Amasu Okufunda
Isandulelo


Okukhethiweyo okusuka ekuHunyushweni kweBhayibheli okwenziwa nguJoseph Smith

Lokhu okulandelayo yizingxenye ezikhethiweyo zokuHunyushwa kweBhayibheli leNkosi uJakobe okwenziwa nguJoseph Smith (HJS). INkosi yamtshela ngoMoya oNgcwele umPhrofethi uJoseph Smith ukuthi abuyisele amaqiniso emibhalweni yeBhayibheli leNkosi uJakobe ayeselahlekile noma ayeseshintshiwe kusukela ngesikhathi amagama okuqala abhalwa. Lamaqiniso abuyiselwe ayeyicacisa imfundiso futhi ayenza ngcono ukuqonda imibhalo engcwele.

Ngenxa yokuthi iNkosi yembula kuJoseph amaqiniso athile ake abhalwa ngababhali basekuqaleni, ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith akufani nanoma yikuphi okunye ukuhunyushwa kweBhayibheli emhlabeni. Ngalomqondo, igama elithi ukuhunyushwa lisetshenziswe ngendlela ebanzi futhi ehlukile kunejwayelekile, ngenxa yokuthi ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph ikakhulu kwakuyisambulo kunokuhunyushwa kwangempela okusuka kolunye ulimi kuya kolunye.

Ukuhunyushwa kweBhayibheli leNkosi uJakobe okwenziwa nguJoseph Smith kuyaphathwa ezigabeni ezimbalwa zeMfundiso neziVumelwano (bheka izigaba 37, 45, 73, 76, 77, 86, 91, kanye nesigaba 132). Phezu kwalokho, incwadi kaMose kanye noJoseph Smith––Mathewu kuthathwe kukho ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith.

Uma ufuna olunye ulwazi ngokuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, bheka “UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith (HJS)” kuzo IziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Lesi sibonelo esilandelayo sitshengisa isibonelo esikhethiweyo esithathwe kukho ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith:

Isithombe
isibonelo

HJS, NgokukaMathewu 4:1, 5–6, 8–9. Qhathanisa noMathewu 4:1, 5–6, 8–9; ushintsho olufanayo lwenziwa nakuLuka 4:2, 5–11

UJesu uholwa nguMoya, hhayi nguSathane.

1 Emva kwalokho uJesu wayeseholwa nguMoya, waya ehlane, ukuze abe noNkulunkulu.

5 Emva kwalokho uJesu wathathwa wayiswa emzini ongcwele, uMoya wambeka esiqongweni sethempeli.

6 Emva kwalokho udeveli weza kuye wathi, Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi, Uyoyala izingelosi zakhe ngokuphathelene nawe, futhi ziyokuthwala ngezandla zazo, hleze noma yinini uqhuzuke etsheni.

8 Futhi phezu kwalokho, uJesu wayeseMoyeni, wamthatha wamyisa entabeni ephakeme kakhulu, wamkhombisa yonke imibuso yasemhlabeni kanye nenkazimulo yayo.

9 Futhi udeveli waphinda weza kuye, wathi, Zonke lezi zinto ngizokunika zona, uma uwa phansi ungikhonze.

Lenkomba elotshwe ngokugqamile iyisahlukwana ekuhunyushweni kweBhayibheli iKing James okwenziwa nguJoseph Smith. Ngenxa yokuthi ukuhumusha kwakhe kwabuyisela amagama emazwini alotshiweyo eBhayibheli, izinombolo zamavesi zingahluka kulokho kucindezelwa kweBhayibheli olisebenzisayo.

Lenkomba isho isahlukwana eBhayibhelini lakho okufanele usiqhathanise noku Hunyunshwa okwenziwa ngu Joseph Smith.

Lokhu okushiwoyo kuchaza ukuthi iyiphi imfundiso uJoseph Smith ayicacisa ngokuhumusha kwakhe.

Yiwo lona umbhalo njengoba uJoseph Smith awuhumusha. (Kwengezwe amagama atshekileyo ngenhloso yokubonisa umehluko emagameni aseBhayibhelini iKing James.)