ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 124


Isigaba 124

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eNauvoo, e-Illinois, ngomhlaka 19 Januwari, 1841. Ngenxa yokwanda kokuhlushwa ngokunjalo nezinqubo ezingekho emthethweni ezazenziwa yizikhulu zomkhandlu ophetheyo kubo, abaNgcwele babephoqelekile ukushiya eMissouri. Umyalelo wokubashabalalisa owakhishwa nguLilburn W. Boggs, umbusi waseMissouri, womhlaka 27 Oktoba, 1838, wabashiya bengenako okunye ababengakwenza. Ngo1841, ngesikhathi lesi sambulo sinikwa, idolobha laseNauvoo, elalise sizeni salokho okwakuyisigodi saseCommerce, e-Illinois, lase lakhiwe ngabaNgcwele, futhi lapha kwakumiswe ikomkhulu leBandla.

1–14, UJoseph Smith uyalwa ukuba azise ngevangeli ngesizotha kumongameli waseMelika, kubabusi nakubaholi bazo zonke izizwe; 15–21, UHyrum Smith, uDavid W. Patten, uJoseph Smith, oMdala nabanye phakathi kwabaphilayo nasebafa bayabusiswa ngobuqotho nangokulunga kwabo; 22–28, AbaNgcwele bayalwa ukuba bakhe indlu yokuthokozisa izihambi futhi nethempeli eNauvoo; 29–36, Imibhabhadiso yabafileyo kufanele yenziwe ethempelini; 37–44, Abantu beNkosi njalo bakha amathempeli ukuze kwenziwe izimiso ezingcwele; 45–55, AbaNgcwele bayakhululwa kwisibopho sokwakha ithempeli esiFundeni iJackson ngenxa yokucindezelwa yizitha zabo; 56–83, Imiyalelo iyanikwa ngokwakhiwa kweNdlu yaseNauvoo; 84–96, UHyrum Smith ubizwa ukuba abe ngumphatriyakhe, afumane izikhiye, futhi ame esikhundleni sika-Oliver Cowdery; 97–122, UWilliam Law nabanye bayalulekwa ngemisebenzi yabo; 123–145, Abaphathi-zikhundla abakhulu nabasezindaweni ezithile bayashiwo, kanye nemisebenzi yabo nemigwamanda abahlangene nayo.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kuwe, nceku yami uJoseph Smith, ngithokozile kakhulu ngokuzinikela nokuvuma kwakho, okwenzile; ngokuba ngikuvusele lenhloso, ukuze ngitshengise ukuhlakanipha kwami ngezinto ezibuthakathaka zomhlaba.

2 Imikhuleko yakho yamukelekile kimi; futhi ukuyiphendula ngithi kuwe, ubiziwe manje masinyane ukuba wenze isaziso ngesizotha sevangeli lami, futhi nangalesi sikhonkwane engisitshale ukuba sibe yitshe lesisekelo seSiyoni, eyokhazimuliswa ngobuhle obufana nobedlu yobukhosi.

3 Lesi saziso siyokwenziwa kuwo wonke amakhosi omhlaba, kumagumbi omane awo, kohloniphekileyo umongameli okhethiweyo, nabahloniphekileyo ababusi bezwe ohlala kulo, futhi nakuzo zonke izizwe zomhlaba ezisabalele ndawo zonke.

4 Masilotshwe ngomoya wo bumnene futhi nangamandla oMoya oNgcwele, oyoba kuwe ngesikhathi sokusiloba;

5 Ngokuba uyonikezwa nguMoya oNgcwele ukwazi intando yami ngokuphathelene nalawo makhosi nabase magunyeni, ngisho nokuyobehlela ngesikhathi esizayo.

6 Ngokuba, bheka, sengizobacela ukuba banake ukukhanya futhi nenkazimulo kaSiyoni, ngokuba isikhathi esimisiweyo sesifikile sokumenzela umusa.

7 Ngakho-ke, bacele, ngesaziso esikhulu, futhi ngobufakazi bakho, ungabesabi, ngokuba banjengo tshani, futhi yonke inkazimulo yabo injengembali esheshe ivuthuluke, ukuze basale futhi bengenazaba—

8 Futhi ukuze ngibavakashele ngosuku lokuhanjelwa, lapho ngiyokwambula khona okumboze ubuso bami, ukuze ngimisele umcindezeli isabelo sakhe phakathi kwabazenzisi, lapho kukhona khona ukugedla kwamazinyo, uma bezenqaba izinceku zami nobufakazi engibambulile kuzo.

9 Futhi phezu kwalokho, ngizobahambela futhi ngithambise izinhliziyo zabo, abaningi babo ukuze nizuze, ukuze nithole umusa emehlweni abo, ukuze beze kukho ukukhanya kweqiniso, futhi abeZizwe ukuze bahlanganyele ekuphakanyisweni noma ekukhushulweni kweSiyoni.

10 Ngokuba usuku lokuhambela kwami luza ngokushesha, ngehora eningalicabangiyo; futhi kuyoba kuphi ukuphepha kwabantu bami, kanye nesiphephelo salabo abayosala kubo na?

