Amasu Okufunda
HJS, Ⅱ kaPetru 3


HJS, Ⅱ kaPetru 3:3–13. Qhathanisa nencwadi Ⅱ kaPetru 3:3–13

Ezinsukwini zokugcina, abaningi bayoyiphika iNkosi uJesu Kristu. Ngesikhathi esebuya, kuyoba khona izibhicongo eziningi. Uma sibekezela ekulungeni, sizofumana umhlaba omusha.

3 Yazini lokhu kuqala, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki abahleka usulu, abahamba ngokwezinkanuko zabo

4 Abayiphikayo iNkosi uJesu Kristu, futhi bethi, “Siphi isethembiso sokufika kwakhe na? ngokuba selokhu obaba balala, konke kufanele kume kunjalo, futhi selokhu kwaba njalo kusuka ekuqaleni kwendalo.”

5 Ngokuba lokhu abafuni ukukwazi, ukuthi kwasendulo amazulu, nomhlaba umi emanzini nangaphandle kwamanzi, wadalwa ngezwi likaNkulunkulu;

6 Futhi ngezwi likaNkulunkulu, izwe elalikhona ngaleso sikhathi, lagcwala amanzi labhubha;

7 Kepha amazulu, nomhlaba okumiyo manje, kumiswe yizwi elifanayo, kubekelwe umlilo ngosuku lokwahlulela nolokubhujiswa kwabangamesabi uNkulunkulu.

8 Kepha ngokuphathelene nokuza kweNkosi, bathandekayo, angithandi ukuba ningayazi lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane iwusuku olulodwa.

9 INkosi ayilibali ngesethembiso nokuza kwayo, njengoba abanye bethi ilibele; kepha isibekezelele, ingathandi kubhubhe noyedwa, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

10 Kepha usuku lweNkosi luyofika njengesela ebusuku, lapho amazulu eyonyakaza, nomhlaba uyozamazama, nezintaba ziyoncibilika, futhi ziyodlula ngomsindo omkhulu, konke kuyogcwaliswa ngokushisa; umhlaba nawo uyogcwaliswa ngokushisa, nemisebenzi engcolileyo ekuwo iyoshiswa.

11 Uma-ke zonke lezi zinto ziyobhujiswa, kufanele nibe ngabantu abanjani-ke ekuhambeni ngokungcwele nobunkulunkulu,

12 Nibheke lolo suku, futhi nilungiselelela usuku lokuza kweNkosi lapho okungcolileyo kwamazulu kuyobhidlika ngomlilo, nezintaba zincibikale ngenxa yokushisa na?

13 Nakuba kunjalo, uma sizobekezela, sizogcinwa ngokwesethembiso. Futhi silindele amazulu amasha, nomhlaba omusha lapho kukhona khona ukulunga.