ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 11


Isigaba 11

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kumfowabo uHyrum Smith, eHarmony, ePennsylvania, ngoMeyi 1829. Lesi sambulo satholakala nge-Urimi neThumimi kuphendulwa umkhuleko nombuzo kaJoseph. Umlando ka Joseph Smith ukhombisa ukuthi lesi sambulo satholakala ngemumva kokubuyiselwa kobuPhristi buka-Aroni.

1–6, Izisebenzi ensimini zizothola insindiso; 7–14, Funa ukuhlakanipha, shumayela ukuphenduka, thembela kuMoya; 15–22, Gcina imiyalelo, futhi uwafunde amazwi eNkosi; 23–27, Ungawuphiki umoya wesambulo nowokuphrofetha; 28–30, Labo abemukela uKristu baba ngamadodana kaNkulunkulu.

1 Umsebenzi omkhulu nomangalisayo usuzoqala phakathi kwabantwana babantu.

2 Bheka, nginguNkulunkulu; naka izwi lami, elisheshayo nelinamandla, elibukhali ngaphezu kwenkemba ebukhali nhlangothi zombili, ukuhlukanisa ujuqu amalunga nomkantsha; ngakho-ke naka izwi lami.

3 Bheka, insimu isimhlophe isilungele ukuvunwa; ngakho-ke, noma ubani onesifiso sokuvuna makashwibe isikela lakhe ngamandla, futhi avune ngesikhathi kusesemini, ukuze alondolozele umoya wakhe insindiso yaphakade embusweni kaNkulunkulu.

4 Yebo, yilowo nalowo ozoshwiba isikela lakhe futhi avune, nguye lowo obizwe nguNkulunkulu.

5 Ngakho-ke, uma uzocela kimi oyothola; uma uzongqongqotha uyovulelwa.

6 Manje, njengoba ucelile, bheka, ngithi kuwe, ngcina imiyalelo yami, futhi ufune ukuveza futhi umise inhloso ye Siyoni.

7 Ungafuni ingcebo kepha funa inhlakanipho; futhi, bheka, imfihlakalo kaNkulunkulu uyokwambulelwa yona, futhi emva kwalokho uyokwenziwa unothe. Bheka, lowo onokuphila okuphakade unothile.

8 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngisho njengoba ulangazelela kimi kuyokuba njalo nakuwe; futhi, uma ulangazelela, uyokuba yindlela yokwenza okuhle kulesi sizukulwane.

9 Ungasho lutho ngaphandle kokuphenduka kulesi sizukulwane. Gcina imiyalelo yami, futhi ulekelele ekuvezeni umsebenzi wami, ngokwemiyalelo yami, ngokwenza lokho uyobusiswa.

10 Bheka, une sipho, noma uyoba nesipho uma usicela kimi ngokukholwa, ngeqiniso, ukholwa emandleni kaJesu Kristu, noma emandleni ami okhuluma nawe;

11 Ngokuba, bheka, yimi lona okhulumayo; bheka, ngingu kukhanya okukhanya ebumnyameni, futhi nangamandla ami ngikunika lamazwi.

12 Manje, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, beka ithemba lakho kulowo Moya oholela ekwenzeni okuhle—yebo, ekwenzeni ukulunga, ekuhambeni ngokuzithoba, nokwahlulela ngokulunga; futhi nguMoya wami lona.

13 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngizokwambula kuwe okoMoya wami, oyo khanyisela ingqondo yakho, oyogcwalisa umoya wakho ngenjabulo.

14 Futhi emva kwalokho uyokwazi, noma ngenxa yalokhu uyokwazi, zonke izinto zanoma yini oyifisayo kimi, eziphathelene nezinto zokulunga, ngokukholwa ukholwa kimi ukuthi uzozithola.

15 Bheka, ngikuyala ngokuthi akufanele ucabange ukuthi ubizelwe ukushumayela kuze kube ubiziwe.

16 Linda isikhashana, uze ube nezwi lami, idwala lami, ibandla lami, futhi nevangeli lami, ukuze wazi kahle ngemfundiso yami.

17 Futhi emva kwalokho, bheka, ngokwe zifiso zakho, yebo, ngisho nangokukholwa kwakho uNkulunkulu uyokwazisa yona.

18 Gcina imiyalelo yami; thula; nxusa kuMoya wami;

19 Yebo, bambelela kimi ngenhliziyo yakho yonke, ukuze usize ekwaziseni abantu lezo zinto osekukhulunywe ngazo—yebo, ukuhunyushwa komsebenzi wami; bekezela uze ukufeze lokho.

20 Bheka, ngumsebenzi wakho lona, ukugcina imiyalelo yami, yebo, ngawo wonke amandla, ingqondo nangokuqina kwakho.

21 Ungafuni ukushumayela izwi lami, kodwa funa kuqala ukulithola izwi lami, futhi emva kwalokho ulimi lwakho luyoqaqeka; emva kwalokho, uma ulangazelela, uyokuba noMoya wami futhi nezwi lami, yebo, amandla kaNkulunkulu enza abantu bakholwe.

22 Kodwa manje thula; funda izwi lami eselimenyezelwe phakathi kwabantwana babantu, futhi ufunde nezwi lami elizokwambulwa phakathi kwabantwana babantu, noma lelo elihunyushwayo manje, yebo, uze ukuthole konke engizokupha abantwana babantu kulesi sizukulwane, futhi emva kwalokho zonke izinto ziyokwengezwa kulokho.

23 Bheka ungu Hyrum, ndodana yami; funa umbuso kaNkulunkulu, futhi zonke izinto ziyokwengezwa ngokuvumelana nokulunga.

24 Yakhela phezu kwedwala lami, okuyi vangeli lami;

25 Ungawuphiki umoya wesambulo, nalowo moya wokuphrofetha, ngokuba maye kulowo oyophika lezi zinto;

26 Ngakho-ke, londoloza enhliziyweni yakho izwi lami kuze kube yisikhathi engiyobona khona kufanele ukuthi uhambe.

27 Bheka, ngikhuluma kubo bonke abanezifiso ezinhle, futhi nabashwibe isikela labo ukuze bavune.

28 Bheka, ngingu Jesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Ngingukuphila noku khanya komhlaba.

29 Nginguye oweza kwabami futhi abami abangemukelanga;

30 Kodwa ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, bonke abangemukelayo, kubo ngizobanika amandla okuba ngama dodana kaNkulunkulu, ngisho kulabo abakholelwa egameni lami. Amen.