ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 63


Isigaba 63

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 30 Agasti, 1831. UmPhrofethi, uSidney Rigdon, no-Oliver Cowdery base befikile eKirtland ngomhlaka 27 Agasti bephuma ukuhambela eMissouri. Umlando ka Joseph Smith usichaza kanje lesi sambulo: “Kulezi zinsuku zokufufusa kweBandla, kwakukhona ukufisa okukhulu ukuba kutholwe izwi leNkosi kunoma yisiphi isihloko nganoma iyiphi indlela ephathelene nensindiso yethu; futhi njengoba izwe laseSiyoni manje lase lingelibaluleke kakhulu kunazo zonke izinhloso zasemhlabeni ezazibhekiwe, ngabuza eNkosini ukuze ngithole futhi ulwazi ngokuqoqwa kwabaNgcwele, nokuthengwa komhlaba, nokunye.”

1–6, Usuku lwentukuthelo luzokuza phezu kwababi; 7–12, Izibonakaliso ziza ngokukholwa; 13–19, Abaphingayo ngenhliziyo bazokuphika ukukholwa futhi balahlwe echibini lomlilo; 20, Abathembekileyo bazothola ifa emhlabeni osuguquliwe; 21, Umlando ogcwele ngokwenzeka eNtabeni yokuGuqulwa awukambulwa okwamanje; 22–23, Abalalelayo bathola izimfihlakalo zombuso; 24–31, Amafa aseSiyoni kufanele athengwe; 32–35, INkosi imemezela izimpi, futhi ababi babulala ababi; 36–48, AbaNgcwele kumele babuthane ndawonye eSiyoni futhi bakhiphe izimali zokuyakha; 49–54, Izibusiso ziyathenjiswa kwabathembekileyo ekuZeni kwesiBili, oVukweni, nangesikhathi seNkulungwane yemiNyaka; 55–58, Lolu wusuku lokwexwayisa; 59–66, Igama leNkosi liphathwa ngeze yilabo abalisebenzisayo ngaphandle kwegunya.

1 Lalelani, O nina bantu, futhi vulani izinhliziyo zenu nibeke indlebe nikude; futhi nizwe, nina enizibiza ngabantu beNkosi, futhi nizwe izwi leNkosi nentando yayo ngokuphathelene nani.

2 Yebo, ngiqinisile, ngithi, yizwani izwi lalowo intukuthelo yakhe eyokheleke ngokumelene nababi anabangivukelayo;

3 Lowo othanda ukuthatha ngisho labo aazobathatha, futhi nogcina ekuphileni labo azobagcina;

4 Lowo owakha ngentando nangokujabula kwakhe; futhi obhubhisa uma ethanda; futhi ukwazi ukuphosa umoya womuntu esihogweni.

5 Bhekani, mina, iNkosi, ngikhuluma izwi lami, futhi lizothotshelwa.

6 Ngalokho-ke, ngiqinisile ngithi, ababi mabaqaphele, futhi nabangivukelayo mabesabe futhi baqhaqhazele; futhi nabangakholwayo mabathule, ngokuba ausuku lwentukuthelo luzokuza kubo bnjengomoya oyisishingishane, futhi yonke inyama ciyokwazi ukuthi nginguNkulunkulu.

7 Futhi lowo ofuna izibonakaliso uyozibona aizibonakaliso, kodwa kungabikhona ukuze asindiswe.

8 Ngiqinisile, ngithi kini, kukhona labo phakathi kwenu abafuna ukubona izibonakaliso, futhi abanjena yilokhu babakhona ngisho kwasekuqaleni;

9 Kodwa, bhekani, ukukholwa akubi khona ngezibonakaliso, kodwa izibonakaliso zilandela labo abakholwayo.

10 Yebo, izibonakaliso zibakhona angokukholwa, hhayi ngentando yabantu, noma ngokuthanda kwabo, kodwa ngentando kaNkulunkulu.