11 Vukani, O makhosi omhlaba! Wozani, O, wozani, negolide nesiliva lenu, nisize abantu bami, endlini yamadodakazi aseSiyoni.

12 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kuwe inceku yami uRobert B. Thompson makakusize ulobe lesisaziso ngokuba ngithokozile kakhulu ngaye, futhi nokuthi kufanele abe nawe;

13 Ngakho-ke makasilalele iseluleko sakho, futhi ngizombusisa ngezibusiso eziningi; makathembeke futhi abe neqiniso ezintweni zonke kusuka manje, futhi uyoba mkhulu emehlweni ami;

14 Kodwa makakhumbule ukuthi ubuphathi bakhe ngizobufuna ezandleni zakhe.

15 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kuwe, ibusisiwe inceku yami uHyrum Smith; ngokuba mina, iNkosi, ngiyamthanda ngenxa yobuqotho benhliziyo yakhe, futhi nangenxa yokuthi uthanda lokho okulungile phambi kwami, kusho iNkosi.

16 Phezu kwalokho, inceku yami uJohn C. Bennett makakusize emsebenzini wakho wokuthumela izwi lami emakhosini nakubantu bomhlaba, futhi makame eduze nawe, ngisho wena nceku yami uJoseph Smith, ngehora lokuhlushwa; futhi umvuzo wakhe ngeke umlahlekele uma emukela iseluleko.

17 Futhi ngenxa yothando lwakhe uyoba mkhulu, ngokuba uyoba ngowami uma enza lokhu, kusho iNkosi. Ngiwubonile umsebenzi awenzileyo, engiwemukelayo uma eqhubeka, futhi ngizomqhelisa ngezibusiso nangenkazimulo enkulu.

18 Futhi phezu kwalokho, ngithi kuwe kuyintando yami ukuthi inceku yami uLyman Wight aqhubeke nokushumayelela uSiyoni, ngomoya wobumnene, engivuma phambi komhlaba; futhi ngizomthwala njengokuba semaphikweni okhozi; futhi uzoletha udumo nokuhlonishwa kuye uqobo nasegameni lami.

19 Ukuze ngesikhathi eqeda umsebenzi wakhe ngimemukele kimi, ngisho njengoba ngenza encekwini yami uDavid Patten, osenami ngalesi sikhathi, futhi nenceku yami u-Edward Partridge, futhi nenceku yami esikhulile uJoseph Smith, oMdala, ohlezi no-Abrahama ngakwesokunene sakhe, futhi ubusisiwe futhi ungcwele, ngokuba ungowami.

20 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kuwe, inceku yami uGeorge Miller akana nkohliso; angathenjwa ngenxa yobuqotho benhliziyo yakhe; futhi nangothando analo ngobufakazi obuvela kimi mina, iNkosi, ngiyamthanda.

21 Ngakho-ke ngithi kuwe, ngibeka phezu kwekhanda lakhe isikhundla so bubhishobhi, njengasencekwini yami u-Edward Partridge, ukuze emukele iminikelo yendlu yami, ukuze anike izibusiso kwabampofu babantu bami, kusho iNkosi. Makungabikho muntu odelela inceku yami uGeorge, ngokuba iyongihlonipha.

22 Inceku yami uGeorge, nenceku yami uLyman, futhi nenceku yami uJohn Snider, nabanye, mabakhe indlu egameni lami, inceku yami uJoseph eyobatshengisa yona, nasendaweni eyobatshengisa yona futhi.

23 Futhi kuyoba indlu yokulala, indlu izihambi ezisuka kude zingeza zizohlala kuyo; ngakho-ke makube yindlu enhle, efanele ukwemukeleka, ukuze isihambi esikhathele sithole ukuphila futhi nokuphepha ngesikhathi sizindla ngezwi leNkosi; futhi nesisekelo engisimisele iSiyoni.

24 Lendlu iyoba yindawo yokuhlala enempilo uma yakhiwa egameni lami, futhi uma umphathi oyobekwa kuyo engeke avumele noma yikuphi ukungcola ukuba kuze kuyo. Iyoba ngcwele, noma iNkosi uNkulunkulu wenu ngeke ahlale kuyo.

25 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, abangcwele bami mabeze besuka kude.

26 Futhi thumelani izithunywa ezisheshayo, yebo, ezikhethiweyo izithunywa, futhi nithi kuzo: Wozani, nalo lonke igolide lenu, nesiliva lenu, futhi namatshe enu aligugu, futhi nazo zonke izimpahla zenu eziyigugu zasendulo; futhi nabo bonke abanolwazi lwezimpahla eziyigugu zasendulo, abazoza, bangeza, futhi lethani umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba, ndawonye nazo zonke izihlahla ezingamagugu zomhlaba;

27 Futhi nensimbi, nekhopha, nethusi, nokhethe, nangazo zonke izinto zenu eziligugu zomhlaba; futhi nakhe indlu egameni lami, ngenhloso yokuba oPhakeme kaKhulu ahlale kuyo.

28 Ngokuba ayikho indawo etholakalayo emhlabeni angeza kuyo futhi abuyisele lokho okwakulahlekile kini, noma lokho akuthatha, ngisho ukuphelela kobuphristi.

