ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 104


Isigaba 104

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland noma maduze nakhona, e-Ohio, ngomhlaka 23 Epreli, 1834, ngokuphathelene neNkampani yoBumbano (bheka izihloko zezigaba 78 kanye no 82). Kungenzeka ukuthi isikhathi kwakuyileso somhlangano wamalungu eNkampani yoBumbano, lapho okwaku khulunywa khona ngezidingo zeBandla. Emhlanganweni owawungaphambili walenkampani kwanqunywa ukuthi lenkampani ihlakazwe. Lesi sambulo siyala ukuthi esikhundleni salokho lenkampani mayimiswe; izimpahla zayo kwakufanele zihlukaniselwe amalungu alenkampani zibe wubuphathi bawo. Ngokuyalela kuka Joseph Smith, amagama athi “iNkampani yoBumbano” aba sesikhundleni salana athi “uHlelo Lokuba Munye” kulesi sambulo.

1–10, AbaNgcwele abaphambukayo ohlelweni lokuba-munye bazoqalekiswa; 11–16, INkosi yondla abaNgcwele Bayo ngendlela Yayo; 17–18, Umthetho weVangeli yiwo ophethe ukunakekelwa kwabampofu; 19–46, Ubuphathi nezibusiso zabazalwane abahluka hlukene kuyashiwo; 47–53, Uhlelo lokuba munye eKirtland nohlelo oluseSiyoni kufanele kusebenze ngokuhlukene; 54–66, Indawo engcwele yeNkosi yokubeka imali iyamiswa ukuze kugaywe imibhalo engcwele; 67–77, Indawo yomphakathi yokubeka imali yohlelo lokuba munye kufanele isebenza ngohlelo lokuvumelana; 78–86, Labo abasohlelweni lokuba munye kufanele bakhokhe zonke izikweletu zabo, futhi iNkosi izobakhulula ezibophweni zemali.

1 Ngiqinisile ngithi kini, bahlobo, bami ngininika iseluleko, nomyalelo, ngokuphathelene nezimpahla zohlelo engiyale ukuba luhlelwe futhi lumiswe, ukuba kube auhlelo lokuba munye, nohlelo lwaphakade ukuze kuzuze ibandla lami, futhi ukuze abantu basindiswe ngize ngifike—

2 Ngesethembiso esingaguqukiyo nesingashintshekiyo, sokuthi kangangoba labo engibayalile bethembekile kufanele babusiswe ngezibusiso eziningi;

3 Kodwa kangangoba bengathembekanga babesondele kukho ukuqalekiswa;

4 Ngakho-ke, kangangoba abanye bezinceku zami bengawugcinanga umyalelo, kodwa bephule izivumelwano angomhawu, nangamazwi okuzenzisa, ngibaqalekisile ngesiqalekiso esibuhlungu kakhulu nesinzima.

5 Ngokuba mina, iNkosi, nginqumile enhliziyweni yami, ukuthi kangangoba noma yimuphi umuntu wohlelo eyotholakala ephambuka, noma, ngamanye amazwi, eyophula izivumelwano eniboshwe ngaso, uyoqalekiswa empilweni yakhe, futhi uyonyathelwa yilowo engimkhethileyo;

6 Ngokuba mina, iNkosi, angizuku ahlekwa kulezi zinto—

7 Futhi konke lokhu ukuze abamsulwa phakathi kwenu bengeke babekwe icala nabangalungile; futhi ukuze abonile phakathi kwenu bangaphunyuli; ngokuba mina, iNkosi, nginethembisile aumqhele wenkazimulo esandleni sami sokunene.

8 Ngakho-ke, kangangoba nitholwe niphambukile, ngeke niphunyule olakeni lwami ezimpilweni zenu.

9 Kangangoba anisusiwe ngenxa yokuphambuka, ngeke niphunyule kuzo bizinhlupho czikaSathane kuze kube wusuku lokukhululwa.

10 Futhi manje ngininika amandla kusukela kulelihora, ukuthi uma kukhona phakathi kwenu, ongowohlelo, etholakala ephambuka futhi engaphenduki ebubini, ukuthi niyomnikela kuzo izinhlupho zikaSathane; futhi ngeke abe namandla oku aletha ububi phezu kwenu.

