ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 128


Isigaba 128

Incwadi ephuma kuJoseph Smith umPhrofethi eya eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, equkethe imiyalelo eyengeziwe ngokubhabhadiselwa abafileyo, yangomhlaka 6 Septemba 1842, eNauvoo, e-Illinois.

1–5, Ababhali bezindawo ngezindawo nabebandla lonke kufanele bafakazele ubuqiniso bokubhabhadiselwa abafileyo; 6–9, Imibhalo yabo iyaqinisa futhi ibhaliwe emhlabeni nasezulwini; 10–14, Isakhiwo esiyichibi lokubhabhadisa liyisifaniso sethuna; 15–17, U-Eliya wabuyisela amandla aphathelene nokubhabhadiselwa abafileyo; 18–21, Zonke izikhiye, amandla, futhi namagunya ezinhlelo zokwengamela ezidlule sekubuyiselwe; 22–25, Izindaba ezimnandi nezinhle kakhulu zimenyezelelwa abaphilayo nabafileyo.

1 Njengoba ngishilo kini encwadini yami ngaphambi kokuba ngishiye indawo yami, ukuthi ngizonibhalela izikhathi ngezikhathi futhi nginazise ngokuphathelene nezindaba eziningi, manje sengiphindela odabeni loku bhabhadiselwa abafileyo, njengoba lolodaba kungathi lusengqondweni yami, futhi luthinta imizwa yami kakhulu, kusuka ngenkathi ngifunwa yizitha zami.

2 Nginibhalele amazwi ambalwa esambulo ngokuphathelene nombhali. Sengibe nemibono embalwa ngaphezulu ngokuphathelene naloludaba, engiyiqinisayo manje. Okungukuthi, kushiwo encwadini yami yaphambilini ukuthi kufanele kubekhona umbhali, okufanele abe ngufakazi ozibonele ngamehlo, futhi nozizwele ngezindlebe zakhe, ukuze abhale umbhalo oyiqiniso phambi kweNkosi.

3 Manje, ngokuphathelene naloludaba, kuyoba nzima ukuthi umbhali oyedwa abekhona ngazo zonke izikhathi, futhi nokuthi awenze wonke lomsebenzi. Ukuvimbela lobu bunzima, kungabakhona umbhali obekiweyo egatsheni ngalinye ledolobha, okwazi kahle ukuthatha amaminithi aqondile; futhi makenze kahle kakhulu futhi ngokuyikho du uma ebhala konke okuqhubekayo, afakaze emibhalweni yakhe ukuthi wabona ngawakhe amehlo, futhi wezwa ngezindlebe zakhe, anike nosuku, namagama, njalonjalo, nomlando wakho konke okwenzekayo; asho futhi namagama abantu abathathu abakhona, uma kukhona abakhona, abangafakaza noma ngasiphi isikhathi uma kuthiwa abafakaze ngalokho, ukuze ngemilomo yababili noma abathathu ofakazi onke amazwi aqinisiwe.

4 Phezu kwalokho, makubekhona umbhali webandla lonke, okungadluliselwa kuye lena eminye imibhalo, ephelekezelwa ubufakazi bamagama alotshwe yibo, ifakazisa ukuthi umbhalo abawubhalile uyiqiniso. Emuva kwalokho umbhali webandla lonke angawufaka umbhalo encwadini yebandla lonke, nobufakazi nabo bonke ofakazi ababekhona, nowakhe umbiko wokuthi uyakholwa ngeqiniso ukuthi lombiko nemibhalo iliqiniso, ngokwazi isimilo esijwayelekile futhi nokubekwa kwalawo madoda yibandla. Futhi uma lokhu sekwenziwe encwadini yebandla lonke, umbhalo uyoba njengongcwele, futhi uyokwenza isimiso sifane nanjengoba ezibonele ngawakhe amehlo futhi wazizwela ngezakhe izindlebe, futhi wenza umbhalo ofanayo encwadini yebandla lonke.

5 Ningacabanga ukuthi loluhlelo lwezinto lunemi niningwane eminingi; kodwa manginitshele ukuthi kungukufeza kuphela intando kaNkulunkulu, ngokulandela isimiso futhi nokulungisela lokho iNkosi eyakumisa futhi yakulungisa ngaphambi kokusekelwa komhlaba, ukuze kusindiswe abafileyo abayofa ngaphandle kolwazi lwevangeli.

6 Futhi phezu kwalokho, ngithanda nikhumbule ukuthi uJohane uMambuli wayecabanga ngalo loludaba ngokuphathelene nabafileyo, ngesikhathi ethi, njengoba uzokuthola kubhaliwe encwadini yesAmbulo 20:12—Futhi ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; futhi izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila; futhi abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini, njengokwemisebenzi yabo.

