ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 132


Isigaba 132

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eNauvoo, e-Illinois, esabhalwa ngomhlaka 12 Julayi 1843, esiphathelene nesivumelwano esisha nesaphakade, kanye nobuphakade besivumelwano somshado, ngokunjalo nomgomo womshado wesithembu. Nakuba lesi sambulo sabhalwa ngo1843, ubufakazi bukhombisa ukuthi eminye imigomo ekhona kulesi sambulo yayaziwa ngumPhrofethi kusuka ngonyaka ka 1831. Bheka IZwi EliGunyaziwe 1.

1–6, Ukuphakanyiswa kuzuzwa ngesivumelwano esisha nesaphakade; 7–14, Imigomo nemibandela yaleso sivumelwano iyachazwa; 15–20, Umshado wesilestiyali nokuqhubeka komndeni kuvumela abantu ukuba bakwazi ukuba ngonkulunkulu; 21–25, Indlela encane neqondile iholela ezimpilweni zaphakade; 26–27, Umthetho uyanikwa ngokuphathelene nokuhlambalaza uMoya oNgcwele; 28–39, Abaphrofethi nabaNgcwele bathenjiswa ukwanda kwezizukulwane nokuphakanyiswa kuzo zonke izikhathi zomhlaba; 40–47, UJoseph Smith unikwa amandla okubopha nokukhetha emhlabeni nasezulwini; 48–50, INkosi iqinisa kuye ukuphakanyiswa kwakhe; 51–57, U-Emma Smith uyalwa ukuba athembeke futhi abe neqiniso; 58–66, Imithetho elawula umshado wesithembu iyachazwa.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kuwe nceku yami uJoseph, ukuthi kangangoba ucelile esandleni sami ukwazi nokuqonda ukuthi mina, iNkosi, ngazithethelela kanjani izinceku zami u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe, ngokunjalo noMose, noDavide noSolomoni, izinceku zami, ngokuphathelene nomgomo nemfundiso yokuba nesithembu nezancinza—

2 Bheka, futhi bheka, ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ngizokuphendula ngokuphathelene naloludaba.

3 Ngakho-ke, lungisa inhliziyo yakho ukuze ufumane futhi uthobele imiyalelo esengizokunika yona; ngokuba bonke labo abanalomthetho owambulwe kubo kufanele bawuthobele.

4 Ngokuba bhekani, ngambula kini isivumelwano esisha nesaphakade; futhi uma ningasigcini leso sivumelwano, niyobe senivinjelwa ukuza kimi; ngokuba akekho ongenqaba lesi sivumelwano bese evunyelwa ukungena enkazimulweni yami.

5 Ngokuba bonke abafuna ukufumana isibusiso ezandleni zami bayogcina umthetho owabekelwa leso sibusiso, nemibandela yakhona, njengoba kwamiswa kusuka ngaphambi kokusekelwa komhlaba.

6 Futhi ngokuphathelene nesivumelwano esisha nesaphakade; samiselwa ukuphelela konke kwe nkazimulo yami; futhi lowo ofumana konke ukuphelela kwayo kufanele awugcine lomthetho, noma uyovinjelwa ukuza kimi, kusho iNkosi uNkulunkulu.

7 Futhi ngiqinisile ngithi kini, imibandela yalomthetho yilena: Zonke izivumelwano, izibopho, izimelo, izifungo, izethembiso, izenzo, ukuhlanganiswa, ukuhlangana, noma okulindelweyo, okungenziwanga futhi kwavunyelwana ngakho futhi kwa qiniswa ngu Moya oNgcwele wesethembiso, yilowo obekiweyo, manje naphakade, futhi lokho okungcwele kakhulu, nge sambulo nangomyalelo walowo ogcotshiweyo wami, engimbekile emhlabeni ukuba abe nalamandla (futhi ngibeke inceku yami uJoseph ukuba abe nalamandla ngezinsuku zokugcina, futhi akukaze kube khona ngaphezu koyedwa emhlabeni ngesikhathi okunikwe kuye lamandla ne zikhiye zalobu buphristi), akusebenzi noma akunamandla ngesikhathi sokuvuka kwabafileyo noma ngemuva kwakho; ngokuba zonke izivumelwano ezingenzelwanga lenhloso ziyaphela uma abantu sebefile.

