ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 101


Isigaba 101

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 16 Disemba, 1833. Ngalesi sikhathi abaNgcwele ababehlangene eMissouri babezwa ukuhlushwa okukhulu. Uquqaba lwabantu lwalubaxoshile emizini yabo esesiFundeni iJackson; futhi abanye babaNgcwele babezamile ukuhlala eziFundeni eVan Buren, eLafayette, kanye nase Ray, kodwa ukuhlushwa kwabalandela. Iningi labaNgcwele ngaleso sikhathi lalisesiFundeni iClay, eMissouri. Ukwesatshiswa ngokubulawa kwamalungu eBandla kwakukuningi. AbaNgcwele esiFundeni iJackson base belahlekelwe yimpahla yasekhaya, izingubo, imfuyo, nezinye izimpahla okwakungezabo; nezitshalo eziningi zabo zazibulewe.

1–8, AbaNgcwele bayajeziswa futhi bahlushwa ngenxa yeziphambeko zabo; 9–15, Intukuthelo yeNkosi izokwehlela phezu kwezizwe, kodwa abantu Bayo bayoqoqwa futhi baduduzwe; 16–21, USiyoni nezikhonkwane zakhe uzomiswa; 22–31, Ubunjalo bempilo ngesikhathi seNkulungwane yemiNyaka buyachazwa; 32–42, AbaNgcwele bazobusiswa futhi banikwe umvuzo ngaleso sikhathi; 43–62, Umfanekiso wendoda eyisikhulu emphakathini nezihlahla zomhlwathi ukhombisa izinkathazo nokusindiswa kweSiyoni ekugcineni; 63–75, AbaNgcwele kufanele baqhubeke nokubuthana ndawonye; 76–80, INkosi yamisa uMthetho-sisekelo waseMelika; 81–101, AbaNgcwele kufanele bancengele ukunxeshezelwa kokoniwa, ngokomfanekiso wowesifazane nomahluleli ongalungile.

1 Ngiqinisile ngithi kini, mayelana nabafowenu abezwe ubuhlungu, futhi bahlushwa, futhi basuswa ezweni lefa labo—

2 Mina, iNkosi, ngizivumelile izinhlupho zize kubo, abahlushwe ngazo, ngenxa yezi phambeko zabo;

3 Nokho ngizobenza abami, futhi bayokuba ngabami ngalolo suku engiyokuza ngalo ukuzokwenza amagugu ami.

4 Ngakho-ke, kufanele bajeziswe futhi bavivinywe, ngisho njengo-Abrahama, owayalwa ukuba anikele ngendodana yakhe eyodwa ayenayo.

5 Ngokuba bonke labo abangathandi ukubekezelela ukujeziswa, kodwa bengiphika, ngeke ba ngcweliswe.

6 Bhekani, ngithi kini, kwakunokuxabana, noku phikisana, no mona, nemibango, nezifiso zenkanuko nezokulangazelela phakathi kwabo; ngakho-ke ngalezi zinto bangcolisa amafa abo.

7 Babephuza ukulalela izwi leNkosi uNkulunkulu wabo; ngakho-ke, neNkosi uNkulunkulu wabo iyaphuza ukulalela imikhuleko yabo, ukubaphendula ngosuku lwabo lwenkathazo.

8 Ngosuku lwabo lokuthula basibukela phansi iseluleko sami; kodwa, ngosuku lwabo lwe nkathazo, ngenxa yokudinga bazama ukungifumana.

9 Ngiqinisile ngithi kini, nakuba bonile, izibilini zami zigcwele ububele kubo. Ngeke ngibalahle impela; futhi ngosuku lwe ntukuthelo ngizowukhumbula umusa.

10 Sengifungile, futhi isimemezelo sesiphumile ngomyalelo waphambilini engini nike wona, sokuthi ngizodedela inkemba yentukuthelo yami iwe ukuze kuzuze abantu bami; futhi ngisho njengoba ngishilo, kuyokwenzeka.

11 Intukuthelo yami isizothululwa maduzane ngaphandle kwesilinganiso phezu kwezizwe zonke; futhi lokhu ngizokwenza uma isitsha sobubi babo obukhulu sesigcwele.

