ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 101


Isigaba 101

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 16 Disemba, 1833. Ngalesi sikhathi abaNgcwele ababehlangene eMissouri babezwa ukuhlushwa okukhulu. Uquqaba lwabantu lwalubaxoshile emizini yabo esesiFundeni iJackson; futhi abanye babaNgcwele babezamile ukuhlala eziFundeni eVan Buren, eLafayette, kanye nase Ray, kodwa ukuhlushwa kwabalandela. Iningi labaNgcwele ngaleso sikhathi lalisesiFundeni iClay, eMissouri. Ukwesatshiswa ngokubulawa kwamalungu eBandla kwakukuningi. AbaNgcwele esiFundeni iJackson base belahlekelwe yimpahla yasekhaya, izingubo, imfuyo, nezinye izimpahla okwakungezabo; nezitshalo eziningi zabo zazibulewe.

1–8, AbaNgcwele bayajeziswa futhi bahlushwa ngenxa yeziphambeko zabo; 9–15, Intukuthelo yeNkosi izokwehlela phezu kwezizwe, kodwa abantu Bayo bayoqoqwa futhi baduduzwe; 16–21, USiyoni nezikhonkwane zakhe uzomiswa; 22–31, Ubunjalo bempilo ngesikhathi seNkulungwane yemiNyaka buyachazwa; 32–42, AbaNgcwele bazobusiswa futhi banikwe umvuzo ngaleso sikhathi; 43–62, Umfanekiso wendoda eyisikhulu emphakathini nezihlahla zomhlwathi ukhombisa izinkathazo nokusindiswa kweSiyoni ekugcineni; 63–75, AbaNgcwele kufanele baqhubeke nokubuthana ndawonye; 76–80, INkosi yamisa uMthetho-sisekelo waseMelika; 81–101, AbaNgcwele kufanele bancengele ukunxeshezelwa kokoniwa, ngokomfanekiso wowesifazane nomahluleli ongalungile.

1 Ngiqinisile ngithi kini, mayelana nabafowenu abezwe ubuhlungu, futhi abahlushwa, futhi bbasuswa ezweni lefa labo—

2 Mina, iNkosi, ngizivumelile aizinhlupho zize kubo, abahlushwe ngazo, ngenxa yezi bphambeko zabo;

3 Nokho ngizobenza abami, futhi bayokuba angabami ngalolo suku engiyokuza ngalo ukuzokwenza amagugu ami.

4 Ngakho-ke, kufanele abajeziswe futhi bavivinywe, ngisho njengo-bAbrahama, owayalwa ukuba anikele ngendodana yakhe eyodwa ayenayo.

5 Ngokuba bonke labo abangathandi ukubekezelela ukujeziswa, kodwa abengiphika, ngeke ba bngcweliswe.

6 Bhekani, ngithi kini, kwakunokuxabana, noku aphikisana, no bmona, nemibango, nezifiso czenkanuko nezokulangazelela phakathi kwabo; ngakho-ke ngalezi zinto bangcolisa amafa abo.

7 Babephuza aukulalela izwi leNkosi uNkulunkulu wabo; ngakho-ke, neNkosi uNkulunkulu wabo iyaphuza ukulalela imikhuleko yabo, ukubaphendula ngosuku lwabo lwenkathazo.

8 Ngosuku lwabo lokuthula basibukela phansi iseluleko sami; kodwa, ngosuku lwabo lwe ankathazo, ngenxa yokudinga bbazama ukungifumana.

9 Ngiqinisile ngithi kini, nakuba bonile, izibilini zami zigcwele aububele kubo. Ngeke bngibalahle impela; futhi ngosuku lwe cntukuthelo ngizowukhumbula umusa.

10 Sengifungile, futhi isimemezelo sesiphumile ngomyalelo waphambilini engini nike wona, sokuthi ngizodedela ainkemba yentukuthelo yami iwe ukuze kuzuze abantu bami; futhi ngisho njengoba ngishilo, kuyokwenzeka.

11 Intukuthelo yami isizothululwa maduzane ngaphandle kwesilinganiso phezu kwezizwe zonke; futhi lokhu ngizokwenza uma isitsha sobubi babo obukhulu asesigcwele.