8 Bhekani, indlu yami iyindlu ehlelekile, kusho iNkosi uNkulunkulu, futhi akuyona indlu yenhlakanhlaka.

9 Ngingawemukela yini umnikelo, kusho iNkosi, ongenziwanga egameni lami na?

10 Noma ngingakwemukela yini ezandleni zenu lokho engingazange ngikumise na?

11 Futhi nginganimisela yini, kusho iNkosi, ngaphandle kokuba kube ngokomthetho, ngisho njengoba mina noBaba sawubeka, umhlaba ungakabi bikho na?

12 NgiyiNkosi uNkulunkulu wenu; futhi ngini nika lomyalelo—ukuthi akukho muntu oyoza kuBaba ngaphandle kwami noma ngezwi lami, elingumthetho wami, kusho iNkosi.

13 Futhi konke okusemhlabeni, noma kugcotshwe ngabantu, ngemibuso, noma ngababusi, noma ngamandla, noma ngezinto ezaziwayo, noma ngabe ziyini, ezingamisiwe yimi noma ngezwi lami, kusho iNkosi, ziyolahlwa phansi, futhi ngeke ziqhubeke nokuba khona emva kokufa kwabantu, noma ngesikhathi sokuvuka kwabafileyo noma ngemuva kwako, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

14 Ngokuba konke okuqhubekayo nokuba khona kugcotshwe yimi; futhi konke okungagcotshiwe yimi kuyohlakazwa futhi kuqedwe.

15 Ngakho-ke, uma indoda ithatha umfazi emhlabeni, futhi ingamthathi ngokumiswe yimi noma ngezwi lami, futhi ivumelana naye ngesikhathi yona isese mhlabeni futhi naye esenayo, isivumelwano sabo nomshado wabo awunawo amandla ahlanganisayo uma sebefile, futhi noma sebengasekho emhlabeni; ngakho-ke, akukho mthetho obahlanganisile uma bengasekho emhlabeni.

16 Ngakho-ke, uma bengasekho emhlabeni abaganwa futhi abendiswa; kodwa babekwa njenge zingelosi ezulwini, izingelosi lezo eziyizinceku ezithunywayo, ukuba zithunywe kulabo abafanelwe ngenkulu kakhulu nengeyaphakade inkazimulo, futhi edlula kakhulu, futhi engeyaphakade nenkulu kakhulu inkazimulo.

17 Ngokuba lezi zingelosi aziwugcinanga umthetho wami; ngakho-ke, ngeke zandiselwe inzalo, kodwa zihlala ngokuhlukana futhi ngazinye, zingaphakanyisiwe, ezimweni zazo zokusindiswa, kulo lonke iphakade; futhi kusuka manje azibona onkulunkulu, kodwa ziyizingelosi zikaNkulunkulu phakade naphakade.

18 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uma indoda ithatha umfazi, futhi yenza isivumelwano naye samanje naphakade, uma leso sivumelwano singenziwa ngokumiswe yimi noma ngezwi lami, okungumthetho wami, futhi singaqiniswanga nguMoya oNgcwele wesethembiso, ngalowo engimgcobile futhi ngamnika lamandla, leso sivumelwano asinamthetho noma amandla ahlanganisayo uma sebengasekho emhlabeni, ngokuba abahlanganiswanga yimi, kusho iNkosi, noma ngezwi lami; uma sebengasekho emhlabeni ngeke semukelwa lapho, ngokuba izingelosi nonkulunkulu babekiwe lapho, abangeke bedlula kubo; ngakho-ke ngeke bakwazi ukuyifumana njengefa inkazimulo yami; ngokuba indlu yami iyindlu ehlelekile, kusho iNkosi uNkulunkulu.