12 Futhi ngalolo suku bonke abatholwa bephezu kwe silindo, noma ngamanye amagama, wonke u-Israyeli wami, uyosindiswa.

13 Futhi labo abasabalalisiwe bayoqoqwa.

14 Futhi bonke labo abalilileyo bayoduduzwa.

15 Futhi bonke labo abanikele ngezimpilo zabo ngenxa yegama lami bayoqheliswa.

16 Ngakho-ke, izinhliziyo zenu maziduduzeke ngokuphathelene neSiyoni; ngokuba yonke inyama isezandleni zami; thula futhi wazi ukuthi nginguNkulunkulu.

17 USiyoni ngeke asuswe endaweni yakhe, nakuba abantwana bakhe besabalele.

18 Labo abasele, futhi abamsulwa enhliziyweni, bayobuya, futhi beze kuwo amafa abo, bona nabantwana babo, ngamaculo enjabulo yaphakade, ukuzokwakha izindawo eziyincithakalo zaseSiyoni—

19 Futhi zonke lezi zinto ukuze abaphrofethi bagcwaliseke.

20 Futhi, bhekani, ayikho enye indawo ebekiwe kunaleyo engiyibekile; futhi akuyikubakhona enye indawo ebekiwe kunaleyo engiyibekile, yomsebenzi wokuqoqa abangcwele bami—

21 Kuze kuze wusuku lapho ingatholakali indawo yabo; futhi emva kwalokho nginezinye izindawo engiyozimisela bona, futhi ziyobizwa nge zikhonkwane, ukwandisa noma ukuqinisa iSiyoni.

22 Bhekani, kuyintando yami, ukuthi bonke ababiza igama lami, futhi abangikhonza ngokwevangeli lami laphakade, kufanele baqoqane ndawonye, futhi bame ezindaweni ezingcwele;

23 Futhi balungiselele isambulo esizokuza, ngesikhathi isisitho sokumboza ithempeli lami, kwitabernakeli lami, esicashisa umhlaba, siyosuswa, futhi yonke inyama iyongibona kanyekanye.

24 Futhi konke okungcolile, abantu, noma izilwane zasendle, noma izinyoni zezulu, noma kwezinhlanzi zolwandle, okuhlala phezu kobuso bomhlaba, kuyo shiswa;

25 Futhi nalokho kwemvelo kuyoncibilika ngokukhulu ukushisa; futhi zonke izinto ziyoba zintsha, ukuze ulwazi lwami ne nkazimulo kubekhona emhlabeni wonke.

26 Futhi ngalolo suku ubutha phakathi kwabantu, futhi nobutha phakathi kwezilwane, yebo, ubutha bayo yonke inyama, buyophela phambi kobuso bami.

27 Futhi ngalolo suku noma yini umuntu ayoyicela, uyophiwa.

28 Futhi ngalolo suku uSathane ngeke abe namandla okulinga noyedwa umuntu.

29 Futhi ngeke kube bikho usizi ngokuba akukho kufa.

30 Ngalolo suku umntwana ngeke afe aze abe mdala; futhi impilo yakhe iyoba njengeminyaka yesihlahla;

31 Futhi uma efa ngeke alale, okungukuthi phansi, kodwa uyo guqulwa ngokuphazima kweso, futhi uyo hlwithwa, futhi ukuphumula kwakhe kuyoba yintokozo.

32 Yebo, ngiqinisile ngithi kini, ngalolo suku mhla iNkosi isiza, iyo kwambula zonke izinto—

33 Izinto esezadlula, futhi nezinto ezifihliwe ezingaziwa muntu, izinto zomhlaba, owenziwa ngazo, futhi nenhloso nesiphetho sawo—

34 Izinto eziyigugu kakhulu, izinto ezingaphezulu, nezinto ezingaphansi, izinto ezisemhlabeni, nezingaphezu komhlaba, kanye nezisezulwini.

35 Futhi bonke labo abezwa ukuhlushwa ngenxa yegama lami, futhi ababekezela ngokholo, nakuba bedela ukuphila kwabo ngenxa yami kepha bayoyifumana yonke lenkazimulo.

36 Ngalokho-ke, ningesabi kuze kube sekufeni; ngokuba kulomhlaba ukuthokoza kwenu akuphelele, kodwa kimi ukuthokoza kwenu kuphelele.