12 Futhi ngalolo suku bonke abatholwa bephezu kwe asilindo, noma ngamanye amagama, wonke u-Israyeli wami, uyosindiswa.

13 Futhi labo abasabalalisiwe abayoqoqwa.

14 Futhi bonke labo aabalilileyo bayoduduzwa.

15 Futhi bonke labo abanikele angezimpilo zabo ngenxa yegama lami bayoqheliswa.

16 Ngakho-ke, izinhliziyo zenu maziduduzeke ngokuphathelene neSiyoni; ngokuba yonke inyama aisezandleni zami; bthula futhi wazi ukuthi nginguNkulunkulu.

17 aUSiyoni ngeke asuswe endaweni yakhe, nakuba abantwana bakhe besabalele.

18 Labo abasele, futhi abamsulwa enhliziyweni, bayobuya, futhi beze kuwo aamafa abo, bona nabantwana babo, bngamaculo enjabulo yaphakade, cukuzokwakha izindawo eziyincithakalo zaseSiyoni—

19 Futhi zonke lezi zinto ukuze abaphrofethi bagcwaliseke.

20 Futhi, bhekani, ayikho enye aindawo ebekiwe kunaleyo engiyibekile; futhi akuyikubakhona enye indawo ebekiwe kunaleyo engiyibekile, yomsebenzi wokuqoqa abangcwele bami—

21 Kuze kuze wusuku lapho ingatholakali indawo yabo; futhi emva kwalokho nginezinye izindawo engiyozimisela bona, futhi ziyobizwa nge azikhonkwane, ukwandisa noma ukuqinisa iSiyoni.

22 Bhekani, kuyintando yami, ukuthi bonke ababiza igama lami, futhi abangikhonza ngokwevangeli lami laphakade, kufanele abaqoqane ndawonye, futhi bbame ezindaweni ezingcwele;

23 Futhi balungiselele isambulo esizokuza, ngesikhathi aisisitho sokumboza ithempeli lami, kwitabernakeli lami, esicashisa umhlaba, siyosuswa, futhi yonke inyama biyongibona kanyekanye.

24 Futhi akonke okungcolile, abantu, noma izilwane zasendle, noma izinyoni zezulu, noma kwezinhlanzi zolwandle, okuhlala phezu kobuso bomhlaba, kuyo bshiswa;

25 Futhi nalokho kwemvelo akuyoncibilika ngokukhulu ukushisa; futhi zonke izinto ziyoba bzintsha, ukuze ulwazi lwami ne cnkazimulo kubekhona emhlabeni wonke.

26 Futhi ngalolo suku aubutha phakathi kwabantu, futhi nobutha phakathi kwezilwane, yebo, ubutha bayo yonke inyama, bbuyophela phambi kobuso bami.

27 Futhi ngalolo suku noma yini umuntu ayoyicela, uyophiwa.

28 Futhi ngalolo suku auSathane ngeke abe namandla okulinga noyedwa umuntu.

29 Futhi ngeke kube bikho ausizi ngokuba akukho kufa.

30 Ngalolo suku aumntwana ngeke afe aze abe mdala; futhi impilo yakhe iyoba njengeminyaka yesihlahla;

31 Futhi uma efa ngeke alale, okungukuthi phansi, kodwa uyo aguqulwa ngokuphazima kweso, futhi uyo bhlwithwa, futhi ukuphumula kwakhe kuyoba yintokozo.

32 Yebo, ngiqinisile ngithi kini, ngalolo asuku mhla iNkosi isiza, iyo bkwambula zonke izinto—

33 Izinto esezadlula, futhi anezinto ezifihliwe ezingaziwa muntu, izinto zomhlaba, owenziwa ngazo, futhi nenhloso nesiphetho sawo—

34 Izinto eziyigugu kakhulu, izinto ezingaphezulu, nezinto ezingaphansi, izinto ezisemhlabeni, nezingaphezu komhlaba, kanye nezisezulwini.

35 Futhi bonke labo abezwa aukuhlushwa ngenxa yegama lami, futhi ababekezela ngokholo, nakuba bedela ukuphila kwabo bngenxa yami kepha bayoyifumana yonke lenkazimulo.

36 Ngalokho-ke, ningesabi kuze kube asekufeni; ngokuba kulomhlaba ukuthokoza kwenu akuphelele, kodwa kimi bukuthokoza kwenu kuphelele.

