Amasu Okufunda
HJS, USamuweli Ⅰ 16


HJS, USamuweli Ⅰ 16:14–16, 23. Qhathanisa no USamuweli Ⅰ 16:14–16, 23; ushintsho olufanayo lwenziwa ku USamuweli Ⅰ 18:10 no 19:9

Umoya omubi oza kuSawuli awuveli eNkosini.

14 Kodwa uMoya weNkosi wemuka kuSawuli, kwathi umoya omubi owawungewona oweNkosi wamkhathaza.

15 Futhi izinceku zikaSawuli zathi kuye, “Bheka, umoya omubi okungewona okaNkulunkulu uyakukhathaza.

16 Inkosi yethu mayiyale izinceku zayo manje, eziphambi kwayo, ukuba zifune indoda, engumdlali wohabhu oyingcweti; kuyothi ngesikhathi umoya omubi, okungewona okaNkulunkulu, usuphezu kwakho, ukuthi idlale ngesandla sayo, uyophila.”

23 Futhi kwenzeka, ngesikhathi umoya omubi, okwakungewona okaNkulunkulu, wawusuphezu kukaSawuli, ukuthi uDavide wathatha uhabhu, waludlala ngesandla sakhe; ngaleyo ndlela uSawuli waqabuleka, waphila, nomoya omubi waphuma kuye.