37 Ngakho-ke, ningazikhathazi ngomzimba, noma impilo yomzimba; kodwa zikhathazeni ngomoya, futhi nokuphila komoya.

38 Futhi funani ubuso beNkosi njalo, ukuze ngoku bekezela nizuze imimoya yenu, futhi niyozuza ukuphila okuphakade.

39 Uma abantu bebizelwa kwelami ivangeli laphakade, futhi benza isivumelwano ngesivumelwano saphakade, babalwa njengo sawoti womhlaba futhi nobusawoti babantu;

40 Babizwa ukuba babe ubusawoti babantu; ngakho-ke, uma lowo sawoti womhlaba usulahlekelwe wubusawoti bawo, bheka, kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho kuphela ufanele ukulahlwa ngaphandle futhi unyathelwe ngabantu.

41 Bhekani, nakhu ukuhlakanipha ngokuphathelene nabantwana baseSiyoni, ngisho abaningi, kodwa hhayi bonke; batholwa bengaboni, ngakho-ke kufanele bajeziswe—

42 Lowo oziphakamisayo uyothotshiswa, lowo ozithobayo uyophakanyiswa.

43 Manje, ngizonitshengisa umfanekiso, ukuze nazi intando yami ngokuphathelene nokuhlengwa kweSiyoni.

44 Isikhulu esithile sasinesi qinti somhlaba, okhethekileyo kakhulu; futhi sathi ezincekwini zaso: Hambani niye esivinini sami, ngisho phezu kwalesi siqinti somhlaba okhethekileyo kakhulu, futhi nitshale izihlahla zeminqumo eziyishumi nambili;

45 Futhi nibeke abalindi nxazonke, nakhe umbhoshongo, ukuze umuntu akwazi ukubheka izwe nxazonke, ukuze abe ngumlindi embhoshongweni, ukuze izihlahla zami zeminqumo zingaphulwa uma kufika isitha ukuzophanga futhi bazidlele izithelo zesivini sami.

46 Manje, izinceku zesikhulu zahamba futhi zenza njengoba inkosi yazo iziyalile, futhi batshala izihlahla zeminqumo, futhi bakha uthango nxazonke, futhi babeka abalindi, futhi baqala ukwakha umbhoshongo.

47 Futhi kwathi besabeka isisekelo sawo, baqala bathi omunye komunye: Futhi iwudingelani inkosi lombhoshongo na?

48 Futhi babuzana isikhathi eside, bethi omunye komunye: Iwudingelani inkosi lombhoshongo, kube kuyisikhathi sokuthula na?

49 Akumelwe yini lemali ibekwe kwabebhange na? Ngokuba asikho isidingo salezi zinto.

50 Futhi ngesikhathi bephikisana bavilapha kakhulu, futhi bangayilalela imiyalelo yenkosi yabo.

51 Futhi isitha safika ngobusuku, futhi saphula uthango; futhi izinceku zesikhulu zavuka futhi zasaba, futhi zabaleka; nesitha sawubulala umsebenzi wabo, futhi sacekela phansi izihlahla zeminqumo.

52 Manje, bhekani, isikhulu, inkosi yesivini, yabiza izinceku zayo, futhi yathi kubo, Kungani! yini edale lobu bubi obungaka na?

53 Beningafanele yini ukwenza ngisho njengoba nginiyalile, futhi—emva kokutshala isivini, futhi nakha uthango nxazonke, futhi nabeka abalindi phezu kwezindonga zalo—naphinda nakha umbhoshongo, futhi nabeka abalindi phezu kombhoshongo, futhi nasiqapha isivini sami, futhi nangozela nalala, funa isitha size phezu kwenu na?

54 Futhi bhekani, umlindi phezu kombhoshongo ngabe usibonile isitha ngesikhathi sisekude; futhi ngabe nikwazile ukuzilungiselela futhi nakwazi ukusivimba singabulali uthango lwalapho, futhi ngabe nisi sindisile isivini sami esandleni sombulali.

55 Futhi inkosi yesivini yathi koyedwa wezinceku zayo: Hamba futhi uqoqele ndawonye zonke izinceku zami ezisele, futhi uthathe wonke amandla endlu yami, okungamabutho ami, izinsizwa zami, futhi nalabo asebe neminyaka emaphakathi phakathi kwazo zonke izinceku zami, abangamandla endlu yami, ngaphandle kwalabo engibabeke ukuba basale;

56 Futhi hambani masinyane niye esiqintini sesivini sami, futhi nibuyise isivini sami; ngokuba singesami; ngisithenge ngemali.