11 Yebo, izibonakaliso zibakhona ngokukholwa, ukuze kubekhona imisebenzi emikhulu, ngokuba angaphandle kokukholwa akukho muntu ojabulisa uNkulunkulu; futhi lowo uNkulunkulu amthukuthelele akathokozile ngaye; ngalokho-ke, kulabo akakhombisi izibonakaliso, kuphela bintukuthelo ukuze cbabekwe icala.

12 Ngalokho-ke, mina, iNkosi, angithokozile ngalabo phakathi kwenu abafuna izibonakaliso nezimangaliso zokukholwa, futhi bengafuneli ukusizakala kwabantu nodumo lwami.

13 Nokho, nginika imiyalelo, futhi abaningi bayifulathele imiyalelo yami futhi abayigcinanga.

14 Kwakukhona phakathi kwenu aiziphingi neziphingikazi; ezinye zazo esezinifulathele, futhi ezinye zisasele nani ezisazokwembulwa emva kwalokhu.

15 Abanjena mabaqaphele futhi baphenduke ngokushesha, funa ukwahlulelwa kwehlele kubo njengesithiyo, futhi ubuwula babo buyobonakaliswa, futhi nemisebenzi yabo iyobalandela emehlweni abantu.

16 Futhi ngiqinisile ngithi kini, njengoba ngishilo phambilini, lowo aobuka owesifazane bamkhanukele, noma uma kukhona cabayophinga enhliziyweni zabo, ngeke babe noMoya, kodwa bayoluphika ukholo futhi besabe.

17 Ngalokho-ke, mina, iNkosi, ngishilo ukuthi aamagwala, nabangakholwayo, bnabaqamba amanga, nabo bonke labo abathanda cukukhuluma okungesilo iqiniso, nesifebe, nomthakathi, isabelo sabo siyokuba dsechibini elivutha umlilo nesibabuli, eokungukufa kwesibili.

18 Ngiqinisile ngithi, abayikuba nasabelo aovukweni lokuqala.

19 Manje bhekani, mina, iNkosi, ngithi kini aanixolelwe, ngokuba lezi zinto ziphakathi kwenu.

20 Nokho, lowo aobekezelayo ngokukholwa futhi owenza intando yami, nguye lowo oyonqoba, futhi uyothola bifa emhlabeni ngesikhathi usuku lokuguqulwa selufika;

21 Ngesikhathi aumhlaba busuguqulwa, ngisho njengesifanekiso esatshengiswa kubaphostoli bami centabeni; leyondaba ephelele eningakayitholi.

22 Manje, ngiqinisile ngithi kini, njengoba ngasho ukuthi ngizonazisa intando yami, bhekani ngizonazisa, hhayi ngendlela yomyalo, ngokuba baningi abangayigcini imiyalelo yami.

23 Kodwa lowo ogcina imiyalelo yami ngizomnika aizimfihlo zombuso wami, futhi ziyokuba kuye bngumthombo wamanzi aphilayo, caphuphumela ekuphileni okuphakade.

24 Manje, bhekani, lena yintando yeNkosi uNkulunkulu wenu ngokuphathelene nabangcwele bakhe, ukuthi kufanele babuthane ndawonye ezweni laseSiyoni, hhayi ngokujaha, funa kubekhona ukudideka, okuletha isifo esingumashaya bhuqe.

25 Bhekani, izwe lase aSiyoni—mina, iNkosi, ngilibambe ngezandla zami;

26 Kodwa, Mina, iNkosi, nginika auKhesari lezo zinto ezingezikaKhesari.

27 Ngalokho-ke, mina iNkosi ngithanda nithenge imihlaba, ukuze nithole inzuzo emhlabeni, ukuze nibize okungokwenu emhlabeni, ukuze bangaphehlelwa entukuthelweni.

