ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 64


Isigaba 64

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kumagosa eBandla, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 11 Septemba 1831. UmPhrofethi wayelungiselela ukuhamba ukuya eHiram, e-Ohio, ukuze aqhubeke nomsebenzi wakhe wokuhumusha iBhayibheli, owawusu misiwe ngesikhathi eseMissouri. Isixuku sabazalwane besilisa ababeyalwe ukuba bahambe baye eSiyoni (eMissouri) babematasatasa ekwenzeni amalungiselelo okuhamba ngo-Oktoba. Ngalesi sikhathi sokuba matasatasa, lesi sambulo satholakala.

1–11, AbaNgcwele bayalwa ukuba bathethelelane omunye nomunye, funa kusale kubo isono esikhudlwana; 12–22, Abangaphendukile kufanele balethwe phambi kweBandla; 23–25, Lowo okhipha okweshumi ngeke ashiswe ngokuza kweNkosi; 26–32, AbaNgcwele baxwayiswa ngezikweletu; 33–36, Abavukelayo bayosuswa baphume eSiyoni; 37–40, IBandla lizokwahlulela izizwe; 41–43, ISiyoni izochuma.

1 Bhekani, isho kanje iNkosi uNkulunkulu wenu kini, O nina magosa ebandla lami, lalelani futhi nizwe, futhi namukele intando yami ngokuphathelene nani.

2 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, ngifisa niwunqobe umhlaba; ngalokho-ke ngizoba nesihawu kini.

3 Kunalabo phakathi kwenu abonile; kodwa ngiqinisile ngithi, ngalesi sikhathi kuphela, ukuze ngikhazimuliswe, futhi ukuze kusindiswe imimoya, nginixolele izono zenu.

4 Ngizoba nomusa kini, ngokuba ngininikile umbuso.

5 Futhi izikhiye zezimfihlakalo zombuso ngeke zithathwe encekwini yami uJoseph Smith, omNcane, ngendlela engiyibekile, ngesikhathi esaphila, kangangoba ethobela izimiso zami.

6 Kunalabo abafune ithuba lokuthola iphutha kuye ngaphandle kwesizathu;

7 Nokho, wonile; kodwa ngiqinisile ngithi kini, mina, iNkosi, ngithethelela izono kulabo abazivumayo izono zabo phambi kwami futhi becela intethelelo, abangonile kuze kube sekufeni.

8 Abafundi bami, ezinsukwini zakudala, babefuna ithuba lokuthola amaphutha omunye komunye futhi abathethelelananga omunye nomunye ezinhliziyweni zabo; futhi ngenxa yalobu bubi bahlushwa futhi bajeziswa kabuhlungu.

9 Ngalokho-ke, ngithi kini, kufanele nithethelelane; ngokuba lowo ongamthetheleli umfowabo iziphambeko zakhe unecala phambi kweNkosi; ngokuba kusele kuye isono esikhudlwana.

10 Mina, iNkosi, ngizomthethelela lowo engizomthethelela, kodwa kini kudingeke nithethelele wonke umuntu.

11 Futhi nina nimelwe nithi ezinhliziyweni zenu—uNkulunkulu makahlulele phakathi kwami nawe, akunike umvuzo ngokwezenzo zakho.

12 Futhi lowo ongaphenduki ezonweni zakhe, futhi ongazivumi, niyomletha phambi kwebandla, futhi nenze kuye njengokusho kwemibhalo engcwele kini, noma ngomyalo noma ngesambulo.

13 Futhi lokhu niyokwenza ukuze uNkulunkulu adunyiswe—hhayi ngoba ningaxoleli, ningenabo ububele, kodwa ukuze nibe ngabangenacala phambi kwamehlo omthetho, ukuze ningamoni lowo ongumniki mthetho wenu—

14 Ngiqinisile ngithi, niyokwenza lezi zinto ngalenhloso.

15 Bhekani, mina, iNkosi, ngangimthukuthelele lowo owayeyinceku yami u-Ezra Booth, futhi nenceku yami u-Isaac Morley, ngokuba abawugcinanga umthetho, nomyalelo.

16 Bafuna okubi ezinhliziyweni zabo, futhi mina, iNkosi, ngawugodla uMoya wami. Babona ububi entweni engenabo ububi; nokho ngiyixolele inceku yami u-Isaac Morley.

17 Futhi nenceku yami u-Edward Partridge, bhekani, wonile, futhi uSathane ufuna ukukhubaza umoya wakhe; kodwa uma lezi zinto sezaziswa kubo, futhi bephenduka ebubini, bayoxolelwa.

18 Manje, ngiqinisile ngithi ngibona kufanele ukuthi inceku yami uSidney Gilbert, emva kwamasonto ambalwa, uyobuyela emsebenzini wakhe, nasemsebenzini wokuba wumphatheli ezweni laseSiyoni;

19 Futhi lokho akubonile futhi wakuzwa makwaziswe kubafundi bami, ukuze bangabhubhi. Futhi ngizikhulume lezi zinto ngalesi sizathu.