7 Nizothola kulamazwi acashunwe kulencwadi ukuthi izincwadi zavulwa; futhi nenye incwadi yavulwa, okwakuyi ncwadi yokuphila; kodwa abafileyo bahlulelwa ngezinto ezazilotshiwe ezincwadini, njengokwemisebenzi yabo; ngenxa yalokho, izincwadi okukhulunywa ngazo kufanele kube yizincwadi eziqukethe imibhalo yemisebenzi yabo, futhi ziqonde imibhalo egcinwe emhlabeni. Futhi incwadi okwakuyincwadi yokuphila ngumbhalo ogciniwe ezulwini; umgomo ovumelana kahle nemfundiso eniyaliwe ngayo esambulweni esiqukethwe yincwadi enganibhalela yona ngaphambi kokushiya indawo yami—ukuze kukho konke enikubhalayo kubhalwe nasezulwini.

8 Manje, ubunjalo balesi simiso bukuwo amandla obuphristi, ngesambulo sikaJesu Kristu, lapho kunikiwe khona ukuthi noma yini eniyi bopha emhlabeni iboshiwe nasezulwini, futhi enikukhulula emhlabeni kuyokhululwa nasezulwini. Noma, ngamanye amazwi, uma sibheka ukuhunyushwa ngenye indlela, enikubhalayo emhlabeni kuyobhalwa nasezulwini, futhi eningakubhali emhlabeni ngeke kubhaliwe nasezulwini; ngokuba abafileyo benu bayokwehlulelwa ngokusezincwadini, ngokwemisebenzi yabo, ukuthi ngabe bona uqobo lwabo bazenzile yini izimiso propria persona (ngokwabo), noma ngokusizwa ngaba bamele, ngokwesimiso uNkulunkulu asilungiselela ukusindiswa kwabo ngaphambi kokumiswa komhlaba, ngokwemibhalo abayigcinile ngokuphathelene nabafileyo babo.

9 Kungabukeka kwabanye kuyimfundiso engekho esikweni lena esikhuluma ngayo—amandla abhala noma abopha emhlabeni futhi abophe ezulwini. Nokho, kuzo zonke izikhathi zomhlaba, njalo uma iNkosi inike uhlelo lokwengamela lobuphristi kunoma iyiphi indoda ngesambulo uqobo, noma kunoma yiliphi iqoqo lamadoda, lamandla ayelokhu enikiwe. Ngalesi sizathu, noma yini lawo madoda aye yenza nge gunya, egameni leNkosi, futhi eyenza ngeqiniso nangokuthembeka, futhi egcina umbhalo ofanele nothembekile walokho, wawuba ngumthetho emhlabeni nasezulwini, futhi wawungeke uchithwe yilutho, ngokwezimemezelo zika Jehova omkhulu. Likholekile lelizwi. Ngubani ongalizwa na?

10 Futhi phezu kwalokho, njengesandulelo, bheka uMathewu 16:18, 19: Futhi ngithi kuwe, Wena unguPetru, futhi phezu kwalelidwala ngizolakha ibandla lami; futhi amasango esihogo awayikulihlula. Ngizokunika izikhiye zombuso wezulu: oyokubopha emhlabeni kuyobe kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyokukhulula emhlabeni kuyobe kukhululiwe nasezulwini.

11 Manje imfihlo enkulu neyingqikithi yalo lonke udaba, futhi ne-summum bonum (ubuhle obudlula konke) yalo lonke loludaba oluphambi kwethu, isekutholeni amandla obuPhristi obuNgcwele. Kulowo okunikwe kuye lezi zikhiye akukho ubunzima ekutholeni ulwazi lwamaqiniso ngokuphathelene ne nsindiso yabantwana babantu, yabafileyo nabaphilayo.

12 Bulapha ubukhosi noku hlonishwa, futhi nokungafi nokuphila okuphakade—Isimiso sokubhabhadiswa ngamanzi, uku cwiliswa kuwo ukuze kuvumelane nesifanekiso sabafileyo, ukuze umgomo uvumelane nomunye umgomo; ukucwiliswa emanzini futhi uphume emanzini kufana nokuvuka kwabafileyo bephuma emathuneni abo; ngalesi sizathu, lesi simiso samiselwa ukuba sibe wubudlelwane nesimiso sokubhabhadiselwa abafileyo, ngokuba siyisifanekiso sabafileyo.

