ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 110


Isigaba 110

Imibono eyavezelwa uJoseph Smith umPhrofethi no-Oliver Cowdery ethempelini eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 3 Epreli, 1836. Kwakuwusuku lomhlangano weSabatha. Umlando ka Joseph Smith uthi: “Ntambama, ngasiza abanye oMongameli ekwabeni iSidlo seNkosi eBandleni, sisithola kwabayiShumi naMbili, okwakuyilungelo labo ukwenza imisebenzi etafuleni elingcwele ngalolu suku. Emva kokwenzela abafowethu lomsebenzi, ngaya epulupiti, izisitho zehlisiwe, ngakhothama, no-Oliver Cowdery, ukuze sikhuleke buthule nangesizotha. Emva kokuphakama emkhulekweni, lombono olandelayo wembulelwa thina sobabili.”

1–10, INkosi uJehova ivela isenkazimulweni futhi yemukela iThempeli laseKirtland njengendlu Yayo; 11–12, UMose no-Eliyasi ngamunye bayavela futhi babuyisela izikhiye zabo nezinhlelo zokwengamela; 13–16, U-Eliya uyabuya futhi ubuyisela izikhiye zohlelo lwakhe lokwengamela njengoba kwathenjiswa nguMalaki.

1 Isisitho sasuswa ezingqondweni zethu, futhi amehlo okuqonda kwethu avuleka.

2 Sayibona iNkosi ime phezu kodonga lwepulupiti, phambi kwethu, futhi ngaphansi kwezinyawo zayo kwakukhona umsebenzi ogandayiwe wegolide elicwebileyo, onombala ofana nokuphuzi.

3 Amehlo ayo ayefana nelangabi lomlilo; izinwele zekhanda lakhe zazimhlophe njengeqhwa elicwebileyo; ubuso bakhe babucwazimula ngaphezulu kokukhanya kwelanga; futhi izwi lakhe lalinjenge nhlokomo yamanzi amaningi, ngisho izwi likaJehova, lithi:

4 Ngiyi siqalo nesiphetho; nginguye ophilayo, nginguye owabulawa; ngingummeli wenu kuBaba.

5 Bhekani, izono zenu zithethelelwe; nihlanzekile phambi kwami; ngakho-ke, phakamisani amakhanda enu nijabule.

6 Izinhliziyo zabafowenu mazijabule, nezinhliziyo zabo bonke abantu bami mazijabule, ngamandla abo, abakhe lendlu egameni lami.

7 Ngokuba bhekani, ngiyamukele lendlu, negama lami lizoba lapha; futhi ngizozibonakalisa kubantu bami ngomusa kulendlu.

8 Yebo, ngizo vela ezincekwini zami, futhi ngikhulume nazo ngezwi lami, uma abantu bami bezogcina imiyalelo yami, futhi bengayi ngcolisi lendlu engcwele.

9 Yebo izinhliziyo zabayizinkulungwane namashumi ezinkulungwane ziyojabula kakhulu ngenxa ye zibusiso eziyothululwa, futhi ne zipho zomoya izinceku zami eziphiwe zona kulendlu.

10 Futhi udumo lwalendlu luyokwanda lufinyelele kwamanye amazwe; futhi lesi yisiqalo sezibusiso eziyo thululwa kuwo amakhanda abantu bami. Ngisho kanjalo. Amen.

11 Emva kokuba lombono usuvalekile, amazulu abuye avulelwa thina futhi; futhi uMose wavela phambi kwethu, futhi wabuyisela kithi izikhiye zoku qoqa u-Israyeli kusuka kumagumbi amane omhlaba, nokuholwa kwezizwana ezilishumi zisuka ezweni lasenyakatho.

12 Emva kwalokhu, u-Eliyasi wavela, futhi wabuyisela uhlelo lokwengamela lwevangeli lika-Abrahama, ethi kithi nasenzalweni yethu zonke izizukulwane emva kwethu kufanele zibusiswe.

13 Emva kokuba lombono usuvalekile, omunye umbono omkhulu nomuhle kakhulu wakhonjiswa kithi; ngokuba u-Eliya umphrofethi, owathathwa waya ezulwini ngaphandle kokuzwa ukufa, wema phambi kwethu, futhi wathi:

14 Bhekani, isikhathi sesifike ngokugcwele, okwakhulunywa ngaso ngomlomo kaMalaki—efakaza ngokuthi kufanele athunyelwe [u-Eliya], ngaphambi kokuza kosuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi—

15 Uku phendulela izinhliziyo zoyise kubantwana, nabantwana koyise, funa umhlaba wonke ushaywe ngesiqalekiso—

16 Ngakho-ke, izikhiye zaloluhlelo lokwengamela sezibekwa ezandleni zenu; futhi ngalokhu seningazi ukuthi usuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi seluseduze, ngisho emnyango.