29 Ngokuba ichibi lokubhabhadisa alikho emhlabeni, ukuze bona, abangcwele bami, ba bhabhadiselwe labo asebafa—

30 Ngokuba lesi simiso singesendlu yami, futhi ngeke semukeleke kimi, ngaphandle kwezinsuku zobumpofu benu, lapho ningakwazi ukungakhela indlu.

31 Kodwa ngiyaniyala, nonke nina bangcwele bami, kuba ningakhele indlu; futhi ngininika isikhathi esanele ukuba ningakhele indlu; futhi ngalesi sikhathi imibhabhadiso yenu iyokwamukeleka kimi.

32 Kodwa bhekani, ekupheleni kwalesi sikhathi engininike sona imibhabhadiso yenu yabafileyo benu ngeke yamukeleke kimi; futhi uma ningazenzi lezi zinto ekupheleni kwesikhathi engini nike sona niyokwenqatshwa njengebandla, nabafileyo benu, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

33 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, emva kokuba senibe nesikhathi esanele sokungakhela indlu, lapho isimiso sokubhabhadiselwa abafileyo singesakhona, futhi esamiswa ngaphambi kokusekelwa komhlaba, imibhabhadiso yenu yabafileyo ngeke yemukeleke kimi;

34 Ngokuba kulapho izikhiye zobuphristi obungcwele ezinikwa khona, ukuze nithole ukuhlonishwa nenkazimulo.

35 Futhi emva kwalesi sikhathi, imibhabhadiso yenu yabafileyo, eyenziwa yilabo abasabalele ndawo zonke, ayamukelekile kimi, kusho iNkosi.

36 Ngokuba kumisiwe ukuthi eSiyoni, nakuzo izikhonkwane zakhe, futhi naseJerusalema, kulezo zindawo engizimisileyo zokuphephela, kuyoba yizindawo zemibhabhadiso yabafileyo benu.

37 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kuyomukeleka kanjani ukugezwa kwenu kimi, ngaphandle kokuba nikwenze endlini eniyakhe egameni lami na?

38 Ngokuba, ngenxa yalokhu ngamyala uMose ukuba akhe itabernakele, ukuze balithwale ehlane, futhi nokuthi bakhe indlu ezweni lesethembiso, ukuze lezo zimiso zambulwe ebezifihliwe ngaphambi kokuba khona komhlaba.

39 Ngakho-ke, ngiqinisile ngithi kini, imigcobo yenu, nokugezwa kwenu, nemi bhabhadiso yenu yabafileyo, ne mihlangano yenu ezothileyo, nezimiso zenu ze minikelo yenu ngamadodana kaLevi, ukuze kutholakale izambulo zenu ezindaweni zenu ezingcwele kakhulu lapho enithola khona ukukhulumisana, ngokunjalo nemithetho nezahlulelo, ukuze kuqale izambulo futhi nesisekelo sikaSiyoni, futhi ukuze kukhazimuliswe, kuhlonishwe, futhi kuphiwe izipho zomoya kwabahlezi kuye, kunikwe ngesimiso sendlu yami engcwele, abantu bami abahlale njalo beyalwa ukuba bayakhe egameni lami elingcwele.

40 Futhi ngiqinisile ngithi kini, lendlu mayakhelwe egameni lami, ukuze ngambule izimiso zami kuyo kubantu bami;

41 Ngokuba ngikubona kufanele ukuba ngambule ebandleni lami izinto ebezifihliwe ngaphambi kokuba khona komhlaba, izinto eziphathelene nohlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi.

42 Futhi ngizoyitshengisa inceku yami uJoseph zonke izinto eziphathelene nalendlu, ngokunjalo nobuphristi bayo, futhi nendawo eyokwakhiwa kuyo.

43 Futhi niyoyakha endaweni enihlele ukuyakha kuyo, ngakuba lelo yibala enginikhethele lona ukuyakha kulo.

44 Uma nisebenza ngawo wonke amandla enu, ngizolingcwelisa lelobala ukuze lenziwe libe ngcwele.

45 Futhi uma abantu bami belalela izwi lami, futhi nezwi le zinceku zami engizibeke ukuba zihole abantu bami, bhekani, ngiqinisile ngithi kini, ngeke basuswe endaweni yabo.

46 Kodwa uma bengalilaleli izwi lami, noma izwi lalamadoda engiwabekile, ngeke babusiswe, ngokuba bangcolisa amagceke ami angcwele, futhi nezimiso zami ezingcwele, ngokunjalo nemithetho, namazwi ami angcwele engibanika wona.

47 Futhi kuyokwenzeka ukuthi uma nakha indlu egameni lami, futhi ningazenzi izinto engizishoyo, ngeke ngisenze isifungo engisenza kini, noma ngigcwalise izethembiso enizilindele ezandleni zami, kusho iNkosi.

48 Ngokuba esikhundleni sezibusiso, ngemisebenzi yenu uqobo, niletha iziqalekiso, ulaka, intukuthelo, futhi nezahlulelo phezu kwamakhanda enu, ngobuwula benu, futhi nangazo zonke izinengiso zenu, enizenza phambi kwami, kusho iNkosi.

