ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 5


Isigaba 5

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngoMashi 1829, ecelwe nguMartin Harris.

1–10, Lesi sizukulwana sizothola izwi leNkosi ngoJoseph Smith; 11–18, Ofakazi abathathu bazofakaza ngeNcwadi kaMormoni; 19–20, Izwi leNkosi lizoqinisekiswa njengasezikhathini ezedlule; 21–35, UMartin Harris angaphenduka futhi abe ngomunye wofakazi.

1 Bheka, ngithi kuwe, njengoba inceku yami auMartin Harris efise ubufakazi esandleni sami, bokuthi wena, nceku yami uJoseph Smith, omNcane, unazo bizingcwephe ofakaze ngazo futhi wanika ubufakazi bokuthi uzithole ngami;

2 Manje, bheka, lokhu uzokusho kuyena—lowo okhulume kuwe, uthe kuwe: Mina, iNkosi, nginguNkulunkulu, futhi ngikwambulele lezi zinto, nceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi ngikuyalile ukuthi ume anjengofakazi walezi zinto;

3 Futhi ngenze ukuthi ungene esivumelwaneni nami, ukuthi ungazikhombisi ngaphandle kwalabo abantu engikuyale kubo; futhi awuna bmandla phezu kwazo ngaphandle kokuwanikwa yimi.

4 Futhi unesipho sokuhumusha izigcwephe; futhi lesi yisipho sokuqala engikunike sona; futhi ngikuyale ukuba ungazenzi onesinye isipho kuze kugcwaliseke inhloso yami kulokhu; ngokuba angizukukunika esinye isipho kuze kuphele lokhu.

5 Ngiqinisile, ngithi kuwe, usizi luyokuza kubantu basemhlabeni uma abengezukuwalalela amazwi ami;

6 Ngokuba emuva kwalokhu auzogcotshwa futhi uhambe ukhulume bamazwi ami kubantwana babantu.

7 Bheka, uma bengezukuwa akholwa amazwi ami, bebengezukukukholwa nawe, nceku yami uJoseph, uma kwakungenzeka ukuthi ubakhombise zonke lezi zinto engizibeke kuwe.

8 Oh, lesi sizukulwana aesingakholwa bnesiqine intamo—ulaka lwami luyokheleka kubo.

9 Bheka, ngiqinisile ngithi kuwe, angizigodlile lezo zinto engizibeke kuwe, nceku yami uJoseph, ngenhloso ehlakaniphile ekimi, futhi izokwaziswa kuzizukulwane ezizayo;

10 Kodwa lesi sizukulwane siyothola izwi lami ngawe;

11 Futhi ngaphezu kobufakazi bakho, aubufakazi bezinceku zami ezintathu, engiyozibiza futhi ngizigcobe, engizozibonisa lezi zinto, futhi bayohamba namazwi ami ambulwe ngawe.

12 Yebo, bayokwazi ngesiqiniseko ukuthi lezi zinto ziyiqiniso, ngokuba ngiyokusho kubo kusuka ezulwini.

13 Ngizobanika amandla ukuze bakwazi ukuzibuka futhi bazibone lezi zinto njengoba zinjalo;

14 Futhi aakekho omunye engizomnika lamandla, okuthola lobu bufakazi obufanayo phakathi kwalesi sizukulwane, kulesi siqalo sokukhula nokuvela kwe bbandla lami liphuma ehlane—licwebile njenge cnyanga, futhi lilihle njengelanga, futhi lisabisa njengebutho nezindwangu zalo.

15 Futhi ngizobuthumela ubufakazi abofakazi abathathu ngokuphathelene nezwi lami.

16 Futhi bheka, lowo aokholelwa emazwini ami, labo ngizoba bvakashela cngesambulo so dMoya wami; futhi ebayozalwa ngami, ngisho ngamanzi nangoMoya—

17 Futhi kufanele nilinde isikhashana, ngokuba anikaka agcotshwa

18 Futhi ubufakazi babo buyoba nomphumela woku alahlwa ngecala kwalesi sizukulwane uma siqinisa izinhliziyo;

19 Ngokuba aisijeziso esibhubhisayo siyothululwa phakathi kwabantu basemhlabeni, futhi siyoqubeka nokuthululwa izikhathi ezahlukene, uma bbengaphenduki, umhlaba uze usale cungenabantu, futhi abantu basemhlabeni babhujiswe baphele ngokukhanya dkokuza kwami.