13 Ngenxa yalokho, isakhiwo sechibi lokubhabhadisela samiswa njengesifaniso sethuna, futhi sayalezwa ukuba sibe sendaweni engaphansi lapho abaphilayo bejwayele ukuhlanganela khona, ukuhlukanisa abaphilayo nabafileyo, futhi ukuze zonke izinto zibe nesifanekiso sazo, futhi ukuze zivumelane—lokho okusemhlabeni kuvumelana nalokho okusezulwini, njengoba uPawulu amemezela, Ⅰ kwabaseKorinte 15:46, 47, kanye no 48:

14 Kepha okokuqala kwakungesikho okomoya, kodwa lokho okuyimvelo; futhi emva kwalokho lokho okungumoya. Umuntu wokuqala uvela emhlabathini, engowenhlabathi; umuntu wesibili iNkosi evela ezulwini. Njengokuba enjalo ongowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi; futhi njengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini. Futhi njengoba injalo imibhalo emhlabeni ngokuphathelene nabafileyo benu, ebhalwe ngokweqiniso, injalo futhi nemibhalo esezulwini. Ngakho-ke lokhu, kungamandla oku hlanganisa nokubopha, futhi, ngamanye amazwi, yizikhiye zombuso, okuyizikhiye zo lwazi.

15 Manje, bafowethu nodadewethu abathandeka kakhulu, mangini qinisekise ukuthi lena yimigomo ephathelene nabafileyo nabaphilayo engeke ithathwe kalula, ngokuphathelene nensindiso yethu. Ngokuba insindiso yabo idingekile futhi ibalulekile ensindisweni yethu, njengoba uPawulu esho ngokuphathelene nobaba—ukuthi bona ngaphandle kwethu ngeke ba pheleliswe—ngeke nathi ngaphandle kwabafileyo bethu senziwe sipheleliswe.

16 Manje, ngokuphathelene nokubhabhadiselwa abafileyo, ngizoni nika amanye amazwi kaPawulu, Ⅰ kwabaseKorinte 15:29: Pho, bayokwenze-njani ababhabhadiselwa abafileyo, uma abafileyo bengavuki nempela na? Kungani bebhabhadiselwa abafileyo na?

17 Futhi phezu kwalokho, ngokuphathelene nalamazwi acashuniwe ngizoni nika amazwi acashuniwe omunye wabaphrofethi, owayecabanga ngo kubuyiselwa kobuphristi, amaqiniso ayezokwembulwa ezinsukwini zokugcina, futhi ngendlela ekhethekileyo ngaloludaba olumangalisa kakhulu olungele vangeli laphakade, okungukuthi, ukubhabhadiselwa abafileyo; ngokuba uMalaki uthi, isahluko sokugcina, ivesi lesihlanu nelesithupha: Bhekani, ngizothumela kini u-Eliya umphrofethi lungakafiki usuku lweNkosi olukhulu nolwesabekayo: Futhi uyophendulelaizinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifikengishaye umhlaba ngesiqalekiso.

18 Bengizonika ukuhunyushwa okuthe ukucaca kulelivesi, kodwa licacile ngokwanele ukuvumelana nenhloso yami njengoba injalo. Kwanele ukwazi, kulesi simo, ukuthi umhlaba uzoshaywa ngesiqalekiso ngaphandle uma kukhona ubudlelwane obuhlanganisayo bohlobo oluthile phakathi kobaba nabantwana, ngokuphathelene nodaba oluthile noma olunye—futhi bhekani yiluphi lolo daba na? Nguku bhabhadiselwa abafileyo. Ngokuba thina ngaphandle kwabo ngeke senziwe sipheleliswe; noma bona ngaphandle kwethu ngeke benziwe bapheleliswe. Phezu kwalokho bona noma thina ngeke sapheleliswa ngaphandle kwalabo abafele evangelini; ngokuba kudingekile ekuqaleni ko hlelo lokwengamela lokuphelela wezikhathi, uhlelo lokwengamela lolo manje oseluqala, ukuthi ukuhlangana konke okufeziwe futhi nokupheleleyo, kanye nokuhlanganiswa ndawonye kwezinhlelo zokwengamela, ngokunjalo nezikhiye, amandla, namaqiniso amahle kakhulu kufanele kwenzeke, futhi kwambulwe kusuka ezinsukwini zika-Adamu ngisho kuze kube sesikhathini samanje. Futhi hhayi lokhu kuphela, kodwa lezo zinto ezingakaze zambulwe kusuka ekusekelweni komhlaba, kodwa ezigcinwe zifihliwe kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, ziyokwambulelwa abantwana abancelayo kulolu, uhlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi.

19 Manje, sizwani evangelini esilitholileyo na? Izwi lenjabulo! Izwi lomusa ovela ezulwini; futhi nezwi le qiniso elisuka emhlabeni; izindaba ezimnandi zabafileyo; izwi lenjabulo labaphilayo nabafileyo; izindaba ezimnandi zenjabulo enkulu. Zinhle kangakanani ezintabeni izinyawo zalabo abaletha izindaba ezimnandi, futhi nabathi kuSiyoni: Bheka, uNkulunkulu wakho uyabusa! Njenga mazolo aseKarmeli, ulwazi ngoNkulunkulu luyokwehlela kubo kanjalo!