49 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, uma nginika umyalelo kunoma yimaphi amadodana abantu ukuba enze umsebenzi egameni lami, futhi lawo madodana abantu esebenza ngamandla awo onke nangakho konke anakho ukwenza lowo msebenzi, futhi bengakuyeki ukukhuthala kwabo, futhi izitha zabo ziza kubo zibavimbela ekwenzeni lowo msebenzi, bhekani, kuyintando yami ukuba ngingabe ngisawufuna lowo msebenzi ezandleni zalawo madodana abantu, kodwa ukuba ngemukele iminikelo yabo.

50 Futhi ububi nokuphambuka emithethweni nakuyo imiyalelo yami engcwele ngizoku vakashela phezu kwamakhanda alabo abavimbela umsebenzi wami, kwesesithathu nakwese sine isizukulwane, uma benga phenduki, futhi bengizonda, kusho iNkosi uNkulunkulu.

51 Ngakho-ke, ngalesi sizathu ngiyamukele iminikelo yalabo engibayalile ukwakha idolobha nendlu egameni lami, kuso isifunda iJackson, eMissouri, futhi nabavinjelwa yizitha zabo, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

52 Futhi ngizophendula ngokwahlulela, ngolaka, nangentukuthelo, ngokukhala, nangosizi olukhulu, futhi nangokugedla kwamazinyo phezu kwamakhanda abo, kwesesithathu nakwesesine isizukulwane, uma bengaphenduki, futhi bengizonda, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

53 Futhi ngenza lokhu kube yisibonelo kini, ukuze nifumane induduzo ngokuphathelene nabo bonke abayalwe ukwenza umsebenzi futhi nabavinjwe yizandla zezitha zabo, nangokucindezelwa, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

54 Ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wenu, futhi ngizobahlenga bonke labo bazalwane benu abebe msulwa enhliziyweni, futhi aba bulewe ezweni laseMissouri, kusho iNkosi.

55 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, ngiyaniyala futhi ukuba nakhe indlu egameni lami, ngisho kulendawo, ukuze nizibonakalise kimi ukuthi nithembekile kuzo zonke izinto noma ngabe yini enginiyala ngakho, ukuze nginibusise, futhi nginiqhelise ngenhlonipho, nangokungafi, nokuphila okuphakade.

56 Manje ngithi kini, ngokuphathelene nendlu yami yokuhlala enginiyale ukuba niyakhele izihambi, mayakhiwe egameni lami, futhi mayibizwe ngegama lami, futhi inceku yami uJoseph nendlu yakhe mabahlale kuyo, izizukulwane ngezizukulwane.

57 Ngokuba lokhu kugcotshwa ngikubeke phezu kwakhe, ukuze izibusiso zakhe zibekwe phezu kwesizukulwane sakhe esizayo emva kwakhe.

58 Futhi njengoba ngasho ku-Abrahama ngokuphathelene nezihlobo zomhlaba, kanjalo-ke ngithi nakuyo inceku yami uJoseph: Kuwe nakuyo inzalo yakho izihlobo zomhlaba ziyobusiswa.

59 Ngakho-ke, inceku yami uJoseph nenzalo yakhe emva kwakhe mabahlale kuleyondlu, izizukulwane ngezizukulwane, phakade naphakade, kusho iNkosi.

60 Futhi igama laleyondlu mayiqanjwe ngokuthi yiNdlu yaseNauvoo; futhi mayibe yindawo yokuhlala ejabulisayo kubantu, futhi ibe yindawo yokuphumula yomhambi okhathele, ukuze acabange ngenkazimulo yaseSiyoni, futhi nangenkazimulo yaleli, itshe lesisekelo layo;

61 Ukuze futhi athole iseluleko kulabo engibabeke ukuba babe njenge zitshalo ezidumileyo, futhi njenga balindi phezu kwezindonga zakhe.

62 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uGeorge Miller, nenceku yami uLyman Wight, nenceku yami uJohn Snider, nenceku yami uPeter Haws mabazihlele, futhi bakhethe oyedwa wabo abe umongameli womgwamanda wabo ngenhloso yokwakha leyondlu.

63 Futhi bayokwenza isimiso, abayothola ngaso imali yokwakha leyondlu.

64 Futhi mabangatholi ngaphansi kwamadola angamashumi amahlanu ngesabelo sobunikazi kuleyondlu, futhi bayovunyelwa ukwamukela amadola ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu kunoma ubani ozoba nobunikazi kuleyondlu.

65 Kodwa mabangavunyelwa ukwamukela ngaphezulu kwamadola ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu zemali yobunikazi kumuntu oyedwa.

66 Futhi mabangavunyelwa ukuthola ngaphansi kwamadola angamashumi amahlanu ngesabelo sobunikazi kunoma ubani kuleyondlu.

67 Futhi mabangavunyelwa ukwemukela noma ubani, njengomabelwa wobunikazi kulendlu, ngaphandle uma lowo eyokhokha imali yakhe ezandleni zabo ngesikhathi ethola ubunikazi;

68 Futhi ngokulingene nenani lemali ayikhokhayo ezandleni zabo uyothola ubunikazi kuleyondlu; kodwa uma engakhokhi lutho ezandleni zabo akayikuthola bunikazi kuleyondlu.