19 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uma indoda ithatha umfazi ngezwi lami, elingumthetho wami, nange sivumelwano esisha nesaphakade, futhi kuqiniswe kubo nguMoya oNgcwele wesethembiso, yilowo ogcotshiweyo, engibeke kuye lamandla ne zikhiye zalobu buphristi; futhi kuyothiwa kubo—Niyophuma ngovuko lokuqala; futhi uma kungemumva kovuko lokuqala, kolulandelayo uvuko; futhi niyofumana njengefa izihlalo zobukhosi, imibuso, iziphathimandla, namandla, ukubusa, konke ukuphakama nokujula—emva kwalokho kuyobhalwa eNcwadini yokuPhila yeMvana, ukuthi akayikuchitha igazi elingenacala ngokubulala, futhi uma nihlala kuso isivumelwano sami, futhi ningalichithi igazi elingenacala ngokubulala, kuyokwenziwa kubo ngokuphathelene nazo zonke izinto noma yini inceku yami ekubekile phezu kwabo, manje nakulo lonke iphakade; futhi kuyoba namandla ahlanganisayo uma sebengasekho emhlabeni; futhi bayodlula phambi kwezingelosi, nako nkulunkulu, abamiswe lapho, baye kukho ukuphakanyiswa nobukhosi babo kuzo zonke izinto, njengoba bekubekiwe phezu kwamakhanda abo, lobo bukhosi obuyoba wukuphelela du nokuqhubeka kwenzalo phakade naphakade.

20 Ngaleso sikhathi bayokuba ngonkulunkulu, ngokuba abasenasiphelo; ngakho-ke bayophila kusuka phakade kuya phakade, ngokuba bayaqhubeka; ngaleso sikhathi bayokuba phezu kwakho konke, ngokuba zonke izinto zilawulwa yibo. Ngaleso sikhathi bayokuba ngonkulunkulu, ngokuba banawo wonke amandla, futhi nezingelosi zilawulwa yibo.

21 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ngaphandle kokuba nigcine umthetho wami ngeke nifinyelele kulobu bukhosi.

22 Ngokuba lincane isango, futhi ne ndlela iwumngcingo eya ekuphakanyisweni nakukho ukuqhubeka kwezimpilo; futhi bayingcosana abayifumanayo, ngokuba aningemukeli emhlabeni futhi aningazi.

23 Kodwa uma ningemukeli emhlabeni, uma kunjalo niyongazi, futhi niyokufumana ukuphakanyiswa kwenu; ukuze lapho ngikhona nani nibekhona futhi.

24 Izimpilo zaphakade yilokhu—ukwazi uNkulunkulu okunguyena yedwa ohlakaniphileyo futhi noweqiniso, noJesu Kristu, amthumileyo. Nginguye. Ngakho-ke wemukeleni, umthetho wami.

25 Libanzi isango, nendlela inkulu eya ekufeni; futhi baningi abaya lapho, ngokuba abangemukeli, futhi abawugcini umthetho wami.

26 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, uma indoda ithatha umfazi ngokwezwi lami, futhi beqiniswa nguMoya oNgcwele wesethembiso, ngokwesimiso sami, futhi uma yona noma yena eyokwenza noma yisiphi isono noma isiphambeko sesivumelwano esisha nesaphakade sanoma yiluphi uhlobo, futhi nazo zonke izinhlobo zokuhlambalaza, futhi uma bengalichithi igazi elingenacala ngokubulala, nakuba kunjalo bayophuma ngovuko lokuqala, futhi bangene ekuphakanyisweni kwabo; kodwa bayobhujiswa enyameni, futhi bayo nikelwa kuzo izinhlupho zika Sathane kuze kube wusuku lokukhululwa, kusho iNkosi uNkulunkulu.

27 Ukuhlambalaza uMoya oyiNgcwele, okungeke kwathethelelwa kulelizwe noma kwelizayo, kwenziwa wukuthi nichithe igazi elingenacala ngokubulala, futhi nivumelana nokubulawa kwami, emva kokuba senamukele isivumelwano sami esisha nesaphakade, kusho iNkosi uNkulunkulu; futhi lowo ongawugcini lomthetho akasoze angena enkazimulweni yami, kodwa uyovinjelwa ukuza kimi, kusho iNkosi.

28 NgiyiNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ngizokunika umthetho wobuPhristi obuNgcwele bami, njengoba wabekwa yimi noBaba umhlaba ungakabi bikho.

29 U-Abrahama wafumana zonke izinto, lokho akufumana, ngesambulo nangomyalelo, ngezwi lami, kusho iNkosi, futhi usengenile ekuphakanyisweni kwakhe futhi uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi.