28 Ngokuba auSathane ukufake ezinhliziyweni zabo ukuthi banithukuthelele, nokuthi bachithe igazi.

29 Ngalokho-ke, izwe laseSiyoni ngeke lizuzwe ngaphandle ngokuthengwa noma ngegazi, kungenjalo alikho ifa lenu.

30 Futhi uma kungokuthengwa, bhekani nibusisiwe;

31 Futhi uma kungegazi, njengoba ningavunyelwe ukuchitha igazi, bheka, izitha zenu ziphezu kwenu, futhi niyohlushwa kusuka emzini kuya komunye umuzi, futhi kusuka kwisinagoge kuya kwelinye isinagoge, futhi bambalwa abayoma ukuthola ifa.

32 Mina, iNkosi, ngibathukuthelele ababi; ngibambe uMoya wami kubantu basemhlabeni.

33 Ngifungile ekuthukutheleni kwami, futhi ngamemezela aizimpi ebusweni bomhlaba, futhi ababi bayobulala ababi, futhi ukwesaba kuyofika phezu kwawo wonke umuntu;

34 Futhi aabangcwele bayosinda kancane; nokho, mina, iNkosi, nginabo, futhi bngiyokwehla ezulwini lapho kukhona uBaba futhi ngishise cababi dngomlilo ongacimekiyo.

35 Futhi bhekani, lokhu akukenzeki manje, kodwa maduzane.

36 Ngalokho-ke, ngokubona ukuthi mina, iNkosi, ngimemezele zonke lezi zinto ebusweni bomhlaba, ngithanda ukuthi abangcwele bami babuthane ezweni laseSiyoni;

37 Futhi nokuthi wonke umuntu kufanele athathe aukulunga ezandleni zakhe nokwethembeka ezinkalweni zakhe, futhi aphakamise bizwi lesexwayiso kubantu basemhlabeni; futhi amemezele ngezwi nangokubaleka ukuthi cincithakalo izofika kwababi.

38 Ngalokho-ke, abafundi bami abaseKirtland mabahlele izindaba zabo zasemhlabeni, abahlala kulelipulazi.

39 Inceku yami uTitus Billings, okunguyena olibhekile, makawudayise lomhlaba, ukuze abe eselungele ngentwasahlobo ezayo ukuthatha uhambo lwakhe oluya ezweni laseSiyoni, nalabo abahlala kulo, ngaphandle kwalabo engizozibekela bona, abangezukuhamba ngize ngibayale.

40 Futhi zonke izimali eziseleyo, akubalulekile kimi noma zincane noma ziningi, mazithunyelwe ezweni laseSiyoni, kulabo engibakhethele ukuzamukela.

41 Bhekani, mina, iNkosi, ngizonika inceku yami uJoseph Smith, omNcane, amandla okuthi akwazi aukuqonda ngoMoya ukuthi ubani ozoya ezweni laseSiyoni, nalabo abangabafundi bami abazosala.

42 Inceku yami uNewel K. Whitney makagcine isitolo sakhe, ngamanye amazwi, isitolo leso, okwesikhashana.

43 Nokho, makaphisane ngayo yonke imali angaphisana ngayo, ukuze ithunyelwe phezulu ezweni laseSiyoni.

44 Bhekani, lezi zinto zisezandleni zakhe, makazenze ngokuhlakanipha.

45 Ngiqinisile ngithi, makagcotshwe abe ngumphatheli kubafundi abazosala, futhi makagcotshelwe kulamandla;

46 Manje vakashela ngokushesha amagatsha amabandla, ufundise lezi zinto kubo, nenceku yami u-Oliver Cowdery. Bheka, lena yintando yami, ukuthola izimali njengoba ngilayezile.

47 Lowo aothembekileyo nobekezelayo uyowunqoba umhlaba.

48 Lowo othumela ingcebo ezweni laseSiyoni uyothola aifa kulomhlaba, futhi imisebenzi yakhe iyomlandela, ngokunjalo nomvuzo emhlabeni ozayo.