20 Bheka, ngikutshela lezi zinto, ngisho njengoba angatshela abantu ngokubhujiswa kweJerusalema; futhi bizwi lami liyoqinisekiswa ngalesi sikhathi njengoba laqinisekiswa phambilini.

21 Manje ngiyakuyala, nceku yami uJoseph, ukuba uphenduke futhi uhambe ngobuqotho phambi kwami, futhi ungabe usakuvumela ukuboniswa ngabantu;

22 Futhi nokuthi uqine aekugcineni imiyalelo engikuyale ngayo; futhi uma ukwenza lokhu, bheka ngikunika ukuphila okuphakade, ngisho noma bungabulawa.

23 Manje, ngiyaphinda, ngikhuluma nawe, nceku yami uJoseph, mayelana anendoda efuna ubufakazi—

24 Bheka, ngithi kuye, uyaziphakamisa futhi akazithobi ngokwanele phambi kwami; kodwa uma ezokhothama phambi kwami, futhi azithobe ngomkhuleko ojulileyo nokholo, engazenzisi, emva kwalokho ngizomvumela aukubona lezi zinto afisa ukuzibona.

25 Futhi emva kwalokho uyobe esethi kulaba bantu balesi sizukulwane: Bhekani, ngizibonile lezi zinto iNkosi ezikhombise uJoseph Smith, omNcane, futhi angazi kahle ukuthi ziyiqiniso, ngokuba ngizibonile, ngokuba ngiziboniswe ngamandla kaNkulunkulu angesiwo awomuntu.

26 Futhi mina iNkosi ngiyayiyala, inceku yami uMartin Harris, ukuthi akukho ayobuye akusho kubo mayelana nalezi zinto, ngaphandle uma eyokuthi: Ngizibonile, futhi ngiziboniswe ngamandla kaNkulunkulu; futhi yiwo lawa mazwi ayowasho.

27 Kodwa uma ekuphika lokhu uzosephula isivumelwano avumelane ngaso nami ngaphambilini, futhi bheka, unecala.

28 Manje, ngaphandle kokuba azithobe futhi avume kimi lezi zinto azenzileyo ezingalungile, futhi enze isivumelwano nami ukuthi uyokuyigcina imiyalelo yami, futhi asebenzise ukholo kimi, bheka, ngithi kuye, akayikuzibona lezo zinto, ngokuba angizukumnika mibono yalezi zinto engikhulume ngazo.

29 Futhi uma kunjalo, ngiyakuyala, nceku yami uJoseph, ukuthi uyothi kuye, akayukwenza lutho, futhi angabe esangihlupha mayelana naloludaba.

30 Futhi uma kunjalo, bheka, ngithi kuwe uJoseph Smith, uma sewuhumushe amanye ambalwa amakhasi uyobe usuma okwesikhashana, ngisho ngize ngikuyale futhi; emva kwalokho uyobe usuhumusha futhi.

31 Futhi ngaphandle kokuba wenze lokhu, bheka, ungeke usabanaso isipho, futhi ngizozithatha izinto engikuphathise zona.

32 Manje, ngoba ngibona abalinde ukukubhubhisa, yebo, ngiyabona ukuthi uma inceku yami uMartin Harris engazithobi futhi athole ubufakazi esandleni sami, uzowela esiphambekweni;

33 Futhi baningi abahleli belinde aukukubhubhisa ebusweni bomhlaba; futhi ngalesi sizathu, ukuze izinsuku zakho zande, ngikunike lemiyalelo.

34 Yebo, ngalesi sizathu ngithe: Mana, futhi ulinde ngize ngikuyale, futhi angizolungisa indlela yokuthi ukwazi ukufeza leyonto engikuyale ngayo.

35 Futhi uma authembeka ekugcineni imiyalelo yami, buyonyuswa ngosuku lokugcina. Amen.