37 Ngakho-ke, ningazikhathazi ngomzimba, noma impilo yomzimba; kodwa zikhathazeni angomoya, futhi nokuphila komoya.

38 Futhi afunani ubuso beNkosi njalo, ukuze ngoku bbekezela nizuze imimoya yenu, futhi niyozuza ukuphila okuphakade.

39 Uma abantu bebizelwa kwelami aivangeli laphakade, futhi benza isivumelwano ngesivumelwano saphakade, babalwa njengo bsawoti womhlaba futhi nobusawoti babantu;

40 Babizwa ukuba babe ubusawoti babantu; ngakho-ke, uma lowo sawoti womhlaba usulahlekelwe wubusawoti bawo, bheka, kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho kuphela ufanele ukulahlwa ngaphandle futhi unyathelwe ngabantu.

41 Bhekani, nakhu ukuhlakanipha ngokuphathelene nabantwana baseSiyoni, ngisho abaningi, kodwa hhayi bonke; batholwa bengaboni, ngakho-ke kufanele abajeziswe—

42 Lowo aoziphakamisayo uyothotshiswa, lowo bozithobayo uyophakanyiswa.

43 Manje, ngizonitshengisa umfanekiso, ukuze nazi intando yami ngokuphathelene nokuhlengwa kweSiyoni.

44 aIsikhulu esithile sasinesi qinti somhlaba, okhethekileyo kakhulu; futhi sathi ezincekwini zaso: Hambani niye besivinini sami, ngisho phezu kwalesi siqinti somhlaba okhethekileyo kakhulu, futhi nitshale izihlahla zeminqumo eziyishumi nambili;

45 Futhi nibeke aabalindi nxazonke, nakhe umbhoshongo, ukuze umuntu akwazi ukubheka izwe nxazonke, ukuze abe ngumlindi embhoshongweni, ukuze izihlahla zami zeminqumo zingaphulwa uma kufika isitha ukuzophanga futhi bazidlele izithelo zesivini sami.

46 Manje, izinceku zesikhulu zahamba futhi zenza njengoba inkosi yazo iziyalile, futhi batshala izihlahla zeminqumo, futhi bakha uthango nxazonke, futhi babeka abalindi, futhi baqala ukwakha umbhoshongo.

47 Futhi kwathi besabeka isisekelo sawo, baqala bathi omunye komunye: Futhi iwudingelani inkosi lombhoshongo na?

48 Futhi babuzana isikhathi eside, bethi omunye komunye: Iwudingelani inkosi lombhoshongo, kube kuyisikhathi sokuthula na?

49 Akumelwe yini lemali ibekwe kwabebhange na? Ngokuba asikho isidingo salezi zinto.

50 Futhi ngesikhathi bephikisana bavilapha kakhulu, futhi bangayilalela imiyalelo yenkosi yabo.

51 Futhi isitha safika ngobusuku, futhi saphula authango; futhi izinceku zesikhulu zavuka futhi zasaba, futhi zabaleka; nesitha sawubulala umsebenzi wabo, futhi sacekela phansi izihlahla zeminqumo.

52 Manje, bhekani, isikhulu, inkosi yesivini, yabiza izinceku zayo, futhi yathi kubo, Kungani! yini edale lobu bubi obungaka na?

53 Beningafanele yini ukwenza ngisho njengoba nginiyalile, futhi—emva kokutshala isivini, futhi nakha uthango nxazonke, futhi nabeka abalindi phezu kwezindonga zalo—naphinda nakha umbhoshongo, futhi nabeka abalindi phezu kombhoshongo, futhi nasiqapha isivini sami, futhi nangozela nalala, funa isitha size phezu kwenu na?

54 Futhi bhekani, umlindi phezu kombhoshongo ngabe usibonile isitha ngesikhathi sisekude; futhi ngabe nikwazile ukuzilungiselela futhi nakwazi ukusivimba singabulali uthango lwalapho, futhi ngabe nisi sindisile isivini sami esandleni sombulali.

55 Futhi inkosi yesivini yathi koyedwa wezinceku zayo: Hamba futhi uqoqele ndawonye zonke izinceku zami ezisele, futhi uthathe awonke amandla endlu yami, okungamabutho ami, izinsizwa zami, futhi nalabo asebe neminyaka emaphakathi phakathi kwazo zonke izinceku zami, abangamandla endlu yami, ngaphandle kwalabo engibabeke ukuba basale;

56 Futhi hambani masinyane niye esiqintini sesivini sami, futhi nibuyise isivini sami; ngokuba singesami; ngisithenge ngemali.

