ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 1


IMfundiso neziVumelwano

Isigaba 1

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, ngomhlaka 1 Novemba 1831, emhlanganweni okhethekileyo wamagosa eBandla, owawubanjelwe eHiram, e-Ohio. Izambulo eziningi zase zike zatholwa eNkosini ngaphambi kwalesi sikhathi, futhi nokuhlanganiswa kwazo ukuze zikhishwe zibe yincwadi kwakungokunye kwezihloko ezaziqavile ezavunywa kulomhlangano. Lesi sigaba senza isandulela seNkosi kuzo izimfundiso, izivumelwano, kanye nemiyalelo enikwe kuloluhlelo lokwengamela.

1–7, Izwi lesexwayiso liya kubo bonke abantu; 8–16, Ukuhlubuka nobubi bandulela ukuZa kwesiBili; 17–23, UJoseph Smith ubizwa ukuba abuyisele emhlabeni amaqiniso namandla eNkosi; 24–33, INcwadi kaMormoni iyavezwa neBandla leqiniso liyamiswa; 34–36, Ukuthula kuzothathwa emhlabeni; 37–39, Hlolani lemiyalelo.

1 Lalelani, O nina bantu be bandla lami, kusho izwi la lowo ohlala phezulu, nomehlo akhe aphezu kwabantu bonke; yebo, ngiqinisile ngithi: Lalelani nina bantu bakude; futhi nani enisezi qhingini zolwandle, lalelani nonke.

2 Ngokuba ngiqinisile izwi leNkosi liya kubo bonke abantu, futhi akekho elizokumphunyuka; futhi akunaso elingeke libone, noma indlebe engayikuzwa, noma inhliziyo engayikuthinteka.

3 Futhi nabavukela iNkosi bayohlatshwa ngosizi olukhulu; ngokuba ububi babo buyo khulunywa phezu kwezindlu, nezimfihlo zabo ziyokwembulwa.

4 Futhi izwi lesexwayiso lizoya kubo bonke abantu, ngemilomo yabafundi bami, engibakhethe kulezi zinsuku zokugcina.

5 Futhi bayohamba futhi akekho oyobavimba, ngokuba mina iNkosi ngibayalile.

6 Bhekani, leli yigunya lami, negunya lezinceku zami, futhi nesandulela sami encwadini yemiyalelo yami, engibanike yona ukuthi bayikhiphele nina, O bantu basemhlabeni.

7 Ngalokho-ke, yesabani nithuthumele, O nina bantu, ngokuba lokho mina iNkosi engikushilo kubo kuyo fezeka.

8 Futhi ngiqinisile ngithi kini, labo abahambayo, behambisa lezi zindaba kubantu basemhlabeni, kubo amandla anikiwe ukuba babophe emhlabeni nasezulwini, abangakholwa nabavukela iNkosi;

9 Yebo, ngiqinisile, ukubabophela usuku lapho ulaka lukaNkulunkulu luyothululwa kwababi ngaphandle kwesilinganiso—

10 Kufinyelela osukwini lapho iNkosi iyokuza ukuzokhokhela wonke umuntu ngokuhambisana nomsebenzi wakhe, futhi ilinganisele wonke umuntu ngesilinganiso alinganisela ngaso umakhelwane wakhe.

11 Ngalokho-ke izwi leNkosi liya kubo bonke abantu emhlabeni wonke, ukuze bonke abazokuzwa bezwe:

12 Lungiselelani, lungiselelani lokhu okuzokuza, ngokuba iNkosi isiseduze;

13 Futhi intukuthelo yeNkosi iyokheleka, futhi inkemba yakhe izinelisile ezulwini, futhi izowela phezu kwabantu basemhlabeni.

14 Futhi ingalo yeNkosi iyokwembulwa; futhi usuku luyeza lapho labo abangayi kulizwa izwi leNkosi, noma izwi lezinceku zakhe, noma abangawa naki amazwi abaphrofethi nabaphostoli, bayo suswa phakathi kwabantu;

15 Ngokuba baphambukile ezimisweni zami, futhi basephulile isivumelwano sami saphakade;

16 Abayifuni iNkosi ukuze bamise ukulunga kwayo, kodwa wonke umuntu uhamba kweyakhe indlela, futhi ngoko mfanekiso kankulunkulu wakhe, umfanekiso wakhe lowo ofana nomhlaba, futhi osiqu sawo siyisithombe, esigugayo futhi esizoshatshalaliswa eBabiloni, ngisho iBabiloni enkulu, ezokuwa.

