ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 45


Isigaba 45

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi eBandleni, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 7 Mashi, 1831. Ukwandulela ukubhalwa kwalesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi “kulenkathi emlandweni weBandla … imibiko eminingi engamanga … nezindaba eziwubuwula zaziswa abantu bonke … futhi zasatshalaliswa, … ngenhloso yokuvimbela abantu ukuba bahlole lomsebenzi, noma bamukele lenkolo … Kodwa ukuze kujabule abaNgcwele, … nganikwa lokhu okulandelayo”

1–5, UKristu ungummeli wethu kuBaba; 6–10, Ivangeli liyisithunywa ukulungisa indlela phambi kweNkosi; 11–15, U-Enoke nayakhe nabo bemukelwa yiNkosi; 16–23, UKristu wembula izimpawu zokubuya Kwakhe njengoba zanikwa eNtabeni yeMinqumo; 24–38, Ivangeli lizobuyiselwa, izikhathi zabeZizwe zizogcwaliseka, nesifo esibhubhisayo sizogcwala ezweni; 39–47, Izimpawu, izimangaliso, noVuko kuyoba khona ngokuZa kwesiBili; 48–53, UKristu uzoma phezu kweNtaba yeMinqumo, namaJuda ayowabona amanxeba ezandleni nasezinyaweni Zakhe; 54–59, INkosi izobusa ngesikhathi semiNyaka eyiNkulungwane; 60–62, UmPhrofethi uyalwa ukuba aqale ukuhumusha iTestamente eliSha, ngalo okuzokwembulwa ulwazi olubalulekile; 63–75, AbaNgcwele bayalwa ukuba babuthane futhi bakhe iJerusalema eNtsha, okuzoza kuyo abantu bezizwe zonke.

1 Lalelani, O nina bantu abebandla lami, okunikwe kubo bumbuso; lalelani nibeke indlebe kuye owabeka isisekelo somhlaba, cowenza amazulu nakho konke okukuwo, nangaye zonke izinto zenziwa eziphilayo, nezinyakazayo, nezikhona.

2 Futhi phezu kwalokho ngithi, lalelani izwi lami, kungenjalo aukufa kuzoninqoba; bngesikhathi eningasicabangiyo ihlobo liyodlula, cnokuvuna kufike esiphethweni, imimoya yenu ingasindisiwe.

3 Lalelani yena aongummeli kuBaba, oniphendulelayo ecaleni lenu phambi kwakhe—

4 Ethi: Baba, bheka aukuzwa ubuhlungu nokufa kwakhe lowo ongenzanga bsono, ngaye owawuthokozile kakhulu; bheka igazi leNdodana yakho elaphalala, igazi lalowo owamnikela ukuze cudunyiswe;

5 Ngalokho-ke, Baba, bahawukele laba bazalwane bami aabakholwa egameni lami, ukuze beze kimi futhi bathole bukuphila okuphakade.

6 Lalelani, O nina bantu bebandla lami, nani magosa lalelani ndawonye, futhi nizwe izwi lami ngesikhathi kusathiwa anamuhla, futhi ningaziqinisi izinhliziyo zenu;

7 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini ngingu aAlfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, ukukhanya nokuphila komhlaba—bukukhanya okukhanye ebumnyameni futhi ubumnyama abukuqondanga.

8 Ngeza kwabami, futhi abami abangemukelanga; kodwa kulabo abaningi abangemukeleyo ngibanike aamandla okwenza bizimangaliso eziningi, futhi nokuba cngamadodana kaNkulunkulu; futhi ngisho nakulabo dabakholwe egameni lami ngibanike amandla okufumana eukuphila okuphakade.

9 Futhi kanjalo-ke ngithumele esami aisivumelwano bsaphakade emhlabeni, ukuze sibe wukukhanya komhlaba, futhi ukuze sibe cyisibonelo sabantu bami, dnesabeZizwe ukuze babheke kuso, nokuba eyisithunywa phambi kobuso bami ukulungisa indlela ngaphambi kwami.

10 Ngalokho-ke, wozani kuso, futhi ngizokhuluma nalowo ozayo njengabantu ezinsukwini zakudala, futhi ngizonitshengisa aingqondo yami enamandla.