57 Ngakho-ke, hambani masinyane niye esiqintini sami; bulalani izindonga zezitha zami; niwise imibhoshongo yazo, futhi nihlakaze abalindi bazo.

58 Futhi kangangoba beqoqana ndawonye bemelene nani, angiphindiseleleni ezitheni zami, ukuze maduze ngize nabasele bendlu yami futhi sizosi thatha isiqinti.

59 Futhi inceku yathi enkosini yayo: Ziyokwenzeka nini lezi zinto na?

60 Futhi yathi encekwini yayo: Uma sengithanda; hambani masinyane, futhi nenze zonke izinto konke enginiyale ngakho;

61 Futhi lokhu kuyoba imvume yami nesibusiso kuwe—aumphathi othembekile nohlakaniphile phakathi kwendlu yami, bumbusi embusweni wami.

62 Futhi inceku yakhe yahamba masinyane, futhi yenza zonke izinto konke inkosi emyale ngakho; futhi aemva kwezinsuku eziningi zonke izinto zafezeka.

63 Phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, ngizonitshengisa ukuhlakanipha kimi ngokuphathelene nawo wonke amabandla, kangangoba bethanda ukuholwa ngendlela eqondile futhi nefanele ukufeza ukusindiswa kwabo—

64 Ukuze umsebenzi wokuqoqa ndawonye kwabangcwele bami uqhubeke, ukuze ngibakhele egameni lami phezu akwezindawo ezingcwele; ngokuba isikhathi bsesivuno sifikile, futhi izwi lami kufanele clifezeke.

65 Ngakho-ke, kufanele ngiqoqele ndawonye abantu bami, ngokomfanekilso wamabele anokhula, ukuze amabele abuthelwe ezinqolobaneni ukuze abe nokuphila okuphakade, futhi aqheliswe nge bnkazimulo yesilestiyali, uma sengiza embusweni kaBaba wami ukuze nginike umvuzo kulowo nalowo muntu ngesenzo sakhe;

66 Ngesikhathi ukhula luboshwa luba yizithungo, futhi izibopho zabo zenziwe zaqina, ukuze abashiswe ngomlilo ongacimeki.

67 Ngakho-ke, umyalelo ngiwunika kuwo wonke amabandla, ukuthi aqhubeke nokuqoqelana ndawonye ezindwaweni engizimisile.

68 Nokho, njengoba ngishilo kini ngomyalelo waphambilini, aukuqoqana kwenu makungaphuthumi, noma kube ngokubaleka; kodwa zonke izinto mazilungiswe kuqala.

69 Futhi ukuze zonke izinto zilungiswe kuqala, gcinani umyalelo engiwunikile ngokuphathelene nalezi zinto—

70 Othi, noma ofundisa ukuthi, athengani zonke izindawo ngemali, ezingathengwa ngemali, esifundeni esiseduze nezwe engilimise ukuba libe yizwe laseSiyoni, ukuze kufezwe ukuqala kokuqoqana kwabangcwele bami;

71 Wonke umhlaba ongathengwa esifundeni iJackson, nasezifundazweni eziseduze, futhi nishiye okuseleyo esandleni sami.

72 Manje, ngiqinisile ngithi kini, wonke amabandla mawaqoqele ndawonye izimali zawo; lezi zinto mazenzeke ngesikhathi sazo, kodwa kungabi angokuphuthuma; futhi nizame ukuba zonke izinto zilungiswe kuqala.

73 Futhi amadoda ahloniphekile mawabekwe, ngisho amadoda ahlakaniphileyo, futhi niwathumele ukuyothenga lemihlaba.

74 Futhi amabandla asemazweni angasempumalanga, uma esakhiwe, uma engalalela lomyalo angathenga imihlaba futhi aqoqanele ndawonye kuyo; futhi ngalendlela angayimisa iSiyoni.

75 Ngisho namanje sekukhona okwanele okugciniwe, yebo, ngisho inala, ukuze kubuyiswe uSiyoni, futhi kumiswe izindawo zakhe ezichithakeleyo, zingaphindi futhi zilahlwe phansi, uma amabandla, azibiza ngegama lami, aethanda ukulalela izwi lami.

