ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 93


Isigaba 93

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 6 Meyi, 1833.

1–5, Bonke abathembekileyo bazoyibona iNkosi; 6–18, UJohane wafakaza ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu yanda emseni yaze yafumana ukuphelela kwenkazimulo kaBaba; 19–20, Abantu abathembekileyo, abanda emseni, nabo bazofumana ukuphelela Kwakhe; 21–22, Labo abazelwe ngoKristu bayiBandla leNkosana; 23–28, UKristu wafumana ukuphelela kwalo lonke iqiniso, futhi umuntu ngokuhlonipha naye angenza kanjalo; 29–32, Umuntu ekuqaleni wayeno Nkulunkulu; 33–35, Imvelo ngeyaphakade, futhi umuntu angafumana ukuphelela kwenjabulo kulo uVuko; 36–37, Inkazimulo kaNkulunkulu ingukuqonda; 38–40, Abantwana bamsulwa phambi kukaNkulunkulu ngenxa yokukhululwa nguKristu; 41–53, Abazalwane abangabaholi bayalwa ukuba balungise imindeni yabo ihleleke.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi: Kuyokwenzeka ukuthi wonke umuntu oshiya izono zakhe futhi oza kimi, futhi obiza igama lami, futhi othobela izwi lami, futhi ogcina imiyalelo yami, uyobubona ubuso bami futhi azi ukuthi nginguye;

2 Futhi nokuthi nginguku khanya okukhanyisa wonke umuntu oza emhlabeni;

3 Futhi nokuthi ngikuBaba, futhi uBaba ukimi, futhi uBaba nami simunye—

4 UBaba ukimi ngokuba wanginika ukuphelela kwakhe, futhi ngiyiNdodana ngokuba ngangise mhlabeni futhi ngenza inyama yami itabernakele, futhi ngahlala phakathi kwamadodana abantu.

5 Ngangise mhlabeni futhi ngafumana kuBaba, futhi imisebenzi yakhe yabonakaliswa ngokusobala.

6 Futhi uJohane wabona futhi wafakaza ngokuphelela kwe nkazimulo yami, futhi ukuphelela kobufakazi bukaJohane busazo kwembulwa emva kwalesi sikhathi.

7 Futhi wafakaza, ethi: Ngayibona inkazimulo yakhe, ukuthi wayekhona ekuqaleni, umhlaba ungakabi bikho;

8 Ngakho-ke, ekuqaleni uLizwi wayekhona, ngokuba wayenguLizwi, ngisho isithunywa sensindiso—

9 Ukukhanya no mHlengi womhlaba; uMoya weqiniso, oweza emhlabeni, ngokuba umhlaba wenziwa nguye, futhi kuye kwakukhona ukuphila kwabantu nokukhanya kwabantu.

10 Imihlaba yenziwa nguye; abantu benziwa nguye; zonke izinto zenziwa nguye, futhi ngendlela yakhe, futhi nangamasu akhe.

11 Futhi mina, uJohane, ngiyafakaza ukuthi ngabona inkazimulo yakhe, njengenkazimulo yoZelwe Yedwa kaBaba, ogcwele umusa neqiniso, ngisho uMoya weqiniso, oweza wazohlala enyameni, futhi wahlala phakathi kwethu.

12 Futhi mina, uJohane, ngabona ukuthi akakufumananga ukuphelela ekuqaleni, kodwa wafumana umusa ngenxa yomusa;

13 Futhi akafumananga ukuphelela ekuqaleni, kodwa waphikelela wanda ngomusa, waze wafumana ukuphelela;

14 Futhi ngalokho wabizwa ngeNdodana kaNkulunkulu, ngokuba akaku fumananga ukuphelela ekuqaleni.

15 Futhi mina, uJohane, ngiyafakaza, futhi bheka, amazulu avuleka, futhi uMoya oNgcwele wehlela phezu kwakhe ngesimo sejuba, futhi wahlala phezu kwakhe, futhi kwezwakala izwi liphuma ezulwini lithi: Lena yiNdodana yami ethandekayo.

16 Futhi mina, uJohane, ngifakaza ngokuthi wafumana ukuphelela kwenkazimulo kaBaba;

17 Futhi wafumana wonke amandla, ezulwini nasemhlabeni, futhi inkazimulo ka Baba yayinaye, ngokuba wayehlala kuye.

18 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi uma nithembekile niyofumana ephelele indaba kaJohane.

19 Ngini nika lokhu engikushoyo ukuze niqonde futhi nazi ukuthi kukhozwa kanjani, futhi nazi ukuthi nikhonzani, ukuze nize kuBaba egameni lami, futhi ngesikhathi esifanele nifumane ukuphelela kwakhe.

20 Ngokuba uma nigcina imiyalelo yami niyokufumana ukuphelela kwakhe, futhi nikhazimuliswe kimi njengami kuBaba; ngakho-ke, ngithi kini, niyofumana umusa ngenxa yomusa.