11 Ngalokho-ke, lalelani ndawonye futhi ningivumele nginitshengise ngisho nokuhlakanipha kwami—ukuhlakanipha kwakhe lowo enithi unguNkulunkulu ka-aEnoke, nayakhe nabo,

12 aAbahlukaniswa nomhlaba, futhi bemukelwa kimi—bidolobha eligodliwe kuze kube usuku lokulunga luyafika—usuku olwafunwa yibo bonke abantu abangcwele, futhi bangaluthola ngenxa yobubi nezinengiso;

13 Futhi bavuma ukuthi ababengaziwa futhi beyizihambi emhlabeni;

14 Kodwa bathola aisethembiso sokuthi kufanele baluthole futhi balubone enyameni yabo.

15 Ngalokho-ke, lalelani futhi ngizophendulana nani, futhi ngizokhuluma kini futhi ngiphrofethe, njengakubantu ezinsukwini zakudala.

16 Futhi ngizokwazisa kucace njengoba angakwazisa kubafundi bami ngenkathi ngime phambi kwabo enyameni, futhi ngikhuluma nabo, ngithi: Njengoba ningibuzile mayelana bnezimpawu zokuza kwami, osukwini lapho ngiyoza ngisenkazimulweni yami emafwini ezulu, ukugcwalisa izethembiso engizenzile koyihlo,

17 Ngokuba njengoba nibuke aukungabi bikho okude bkwemimoya yenu emizimbeni yenu kuwukuthumbeka, ngizonitshengisa ukuthi usuku lokukhululwa kuyofika kanjani, cnokubuyiselwa kabusha kuka-dIsrayeli ohlakazekile.

18 Manje niyalibona lelithempeli eliseJerusalema, enilibiza ngendlu kaNkulunkulu, futhi izitha zenu zithi lendlu ngeke ibhidlike.

19 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini, incithakalo iyofika kulesi sizukulwana njengesela ebusuku, futhi nalaba bantu bayobhujiswa futhi bahlakazeke ezizweni zonke.

20 Futhi lelithempeli enilibonayo manje liyolahlwa phansi kangangoba akuyikusala itshe phezu kwelinye.

21 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi lesi sizukulwane samaJuda ngeke sidlule kuze kube yonke incithakalo enginitshele ngayo ngokuphathelene nabo iyokwenzeka.

22 Nithi niyazi ukuthi aukuphela komhlaba kuyeza; nithi futhi niyazi ukuthi amazulu nomhlaba kuyodlula;

23 Futhi kulokhu nisho okuyikho, ngokuba kunjalo; kodwa lezi zinto enginitshele ngazo ngeke zenzeke kuze kube konke kuyagcwaliseka.

24 Futhi lokhu nginitshelile ngokuphathelene neJerusalema; futhi uma lolosuku lufika, insali aiyohlakazwa ezizweni zonke;

25 Kodwa abayoqoqwa futhi; kodwa bayohlala kulesosimo kuze kube izikhathi bzabeZizwe ziyagcwaliseka.

26 Futhi akulolosuku kuyozwakala bizimpi namahemuhemu ezimpi, futhi umhlaba wonke uyoba yisiyaluyalu, futhi abantu cbayophela amandla, futhi bayothi uKristu dulibazisa ukubuya kwakhe kuze kube wukuphela komhlaba.

27 Nothando lwabantu luyophola lubande, nobubi buyokwanda.

28 Futhi uma isikhathi asabeZizwe sesifika, kuyovela bukukhanya ngokungazelele kulabo abahleli ebumnyameni, futhi kuyoba wukuphelela kwevangeli lami;

29 Kodwa aabalamukeli; ngokuba abakuqondi ukukhanya, futhi bayazisusa bizinhliziyo zabo kimi ngenxa cyezimfundiso zabantu.

30 Futhi kuleso sizukulwane izikhathi zabeZizwe ziyogcwaliseka.

31 Futhi kuyoba khona abantu abayoma kuleso sizukulwane abangeyukudlula baze babone aisijeziso esisakazekile; ngokuba isifo esichithayo siyogcwala izwe.

32 Kodwa abafundi bami abayoma ezindaweni ezingcwele, futhi ngeke banyakaziswe; kodwa phakathi kwababi, abantu bayophakamisa amazwi abo bbaqalekise uNkulunkulu bafe.

33 Futhi kuyoba khona aukuzamazama komhlaba ezindaweni ezahlukahlukene, nezincithakalo eziningi; kodwa abantu bayoziqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene nami, futhi bayothathelana binkemba, futhi bayobulalana.

