ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 6


Isigaba 6

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi no-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Epreli 1829. U-Oliver Cowdery waqala imisebenzi yakhe njengombhali ekuhunyushweni kweNcwadi kaMormoni, ngomhlaka 7 Epreli 1829. Wayesesitholile isambulo esisuka kuNkulunkulu sokuthi buyiqiniso ubufakazi bomPhrofethi mayelana nezingcwephe okwakuqoshwe kuzo umlando weNcwadi kaMormoni. UmPhrofethi wabuza iNkosi nge-Urimi neThumimi wase ethola lempendulo.

1–6, Izisebenzi ensimini yeNkosi zizuza insindiso; 7–13, Asikho isipho esikhulu ngaphezulu kwesipho sensindiso; 14–27, Ubufakazi beqiniso bufika ngamandla oMoya; 28–37, Bheka kuKristu, futhi wenze okuhle njalo.

1 Umsebenzi omkhulu anomangalisayo usuzoqala phakathi kwabantwana babantu.

2 Bheka, nginguNkulunkulu; linakeni aizwi lami, elisheshayo futhi elinamandla, belibukhali ngaphezu kwenkemba ebukhali nhlangothi zombili, ukuhlukanisa ujuqu amalunga nomkantsha; ngakho-ke wanakeni amazwi ami.

3 Bhekani, ainsimu isimhlophe isilungele ukuvunwa; ngakho-ke, noma ubani onesifiso sokuvuna, makashwibe isikela lakhe ngamandla, futhi avune ngesikhathi kusesemini, ukuze alondolozele umoya wakhe insindiso yaphakade embusweni kaNkulunkulu.

4 Yebo, yilowo nalowo aozoshwiba isikela lakhe futhi avune, nguye lowo obizwe nguNkulunkulu.

5 Ngakho-ke, uma auzocela kimi uyothola; uma uyongqongqotha uyovulelwa.

6 Manje, njengoba ucelile, bheka, ngithi kuwe, ngcina imiyalelo yami, futhi aufune ukuveza futhi umise umgomo we bSiyoni.

7 aUngafuni bingcebo kepha funa cinhlakanipho, futhi bheka, dimfihlakalo kaNkulunkulu uyokwambulelwa yona, futhi emuva kwalokho uyokwenziwa unothe. Bheka, lowo eonokuphila okuphakade unothile.

8 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngisho njengoba ulangazelela kimi kuyoba njalo nakuwe; futhi uma ulangazelela, uyoba oyoletha okuhle kulesi sizukulwane.

9 Ungasho lutho kulesi sizukulwane ngaphandle akokuphenduka; gcina imiyalelo yami, futhi ulekelele ekuvezeni umsebenzi wami, ngokwemiyalelo yami, futhi uyobusiswa.

10 Bheka unesipho, futhi ubusisiwe ngenxa yesipho sakho. Khumbula asingcwele futhi sivela phezulu—

11 Futhi uma auzobuza, buyokwazi izimfihlakalo ezinkulu nezimangalisayo; ngakho-ke uyosebenzisa cisipho sakho ukuze uthole izimfihlakalo, ukuze ukwazi ukuletha iqiniso kwabaningi, yebo, ubenze dbabone izindlela zabo eziphambukileyo.

12 Ungazisi ngesipho sakho kunoma ubani ngaphandle kwalabo bokholo lwakho. Ungadlali ngezinto aezingcwele.

13 Uma uyokwenza okuhle, yebo, futhi auqhubeke noku bthembeka kuze kube csekugcineni, uyosindiswa embusweni kaNkulunkulu, oyisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu; ngokuba asikho isipho esikhulu kunesipho dsensindiso.

14 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ubusisiwe ngalokho okwenzileyo; ngokuba aubuzile kimi, futhi bheka, njengoba ujwayele ukubuza uthole umyalelo ngoMoya wami. Uma bekungenjalo, ubungeke uze endaweni okuyo ngalesisikhathi.

15 Bheka, uyazi ukuthi ubuzile kimi futhi ngakukhanyisela aingqondo yakho; manje ngikutshela lezi zinto ukuze wazi ukuthi ukhanyiselwe uMoya weqiniso;

16 Yebo, ngiyakutshela, ukuze wazi ukuthi kakho muntu aowazi imicabango yakho nezinhloso bzenhliziyo yakho ngaphandle kukaNkulunkulu.