30 U-Abrahama wafumana izethembiso ngokuphathelene nenzalo yakhe, futhi nangokuphathelene nenzalo yezinkalo zakhe—izinkalo zakhe wena ophuma kuzo, okungukuthi, inceku yami uJoseph—okwakufanele iqhubeke uma nje isese mhlabeni; futhi ngokuphathelene no-Abrahama nenzalo yakhe, kufanele iqhubeke ezweni elizayo; kufanele iqhubeke njengezinkanyezi ezingabaleki kulelizwe nakwelizayo; noma, uma beningazama ukusibala isihlabathi phezu kosebe lolwandle beningeke nakwazi ukuyibala.

31 Lesi sethembiso singesenu nani, ngokuba ningabesizukulwane sika-Abrahama; futhi isethembiso senziwa ku-Abrahama; futhi ngalomthetho kunguku qhubeka kwemisebenzi kaBaba, azikhazimulisa ngayo.

32 Ngakho-ke, hambani, nenze imisebenzi ka-Abrahama; yemukelani umthetho wami futhi niyosindiswa.

33 Kodwa uma ningawemukeli umthetho wami ngeke nisithole isethembiso sikaBaba, asenza ku-Abrahama.

34 UNkulunkulu wamyala u-Abrahama, futhi uSara wanika u-Abrahama uHagari ukuba abe ngumfazi wakhe. Futhi wakwenzelani lokho na? Ngokuba lokhu kwakungumthetho; futhi kuHagari kwavela abantu abaningi. Ngakho-ke, lokhu, kwakugcwalisa, izethembiso, phakathi kwezinye izinto.

35 Ngakho-ke, ngabe u-Abrahama wayebekwa icala na? Ngiqinisile ngithi kini, Cha; ngokuba mina, iNkosi, ngangiku layezile lokho.

36 U-Abrahama wayalwa ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka; nokho, kwakubhaliwe ukuthi: Ungabulali. U-Abrahama, kodwa, akenqabanga, futhi kwathathwa njengokulunga kwakhe.

37 U-Abrahama wanikwa izancinza, futhi zamzalela abantwana; futhi kwathathwa njengokulunga kwakhe, ngokuba wanikwa zona, futhi wagcina umthetho wami; ngokunjalo no-Isaka futhi no Jakobe abenzanga lutho olunye ngaphandle kwalokho ababeyalwe ngakho; futhi ngokuba bengenzanga lutho olunye ngaphandle kwalokho ababeyalwe ngakho, sebengenile kukho ukuphakanyiswa kwabo, ngokwezethembiso, futhi bahleli ezihlalweni zobukhosi, futhi abazona izingelosi kodwa bangonkulunkulu.

38 UDavide naye wanikwa abafazi abaningi nezancinza, futhi noSolomoni noMose izinceku zami, njengabaningi bezinceku zami, kusuka ekuqaleni kwendalo kuze kube yilesi sikhathi; futhi abonanga ngalutho ngaphandle kwalezo zinto abangazi nikwanga yimi.

39 Abafazi nezancinza zikaDavide waye nikwe zona yimi, ngesandla sikaNathani, inceku yami, futhi nabanye babaphrofethi ababene zikhiye zalamandla; futhi akonanga lutho kimi ngokuphathelene nalezi zinto ngaphandle kwesimo sika-Uriya nomfazi wakhe; ngakho-ke usewile ekuphakanyisweni kwakhe, futhi wafumana isabelo sakhe; futhi ngeke esabathola ezweni elizayo, ngokuba sengibanike omunye, kusho iNkosi.

40 NgiyiNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ngakunika, nceku yami uJoseph, ubizo, futhi ngibuyisela zonke izinto. Cela lokho okufisayo, futhi uyonikwa kona ngokwezwi lami.

41 Futhi njengoba ubuzile ngokuphathelene nokuphinga, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, uma indoda ifumana umfazi ngesivumelwano esisha nesaphakade, futhi uma eba nenye indoda, futhi ngingamnikezanga leyondoda ngokugcotshwa okungcwele, usephingile futhi uzobhujiswa.

42 Uma engekho esivumelwaneni esisha nesaphakade, futhi eba nenye indoda, usephingile.

43 Uma umyeni wakhe eba nomunye wesifazane, futhi kade engaphansi kwe sifungo, usiphulile isifungo sakhe futhi usephingile.