49 Yebo, futhi babusisiwe abafileyo aabafela eNkosini, kusuka manje, uma iNkosi iyofika, futhi izinto ezindala bziyodlula, futhi zonke izinto zibe zintsha, cbayovuka kwabafileyo futhi dbangabe besafa emva kwalokho, futhi bayofumana ifa phambi kweNkosi, edolobheni elingcwele.

50 Futhi lowo ophilayo uma iNkosi isiza, futhi egcine ukukholwa, aubusisiwe; nokho, kumiselwe kuye bukufa esikhathini sonke sokuphila.

51 Ngalokho-ke, abantwana abayo bkhula baze babe badala; abantu abadala bayokufa; kodwa ngeke balale othulini, kodwa cbayoguqulwa ngokuphazima kweso.

52 Ngalokho-ke, ngalesi sizathu abaphostoli bashumayela emhlabeni ukuvuka kwabafileyo.

53 Lezi zinto yizinto okufanele nizibheke; futhi, ukukhuluma ngendlela yeNkosi, aseziseduze, futhi esikhathini esizayo, ngisho osukwini lokuza kweNdodana yoMuntu.

54 Futhi kuze kube yilelo hora kuyoba khona aizintombi eziyiziwula phakathi kwezihlakaniphileyo; futhi kulelohora kuyoba khona ukwahlukaniswa konke kwabalungileyo nababi; futhi ngalo losuku ngiyothumela izingelosi zami ukuba bziqoqe ababi futhi zibalahle emlilweni ongacimekiyo.

55 Manje bhekani, ngiqinisile ngithi kini, mina, iNkosi, angithokozile ngenceku yami auSidney Rigdon; buziphakamisile enhliziyweni yakhe, futhi akasemukelanga iseluleko, kodwa umdabukisile uMoya;

56 Ngalokho-ke aumbhalo wakhe awemukelekile eNkosini, futhi uzokwenza omunye; futhi uma iNkosi ingawemukeli, bhekani akasamile futhi esikhundleni engimubeke kuso.

57 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, alabo abafisayo ezinhliziyweni zabo, ngobumnene, bukuxwayisa izoni ukuba ziphenduke, mabagcotshelwe kulamandla.

58 Ngokuba lolu wusuku lwesexwayiso, futhi akulona usuku lwamazwi amaningi. Ngokuba mina, iNkosi, angizukuhlekwa ngezinsuku zokugcina.

59 Bhekani, ngiphuma phezulu, futhi amandla ami angaphansi. Ngiphezu kwakho konke, futhi kukho konke, futhi phakathi kwakho konke, futhi angiyazihlolisisa zonke izinto, futhi usuku luyeza lapho zonke izinto ziyoba ngaphansi kwami.

60 Bhekani, ngingu-aAlfa no-Omega, ngisho uJesu Kristu.

61 Ngalokho-ke, abantu bonke mabaqaphele ukuthi baliphatha kanjani aigama lami ezindebeni zabo—

62 Ngokuba bhekani, ngiqinisile ngithi kini, baningi ababekwe lelicala, abasebenzisa igama leNkosi, futhi abalisebenzisa ngeze, bengenalo igunya.

63 Ngalokho-ke, ibandla maliphenduke ezonweni zalo, futhi mina, iNkosi, ngizobavuma; kungenjalo bazosuswa.

64 Khumbulani ukuthi lokho okusuka phezulu akungcwele, futhi kumele bkukhulunywe ngokuqaphela, futhi ngokuholwa wuMoya, futhi kulokhu akukho ukubekwa icala, futhi nifumana uMoya cngokukhuleka; ngalokho-ke, ngaphandle kwalokhu kusele ukubekwa icala.

65 Izinceku zami, uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon, mabafune ikhaya, njengoba befundisiwe angokukhuleka nguMoya.

66 Lezi zinto zisalele ukunqotshwa ngokubekezela, ukuze abanjalo bathole enkulu anengunaphakade binkazimulo, kungenjalo, kukhona ukubekwa icala. Amen.