57 Ngakho-ke, hambani masinyane niye esiqintini sami; bulalani izindonga zezitha zami; niwise imibhoshongo yazo, futhi nihlakaze abalindi bazo.

58 Futhi kangangoba beqoqana ndawonye bemelene nani, ngiphindiseleleni ezitheni zami, ukuze maduze ngize nabasele bendlu yami futhi sizosi thatha isiqinti.

59 Futhi inceku yathi enkosini yayo: Ziyokwenzeka nini lezi zinto na?

60 Futhi yathi encekwini yayo: Uma sengithanda; hambani masinyane, futhi nenze zonke izinto konke enginiyale ngakho;

61 Futhi lokhu kuyoba imvume yami nesibusiso kuwe—umphathi othembekile nohlakaniphile phakathi kwendlu yami, umbusi embusweni wami.

62 Futhi inceku yakhe yahamba masinyane, futhi yenza zonke izinto konke inkosi emyale ngakho; futhi emva kwezinsuku eziningi zonke izinto zafezeka.

63 Phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, ngizonitshengisa ukuhlakanipha kimi ngokuphathelene nawo wonke amabandla, kangangoba bethanda ukuholwa ngendlela eqondile futhi nefanele ukufeza ukusindiswa kwabo—

64 Ukuze umsebenzi wokuqoqa ndawonye kwabangcwele bami uqhubeke, ukuze ngibakhele egameni lami phezu kwezindawo ezingcwele; ngokuba isikhathi sesivuno sifikile, futhi izwi lami kufanele lifezeke.

65 Ngakho-ke, kufanele ngiqoqele ndawonye abantu bami, ngokomfanekilso wamabele nokhula, ukuze amabele abuthelwe ezinqolobaneni ukuze abe nokuphila okuphakade, futhi aqheliswe nge nkazimulo yesilestiyali, uma sengiza embusweni kaBaba wami ukuze nginike umvuzo kulowo nalowo muntu ngesenzo sakhe;

66 Ngesikhathi ukhula luboshwa luba yizithungo, futhi izibopho zabo zenziwe zaqina, ukuze bashiswe ngomlilo ongacimeki.

67 Ngakho-ke, umyalelo ngiwunika kuwo wonke amabandla, ukuthi aqhubeke nokuqoqelana ndawonye ezindwaweni engizimisile.

68 Nokho, njengoba ngishilo kini ngomyalelo waphambilini, ukuqoqana kwenu makungaphuthumi, noma kube ngokubaleka; kodwa zonke izinto mazilungiswe kuqala.

69 Futhi ukuze zonke izinto zilungiswe kuqala, gcinani umyalelo engiwunikile ngokuphathelene nalezi zinto—

70 Othi, noma ofundisa ukuthi, thengani zonke izindawo ngemali, ezingathengwa ngemali, esifundeni esiseduze nezwe engilimise ukuba libe yizwe laseSiyoni, ukuze kufezwe ukuqala kokuqoqana kwabangcwele bami;

71 Wonke umhlaba ongathengwa esifundeni iJackson, nasezifundazweni eziseduze, futhi nishiye okuseleyo esandleni sami.

72 Manje, ngiqinisile ngithi kini, wonke amabandla mawaqoqele ndawonye izimali zawo; lezi zinto mazenzeke ngesikhathi sazo, kodwa kungabi ngokuphuthuma; futhi nizame ukuba zonke izinto zilungiswe kuqala.

73 Futhi amadoda ahloniphekile mawabekwe, ngisho amadoda ahlakaniphileyo, futhi niwathumele ukuyothenga lemihlaba.

74 Futhi amabandla asemazweni angasempumalanga, uma esakhiwe, uma engalalela lomyalo angathenga imihlaba futhi aqoqanele ndawonye kuyo; futhi ngalendlela angayimisa iSiyoni.

75 Ngisho namanje sekukhona okwanele okugciniwe, yebo, ngisho inala, ukuze kubuyiswe uSiyoni, futhi kumiswe izindawo zakhe ezichithakeleyo, zingaphindi futhi zilahlwe phansi, uma amabandla, azibiza ngegama lami, ethanda ukulalela izwi lami.