20 Futhi phezu kwalokho, sizwani na? Izindaba ezimnandi ezisuka eKumora! uMoroni, ingelosi esuka ezulwini, imemezela ukugcwaliseka kwabaphrofethi—incwadi esazokwembulwa. Izwi leNkosi ehlane lase Fayette, esifundeni saseSeneca, limemezela ngofakazi abathathu abazo fakaza ngencwadi! Izwi lika Mikayeli osebeni lweSusquehanna, ebona udeveli ngesikhathi evela njenge ngelosi yokukhanya! Izwi lika Petru, noJakobe, noJohane ehlane phakathi kweHarmony, esifundeni saseSusquehanna, ne-Colesville, esifundeni saseBroome, emfuleni iSusquehanna, abathi bane zikhiye zombuso, futhi nohlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi!

21 Futhi phezu kwalokho, izwi likaNkulunkulu endlini ka Baba uWhitmer osemdala, eFayette, esifundeni saseSeneca, futhi ngezikhathi ezingafani, futhi ezindaweni ezahlukene kukho konke ukuhamba nezinhlupheko zaleliBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina! Futhi nezwi likaMikayeli, ingelosi enkulu; izwi lika Gabriyeli, futhi nelika Rafayeli, futhi nele zingelosi ezahlukene, kusuka kuMikayeli noma u-Adamu kwehla njalo kuze kube yisikhathi samanje, bonke bazisa nge zinhlelo zabo zokwengamela, amalungelo abo, izikhiye zabo, ubizo lwabo, ubukhulu nobukhosi babo, futhi namandla obuphristi babo; benika imfundiso phezu kwenye, umyalelo phezu komunye; okuncane lapha, nokuncane laphaya; besinika induduzo ngokumemezela lokho okuzayo, beqinisa ithemba lethu!

22 Bazalwane, singaqhubeki yini kulomgomo omkhulu kangaka na? Qhubekani futhi ningahlehli. Yimani isibindi, bazalwane; futhi niqhubeke, qhubekelani ekunqobeni! Izinhliziyo zenu mazijabule, futhi zijabule kakhulu. Umhlaba mawuqhumuke ngokuhlabelela. Abafileyo mabasho amaculo okudumisa kwaphakade eNkosi u-Imanuweli, owabekwa ngaphambi kokuba khona komhlaba, lokho okuzo sinika amandla okuba siba khulule kulo itilongo labo; ngokuba iziboshwa ziyokhululwa.

23 Izintaba mazimemeze ngenxa yenjabulo, futhi nonke nina zigodi khalani kakhulu; futhi nonke nina zilwandle nemihlaba eyomileyo yishoni izimanga zeNkosi yenu yaPhakade! Futhi nina mifula, nemifudlana, nemithombo gobhozani ngenjabulo. Amahlathi nezihlahla zonke zehlane mazibonge iNkosi; futhi nina madwala aqinileyo khalani ngenxa yejabulo! Ilanga, inyanga, nezinkanyezi zokusa makucule ndawonye, futhi wonke amadodana kaNkulunkulu mawamemeze ngenxa yenjabulo! Futhi izidalwa zaphakade mazibize igama lakhe phakade naphakade! Futhi phezu kwalokho ngithi, lingamangalisa kangakanani izwi esilizwa livela ezulwini, elimemezela ezindlebeni zethu, ubukhosi, nensindiso, nenhlonipho, futhi nokungafi, futhi nokuphila okuphakade; imibuso, ababusi, namandla!

24 Bhekani, usuku olukhulu lweNkosi seluseduze; futhi ngubani ongamelana nosuku lokuza kwayo, futhi ngubani oyokuma ngesikhathi ivela na? Ngokuba injengo mlilo ocwengisisayo, futhi njengensipho yomhlanzi; futhi iyohlala njengo mcwengi nomhlanzi wesiliva, futhi iyohlambulula amadodana kaLevi, futhi iwahluze njengegolide nesiliva, ukuze anikele eNkosini umnikelo ngokulunga. Ngakho-ke masinikele eNkosini umnikelo ngokulunga, njengebandla nabantu, futhi njengaBangcwele beziNsuku zokuGcina; futhi masilethe ethempelini lakhe elingcwele, uma seliphelile, incwadi equkethe imibhalo yabafileyo bethu, eyofaneleka ukuba yemukeleke.

25 Bazalwane, nginezinto eziningi engizozisho kini ngokuphathelene naloludaba; kodwa manje ngizoyivala lencwadi okwamanje, futhi ngibuye ngiluqhube loludaba ngesinye isikhathi. Ngiyiyo, njengemihla yonke, inceku yenu ezithobile nomhlobo ongaphambukiyo,

Joseph Smith.