ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 10


Isigaba 10

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, cishe ngo Epreli 1829, nakuba izingxenye zalesi sambulo kungenzeka ukuthi zatholakala kusukela ehlobo langonyaka ka 1828. Lapha iNkosi yazisa uJoseph ngoshintsho olwenziwe ngabantu ababi emakhasini ayi 116 ombhalo olotshwe ngesandla osuka ekuhunyushweni kwencwadi kaLehi, eseNcwadini kaMormoni. Lamakhasi ombhalo olotshwe ngesandla ayelahleke kuMartin Harris, owayenikwe lamaphepha amakhasi okwesikhashana. (Bheka isihloko sesigaba 3.) Isu lobubi kwaku wukulinda ukuhunyushwa kwesibili okwakulindelekile kodaba olwalusemakhasini ayentshontshiwe bese benza ukuthi umhumushi angakholakali ngokukhombisa umahluko odalwe wushintsho. Ukuthi lenhloso embi yayicatshangwe ngomubi nanokuthi yayazeka eNkosini ngisho ngesikhathi uMormoni, umbhali wemilando wakudala wamaNefi, wayenza isifinyezo sakhe sezingcwephe ezazinqwabelene, iyatshengiswa eNcwadini kaMormoni (bheka AmaZwi kaMormoni 1:3–7).

1–26, USathane ubhebhezela abantu ababi ukuba baphikisane nomsebenzi weNkosi; 27–33, Ufuna ukubhubhisa imimoya yabantu; 34–52, Ivangeli kumele liye kumaLamani nakuzo zonke izizwe ngeNcwadi kaMormoni; 53–63, INkosi izomisa iBandla Layo kanye nevangeli phakathi kwabantu; 64–70, Izoqoqela abaphendukileyo eBandleni Layo futhi ibahlenge abayithobelayo.

1 Manje, bheka, ngithi kuwe, ngokuba udlulisele leyo mibhalo owawunikwe amandla okuyihumusha nge-Urimi neThumimi, ezandleni zomuntu omubi, usuyilahlile.

2 Futhi nawe ulahlekelwe yisipho sakho ngaso lesosikhathi, nomqondo wakho wafiphala.

3 Nokho, manje sesibuyiselwe kuwe futhi; ngakho-ke qiniseka ukuthi uyathembeka futhi uqhubeke kuze kube sekupheleni komsebenzi osele wokuhumusha njengoba bewuqalile.

4 Ungagijini kakhulu noma usebenze ngokungaphezulu kwamandla nezindlela onikwe zona ukuze ukwazi ukuhumusha; kodwa khuthala kuze kube sekugcineni.

5 Khuleka njalo, ukuze ube ngumqobi; yebo, ukuze umnqobe uSathane, futhi ukuze uphunyule ezandleni zezinceku zikaSathane ezisekela umsebenzi wakhe.

6 Bheka, bebefuna ukonakalisa udumo lwakho; yebo, ngisho nendoda obuyithembile ibifuna ukonakalisa udumo lwakho.

7 Futhi yilesi sizathu esenze ngithi uyindoda embi, ngokuba ubefuna ukuthatha kuwe izinto ophathiswe zona; futhi ubefuna ukushabalalisa isipho sakho.

8 Futhi ngokuba udlulise imibhalo ezandleni zakhe, bheka, abantu ababi bayithathile kuwena.

9 Ngakho-ke, uyidlulisile, yebo, lokho okwakungcwele, kwababi.

10 Futhi, bheka, uSathane ukufake ezinhliziyweni zabo ukushintsha amazwi owenze ukuthi abhalwe, noma owahumushile, asesukile ezandleni zakho.

11 Futhi bheka, ngithi kuwe, ngokuba sebewashintshile amagama, asehlukile kulokho owakuhumusha nalokho owenza ukuthi kubhalwe;

12 Futhi, ngalendlela, udeveli ufuna ukubeka isu lobuqili, ukuze ashabalalise lomsebenzi;

13 Ngokuba ukufakile ezinhliziyweni zabo ukwenza lokhu, ukuze kuthi ngokuqamba amanga bathi baku bambile emazwini owenze sengathi uwahumushile.