44 Futhi uma engaphinganga, kodwa engenacala futhi engasiphulile isifungo sakhe owesifazane, futhi ekwazi lokho, ngikwambula kuwe lokhu, nceku yami uJoseph, uma kunjalo uyoba namandla, ngamandla obuPhristi bami obuNgcwele, okumthatha owesifazane umnike owesilisa ongazange aphinge kodwa obe thembekile; ngokuba uyokwenziwa umbusi phezu kwezinto eziningi.

45 Ngokuba nginike kuwe izikhiye namandla obuphristi, ngawo engi buyisela zonke izinto, futhi ngembula kuwe zonke izinto ngesikhathi esifanele.

46 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, noma yini oyi khethayo emhlabeni iyokhethwa ezulwini; futhi noma yini oyibophayo emhlabeni, egameni lami nangezwi lami, kusho iNkosi, iyoboshwa phakade emazulwini; futhi izono zalowo ozi susayo emhlabeni ziyosuswa phakade emazulwini; futhi izono zalowo ozigcinayo emhlabeni ziyogcinwa ezulwini.

47 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi, lowo ombusisayo ngizombusisa, futhi lowo omqalekisayo ngizo mqalekisa, kusho iNkosi; ngokuba mina, iNkosi, nginguNkulunkulu wakho.

48 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kuwe, nceku yami uJoseph, noma yini oyiphayo emhlabeni, futhi kulowo omphayo emhlabeni, ngezwi lami nangomthetho wami, kuyohanjelwa ngezibusiso futhi hhayi ngeziqalekiso, futhi nangamandla ami, kusho iNkosi, futhi ngeke kubekwe icala emhlabeni nasezulwini.

49 Ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ngizoba nawe ngisho kuze kube seku pheleni komhlaba, futhi nakulo lonke iphakade; ngokuba ngiqinisile sengiku khethela ukuphakanyiswa kwakho, futhi ngikulungisela isihlalo sobukhosi embusweni kaBaba, eduze no-Abrahama uyihlo.

50 Bheka, ngikubonile ukuzinikela kwakho, futhi ngizokuthethelela zonke izono zakho; ngikubonile ukuzinikela kwakho ekulaleleni lokho engikutshele kona. Ngakho-ke hamba, futhi ngizokulungisela indlela yokuphunyula, njengoba ngawemukela umnikelo ka-Abrahama wendodana yakhe u-Isaka.

51 Ngiqinisile, ngithi kuwe: Nginika umyalelo kuyo incekukazi yami, u-Emma Smith, umfazi wakho, engikunike yena, ukuba azithibe futhi angakwemukeli lokho engikuyale ukuba umnike kona; ngokuba ngakwenza lokho, kusho iNkosi, ukunivivinya nonke, njengoba ngenza ku-Abrahama, futhi ukuze ngifune umnikelo ophuma ezandleni zenu, ngesivumelwano nangokuzinikela.

52 Futhi incekukazi yami, u-Emma Smith, mayemukele bonke labo abanikwe inceku yami uJoseph, futhi abacwebile ngokomzimba nabamsulwa phambi kwami; futhi labo abangemsulwa, nabathe bamsulwa, bayobhujiswa, kusho iNkosi uNkulunkulu.

53 Ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wenu, futhi niyolithobela izwi lami; futhi nginika inceku yami uJoseph ukuthi uyokwenziwa umbusi phezu kwezinto eziningi; ngokuba uthembekile ezintweni eziyingcosana, futhi kusuka manje ngizomqinisa.

54 Futhi ngiyala incekukazi yami, u-Emma Smith, ukuba ahlale futhi anamathele encekwini yami uJoseph, futhi hhayi komunye. Kodwa uma engeke awugcine lomyalelo uyobhujiswa, kusho iNkosi; ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ngizombhubhisa uma engawugcini umthetho wami.

55 Kodwa uma engeke awugcine lomyalelo, uma kunjalo inceku yami uJoseph iyomenzela zonke izinto, ngisho njengoba ishilo; futhi ngizombusisa futhi ngimandisele futhi ngimnike okuphindwe ngekhulu kulomhlaba, kobaba nomama, abafowabo nodadewabo, imizi nemihlaba, abafazi nabantwana futhi nemiqhele ye zimpilo zaphakade emazweni aphakade.