21 Manje, ngiqinisile ngithi kini, ngangikhona ekuqaleni noBaba, futhi ngiyi Nkosana;

22 Futhi bonke labo abazalwe ngami bangaba hlanganyela kuyo inkazimulo efanayo, futhi bayibandla leNkosana.

23 Nani nanikhona ekuqaleni noBaba; lokho okunguMoya, ngisho uMoya weqiniso;

24 Futhi iqiniso lingu lwazi lwezinto njengoba zinjalo, futhi njengoba zazinjalo, futhi njengoba zizoza;

25 Futhi noma yini engafani nalokhu ingumoya walowo omubi owayengu mqambi manga kwasekuqaleni.

26 UMoya weqiniso ungokaNkulunkulu. NginguMoya weqiniso, futhi uJohane wafakaza ngami, ethi: Wafumana ukuphelela kweqiniso, yebo, ngisho lonke iqiniso;

27 Futhi akukho muntu ofumana ukuphelela ngaphandle kokugcina imiyalelo yakhe.

28 Lowo ogcina imiyalelo yakhe ufumana iqiniso noku khanya, aze akhazimuliswe kulo iqiniso futhi azi izinto zonke.

29 Umuntu naye wayenoNkulunkulu ekuqaleni. Ukuqonda, noma ukukhanya kweqiniso, akuzange kudalwe noma kwenziwe, futhi impela ngeke kwaba njalo.

30 Lonke iqiniso lizimele kuleyondawo uNkulunkulu alibeke kuyo, ukuba lizenzele, njengakho konke ukuqonda nakho; kungenjalo akukho ukuba-khona.

31 Bhekani, kulokhu kukhona ilungelo lokukwazi ukuzikhethela lomuntu, futhi kulokhu kukhona ukubekwa icala komuntu; ngokuba lokho okwakukhona ekuqaleni kwambulwa ngokucacile kubo, futhi abakwamukeli ukukhanya.

32 Futhi wonke umuntu umoya wakhe ongakwemukeli ukukhanya unecala.

33 Ngokuba umuntu ungumoya. Imvelo ngeyaphakade, futhi umoya nemvelo, kuhlangene ngokungahlukaniseki, kufumana ukuphelela kwenjabulo;

34 Futhi uma kwehlukene, umuntu ngeke akwazi ukuthola ukuphelela kwe njabulo.

35 Imvelo iyitabernakeli likaNkulunkulu; yebo, umuntu uyitabernakeli likaNkulunkulu, ngisho amathempeli; futhi noma yiliphi ithempeli elingcolisiwe, uNkulunkulu uyolichitha lelo thempeli.

36 Inkazimulo kaNkulunkulu ingukuqonda, noma, ngamanye amagama, ukukhanya neqiniso.

37 Ukukhanya neqiniso kuyamshiya lowo omubi.

38 Umoya wawo wonke umuntu wawu ngenacala ekuqaleni; futhi uNkulunkulu esemkhululile umuntu ekuweni, abantu baphinda futhi, esimweni sobuntwana babo, baba msulwa phambi kukaNkulunkulu.

39 Futhi lowo omubi ufika athathe ukukhanya neqiniso, ngokungalaleli, kubantwana babantu, futhi ngenxa yosiko lokhokho babo.

40 Kodwa nginiyalile ukuba nikhulise abantwana benu ekukhanyeni naseqinisweni.

41 Kodwa ngiqinisile ngithi kuwe, nceku yami uFrederick G. Williams, uqhubekile nokuba nalelicala;

42 Awuzange uba fundise abantwana bakho ukukhanya neqiniso, ngokwemiyalelo; futhi lowo omubi unamandla, njenga manje, phezu kwakho, futhi yikho lokhu okuyisi susa sokuhlupheka kwakho.

43 Manje ngikunika umyalelo—uma uzokhululwa uzolungisa indlu yakho ihleleke, ngokuba ziningi izinto ezingalungile endlini yakho.

44 Ngiqinisile, ngithi encekwini yami uSidney Rigdon, kwezinye izinto akayigcinanga imiyalelo ngokuphathelene nabantwana bakhe; ngakho-ke, lungisa kuqala indlu yakho ihleleke.

45 Ngiqinisile, ngithi encekwini yami uJoseph Smith, omNcane, noma ngamanye amagama, ngizonibiza ngabahlobo, ngokuba ningabahlobo bami, futhi niyofumana ifa nami—

46 Nginibize ngezinceku ngenxa yomhlaba, futhi niyizinceku zabo ngenxa yami—

47 Manje, ngiqinisile ngithi kuJoseph Smith, omNcane—Awuyigcinanga imiyalelo, futhi kufanele usolwe phambi kweNkosi;

48 Umndeni wakho kufanele uphenduke futhi ushiye izinto ezithile, futhi unake ngokucophelela iziyalo zakho, noma basuswe endaweni yabo.

49 Engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke; khulekani njalo hleze lowo omubi abe namandla kini, futhi anisuse endaweni yenu.

50 Inceku yami uNewel K. Whitney naye, umbhishobhi webandla, kudingeka asolwe, futhi alungise umndeni wakhe uhleleke, futhi aqiniseke ukuthi bakhuthele futhi benza imisebenzi yabo ekhaya, futhi bakhuleke njalo, noma bayosuswa endaweni yabo.

51 Manje, ngithi kini, bahlobo bami, inceku yami uSidney Rigdon makathathe uhambo lwakhe, futhi asheshise, futhi amemezele unyaka womusa weNkosi, nevangeli lokusindiswa, njengoba ngiyomnika azokusho; futhi nangomkhuleko wenu wokukholwa ngokuvumelana ngizomqinisa.

52 Futhi izinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noFrederick G. Williams mabasheshe nabo, futhi bayonikezwa ngisho ngokomkhuleko wokukholwa; futhi kangangoba nigcina engikushoyo ngeke ninqotshwe kulomhlaba, noma emhlabeni ozayo.

53 Futhi, ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuba nisheshise ukuhumusha imibhalo yami engcwele, futhi nokuthola ulwazi lomlando, nolwamazwe, nolwemibuso, nolwemithetho kaNkulunkulu nolwabantu, futhi konke lokhu ukuze kusindiswe iSiyoni. Amen.