14 Ngiqinisile, ngithi kuwe, ngeke ngivumele ukuthi uSathane aphumelele ukufeza izinhloso zakhe ezimbi ngalesi senzo.

15 Ngokuba bheka, ukufakile ezinhliziyweni zabo ukukwenzisa ukuthi ulinge iNkosi uNkulunkulu wakho, ngokucela ukuphinda uhumushe kabusha futhi.

16 Futhi, bheka, bathi ezinhliziyweni zabo—Sizobona uma uNkulunkulu emnikile amandla okuhumusha; uma kunjalo, uzophinda amnike amandla futhi;

17 Futhi uma uNkulunkulu emnika amandla futhi, noma ehumusha futhi, noma, ngamanye amazwi, uma eveza amazwi afanayo, bheka, nathi sinawo, futhi sesiwashintshile;

18 Ngakho-ke ngeke avumelane, futhi siyothi uqambe amanga emazwini akhe, nokuthi akanaso isiphiwo, nokuthi akanawo amandla;

19 Ngakho-ke sizokonakalisa udumo lwakhe, kanye nalomsebenzi; futhi sizokwenza lokhu ukuze singabi nokujabha ekugcineni, futhi ukuze sithole udumo lomhlaba.

20 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, bagcwele uSathane ezinhliziyweni zabo; ubabhebhezela ukuthi bone ngokuphambene nalokho okuhle;

21 Futhi izinhliziyo zabo zonakele, futhi zigcwele ububi nezinengiso; futhi bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba izenzo zabo zimbi; ngakho-ke ngeke bacele kimi.

22 USathane uyababhebhezela, ukuze aholele imimoya yabo embujisweni.

23 Futhi ngaleyondlela usebeke isu lobuqili, ecabanga ukushabalalisa umsebenzi kaNkulunkulu; kodwa ngizokufuna lokhu ezandleni zabo, futhi kuyophenduka injabhiso nokulahlwa ngecala ngosuku lokwahlulela.

24 Yebo, ubhebhezela izinhliziyo zabo ukuze bawucasukele lomsebenzi.

25 Yebo, uthi kubo: Khohlisa abanye futhi ulale phansi ulindele ukubamba, ukuze ubulale; bheka, lokhu akulimazi. Futhi ubalutha ngalendlela, ebatshela ukuthi akusona isono ukuqamba amanga ukuze babambe lowo oqamba amanga, ukuze bonakalise udumo lwakhe.

26 Futhi ubalutha ngalendlela, futhi ebahola njalo aze adonsele imimoya yabo phansi esihogweni; ngaleyondlela wenza bazibambe ngolwabo ugibe.

27 Futhi uhamba ngalendlela ephansi phezulu eya lapha nalaphaya emhlabeni, efuna ukukhubaza imimoya yabantu.

28 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, maye kulowo oqamba amanga ngenhloso yokukhohlisa ngoba ekholwa wukuthi nomunye umuntu uqamba amanga ngenhloso yokukhohlisa, ngokuba labo abanjalo abayikuxolelwa ekulungeni kukaNkulunkulu.

29 Manje, bheka, bawashintshile lamagama, ngokuba uSathane uthi kubo: Unikhohlisile—futhi ubalutha ngalendlela ebadukisa ukuze benze ububi, ukuze akwenze ulinge iNkosi uNkulunkulu wakho.

30 Bheka, ngithi kuwe, ungawahumushi futhi lawo magama asesukile ezandleni zakho;

31 Ngokuba, bheka, ngeke baphumelele ezinhlosweni zabo ezimbi ngokuqamba amanga ukuphikisana nalawo magama. Ngokuba, bheka, uma ungaveza lawomagama afanayo bayothi uqambe amanga futhi wenze sengathi ubuhumusha, kodwa uziphikisile wena uqobo.

