ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 1


IMfundiso neziVumelwano

Isigaba 1

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, ngomhlaka 1 Novemba 1831, emhlanganweni okhethekileyo wamagosa eBandla, owawubanjelwe eHiram, e-Ohio. Izambulo eziningi zase zike zatholwa eNkosini ngaphambi kwalesi sikhathi, futhi nokuhlanganiswa kwazo ukuze zikhishwe zibe yincwadi kwakungokunye kwezihloko ezaziqavile ezavunywa kulomhlangano. Lesi sigaba senza isandulela seNkosi kuzo izimfundiso, izivumelwano, kanye nemiyalelo enikwe kuloluhlelo lokwengamela.

1–7, Izwi lesexwayiso liya kubo bonke abantu; 8–16, Ukuhlubuka nobubi bandulela ukuZa kwesiBili; 17–23, UJoseph Smith ubizwa ukuba abuyisele emhlabeni amaqiniso namandla eNkosi; 24–33, INcwadi kaMormoni iyavezwa neBandla leqiniso liyamiswa; 34–36, Ukuthula kuzothathwa emhlabeni; 37–39, Hlolani lemiyalelo.

1 Lalelani, O nina bantu be abandla lami, kusho izwi la lowo ohlala phezulu, bnomehlo akhe aphezu kwabantu bonke; yebo, ngiqinisile ngithi: cLalelani nina bantu bakude; futhi nani enisezi qhingini zolwandle, lalelani nonke.

2 Ngokuba ngiqinisile aizwi leNkosi liya kubo bonke abantu, futhi bakekho elizokumphunyuka; futhi akunaso elingeke libone, noma indlebe engayikuzwa, noma cinhliziyo engayikuthinteka.

3 Futhi anabavukela iNkosi bayohlatshwa ngosizi olukhulu; ngokuba ububi babo buyo bkhulunywa phezu kwezindlu, nezimfihlo zabo ziyokwembulwa.

4 Futhi aizwi lesexwayiso lizoya kubo bonke abantu, ngemilomo yabafundi bami, engibakhethe kulezi bzinsuku zokugcina.

5 Futhi bayohamba futhi akekho oyobavimba, ngokuba mina iNkosi ngibayalile.

6 Bhekani, leli ayigunya lami, negunya lezinceku zami, futhi nesandulela sami encwadini yemiyalelo yami, engibanike yona ukuthi bbayikhiphele nina, O bantu basemhlabeni.

7 Ngalokho-ke, ayesabani nithuthumele, O nina bantu, ngokuba lokho mina iNkosi engikushilo kubo kuyo bfezeka.

8 Futhi ngiqinisile ngithi kini, labo abahambayo, behambisa lezi zindaba kubantu basemhlabeni, kubo amandla anikiwe ukuba ababophe emhlabeni nasezulwini, abangakholwa bnabavukela iNkosi;

9 Yebo, ngiqinisile, ukubabophela usuku lapho aulaka lukaNkulunkulu luyothululwa bkwababi ngaphandle kwesilinganiso—

10 Kufinyelela aosukwini lapho iNkosi iyokuza bukuzokhokhela wonke umuntu ngokuhambisana cnomsebenzi wakhe, futhi dilinganisele wonke umuntu ngesilinganiso alinganisela ngaso umakhelwane wakhe.

11 Ngalokho-ke izwi leNkosi liya kubo bonke abantu emhlabeni wonke, ukuze bonke abazokuzwa bezwe:

12 Lungiselelani, lungiselelani lokhu okuzokuza, ngokuba iNkosi isiseduze;

13 Futhi aintukuthelo yeNkosi iyokheleka, futhi binkemba yakhe izinelisile ezulwini, futhi izowela phezu kwabantu basemhlabeni.

14 Futhi aingalo yeNkosi iyokwembulwa; futhi usuku luyeza lapho labo abangayi bkulizwa izwi leNkosi, noma izwi lezinceku zakhe, noma abangawa cnaki amazwi abaphrofethi nabaphostoli, bayo dsuswa phakathi kwabantu;

15 Ngokuba abaphambukile bezimisweni zami, futhi cbasephulile disivumelwano sami saphakade;

16 aAbayifuni iNkosi ukuze bamise ukulunga kwayo, kodwa wonke umuntu uhamba bkweyakhe cindlela, futhi ngoko dmfanekiso kankulunkulu wakhe, umfanekiso wakhe lowo ofana nomhlaba, futhi osiqu sawo siyisithombe, eesigugayo futhi esizoshatshalaliswa feBabiloni, ngisho iBabiloni enkulu, ezokuwa.