76 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, labo abebehlakazwe yizitha, kuyintando yami ukuthi bangaqhubeka nokucela ukunxeshezelwa, nokubuyiselwa, ngesandla salabo ababekwe njengababusi nabasemagunyeni phezu kwenu—

77 Ngokwemithetho futhi anangomthetho-sisekelo wabantu, engiwuvumele ukuba umiswe, futhi okufanele ugcinelwe bamalungelo nokuvikeleka kwabo bonke abantu, ngokwemigomo elungileyo nengcwele;

78 Ukuze wonke umuntu enze ngokwezimfundiso nomgomo ophathelene nekusasa, ngoku azikhethela kokulunga engimnike kona, ukuze wonke umuntu baziphendulele ngezono zakhe ngosuku lo ckwahlulelwa.

79 Ngakho-ke, akulungile ukuthi noma yimuphi umuntu abe sebugqilini bomunye.

80 Futhi ngalenhloso ngiwumisile auMthetho-sisekelo walelizwe, ngezandla zamadoda ahlakaniphileyo engiwavusele yona kanye lenhloso, futhi ngalikhulula izwe bngokuchitha igazi.

81 Manje, ngizobafanisa nani abantwana baseSiyoni na? Ngizobafanisa anomfanekiso wowesifazane nomehluleli ongalungile, ngokuba abantu kufanele njalo bahlale bbekhuleka njalo futhi bangadangali, othi—

82 Kwakukhona emzini othile umahluleli owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.

83 Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: Ngizwele esitheni sami.

84 Futhi kwaba yisikhathi engavumi, kepha kamuva wathi ngenhliziyo: Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu, nokho ngokuba lomfelokazi engikhathaza njalo ngizomzwela, funa angikhathaze ngokufika njalonjalo.

85 Ngizobafanisa nalokho okushiwoyo abantwana baseSiyoni.

86 Mabanxuse ezinyaweni zomehluleli;

87 Futhi uma engabanaki, mabanxuse ezinyaweni zombusi;

88 Futhi uma umbusi engabanaki, mabanxuse ezinyaweni zikamongameli;

89 Futhi uma umongameli engabanaki, ngaleso sikhathi-ke iNkosi izoqala ukwenza futhi iphume aendaweni yayo yokucasha, futhi ngentukuthelo yayo isihluphe isizwe.

90 Futhi ngokungathokozi kwakhe okukhulu, futhi nangolaka lwakhe olukhulu; ngesikhathi sakhe, uzobasusa labo ababi, abangathembekile, anabaphathi abangalungile, futhi ababele ingxenye yabo phakathi kwabazenzisi, bnabangakholwayo;

91 Ngisho ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyoba khona aukukhala, nesililo, nokugedla kwamazinyo.

92 Ngakho-ke, khulekani, ukuze izindlebe zabo zizwe ukukhala kwenu, ukuze ngibe anomhawu kubo, ukuze lezi zinto zingabehleli.

93 Engikushilo kini kumelwe ukuba kwenzeke, ukuze wonke umuntu aangabi nazaba;

94 Ukuze izazi nababusi bezwe futhi bazi lokho abangakaze abakuqonde;

95 Ukuze ngiqhubeke ngenze isenzo sami, aisenzo sami esingajwayelekile, futhi ngifeze umsebenzi wami, umsebenzi wami ongajwayelekile, ukuze abantu bbawubone umehluko phakathi kwabalungileyo nababi, kusho uNkulunkulu wenu.

96 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, kuphambene nomyalelo wami futhi nentando yami ukuthi inceku yami uSidney Gilbert adayise aindlu yami yengcebo, engiyimisele abantu bami, ezandleni zezitha zami.

97 Lokho engikumisile makungangcoliswa yizitha zami, ngemvume yalabo aabazibiza ngegama lami;

98 Ngokuba lesi yisono esibuhlungu nesibi kakhulu kimi, futhi nakubantu bami, ngenxa yalezo zinto engizimisile futhi ezizokwehlela izizwe.

99 Ngakho-ke, kuyintando yami ukuthi abantu bami bafune ngokwelungelo, futhi babambelele kulokho engikumisele bona, nakuba bengeke bavunyelwe ukuhlala kukho.

100 Nokho, angisho ukuthi ngeke bahlale kukho; ngokuba kangangoba beletha izithelo nemisebenzi efanele umbuso wami bayohlala kukho.

101 Bayokwakha, futhi omunye ngeke aakuzuze lokho njengefa; bayotshala izivini, futhi bayokudla izithelo zaso. Ngisho kanjalo. Amen.