32 Futhi, bheka, bayokwazisa lokhu emphakathini, futhi uSathane uzozenza lukhuni izinhliziyo zabantu ukuze ababhebhezele ukuthi bakuthukuthelele, ukuze bangakholwa ngamazwi ami.

33 Ngaleyondlela uSathane unecebo lokuqeda amandla obufakazi bakho kulesi sizukulwane, ukuze umsebenzi ungaqhubeki kulesi sizukulwane.

34 Kodwa bheka, nakhu ukuhlakanipha, futhi ngokuba ngikutshengisa ukuhlakanipha, futhi ngikunika imiyalelo mayelana nalezi zinto, okufanele ukwenze, ungakuvezi emhlabeni kuze kube uwuqedile umsebenzi wokuhumusha.

35 Ungamangaliswa wukuthi ngithe kuwe: Nakhu ukuhlakanipha, ungakuvezi emhlabeni—ngokuba ngithe ungakuvezi emhlabeni, ukuze ulondolozwe.

36 Bheka, angisho ukuthi ungakukhombisi kwabalungileyo;

37 Kodwa njengoba ungeke njalo wabona ukuthi ngubani olungileyo, noma njengoba ungeke njalo ukwazi ukuhlukanisa ababi kwabalungileyo, ngakho-ke ngithi kuwe, thula ngize ngibone kufanele ukwazisa ngezinto zonke emhlabeni mayelana naloludaba.

38 Manje, ngiqinisile ngithi kuwe, indaba ngalezo zinto ozibhalile, ezisukile ezandleni zakho, iqoshiwe ezingcwepheni zikaNefi;

39 Yebo, futhi uyakhumbula kwashiwo kuleyo mibhalo ukuthi indaba enemininingwane eminingi yabhalwa ngalezi zinto ezingcwepheni zikaNefi.

40 Manje, ngokuba indaba eqoshwe ezingcwepheni zikaNefi inemininingwane eminingi mayelana nezinto, ngokuhlakanipha kwami, engizozazisa abantu kulendaba—

41 Ngakho-ke, uyohumusha imibhalo eqoshwe ezingcwepheni zikaNefi, usuka emuva uze ufike ekubuseni kwenkosi uBenjamini, noma uze ufike kulokho okuhumushile, okugcinile;

42 Futhi bheka, uyokwazisa emphakathini njengombhalo kaNefi; ngaleyondlela ngizobavimbela labo abashintshe amazwi ami.

43 Ngeke ngibavumele ukuthi bashabalalise umsebenzi wami; yebo, ngizobatshengisa ukuthi ukuhlakanipha kwami kukhulu kunobuqili bukadeveli.

44 Bheka, bathole ingxenye nje kuphela, noma indaba efingqiwe kaNefi.

45 Bheka, ziningi izinto eziqoshwe ezingcwepheni zikaNefi eziveza kabanzi ngevangeli lami; ngakho-ke, kuwukuhlakanipha kimi ukuthi uhumushe lengxenye yokuqala yemiqopho kaNefi, futhi wazise abantu bonke okubhalwe kulo msebenzi.

46 Futhi, bheka, sonke isigaba sokugcina salomsebenzi sinazo zonke lezo zingxenye zevangeli lami ezacelwa ngabaphrofethi bami abangcwele, yebo, kanye nabafundi bami, emikhulekweni yabo ukuthi zifinyelele kulaba bantu.

47 Futhi ngathi kubo, ngizobapha ngokokholo lwabo emikhulekweni yabo;

48 Yebo, ukholo lwabo kwakuyilokhu—ukuthi ivangeli lami, engabanika lona ukuthi balishumayele ezinsukwini zabo, lifinyelele kubafowabo amaLamani, kanye nalabo bonke abase bengamaLamani ngenxa yokuhlubuka kwawo.