34 Manje, ngesikhathi mina iNkosi sengikhulumile lawa mazwi kubafundi bami, bakhathazeka.

35 Futhi ngathi kubo: aNingakhathazeki, ngokuba, uma zonke lezi zinto sezenzeka, anokwazi ukuthi izethembiso ezenziwe kini ziyogcwaliseka.

36 Futhi uma ukukhanya sekuqala ukuvela, kuyokuba ngokuphathelene nabo njengomfanekiso engizonitshengisa wona—

37 Niyabuka futhi nibheke aizihlahla zomkhiwane, futhi niyazibona ngamehlo enu, futhi nithi uma seziqala ukuhluma, futhi amaqabunga azo esentekenteke, ukuthi ihlobo seliseduze;

38 Kanjalo-ke kuyoba njalo kulolo suku ngesikhathi beyobona zonke lezi zinto, bayobe sebazi ukuthi ihora selisondele.

39 Futhi kuyokwenzeka ukuthi lowo aongisabayo uyobe bebheke phambili elindele cusuku olukhulu lokubuya kweNkosi, ngisho elindele dizimpawu zokuza kwe eNdodana yoMuntu.

40 Futhi bayobona izibonakaliso nezimangaliso, ngokuba ziyotshengiswa emazulwini phezulu, nasemhlabeni ngaphansi.

41 Futhi bayobona igazi, anomlilo, nokushunqa komusi.

42 Futhi ngaphambi kokufika kosuku lweNkosi, ailanga liyofiphazwa, futhi nenyanga iguqulwe ibe yigazi, futhi nezinkanyezi ziyowa zisuka ezulwini.

43 Futhi insali iyoqoqelwa kulendawo;

44 Futhi ngaleso sikhathi bayobe bengilindele, futhi, bheka, ngiyoza; futhi bayongibona emafwini asezulwini, ngimbathiswe amandla futhi nenkulu ainkazimulo; nazo zonke izingelosi ezingcwele; futhi lowo bongangilindele uyosuswa.

45 Kodwa ngaphambi kokuba ingalo yeNkosi yehle, ingelosi iyoshaya aicilongo layo, futhi nabangcwele asebalala bbayovuka ukuyongihlangabeza cefwini.

46 Ngalokho-ke, uma nife nino amoya wokuthula nibusisiwe; ngokuba njengoba ningibona futhi nazi ukuthi nginguye, kanjalo-ke bniyokuza kimi nemimoya yenu ciyophila, futhi nokuhlengwa kwenu kuyopheleliswa; futhi abangcwele bayoza bevela emagunjini amane omhlaba.

47 Emva kwalokho aingalo yeNkosi iyokwehlela phezu kwezizwe.

48 Futhi emva kwalokho iNkosi iyobeka unyawo lwayo phezu akwalentaba, futhi iyoqhekezeka kabili, futhi nomhlaba buyozamazama, futhi untengezele nokuntengezela, futhi amazulu nawo cayozamazama.

49 Futhi iNkosi iyokhuluma izwi layo, futhi imikhawulo yonke yomhlaba iyolizwa, futhi izizwe zomhlaba aziyolila, futhi nalabo abahlekile bayobubona ubuwula babo.

50 Futhi usizi luyomsibekela lowo ohleka usulu, futhi nesideleli siyoshatshalaliswa; futhi labo abahlalela ububi bayosuswa futhi baphoswe emlilweni.

51 Futhi emva kwalokho aamaJuda bayongibuka futhi athi: Awani lamanxeba asezandleni zakho nasezinyaweni zakho na?

52 Emva kwalokho bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi; ngokuba ngiyothi kubo: Lamanxeba amanxeba aengalinyazwa ngawo endlini yabahlobo bami. Nginguye owaphakanyiselwa phezulu. NginguJesu bowanqanyulezwa. NgiyiNdodana kaNkulunkulu.

53 Futhi emva kwalokho abayokhala ngenxa yobubi babo; emva kwalokho bayolila ngokuba bahlupha binkosi yabo.

54 Futhi emva kwalokho aizizwe ezingabahedeni ziyokhululwa, nalabo ababengazi mthetho bayoba nesabelo bovukweni lokuqala; futhi bayoba cnokubekezelelwa.

