ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 35


Isigaba 35

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, khona noma maduze neFayette, eNew York, ngomhlaka 7 Disemba 1830. Ngalesi sikhathi, umPhrofethi cishe zonke izinsuku wayehlezi ehumusha iBhayibheli. Lokhu kuhumusha kwaqalwa kusuka ngoJuni 1830, futhi bobabili u-Oliver Cowdery no John Whitmer babe sebenze njengababhali. Njengoba base bebizelwe kweminye imisebenzi, uSidney Rigdon wabizwa ngokubekwa okuvela kuNkulunkulu ukuba asebenze njengombhali womPhrofethi kulomsebenzi (bheka ivesi 20). Njengesandulela kulombhalo walesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi: “NgoDisemba uSidney Rigdon weza [evela e-Ohio] ukuzobuza eNkosini, ngokunjalo no-Edward Partridge weza kanye naye. … Emva kwesikhashana nje kokufika kwalabazalwane ababili, yakhuluma kanje iNkosi.”

1–2, Abantu bangaba kanjani ngamadodana kaNkulunkulu; 3–7, USidney Rigdon ubizelwa ukuba abhabhadise futhi nokuba anike uMoya oNgcwele; 8–12, Izibonakaliso nezimangaliso zenzeka ngokholo; 13–16, Izinceku zeNkosi zizobhula izizwe ngamandla oMoya; 17–19, UJoseph Smith uphethe izikhiye zezimfihlakalo; 20–21, Abakhethiweyo bazomelana nosuku lokuza kweNkosi; 22–27, U-Israyeli uzosindiswa.

1 Lalelani izwi le aNkosi uNkulunkulu wenu, ngisho bu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, condlela yakhe yinye naphakade, dofanayo namuhla njengayizolo, naphakade.

2 NginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, aowabethelelwa izono zomhlaba, ngisho bonke abazo bkholelwa egameni lami, ukuze babe cngamadodana kaNkulunkulu, ngisho babe dmunye nami njengoba engimunye noBaba, njengoba noBaba emunye kimi, ukuze sibe munye.

3 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi encekwini yami uSidney, ngikubhekile nemisebenzi yakho. Ngiyizwile imikhuleko yakho, futhi ngikulungiselele umsebenzi omkhulu.

4 Ubusisiwe, ngokuba uzokwenza izinto ezinkulu. Bheka wathunyelwa, ngisho njengo aJohane, ukuyolungisa indlela phambi kwami, futhi naphambi kuka bEliya okufanele eze, futhi wawungakwazi lokho.

5 Wabhabhadisa ngamanzi ngenhloso yokuphenduka, kodwa aabawutholanga uMoya oNgcwele;

6 Kodwa manje ngikunika umyalelo, wokuthi auzobhabhadisa ngamanzi, futhi bazothola buMoya oNgcwele ngokubekwa ckwezandla, ngisho njengabaphostoli basemandulo.

7 Futhi kuyokwenzeka ukuthi kuyoba khona umsebenzi omkhulu ezweni, ngisho akwabeZizwe, ngokuba ubuwula nezinengiso zabo ziyokuba sobala emehlweni abo bonke abantu.

8 Ngokuba nginguNkulunkulu, futhi ingalo yami aayifinyeziwe; futhi ngizobonisa bizimangaliso, cnezibonakaliso, kubo bonke labo dabakholelwa egameni lami.

9 Futhi kulowo oyokucela egameni lami angokholo, bbayokhipha camadimoni; dbayolapha abagulayo; bayokwenza izimpumputhe zithole ukubona kwazo, nabangezwa ukuthi bezwe, nezimungulu ukuthi zikhulume, futhi nezishosha ukuthi zihambe.

10 Futhi isikhathi siyeza ngokushesha lapho izinto ezinkulu zizoboniswa kubantwana babantu.

11 Kodwa angaphandle kokholo akukho okuyoboniswa ngaphandle bkwencithakalo ceBabiloni, lowo owenze zonke izizwe ziphuze iwayini lolaka dlokuhlobonga kwakhe.

12 Futhi aabekho abenza okuhle ngaphandle kwalabo asebelungele ukwemukela ukuphelela kwevangeli lami, engilithumele kulesi sizukulwane.

13 Ngalokho-ke, ngibiza izinto aezibuthakathaka zomhlaba, labo babangafundile nabadelelekile, ukuba babhule izizwe ngamandla oMoya wami;

14 Futhi ingalo yabo iyoba ngeyami, futhi ngiyoba ayihawu labo nesihlangu sabo; futhi ngizobabopha izinkalo zabo, futhi bazongilwela ngesibindi; bnezitha zabo ziyoba ngaphansi kwezinyawo zabo; futhi cngizobawisela inkemba, futhi dngomlilo wentukuthelo yami ngizobagcina.

15 Futhi aabampofu bnabazithobile bayoshunyayezwa ivangeli, futhi cbayolindela isikhathi sokuza kwami, ngokuba dsesiseduze

16 Futhi bayofunda umfanekiso awesihlahla somkhiwane, ngokuba ngisho namanje ihlobo seliseduze.

17 Futhi ngithumele aukuphelela kwevangeli lami ngesandla senceku yami buJoseph; futhi ngimbusisile ebuthakathakeni;

18 Futhi ngimnike aizikhiye zemfihlakalo yalezo zinto bezivaliwe, ngisho izinto ezisuka cekusekelweni komhlaba, nezinto eziyofika kusuka kulesisikhathi kuze kube yisikhathi sokuza kwami, uma ehlala kimi, futhi uma kungenjalo, omunye ngiyomtshala esikhundleni sakhe.

19 Ngalokho-ke, mubheke ukuze ukholo lwakhe lungapheli, futhi kuyonikwa angoMduduzi, buMoya oNgcwele, owazi zonke izinto.

20 Futhi ngikunika lomyalelo—ukuthi auyombhalela; futhi imibhalo engcwele iyokwambulwa, njengoba injalo esifubeni sami, ukuze kusindiswe babakhethiweyo bami;

21 Ngokuba bazolizwa aizwi lami, futhi bayongibona, futhi ngeke balale, futhi bayokwazi bukumelana nosuku clokuza kwami; ngokuba bayohlanzwa; njengoba nami dngihlazekile.

22 Manje ngithi akuwe, hlala naye, futhi uzohamba nawe; ungamshiyi, futhi ngempela lezi zinto zizogcwalisela.

23 Futhi akangangoba ningabhali, bhekani, uyonikwa ukuthi aphrofethe; futhi wena uyoshumayela ivangeli lami futhi usebenzise babaphrofethi abangcwele ukuba bafakaze ngamazwi akhe, njengoba eyonikwa kuye.

24 aGcinani yonke imiyalelo nezivumelwano eniboshwe ngazo; futhi ngiyokwenza amazulu ukuba bazamazame ukuze nizuze, cnoSathane uyoqhaqhazela futhi iSiyoni diyojabula phezu kwezintaba futhi ichume;

25 Futhi au-Israyeli buyosindiswa ngesami isikhathi esifanele; futhi bayoholwa cngezikhiye engizinikile, futhi ngeke baphinde baphanjaniswe nanini.

26 Phakamisani izinhliziyo zenu nijabule, aukuhlengwa kwenu kuyasondela.

27 Ningesabi, mhlambi omncane, aumbuso ungowenu ngize ngize. Bhekani, bngiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.