17 Ngalokho-ke, mina iNkosi, ngokwazi usizi oluzoza phezu kwabantu basemhlabeni, ngabiza inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi ngakhuluma naye ngisezulwini, futhi ngamnika imiyalelo;

18 Futhi ngaphinda nganika nabanye imiyalelo, ukuze bamemezele lezi zinto emhlabeni; futhi konke lokhu ukuze kugcwaliseke, okwakulotshwe ngabaphrofethi—

19 Izinto ezibuthaka zomhlaba zizovela futhi ziphule ezinamandla nezinqinile, ukuze umuntu angamyali umakhelwane wakhe, noma angathembeli engalweni yenyama—

20 Kodwa ukuze wonke umuntu akhulume egameni likaNkulunkulu iNkosi, ngisho umSindisi womhlaba;

21 Ukuze ukholo nalo lwande emhlabeni;

22 Ukuze isivumelwano sami saphakade simiswe;

23 Ukuze ukuphelela kwevangeli lami kumenyezelwe ngababuthaka nabafokazana emhlabeni wonke, naphambi kwamakhosi nababusi.

24 Bheka, nginguNkulunkulu futhi ngikukhulumile lokhu; lemiyalelo isuka kimi, futhi yanikwa izinceku zami ebuthakathakeni bazo, ngendlela yolimi lwabo, ukuze bafinyelele ekuqondeni.

25 Futhi kangangoba babephambuka kwakungaziswa;

26 Futhi kangangoba babefuna inhlakanipho babengayalwa;

27 Futhi kangangoba babonile babenga jeziswa, ukuze baphenduke;

28 Futhi kangangoba babezi thobile babengenziwa baqine, futhi babusiswe kusuka phezulu, futhi bathole ulwazi izikhathi ngezikhathi.

29 Futhi emva kokuthola umbhalo wamaNefi, yebo, ngisho inceku yami uJoseph Smith, omNcane, wayengaba namandla okuhumusha ngomusa kaNkulunkulu, nangamandla kaNkulunkulu, iNcwadi kaMormoni.

30 Futhi nakulabo abebenikwe lemiyalelo, babengaba namandla okubeka isisekelo saleli bandla, futhi nokulikhipha ekusithekeni nasebu mnyameni, okuyilona kuphela eliyiqiniso futhi neliphilayo ibandla phezu kobuso bomhlaba wonke, mina, Nkosi, engithokozile ngalo, ngikhuluma nebandla lonke hhayi ngalinye—

31 Ngokuba mina iNkosi angiyikusibuka isono ngisivumele ngisho nakancane;

32 Nokho, lowo ophendukayo futhi ayenze imiyalelo yeNkosi uyothethelelwa;

33 Futhi lowo ongaphenduki, kuyena kuzothathwa ngisho naloko kukhanya asekutholile; ngokuba uMoya wami awuyiku busa njalo kumuntu, kusho iNkosi yamaBandla.

34 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, O bantu basemhlabeni: Mina iNkosi ngizimisele ukwambula lezi zinto kubo bonke abantu;

35 Ngokuba angibandlululi muntu, futhi ngifuna wonke umuntu azi ukuthi usuku luza ngokushesha; ihora alikakafiki, kodwa seliseduze, lapho ukuthula kuzothathwa emhlabeni, no develi uyoba namandla phezu kombuso wakhe.

36 Futhi neNkosi iyokuba namandla phezu kwabangcwele bayo, futhi iyobusa phakathi kwabo, futhi iyokwehla ngokwahlulela phezu kwe-Edomi, noma umhlaba.

37 Yihloleni lemiyalelo, ngokuba iyiqiniso futhi ithembekile, iziphrofetho nezethembiso ezikuyo zizofezeka zonke.

38 Lokhu mina iNkosi engikukhulumile, ngikukhulumile, futhi angixolisi ngengikushilo; futhi noma amazulu nomhlaba kudlula, izwi lami aliyukudlula, kodwa lonke liyogcwaliseka, noma ngelami izwi noma ngezwi lezinceku zami, kuyafana.

39 Ngokuba bhekani, futhi bheka, iNkosi inguNkulunkulu, no Moya uyafakaza, nobufakazi buyiqiniso, futhi iqiniso lihlala phakade naphakade. Amen.