69 Futhi uma kukhona okhokha imali ezandleni zabo iyoba ngeyobunikazi kuleyondlu, bakhe, futhi nobesesi zukulwane sakhe emva kwakhe, izizukulwane ngezizukulwane, uma nje yena nezindlalifa zakhe bezogcina lobo bunikazi, futhi bengabudayisi noma babuhambise ezandleni zabo ngentando yabo nangokwenza kwabo, uma nizokwenza intando yami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

70 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uma inceku yami uGeorge Miller, nenceku yami uLyman Wight, nenceku yami uJohn Snider, nenceku yami uPeter Haws, bethola noma yimalini ezandleni zabo, ngokwemali, noma ngokwezimpahla ngazo abathola inani langempela lemali, akufanele bahlukanise ingxenye yaleyo mali bayihlukanisele enye inhloso, ngaphandle kokuhlukanisela leyondlu.

71 Futhi uma bethatha ingxenye yaleyo mali beyisebenzisa kwenye indawo, ngaphandle kwaleyondlu, ngaphandle kwemvume yomnini sabelo, futhi bengayikhokhi ngokuphindwe kane njengokuyithatha kwabo beyisebenzisa kwenye indawo, ngaphandle kwaleyondlu, bayoqalekiswa, futhi basuswe ezikhundleni zabo, kusho iNkosi uNkulunkulu; ngokuba mina, iNkosi, nginguNkulunkulu, futhi ngeke ngidelelwe kulezi zinto.

72 Ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uJoseph makakhokhe imali ezandleni zabo yokwakha leyondlu, njengoba kubonakala kukuhle kuye; kodwa inceku yami uJoseph ngeke akhokhe ngaphezulu kwamadola ayizinkulungwane ezilishumi nanhlanu zemali kuleyondlu, noma ngaphansi kwamadola angamashumi amahlanu; futhi makungenziwa muntu lokho, kusho iNkosi.

73 Futhi kunabanye abafisa ukwazi intando yami ngokuphathelene nabo, ngokuba bayibuzile ezandleni zami.

74 Ngakho-ke, ngithi kini ngokuphathelene nenceku yami uVinson Knight, uma ezokwenza intando yami makazifakele imali kuleyondlu, futhi enzele isizukulwane sakhe emva kwakhe, izizukulwane ngezizukulwane.

75 Futhi makaphakamise izwi lakhe isikhathi eside futhi kakhulu, phakathi kwabantu, ukuze akhulumele amalungelo abampofu nabantulayo; makangahluleki, noma inhliziyo yakhe mayingadangali; futhi ngizoyemukela iminikelo yakhe, ngokuba ngeke ibe kimi njengeminikelo kaKayini, ngokuba uyoba ngowami, kusho iNkosi.

76 Umndeni wakhe mawujabule futhi ususe izinhliziyo zawo ekuhlushweni; ngokuba ngimkhethile futhi ngamgcoba, futhi uyohlonishwa phakathi kwendlu yakhe, ngokuba ngiyozithethelela zonke izono zakhe, kusho iNkosi. Amen.

77 Ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uHyrum makafake imali kuleyondlu njengoba kukuhle kuye, azifakele yena nesizukulwane sakhe emva kwakhe, izizukulwane ngezizukulwane.

78 Inceku yami u-Isaac Galland mayifake imali kuleyondlu; ngokuba mina, iNkosi, ngiyamthanda ngenxa yomsebenzi awenzileyo, futhi ngizomthethelela zonke izono zakhe; ngakho-ke, makakhunjulwe ngelungelo analo kuleyondlu izizukulwane ngezizukulwane.

79 Inceku yami u-Isaac Galland mayibekwe phakathi kwenu, futhi igcotshwe yinceku yami uWilliam Marks, futhi ibusiswe nguye, ukuze ahambe nenceku yami uHyrum ukuyofeza umsebenzi inceku yami uJoseph eyobatshela wona, futhi bayobusiswa kakhulu.

80 Inceku yami uWilliam Marks mayikhokhe imali kuleyondlu, njengoba kubonakala kukuhle kuye, azikhokhele yena nesizukulwane sakhe, izizukulwane ngezizukulwane.

81 Inceku yami uHenry G. Sherwood mayikhokhe imali kuleyondlu, njengoba kubonakala kukuhle kuye, azikhokhele yena kanye nenzalo yakhe emva kwakhe, izizukulwane ngezizukulwane.

82 Inceku yami uWilliam Law makakhokhe imali kuleyondlu, azikhokhele yena nenzalo yakhe emva kwakhe, izizukulwane ngezizukulwane.

83 Uma ezokwenza intando yami makangawuthathi umndeni wakhe awuse emazweni asempumalanga, ngisho eKirtland; nokho, mina, iNkosi, ngizoyakha iKirtland, kodwa mina, iNkosi, nginesijeziso esilungiselelwe abantu balapho.

