ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 27


Isigaba 27

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Agasti 1830. Ukulungiselela inkonzo okwakuzo busiswa kuyo isidlo esingcwele sesinkwa newayini, uJoseph wathatha uhambo ukuyothenga iwayini. Wahlangana nesithunywa sasezulwini wasethola lesi sambulo, ingxenye yaso eyabhalwa ngaleso sikhathi okwathi okuseleyo kwabhalwa ngoSeptemba olandelayo. Amanzi manje yiwo ase setshenziswa esikhundleni sewayini ezinkonzweni zesidlo esingcwele zeBandla.

1–4, Izifanekiso okufanele zisetshenziswe uma kuthathwa isidlo esingcwele zibekwa obala; 5–14, UKristu nezinceku Zakhe kusukela kuzo zonke izinhlelo zokuphatha bazothatha isidlo esingcwele; 15–18, Hlomani ngezikhali zonke zikaNkulunkulu.

1 Lalelani izwi likaJesu Kristu, iNkosi yenu, uNkulunkulu wenu, nomHlengi wenu, ozwi lakhe liyashesha futhi linamandla.

2 Ngokuba, bhekani, ngithi kini, akusho lutho ukuthi niyodlani noma niyophuzani uma nithatha isidlo esingcwele, uma nikwenza ngeso eliqonde udumo lwami—nikhumbula kuBaba umzimba wami owanikelelwa nina, negazi lami elachithelwa ukususa izono zenu.

3 Ngalokho-ke, ngininika umyalelo, wokuthi aniyukuthenga iwayini noma iziphuzo ezidakayo ezitheni zenu;

4 Ngalokho-ke, aniyikuthatha lutho ngaphandle uma lenziwe kabusha phakathi kwenu; yebo, kulombuso kaBaba oyokwakhiwa emhlabeni.

5 Bhekani, ukwenza lokhu kuyinhlakanipho kimi; ngalokho-ke, ningamangali, ngokuba ihora liyeza lapho ngizophuza isithelo sewayini nani emhlabeni, futhi noMoroni, engimuthume kuwe ukwambula iNcwadi kaMormoni, equkethe ukuphelela kwevangeli lami laphakade, engibeke kuye izikhiye zomlando wenduku ka-Efrayimi;

6 Futhi no-Eliyasi, engibeke kuye izikhiye zokubuyisela zonke izinto ezakhulunywa yimilomo yabo bonke abaphrofethi abangcwele kusukela ekuqaleni komhlaba, ngokuphathelene nezinsuku zokugcina;

7 Futhi noJohane indodana kaZakariya, loZakariya yena (u-Eliyasi) amvakashela futhi wamnika isethembiso sokuthi uzoba nendodana, futhi igama lakhe kuyoba nguJohane, futhi uyogcwala umoya ka-Eliyasi;

8 UJohane lowo engimthumele kini, zinceku zami, uJoseph Smith, omNcane, no-Oliver Cowdery, ukunigcobela ebuphristini bokuqala eniphiwe bona, ukuze nibizwe futhi nigcotshwe ngisho njengo Aroni;

9 Futhi no-Eliya, engibeke kuye izikhiye zokuguqulela izinhliziyo zoyise kubantwana, nezabantwana koyise, ukuze umhlaba wonke ungashaywa ngesiqalekiso;

10 Futhi noJosefa, noJakobe, no-Isaka, kanye no-Abrahama, obaba benu, ngabo izethembiso ezisekhona;

11 Futhi noMikayeli, noma u-Adamu, ubaba wabo bonke, umholi wabo bonke, omdala wezinsuku;

12 Futhi noPetru, noJakobe, noJohane, engibathumele kini, enginigcobe ngabo futhi ngaqinisa ukuthi ningabaphostoli, futhi ningofakazi abakhethekile begama lami, futhi ninezikhiye zobufundisi benu nezinto ezifanayo engizambule kubo;

13 Engibeke kubo izikhiye zombuso wami, nohlelo lokwengamela lwevangeli lezinsuku zokugcina; futhi nelokuphelela kwezikhathi, kulo engizoqoqa ndawonye konke, okusezulwini, nokusemhlabeni;

14 Futhi nabo bonke labo uBaba angiphe bona kwabasemhlabeni.

15 Ngalokho-ke, phamisani izinhliziyo zenu nijabule, nibophe izinkalo zenu, nihlome ngezikhali zami zonke, ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

16 Ngakho-ke; yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga, futhi nezinyawo zenu zigqokiswe ukulungiswa ngevangeli lomoya wokuthula, engithumele izingelosi zami ukuthi zilibeke kini;

17 Nithathe isihlangu sokukholwa eniyokwazi ngaso ukucima yonke imcibisholo evuthayo yomubi;

18 Futhi nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba yoMoya wami, engiyowuthulula phezu kwenu, nezwi lami engilambula kini, futhi nivumelane noma yini eniyoyicela kimi, futhi nithembeke ngize ngize, futhi niyohlwithwa, ukuze lapho ngikhona nani nibekhona futhi. Amen.