela okupheleleyo.

28 Futhi uma befisa ukwamukela igama lami ngokuzinikela okupheleleyo, babizelwe ukuya kuwo wonke aumhlaba ukuyoshumayela bivangeli lami kubo cbonke abantu.

29 Futhi yibo labo abagcotshwe yimi aukubhabhadisa egameni lami, ngokuvumelana nalokho okubhaliweyo;

30 Futhi ninakho lokho okubhaliweyo phambi kwenu; ngalokho-ke, kufanele nikufeze ngokuvumelana namazwi abhaliweyo.

31 Manje sengikhuluma kini, aabayiShumi namBili—Bhekani, umusa wami unanele; kufanele nihambe ngokulunga phambi kwami futhi ningoni.

32 Futhi, bhekani, niyibo abagcotshwa yimina aukugcoba abaphristi nabafundisi; ukushumayela ivangeli lami, bngokwamandla kaMoya oNgcwele okinina, futhi cngokobizo nezipho zikaNkulunkulu kubantu;

33 Futhi mina, uJesu Kristu, iNkosi yenu noNkulunkulu wenu, ngikukhulumile lokhu.

34 Lawa amazwi akuwona awabantu noma omuntu, kodwa ngawami, ngalokho-ke, niyokufakaza ukuthi ngawami futhi akuwona awomuntu;

35 Ngokuba ayizwi lami eliwakhulumayo kini; ngokuba ambulwe nguMoya wami kini, futhi ngamandla ami ningakwazi ukufundelana omunye komunye; futhi ngaphandle uma kungamandla ami beningeke nibe nawo;

36 Ngalokho-ke, aningafakaza ukuthi nilizwile izwi lami, futhi niyawazi amazwi ami.

37 Manje, bheka, nginika wena, u-Oliver Cowdery, kanye nakuDavid Whitmer, umsebenzi wokuthi niyofuna abayiShumi namBili, abayoba nalezo zifiso engikhulume ngazo;

38 Futhi ngezifiso zabo anangemisebenzi yabo niyobazi.

39 Futhi uma senibatholile niyobatshengisa lezi zinto.

40 Futhi niyowa phansi futhi anikhonze uBaba egameni lami.

41 Futhi kufanele nishumayele emhlabeni, nithi: Kumele niphenduke futhi nibhabhadiswe, egameni likaJesu Kristu;

42 Ngokuba bonke abantu kumele baphenduke futhi babhabhadiswe, futhi kungewona amadoda kuphela, kodwa nabesifazane, nabantwana asebefike eminyakeni ayokuziphendulela.

43 Manje, ngemuva kokuba senikutholile lokhu, kufanele nigcine aimiyalelo yami kuzo zonke izinto;

44 Futhi ngezandla zenu ngizokwena aumsebenzi omangalisayo phakathi kwabantwana babantu, ukuze bngivumise abaningi ukuthi bonile, ukuze baphenduke, nokuze beze embusweni kaBaba.

45 Ngalokho-ke, izibusiso engininika zona azingaphezu kwezinto zonke.

46 Futhi ngemuva kokuba senikutholile lokhu, uma aningayigcini imiyalelo yami ngeke nisindiswe embusweni kaBaba.

47 Bhekani, mina, uJesu Kristu, iNkosi yenu noNkulunkulu wenu, futhi nomHlengi wenu, ngamandla oMoya wami ngikukhulumile lokhu. Amen.