76 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, labo abebehlakazwe yizitha, kuyintando yami ukuthi bangaqhubeka nokucela ukunxeshezelwa, nokubuyiselwa, ngesandla salabo ababekwe njengababusi nabasemagunyeni phezu kwenu—

77 Ngokwemithetho futhi nangomthetho-sisekelo wabantu, engiwuvumele ukuba umiswe, futhi okufanele ugcinelwe amalungelo nokuvikeleka kwabo bonke abantu, ngokwemigomo elungileyo nengcwele;

78 Ukuze wonke umuntu enze ngokwezimfundiso nomgomo ophathelene nekusasa, ngoku zikhethela kokulunga engimnike kona, ukuze wonke umuntu aziphendulele ngezono zakhe ngosuku lo kwahlulelwa.

79 Ngakho-ke, akulungile ukuthi noma yimuphi umuntu abe sebugqilini bomunye.

80 Futhi ngalenhloso ngiwumisile uMthetho-sisekelo walelizwe, ngezandla zamadoda ahlakaniphileyo engiwavusele yona kanye lenhloso, futhi ngalikhulula izwe ngokuchitha igazi.

81 Manje, ngizobafanisa nani abantwana baseSiyoni na? Ngizobafanisa nomfanekiso wowesifazane nomehluleli ongalungile, ngokuba abantu kufanele njalo bahlale bekhuleka njalo futhi bangadangali, othi—

82 Kwakukhona emzini othile umahluleli owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.

83 Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: Ngizwele esitheni sami.

84 Futhi kwaba yisikhathi engavumi, kepha kamuva wathi ngenhliziyo: Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu, nokho ngokuba lomfelokazi engikhathaza njalo ngizomzwela, funa angikhathaze ngokufika njalonjalo.

85 Ngizobafanisa nalokho okushiwoyo abantwana baseSiyoni.

86 Mabanxuse ezinyaweni zomehluleli;

87 Futhi uma engabanaki, mabanxuse ezinyaweni zombusi;

88 Futhi uma umbusi engabanaki, mabanxuse ezinyaweni zikamongameli;

89 Futhi uma umongameli engabanaki, ngaleso sikhathi-ke iNkosi izoqala ukwenza futhi iphume endaweni yayo yokucasha, futhi ngentukuthelo yayo isihluphe isizwe.

90 Futhi ngokungathokozi kwakhe okukhulu, futhi nangolaka lwakhe olukhulu; ngesikhathi sakhe, uzobasusa labo ababi, abangathembekile, nabaphathi abangalungile, futhi ababele ingxenye yabo phakathi kwabazenzisi, nabangakholwayo;

91 Ngisho ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyoba khona ukukhala, nesililo, nokugedla kwamazinyo.

92 Ngakho-ke, khulekani, ukuze izindlebe zabo zizwe ukukhala kwenu, ukuze ngibe nomhawu kubo, ukuze lezi zinto zingabehleli.

93 Engikushilo kini kumelwe ukuba kwenzeke, ukuze wonke umuntu angabi nazaba;

94 Ukuze izazi nababusi bezwe futhi bazi lokho abangakaze bakuqonde;

95 Ukuze ngiqhubeke ngenze isenzo sami, isenzo sami esingajwayelekile, futhi ngifeze umsebenzi wami, umsebenzi wami ongajwayelekile, ukuze abantu bawubone umehluko phakathi kwabalungileyo nababi, kusho uNkulunkulu wenu.

96 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, kuphambene nomyalelo wami futhi nentando yami ukuthi inceku yami uSidney Gilbert adayise indlu yami yengcebo, engiyimisele abantu bami, ezandleni zezitha zami.

97 Lokho engikumisile makungangcoliswa yizitha zami, ngemvume yalabo abazibiza ngegama lami;

98 Ngokuba lesi yisono esibuhlungu nesibi kakhulu kimi, futhi nakubantu bami, ngenxa yalezo zinto engizimisile futhi ezizokwehlela izizwe.

99 Ngakho-ke, kuyintando yami ukuthi abantu bami bafune ngokwelungelo, futhi babambelele kulokho engikumisele bona, nakuba bengeke bavunyelwe ukuhlala kukho.

100 Nokho, angisho ukuthi ngeke bahlale kukho; ngokuba kangangoba beletha izithelo nemisebenzi efanele umbuso wami bayohlala kukho.

101 Bayokwakha, futhi omunye ngeke akuzuze lokho njengefa; bayotshala izivini, futhi bayokudla izithelo zaso. Ngisho kanjalo. Amen.