84 Futhi ngokuphathelene nenceku yami u-Almon Babbitt, kunezinto eziningi engingathokozile ngazo; bheka, ulangazelela ukumisa iseluleko sakhe esikhundleni seseluleko engisibekileyo, ngisho leso sobuMongameli beBandla lami; futhi ubeka ithole legolide ukuze lihlonishwe ngabantu bami.

85 Makungabi bikho muntu ozosuka ahambe kulendawo oze lapha ozama ukugcina imiyalelo yami.

86 Uma behlala lapha mabahlale kimi; futhi uma befa mabafele kimi; ngokuba bayo phumula kukho konke ukukhandleka kwabo lapha, futhi baqhubeke nemisebenzi yabo.

87 Ngakho-ke, inceku yami uWilliam makabeke ithemba lakhe kimi, futhi ayeke ukwesaba ngokhuphathelene nomndeni wakhe, ngenxa yesifo sendawo. Uma ningithanda, gcinani imiyalelo yami; futhi isifo sendawo siyophenduka ubuhle kini.

88 Inceku yami uWilliam makahambe amemezele ivangeli lami laphakade ngezwi elikhulu, nangentokozo enkulu, njengoba eyoholwa nguMoya wami, aye kubantu baseWarsaw, futhi nakubantu baseCarthage, futhi nakubantu baseBurlington, futhi nakubantu baseMadison, futhi alinde nangokukhuthala ezinye iziyalo emhlanganweni omkhulu, kusho iNkosi.

89 Uma ezokwenza intando yami kusuka manje makalalele iseluleko senceku yami uJoseph, futhi ngenzuzo yakhe alekelele okufunwa ngabampofu, futhi akhiphe ukuhunyushwa okusha kwezwi lami elingcwele kubantu basemhlabeni.

90 Futhi uma ezokwenza lokhu ngizo mbusisa ngezibusiso eziningi, ukuze angashiywa, noma inzalo yakhe itholwe icela isinkwa.

91 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uWilliam makabekwe, amiswe, futhi agcotshwe, njengomeluleki wenceku yami uJoseph, esikhundleni senceku yami uHyrum, ukuze inceku yami uHyrum ithathe isikhundla sobuPhristi nobu Phatriyakhe, obabu bekwe kuye nguyise, ngesibusiso nangelungelo;

92 Ukuze kusuka manje abe nezikhiye ze zibusiso zobuphatriyakhe phezu kwamakhanda abo bonke abantu bami,

93 Ukuze loyo ayombusisa abusiswe, futhi loyo ayomqalekisa aqalekiswe; ukuze lokho ayokubopha emhlabeni kuboshwe ezulwini; futhi noma yikuphi ayokukhulula emhlabeni kuyokhululwa nasezulwini.

94 Futhi kusuka kulesi sikhathi kuya phambili ngimbeka ukuba abe nguphrofethi, futhi nomboni, futhi nomambuli ebandleni, kanjalo futhi nenceku yami uJoseph;

95 Ukuze enze ngokuhambisana nenceku yami uJoseph; futhi nokuthi uyothola ukululekwa yinceku yami uJoseph, oyomtshengisa izikhiye ngazo angacela futhi afumane, futhi ethweswe uqhele wezibusiso ezifanayo, nobukhosi, nokuhlonishwa, nobuphristi, futhi nezipho zobuphristi, ezake zabekwa phezu kwalowo owayeyinceku yami u-Oliver Cowdery;

96 Ukuze inceku yami uHyrum afakaze ngezinto engizomtshengisa zona, ukuze igama lakhe likhujulwe ngokuhlonishwa izizukulwane ngezizukulwane, phakade naphakade.

97 Inceku yami uWilliam Law nayo mayifumane izikhiye ngazo engacela futhi ifumane izibusiso; makazi thobe phambi kwami, futhi angabi ne nkohliso, futhi uyofumana uMoya wami, ngisho uMduduzi, oyokwambula kuye iqiniso lezinto zonke, futhi uyomnika, ngalelohora, ayokusho.

98 Futhi lezi zimpawu ziyomlandela—uyo sindisa abagulayo, uyokhipha odeveli, futhi uyosindiswa kulabo abayomfakela ubuthi obubulalayo;

99 Futhi uyoholelwa ezindleleni lapho izinyoka ezinobuthi zingeke zalithola iqakala lakhe, futhi uyophakamela emicabangweni yakhe njengasemaphikweni okhozi.

100 Futhi uma ngithanda ukuthi avuse abafileyo, makangalibambi izwi lakhe.

101 Ngakho-ke, inceku yami uWilliam mayimemeze ngezwi elikhulu futhi ingazibambi, ngentokozo nangokujabula, futhi nangohosana kuye ohleli esihlalweni sobukhosi phakade naphakade, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

102 Bhekani, ngithi kini, nginomsebenzi wokufundisa ivangeli olindele inceku yami uWilliam, nenceku yami uHyrum, futhi ongowabo bodwa; futhi inceku yami uJoseph mayihlale ekhaya, ngokuba iyadingeka. Okokugcina ngizonazisa kona emva kwalokhu. Ngisho kanjalo. Amen.

