ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 110


Isigaba 110

Imibono eyavezelwa uJoseph Smith umPhrofethi no-Oliver Cowdery ethempelini eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 3 Epreli, 1836. Kwakuwusuku lomhlangano weSabatha. Umlando ka Joseph Smith uthi: “Ntambama, ngasiza abanye oMongameli ekwabeni iSidlo seNkosi eBandleni, sisithola kwabayiShumi naMbili, okwakuyilungelo labo ukwenza imisebenzi etafuleni elingcwele ngalolu suku. Emva kokwenzela abafowethu lomsebenzi, ngaya epulupiti, izisitho zehlisiwe, ngakhothama, no-Oliver Cowdery, ukuze sikhuleke buthule nangesizotha. Emva kokuphakama emkhulekweni, lombono olandelayo wembulelwa thina sobabili.”

1–10, INkosi uJehova ivela isenkazimulweni futhi yemukela iThempeli laseKirtland njengendlu Yayo; 11–12, UMose no-Eliyasi ngamunye bayavela futhi babuyisela izikhiye zabo nezinhlelo zokwengamela; 13–16, U-Eliya uyabuya futhi ubuyisela izikhiye zohlelo lwakhe lokwengamela njengoba kwathenjiswa nguMalaki.

1 aIsisitho sasuswa ezingqondweni zethu, futhi bamehlo okuqonda kwethu avuleka.

2 Sayibona iNkosi ime phezu kodonga lwepulupiti, phambi kwethu, futhi ngaphansi kwezinyawo zayo kwakukhona umsebenzi ogandayiwe wegolide elicwebileyo, onombala ofana nokuphuzi.

3 aAmehlo ayo ayefana nelangabi lomlilo; izinwele zekhanda lakhe zazimhlophe njengeqhwa elicwebileyo; bubuso bakhe babucwazimula ngaphezulu kokukhanya kwelanga; futhi cizwi lakhe lalinjenge nhlokomo yamanzi amaningi, ngisho izwi dlikaJehova, lithi:

4 Ngiyi asiqalo nesiphetho; nginguye bophilayo, nginguye owabulawa; cngingummeli wenu kuBaba.

5 Bhekani, izono zenu azithethelelwe; nihlanzekile phambi kwami; ngakho-ke, phakamisani amakhanda enu nijabule.

6 Izinhliziyo zabafowenu mazijabule, nezinhliziyo zabo bonke abantu bami mazijabule, ngamandla abo, aabakhe lendlu egameni lami.

7 Ngokuba bhekani, angiyamukele blendlu, negama lami lizoba lapha; futhi ngizozibonakalisa kubantu bami ngomusa kulendlu.

8 Yebo, ngizo avela ezincekwini zami, futhi ngikhulume nazo ngezwi lami, uma abantu bami bezogcina imiyalelo yami, futhi bengayi bngcolisi clendlu engcwele.

9 Yebo izinhliziyo zabayizinkulungwane namashumi ezinkulungwane ziyojabula kakhulu ngenxa ye azibusiso eziyothululwa, futhi ne bzipho zomoya izinceku zami eziphiwe zona kulendlu.

10 Futhi udumo lwalendlu luyokwanda lufinyelele kwamanye amazwe; futhi lesi yisiqalo sezibusiso eziyo athululwa kuwo amakhanda abantu bami. Ngisho kanjalo. Amen.

11 Emva kokuba alombono usuvalekile, amazulu abuye avulelwa thina futhi; futhi buMose wavela phambi kwethu, futhi wabuyisela kithi cizikhiye zoku dqoqa u-Israyeli kusuka kumagumbi amane omhlaba, nokuholwa kwezizwana ezilishumi zisuka ezweni elasenyakatho.

12 Emva kwalokhu, au-Eliyasi wavela, futhi wabuyisela buhlelo lokwengamela clwevangeli lika-Abrahama, ethi kithi nasenzalweni yethu zonke izizukulwane emva kwethu kufanele zibusiswe.

13 Emva kokuba lombono usuvalekile, omunye umbono omkhulu nomuhle kakhulu wakhonjiswa kithi; ngokuba au-Eliya umphrofethi, bowathathwa waya ezulwini ngaphandle kokuzwa ukufa, wema phambi kwethu, futhi wathi:

14 Bhekani, isikhathi sesifike ngokugcwele, okwakhulunywa ngaso ngomlomo kaMalaki—efakaza ngokuthi kufanele athunyelwe [u-Eliya], ngaphambi kokuza kosuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi—

15 Uku aphendulela izinhliziyo zoyise kubantwana, nabantwana koyise, funa umhlaba wonke ushaywe ngesiqalekiso—

16 Ngakho-ke, izikhiye zaloluhlelo lokwengamela sezibekwa ezandleni zenu; futhi ngalokhu seningazi ukuthi ausuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi seluseduze, ngisho emnyango.