17 Ngalokho-ke, mina iNkosi, ngokwazi usizi oluzoza phezu akwabantu basemhlabeni, ngabiza inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi ngakhuluma naye ngisezulwini, futhi ngamnika imiyalelo;

18 Futhi ngaphinda nganika nabanye imiyalelo, ukuze bamemezele lezi zinto emhlabeni; futhi konke lokhu ukuze kugcwaliseke, okwakulotshwe ngabaphrofethi—

19 aIzinto ezibuthaka zomhlaba zizovela futhi ziphule ezinamandla nezinqinile, ukuze umuntu angamyali umakhelwane wakhe, noma bangathembeli engalweni yenyama—

20 Kodwa ukuze wonke umuntu aakhulume egameni likaNkulunkulu iNkosi, ngisho umSindisi womhlaba;

21 Ukuze ukholo nalo lwande emhlabeni;

22 Ukuze aisivumelwano sami saphakade simiswe;

23 Ukuze ukuphelela akwevangeli lami bkumenyezelwe cngababuthaka nabafokazana emhlabeni wonke, naphambi kwamakhosi nababusi.

24 Bheka, nginguNkulunkulu futhi ngikukhulumile lokhu; alemiyalelo isuka kimi, futhi yanikwa izinceku zami ebuthakathakeni bazo, ngendlela byolimi lwabo, ukuze bafinyelele cekuqondeni.

25 Futhi kangangoba babephambuka kwakungaziswa;

26 Futhi kangangoba babefuna ainhlakanipho babengayalwa;

27 Futhi kangangoba babonile babenga ajeziswa, ukuze bbaphenduke;

28 Futhi kangangoba babezi athobile babengenziwa baqine, futhi babusiswe kusuka phezulu, futhi bathole bulwazi izikhathi ngezikhathi.

29 Futhi emva kokuthola umbhalo wamaNefi, yebo, ngisho inceku yami uJoseph Smith, omNcane, wayengaba namandla okuhumusha ngomusa kaNkulunkulu, nangamandla kaNkulunkulu, aiNcwadi kaMormoni.

30 Futhi nakulabo abebenikwe lemiyalelo, babengaba anamandla okubeka isisekelo saleli bbandla, futhi nokulikhipha ekusithekeni nasebu cmnyameni, okuyilona kuphela deliyiqiniso futhi neliphilayo ibandla phezu kobuso bomhlaba wonke, mina, Nkosi, eengithokozile ngalo, ngikhuluma nebandla lonke hhayi ngalinye—

31 Ngokuba mina iNkosi angiyikusibuka aisono ngisivumele ngisho nakancane;

32 Nokho, lowo ophendukayo futhi ayenze imiyalelo yeNkosi auyothethelelwa;

33 Futhi lowo aongaphenduki, kuyena bkuzothathwa ngisho naloko kukhanya asekutholile; ngokuba cuMoya wami awuyiku dbusa njalo kumuntu, kusho iNkosi yamaBandla.

34 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, O bantu basemhlabeni: Mina iNkosi ngizimisele ukwambula lezi zinto kubo abonke abantu;

35 Ngokuba aangibandlululi muntu, futhi ngifuna wonke umuntu azi ukuthi busuku luza ngokushesha; ihora alikakafiki, kodwa seliseduze, lapho cukuthula kuzothathwa emhlabeni, no ddeveli uyoba namandla phezu kombuso wakhe.

36 Futhi neNkosi iyokuba namandla phezu akwabangcwele bayo, futhi biyobusa cphakathi kwabo, futhi iyokwehla dngokwahlulela phezu kwe-eEdomi, noma umhlaba.

37 Yihloleni alemiyalelo, ngokuba iyiqiniso futhi ithembekile, iziphrofetho bnezethembiso ezikuyo zizofezeka zonke.

38 Lokhu mina iNkosi engikukhulumile, ngikukhulumile, futhi angixolisi ngengikushilo; futhi noma amazulu nomhlaba kudlula, aizwi lami aliyukudlula, kodwa lonke bliyogcwaliseka, noma cngelami izwi noma ngezwi dlezinceku zami, ekuyafana.

39 Ngokuba bhekani, futhi bheka, iNkosi inguNkulunkulu, no aMoya uyafakaza, nobufakazi buyiqiniso, futhi biqiniso lihlala phakade naphakade. Amen.