17 Ngikutshela lezi zinto ukuze kube ubufakazi kuwe—ukuthi amazwi noma umsebenzi obuwubhala auyiqiniso.

18 Ngakho-ke akhuthala; bume eduze nenceku yami uJoseph, ngokuthembeka, kuzona zonke izimo ezinzima angaba kuzo ngenxa yezwi.

19 Msole emaphutheni akhe, nawe futhi wamukele ukusolwa nguye. Bekezela; ube nesizotha; uzithibe; ube nokubekezela, ukholo, ithemba futhi nesihe.

20 Bheka, ungu-Oliver, futhi ngikhulume kuwe ngenxa yezifiso zakho; ngakho-ke agcina ulondoloze lamazwi enhliziyweni yakho. Thembeka uyigcine njalo imiyalelo kaNkulunkulu, ngizobe sengikusingatha ezandleni zothando lwami.

21 Bheka, nginguJesu Kristu, aiNdodana kaNkulunkulu. Nginguye owafika bkwabami, futhi abami abangemukelanga. Nginguku ckhanya okukhanya debumnyameni, futhi ubunyama abukuqondanga.

22 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, uma ulangazelela obunye ubufakazi, khumbula lobo busuku mhla ukhala kimi ngenhliziyo yakho, ukuze awazi mayelana neqiniso lalezi zinto.

23 Angikunikanga yini aukuthula enqondweni yakho mayelana naloludaba na? Yibuphi-ke bubufakazi obukhulu ongaba nabo kunalobo obuvela kuNkulunkulu na?

24 Manje, bheka, usuthole ubufakazi; ngokuba uma ngikutshele izinto ezingaziwa muntu awubutholanga yini ubufakazi na?

25 Futhi, bheka, ngikupha isipho, uma usifisa kimi, ukuze auhumushe, ngisho njengenceku yami uJoseph.

26 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, akunemibhalo equkethe eliningi ivangeli lami, egodliwe ngenxa byobubi babantu;

27 Manje ngiyakuyala, ukuthi uma unezifiso ezinhle—isifiso sokuzibekela amagugu ezulwini—emuva kwalokho uzobe ususiza ekuletheni ekukhanyeni, ngesipho sakho, lezo zingxenye azemibhalo engcwele yami ebezifihliwe ngenxa yobubi.

28 Manje, bheka, nginika wena, kanye nenceku yami uJoseph, izikhiye zalesi sipho, eziyokwembula lobu bufundisi; futhi ngemilomo ayofakazi ababili noma abathathu amazwi onke ayoqiniswa.

29 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, uma benqaba ukwemukela amazwi ami, kanye nalengxenye yevangeli lami nobufundisi, nibusisiwe, ngokuba ngeke benza kini okungaphezulu kwalokho abakwenza kimi.

30 Futhi ngisho abengenza kini njengoba benzile kimi, nibusisiwe, ngokuba bniyohlala nami cenkazimulweni.

31 Kepha uma abengawenqabi amazwi ami, ayobekwa bngobufakazi obuyonikwa, babusisiwe, futhi ngalesosikhathi niyoba nokuthokoza ngezithelo zemisebenzi yenu.

32 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, njengoba ngasho kubafundi bami, lapho ababili noma abathathu abehlangene egameni lami, mayelana nodaba oluthile, bhekani, ngiyokuba khona bphakathi kwabo—ngisho kanjalo-ke ngikhona phakathi kwenu.

33 aNingesabi ukwenza okuhle, madodana ami, ngokuba noma yikuphi benikutshalayo yikho futhi eniyokuvuna; ngakho-ke, uma nitshala okuhle niyovuna umvuzo omuhle.

34 Ngakho-ke, ningesabi, mhlambi omncane; yenzani okuhle; umhlaba nesihogo makuhlangane kumelane nani, ngokuba uma nakhele aedwaleni lami, ngeke banqobe.

35 Bhekani, anginibeki cala, hambani futhi aningabe nisona; nenze ngesizotha umsebenzi enginiyalele wona.

36 aBhekani kimi ngayo yonke imicabango yenu; ningangabazi, ningesabi.

37 aBhekani amanxeba ahlaba uhlangothi lwami, kanye nezibazi ezenziwa byizipikili ezandleni nasezinyaweni zami; thembekani, nigcine imiyalelo yami, cniyokudla ifa dlombuso wasezulwini. Amen.