103 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uma inceku yami uSidney ezongisebenzela futhi abe ngumeluleki wenceku yami uJoseph, makasukume eze ame esikhundleni sobizo lwakhe, futhi azithobe phambi kwami.

104 Futhi uma ezonikela kimi umnikelo owemukelekayo, nokuvuma, futhi ahlale nabantu bami, bhekani, mina, iNkosi uNkulunkulu wenu, ngizomsindisa ukuze asindiswe; futhi uyophinde aphakamise izwi lakhe ezintabeni, futhi abe ngumkhulumeli phambi kobuso bami.

105 Makeze abeke umndeni wakhe eduze nalapho inceku yami uJoseph ihlala khona.

106 Futhi kukho konke ukuhamba kwakhe makaphakamise izwi lakhe njengokukhala kwecilongo, futhi axwayise abantu abahlala emhlabeni ukuba babalekele ulaka oluzayo.

107 Makalekelele inceku yami uJoseph, futhi phezu kwalokho inceku yami uWilliam Law mayilekelele inceku yami uJoseph, ukwenza isaziso ngesizotha emakhosini omhlaba, njengoba ngishilo phambilini kini.

108 Uma inceku yami uSidney ezokwenza intando yami, makangawususi umndeni wakhe awuse emihlabeni engasempumalanga, kodwa makashintshe indawo yabo yokuhlala, njengoba ngishilo.

109 Bhekani, akusiyo intando yami ukuba afune ukuthola ukuphepha nesiphephelo kulelo dolobha enginimisele lona, ngisho idolobha lase Nauvoo.

110 Ngiqinisile ngithi kini, ngisho manje, uma ezolalela izwi lami, kuyoba kuhle kuye. Ngisho kanjalo. Amen.

111 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami u-Amos Davies makakhokhe imali ezandleni zalabo engibabekileyo ukuba bakhe indlu yokuhlala, ngisho iNdlu iNauvoo.

112 Lokhu makakwenze uma ezoba nobunikazi; futhi makalalele ukwelulekwa yinceku yami uJoseph, futhi asebenze ngezandla zakhe ukuze athole ukwethenjwa ngabantu.

113 Futhi uma eyokhombisa ukuthembeka ezintweni zonke ayophathiswa zona, yebo, ngisho izinto ezimbalwa, uyokwenziwa umbusi phezu kokuningi;

114 Ngakho-ke makazehlise ukuze aphakanyiswe. Ngisho kanjalo. Amen.

115 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uma inceku yami uRobert D. Foster ezothobela izwi lami, makakhele inceku yami uJoseph indlu, ngokwesivumelwano asenzile naye, njengoba umnyango eyovulelwa wona izikhathi ngezikhathi.

116 Futhi makaphenduke ebuwuleni bakhe bonke, futhi azembathise nge sihe; futhi ayeke ukwenza okubi, futhi abeke eceleni wonke amazwi akhe alukhuni;

117 Futhi akhokhe imali ezandleni zomgwamanda weNdlu iNauvoo, azikhokhele yena futhi nesizukulwane sakhe emva kwakhe, izizukulwane ngezizukulwane;

118 Futhi alalele ukwelulekwa yizinceku zami uJoseph, noHyrum, noWilliam Law, futhi nakuzo iziphathimandla engizibizile ukubeka isisekelo seSiyoni; futhi kuyokuba kuhle kuye phakade naphakade. Ngisho kanjalo. Amen.

119 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, makungabi bikho muntu okhokha imali kumgwamanda weNdllu yaseNauvoo ngaphandle kokuba ekholwa eNcwadini kaMormoni, nakuzo izambulweni engininike zona, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu;

120 Ngokuba lokho okungafani nalokhu kuvela kokubi, futhi kuyophelezelwa yiziqalekiso hhayi izibusiso, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu. Ngisho kanjalo. Amen.

121 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, umgwamanda weNdlu yaseNauvoo mawuthole inkokhelo elungileyo yakho konke ukusebenza kwabo ekwakheni iNdlu iNauvoo; futhi inkokhelo yabo mayibe njengokuvumelana phakathi kwabo, ngokuphathelene nenani layo.

122 Futhi wonke umuntu okhokha imali makakhokhe ingxenye yomholo wakhe, uma kudingekile, ukuze bondliwe, kusho iNkosi; uma kungenjalo, imisebenzi yabo iyobalwa njengenkokhelo yemali kuleyondlu. Ngisho kanjalo. Amen.

123 Ngiqinisile ngithi kini, manje sengini nika abaphathi zikhundla zobuPhristi bami, ukuze niphathe izikhiye zabo, ngisho ubuPhristi bohlelo luka Melkisedeki, olungohlelo lweNdodana yami eZelwe Yodwa.

124 Kuqala, ngini nika uHyrum Smith ukuba ube ngu mphatriyakhe kini, ukuba aphathe izibusiso zoku bopha zebandla lami, ngisho uMoya oNgcwele wesethembiso, ngawo esenikhethelwe usuku lokukhululwa, ukuze ningawi nakuba ihora lokulingwa lizofika kini.

125 Ngini nika inceku yami uJoseph ukuba abe yigosa elengamele ebandleni lami lonke, ukuba abe ngumhumushi, umambuli, umboni, futhi nomphrofethi.