56 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi, incekukazi yami mayixolele inceku yami uJoseph eziphambekweni zakhe; futhi uma kunjalo naye uyoxolelwa eziphambekweni zakhe, aphambuke ngazo kimi; futhi mina, iNkosi uNkulunkulu wakho, ngizombusisa, futhi ngimandisele, futhi ngenze inhliziyo yakhe ijabule.

57 Futhi phezu kwalokho, ngithi, inceku yami uJoseph makangathengisi ngempahla yakhe, funa isitha size simbhubhise; ngokuba uSathane ufuna ukubhubhisa; ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, futhi yena uyinceku yami; futhi bhekani, futhi bheka, nginaye, njengoba ngangino-Abrahama, uyihlo, ngisho kwaze kwaba kukho ukuphakanyiswa nakuyo inkazimulo yakhe.

58 Manje, ngokuphathelene nomthetho wo buphristi, ziningi izinto eziqondene nawo.

59 Ngiqinisile, uma umuntu ebizwe nguBaba, njengo-Aroni, ngezwi lami uqobo, nangezwi lalowo ongithumileyo, futhi engimuphe izikhiye zamandla alobu buphristi, uma enza noma yini egameni lami, futhi nangokomthetho wami nangezwi lami, ngeke one, futhi ngiyothi akanacala.

60 Ngakho-ke, makungabi bikho muntu, ogxeka inceku yami uJoseph; ngokuba ngiyothi akanacala; ngokuba uyokwenza umnikelo engiwudingayo ezandleni zakhe ngeziphambeko zakhe, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

61 Futhi phezu kwalokho, ngokuphathelene nomthetho wobuphristi—uma kukhona indoda ethatha intombi emsulwa, futhi efisa ukuthatha enye, futhi eyokuqala imvumela, uma ethatha eyesibili, futhi beyizintombi ezimsulwa, futhi bengavumelene nenye indoda, uma kunjalo akanacala; ngeke aphinge ngokuba banikiwe kuye; ngokuba ngeke aphinge nalokho okungokwakhe futhi okungekona okomunye.

62 Futhi uma enezintombi ezimsulwa ezilishumi ezinikwe kuye ngalomthetho, ngeke aphinge, ngokuba zingezakhe, futhi zinikwe kuye; ngakho-ke akanacala.

63 Kodwa uma oyedwa noma yimuphi wezintombi ezilishumi, emva kokwenda, eyoba nenye indoda, usephingile, futhi uyobhujiswa; ngokuba zinikwe kuye ukuba zandise abantwana futhi zigcwalise umhlaba, ngokomthetho wami, nokufeza isethembiso esanikwa nguBaba ngaphambi kokusekelwa komhlaba, futhi ukuze baphakanyiswe emazweni azayo, ukuze bazale imimoya yabantu; ngokuba kulokhu umsebenzi kaBaba uyaqhubeka, ukuze akhazimuliswe.

64 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, uma kukhona indoda enomfazi ephethe izikhiye zalamandla, futhi emfundisa umthetho wobuphristi bami, ngokuphathelene nalezi zinto, uma kunjalo owesifazane uyomkholwa futhi amsize, noma owesifazane uyobhujiswa, kusho iNkosi uNkulunkulu wakho; ngokuba ngiyombhubhisa; ngokuba ngizolikhazimulisa igama lami kubo bonke abemukela futhi bagcine umthetho wami.

65 Ngakho-ke, kuyoba semthethweni kimi, uma owesifazane engawemukeli lomthetho, ukuba owesilisa athole zonke izinto noma yini mina, iNkosi uNkulunkulu wakhe, engiyomnika yona, ngokuba owesifazane akazange akholwe futhi amsize owesilisa ngokwezwi lami; futhi owesifazane uma kunjalo uba eseba ngumoni; futhi owesilisa ukhululekile emthethweni kaSara, owasiza u-Abrahama ngokomthetho ngesikhathi ngiyala u-Abrahama ukuba athathe uHagari ukuba abe ngumfazi wakhe.

66 Manje, ngokuphathelene nalomthetho, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngizokwambulela okunye, emva kwalokhu; ngakho-ke, makukwanelise lokhu okwamanje. Bheka, ngingu-Alfa no-Omega. Amen.