20 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ukuze inceku yami u-Isaac Morley angalingwa ngaphezu kwalokho angakwazi ukukumela, futhi aneluleke kabi nize nikhubazeke, nganika umyalelo wokuthi ipulazi lakhe malidayiswe.

21 Angifisi ukuba inceku yami uFrederick G. Williams alidayise ipulazi lakhe, ngokuba mina, iNkosi, ngifisa ukugcina isizinda ezweni laseKirtland, isikhathi esiyiminyaka emihlanu, kuyo engingeke ngibabhubhise ababi, ukuze ngalokho ngisindise abanye.

22 Futhi emva kwalolo suku, mina, iNkosi, ngeke ngibeke muntu icala oyohamba enenhliziyo evulekile ukuya ezweni laseSiyoni; ngokuba mina, iNkosi, ngifuna izinhliziyo zabantwana babantu.

23 Bhekani, lesi sikhathi sibizwa ngenamhlanje kuze kuze iNdodana yoMuntu, futhi ngiqinisile kuwusuku lokunikela, futhi nosuku lokweshumi lwabantu bami; ngokuba lowo okhokha okweshumi ngeke ashiswe ekuzeni kwayo.

24 Ngokuba emva kwanamhlanje kuza ukushiswa—lokhu kungukukhuluma ngendlela yeNkosi—ngokuba ngiqinisile ngithi, kusasa bonke abazikhukhumezayo nalabo abenza okobi bayoba ngamabibi; futhi ngiyobashisa, ngokuba ngiyiNkosi yamaBandla; futhi ngeke ngisindise muntu osele eBabiloni.

25 Ngalokho-ke, uma ningikholwa, nizosebenza kusathiwa yinamhlanje.

26 Futhi akufanele ukuthi izinceku zami, uNewel K. Whitney noSidney Gilbert, badayise isitolo sabo nokungokwabo lapha; ngokuba lokhu akukona ukuhlakanipha kuze kube abasele bebandla, abasele kulendawo, bahambe baye ezweni laseSiyoni.

27 Bhekani, kuthiwa emithethweni yami, noma kwenqatshiwe, ukungena ezikweletini ezitheni zenu;

28 Kodwa bhekani, akushiwongo noma nini ukuthi iNkosi ingathathi njengoba ithanda, futhi ikhokhe njengoba kubonakala kukuhle kuyo.

29 Ngalokho-ke, njengoba nina ningabaphatheli, nisemsebenzini weNkosi; futhi noma yini eniyenzayo ngentando yeNkosi kuwumsebenzi weNkosi.

30 Futhi uninike umsebenzi wokondla abangcwele kulezi zinsuku zokugcina, ukuze bazuze ifa ezweni laseSiyoni.

31 Futhi bhekani, mina, iNkosi, ngikusho kini, futhi namazwi ami aqinisekile futhi ngeka ahluleke, ukuthi bayolizuza.

32 Kodwa zonke izinto kufanele zenzeke ngesikhathi sazo.

33 Ngalokho-ke, ningakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba nibeka isisekelo somsebenzi omkhulu. Futhi ezintweni ezincane kuyovela lokho okukhulu.

34 Bhekani, iNkosi idinga inhliziyo nenqondo efisayo; futhi abafisayo nabalalelayo bayokudla izinto ezinhle zezwe laseSiyoni ngalezi zinsuku zokugcina.

35 Futhi abavukelayo bayosuswa baphume ezweni laseSiyoni, futhi bayothunyelwa kude, futhi ngeke balidle ifa lezwe.

36 Ngokuba, ngiqinisile ngithi abavukelayo ababona abegazi lika-Efrayimi, ngalokho-ke bayosiphulwa.

37 Bhekani, mina, iNkosi, ngenze ibandla lami ngalezi zinsuku zokugcina njengomahluleli ohlezi egqumeni, noma endaweni ephakeme, ukwahlulela izizwe.

38 Ngokuba kuyokwenzeka ukuthi abantu baseSiyoni bayokwahlulela zonke izinto eziphathelene neSiyoni.

39 Futhi abaqambi manga nabazenzisi bayovivinywa yibo, futhi labo abangesibo abaphostoli nabaphrofethi bayokwaziswa.

40 Futhi ngisho nombhishobhi, ongumahluleli, nabeluleki bakhe, uma bengathembekile ekuphatheni kwabo bayobekwa icala, futhi abanye bayotshalwa ezikhundleni zabo.

41 Ngokuba, bhekani, ngithi kini iSiyoni izochuma, futhi nenkazimulo yeNkosi izoba phezu kwayo;

42 Futhi uzoba yisibonakaliso kubantu, futhi kuyoza kuye abantu besuka kuzo zonke izizwe phansi kwezulu.

43 Futhi usuku luyofika lapho izizwe zomhlaba ziyothuthumela ngenxa yakhe, futhi ziyokwesaba ngenxa yabesabekayo bakhe. INkosi isikukhulumile lokhu. Amen.