126 Ngimnika njengabeluleki inceku yami uSidney Rigdon nenceku yami uWilliam Law, ukuze laba benze umgwamanda wobuMongameli bokuQala, ukuze batholele ibandla lonke izambulo.

127 Ngini nika inceku yami uBrigham Young ukuba abe ngumongameli womkhandlu ohambayo wabayiShumi namBili;

128 AbayiShumi namBili labo abaphethe izikhiye zokumisa igunya lombuso wami kumagumbi amane omhlaba, futhi emva kwalokho ukuba bathumele izwi lami kubo bonke abantu.

129 Bango Heber C. Kimball, uParley P. Pratt, u-Orson Pratt, u-Orson Hyde, uWilliam Smith, uJohn Taylor, uJohn E. Page, uWilford Woodruff, uWilliam Richards, uGeorge A. Smith;

130 UDavid Patten ngimthathile ukuba abe nami; bhekani, ubuphristi bakhe akukho muntu obuthathayo kuye; kodwa, ngiqinisile ngithi kini, omunye angabekwa obizweni olufanayo.

131 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngini nika umkhandlu omkhulu, ukuba ube yisi sekelo seSiyoni—

132 Okuyilaba abalandelayo, uSamuel Bent, uHenry G. Sherwood, uGeorge W. Harris, uCharles C. Rich, uThomas Grover, uNewel Knight, uDavid Dort, uDunbar Wilson—uSeymour Brunson ngimthathile ukuba abe nami; akukho muntu othatha ubuphristi bakhe, kodwa omunye angabekwa kubuphristi obufanayo esikhundleni sakhe; futhi ngiqinisile ngithi kini, inceku yami u-Aaron Johnson makagcotshwe kulolubizo esikhundleni sakhe—uDavid Fullmer, u-Alpheus Cutler, uWilliam Huntington.

133 Futhi phezu kwalokho, ngini nika uDon C. Smith ukuba abe ngumongameli womgwamanda wabaphristi abakhulu;

134 Isimiso leso esimiselwe ukuze kunikwe amandla labo abayobekwa babe ngomongameli noma izinceku ezengamele njalo phezu kwezi khonkwane ezahlukene ezisabalele ndawozonke;

135 Futhi bangahamba uma bekhetha lokho, kodwa esikhundleni salokho bagcotshelwa ukuba ngomongameli abengamele njalo; lesi yisikhundla sobizo lwabo, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

136 Ngimnika u-Amasa Lyman noNoah Packard ukuba babe ngabeluleki, ukuze bengamele umgwamanda wabaphristi abakhulu bebandla lami, kusho iNkosi.

137 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngininika uJohn A. Hicks, uSamuel Williams, noJesse Baker, lobo buphristi obuzo kwengamela umgwamanda wamagosa, umgwamanda lowo omiselwe ukuba ngabefundisi abahleli bekhona; nokho bangahamba, nakuba begcotshelwe ukuba babe ngabefundisi abahleli bekhona ebandleni lami, kusho iNkosi.

138 Futhi phezu kwalokho, ngini nika uJoseph Young, uJosiah Butterfield, uDaniel Miles, uHenry Herriman, uZera Pulsipher, uLevi Hancock, uJames Foster, ukuba bengamele wumgwamanda waba ngamashumi ayisikhombisa;

139 Umgwamanda lowo omiselwe ukuba ngamagosa ahambayo ukuyofakaza ngegama lami emhlabeni wonke, noma kuphi lapho umkhandlu omkhulu ohambayo, abaphostoli bami, beyobathumela khona ukulungisa indlela ngaphambi kobuso bami.

140 Umehluko phakathi kwalomgwamanda nomgwamanda wamagosa wukuthi omunye uzohamba njalo, futhi omunye uzokwungamela emabandleni izikhathi ngezikhathi; omunye unomthwalo wokwengamela izikhathi ngezikhathi, futhi omunye awunawo umthwalo wokwengamela, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu.

141 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngini nika uVinson Knight, uSamuel H. Smith, noShadrach Roundy, uma ezokwamukela lokho, ukuba bengamele ububhishobhu; ulwazi lwalobo bubhishobhu obushiwo ninikiwe encwadini ye Mfundiso neziVumelwano.

142 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, uSamuel Rolfe nabeluleki bakhe babaphristi, nomongameli wothisha nabeluleki bakhe, ngokunjalo nomongameli wamadikoni nabeluleki bakhe, ngokunjalo nomongameli wesikhonkwane nabeluleki bakhe.

143 Lezi zikhundla ezingenhla ngini nike zona, nezikhiye zazo, ukunika usizo futhi nokuphatha, zomsebenzi wobufundisi futhi no kupheleliswa kwabangcwele bami.

144 Futhi umyalelo ngini nika wona, wokuthi nigcwalise zonke lezi zikhundla futhi niwavume lawo magama engiwashilo, noma ningawavumi emhlanganweni wami omkhulu.

145 Futhi nokuba nilungise izindlu zazo zonke lezi zikhundla endlini yami uma seniyakha egameni lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu. Ngisho kanjalo. Amen.