55 Futhi auSathane buyoboshwa, kangangoba akayikuba nandawo ezinhliziyweni zabantwana babantu.

56 Futhi ngalolo asuku, ngesikhathi ngiyokuza ngisenkazimulweni yami, umfanekiso uyogcwaliseka engakhuluma ngawo mayelana bnezintombi ezilishumi.

57 Ngokuba labo abahlakaniphile futhi abemukele aiqiniso, futhi abemukele uMoya oNgcwele waba bngumqondisi wabo, futhi cabangakhohlisekanga—ngiqinisile ngithi kini, ngeke bacekelwe phansi baphoswe demlilweni, kodwa bayomelana nalolo suku.

58 Futhi aumhlaba uyonikwa bona ube byifa; futhi bayokwanda futhi bakhule ngamandla, nabantwana babo cbayokhula bengenasono kuze kube dsensindisweni.

59 Ngokuba iNkosi iyoba aphakathi kwabo, futhi nenkazimulo yayo iyoba phezu kwabo, futhi iyoba yinkosi yabo bnomnikimthetho wabo.

60 Manje, bheka, ngithi kuwe, ngeke kusanikwa kuwe ukwazi noma yikuphi okunye mayelana nalesi sahluko, lize lihunyushwe aiTestamente eliSha, futhi kulo zonke lezi zinto ziyokwaziswa;

61 Ngalokho-ke ngikuvumela ukuthi usungalihumusha, ukuze ulungiselelwe izinto ezizayo.

62 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, zinkulu izinto ezinilindele;

63 Nizwa angezimpi zakwamanye amazwe; kodwa, bhekani, ngithi kini, ziseduze, ngisho eminyango yenu, futhi kungakabi minyaka emingaki kusuka manje nizokuzwa ngezimpi emazweni enu.

64 Ngalokho-ke mina, iNkosi, ngithe, qoqanani nisuke aemazweni asempumalanga, buthanani ndawonye nina magosa ebandla lami; hambani niye emazweni asentshonalanga, ninxuse abahlali ukuba baphenduke, futhi kangangoba bephenduka, ngakheleni amabandla.

65 Futhi ngenhliziyo yinye nangengqondo yinye, qoqani ingcebo yenu ukuze anithenge ifa enizonikezwa lona emva kwalokhu.

66 Futhi liyokubizwa ngokuthi ayiJerusalema eNtsha, bizwe clomoya wokuthula, umuzi dwokuphephela, indawo yokuphepha yabangcwele baNkulunkulu oPhakeme kaKhulu;

67 Futhi ainkazimulo yeNkosi iyoba lapho, nokwesabeka kweNkosi nakho kuyoba lapho, kangangoba ababi abayukuza kulo, futhi liyobizwa ngokuthi iSiyoni.

68 Futhi kuyokwenzeka phakathi kwababi, ukuthi wonke umuntu ongezukuthatha inkemba abhekane nomakhelwane wakhe kuzofanele abalekele eSiyoni ukuze aphephe.

69 Futhi lapho akuyobuthana kulo izizwe zonke phansi kwezulu; futhi kuyoba yibo kuphela abantu abangayikuba sempini omunye komunye.

70 Futhi kuyothiwa phakathi kwababi: Asingayini ukuyolwa neSiyoni, ngokuba abahlali baseSiyoni bayesabeka; ngalokho-ke ngeke sime.

71 Futhi kuyokwenzeka ukuthi abalungileyo bayoqoqwa phakathi kwazo zonke izizwe, futhi bayokuza eSiyoni, becula amaculo enjabulo yaphakade.

72 Manje ngithi kini, gcinani lezi zinto zingayi ngaphandle emhlabeni ngize ngikubone kufanele, ukuze nifeze lomsebenzi emehlweni abantu, nasemehlweni ezitha zenu, ukuze bangayazi imisebenzi yenu kuze kube senikufezile lokho enginiyale ngakho;

73 Ukuze ngesikhathi abayokwazi ngaso, bacabange ngalezi zinto.

74 Ngokuba ngesikhathi iNkosi eyovela ngaso aiyokwesabeka kubo, kangangoba ukwesaba kuyoba phezu kwabo, futhi bayokuma kude futhi baqhaqhazele.

75 Futhi zonke izizwe ziyokwesaba ngenxa yokwesabeka kweNkosi, namandla akhe amakhulu. Ngisho kanjalo. Amen.