49 Manje, akukona kodwa lokhu—ukholo lwabo emikhulekweni yabo kwakuwukuthi leli vangeli kumele laziswe futhi, uma kwakungenzeka ukuthi ezinye izizwe zenze lelizwe kube ngelazo;

50 Futhi ngaleyondlela bashiya isibusiso kulelizwe emikhulekweni yabo, ukuze lowo oyokholwa yileli vangeli kulelizwe athole ukuphila okuphakade;

51 Yebo, ukuze kube yizwe elikhululekile kubona bonke kunoma yisiphi isizwe, izihlobo, izilimi, noma abantu.

52 Manje, bheka, ngokokholo lwabo emikhulekweni yabo ngizoletha lengxenye yevangeli lami kubantu bami. Bheka, angiyilethi ukuzoqeda lokho abakutholile, kodwa ukuzokwandisa.

53 Futhi ngenxa yalokhu ngithe: Uma lesi sizukulwane singazenzi lukhuni izinhliziyo zaso, ngizokwakha ibandla lami phakathi kwabo.

54 Manje angisho lokhu ukuqeda ibandla lami, kodwa ngisho lokhu ukuze ngakhe ibandla lami;

55 Ngakho-ke, lowo webandla lami akufanele esabe, ngokuba labo bayodla ifa lombuso wezulu.

56 Kodwa yilabo abanga ngesabi, nabangagcini imiyalelo yami kodwa abakhe amabandla abo ukuze bathole inzuzo, yebo, futhi nabo bonke labo abenza ububi futhi nabakha umbuso kadeveli—yebo, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, yilabo engizobaphazamisa, futhi engizobenza bavevezele ngaphakathi.

57 Bheka, nginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Ngeza kwabami, kodwa abami abangemukelanga.

58 Nginguku khanya okukhanye ebumnyameni, kodwa ubumnyama abukuqondanga.

59 Nginguye owathi—Nginezinye izimvu ezingezona ezalomhlambi—kubafundi bami, futhi baningi abangangiqondanga.

60 Futhi ngizobakhombisa lababantu ukuthi nganginezinye izimvu zami, futhi nokuthi zaziyigatsha lendlu kaJakobe;

61 Futhi ngizokwambula imisebenzi yabo emangalisayo, abayenza egameni lami;

62 Yebo, futhi ngizokwambula futhi ivangeli lami elashunyayelwa kubo, futhi, bheka, ngeke bakwenqabe lokho okwamukelile, kodwa bazokwandisa, futhi bayofundisa imininingwane eyiqiniso yemfundiso yami, yebo, okuyiyona yodwa imfundiso ekimi.

63 Futhi lokhu ngikwenzela ukuthi ngimise ivangeli lami, ukuze ingabi bikho impikiswano eningi; yebo, uSathane ubhebhezela izinhliziyo zabantu ukuze baphikisane mayelana nemininingwane yemfundiso yami; futhi kulezi zinto bayaphambuka, ngoba bayayihlanekezela imibhalo engcwele futhi abayiqondi.

64 Ngakho-ke, ngizokwambula kubo lemfihlakalo enkulu;

65 Ngokuba, bheka, ngizobaqoqa njengesikhukhukazi siqoqela amachwane ngaphansi kwamaphiko aso, uma bengeke bazenze lukhuni izinhliziyo zabo;

66 Yebo, uma befisa ukuza, bangeza, futhi baphuze amanzi okuphila ngaphandle kwenkokhelo.

67 Bheka, lena yimfundiso yami—lowo ophendukayo futhi eze kimi, nguye lowo owebandla lami.

68 Lowo oshumayela okungaphezulu noma okungaphansi kwalokhu, nguye lowo ongeyena owami, kodwa uphambene nami; ngakho-ke akayena owebandla lami.

69 Manje, bheka, lowo ongowebandla lami, futhi obekezela esebandleni lami kuze kube sekugcineni, ngiyomakhela phezu kwe dwala lami, futhi amasango esihogo awayikubanqoba.

70 Manje, khumbula amazwi akhe lowo ongukuphila noku khanya komhlaba, umHlengi wakho, iNkosi yakho futhi noNkulunkulu wakho. Amen.