11 Kuwuku hlakanipha kimi; ngakho-ke, umyalelo ngininika wona, wokuthi niyozihlela futhi nibeke wonke umuntu kubo aubuphathi bakhe;

12 Ukuze wonke umuntu aphendule kimi ngobuphathi anikwe bona.

13 Ngokuba kufanele ukuthi mina, iNkosi, ngenze wonke umuntu aaziphendulele, njengo bmphathi phezu kwezibusiso zasemhlabeni, engizenzileyo nengizilungisilele izidalwa zami.

14 Mina, iNkosi, ngelula amazulu, futhi angakha umhlaba, bumsebenzi wezandla zami uqobo; futhi zonke izinto ezikuwo zingezami.

15 Futhi kuyinhloso yami ukuhlinzekela abangcwele bami, ngokuba zonke izinto zingezami.

16 Kodwa kufanele kwenziwe angendlela yami; futhi bhekani yiyo lendlela mina, iNkosi, engiyimisileyo ukuhlinzekela abangcwele bami, ukuze babampofu baphakanyiswe, ngokuthi abacebileyo benziwe bathobe.

17 Ngokuba aumhlaba ugcwele, futhi kunokwanele nokuseleyo; yebo, ngalungisa zonke izinto, futhi nganika abantwana babantu ukuba bbazikhethele.

18 Ngakho-ke, uma kukhona umuntu oyothatha aokwenala engikwenzileyo, futhi anganiki eyakhe ingxenye, ngoko bmthetho wevangeli lami, kwaba cmpofu nabadingayo, uyophakamisa amehlo akhe desihogweni, nababi, esebuhlungwini.

19 Manje, ngiqinisile ngithi kini, ngokuphathelene nezimpahla azohlelo

20 Inceku yami uSidney Rigdon mayi nikezwe indawo lapho ihlala khona manje, nesabelo sendlu yokushuka izikhumba njengobuphathi bakhe, ukuze asizakale ngesikhathi esebenza esivinini sami, ngisho njengoba ngithanda, uma sengiyomyala.

21 Futhi konke makwenziwe ngokomyalo wohlelo, nokuvumelana okuhlangene noma izwi lohlelo, olusezweni laseKirtland.

22 Futhi lobu buphathi nesibusiso, mina, iNkosi, ngibunika inceku yami uSidney Rigdon kube yisibusiso kuye, nenzalo yakhe emuva kwakhe;

23 Futhi ngizozi phindaphinda izibusiso kuye, kangangoba eyozithoba phambi kwami.

24 Futhi phezu kwalokho, inceku yami uMartin Harris mayinikezwe, njengobuphathi bayo, isabelo somhlaba inceku yami uJohn Johnson ewuthole ngokushintshana ngefa lakhe lokuqala, sibe ngesakhe nenzalo yakhe emuva kwakhe;

25 Futhi kangangoba ethembekile, ngizozi phindaphinda izibusiso kuye nasenzalweni yakhe emva kwakhe.

26 Futhi inceku yami uMartin Harris makanikele ngezimali zakhe ukuze kushunyayelwe amazwi ami, njengoba inceku yami uJoseph Smith, omNcane, iyosho.

27 Futhi phezu kwalokho, inceku yami uFrederick G. Williams makube ngeyakhe indawo ahlezi kuyo manje.

28 Futhi inceku yami u-Oliver Cowdery makabe nesabelo esihlelwe sahlukana nendlu kodwa siseduze nayo, okufanele sibe yihhovisi lokugayela, okuyisabelo sokuqala, futhi nesabelo lapho uyise ehlala khona.

29 Futhi izinceku zami uFrederick G. Williams no-Oliver Cowdery mababe nehhovisi lokugayela nelazo zonke izinto eziphathelene nakho.

30 Futhi lokhu kuyoba wubuphathi babo abayonikwa bona.

31 Futhi kangangoba bethembekile, bhekani ngiyobabusisa, futhi ngizi phindaphinde izibusiso kubo.

32 Futhi lokhu kuyisiqalo sobuphathi engibakhethele bona, bube ngobabo nenzalo yabo emuva kwabo.

33 Futhi, kangangoba bethembekile, ngizozi phindaphinda izibusiso kubo nenzalo yabo emva kwabo, ngisho ubuningi bezibusiso.

34 Futhi phezu kwalokho, inceku yami uJohn Johnson makabe nendlu ahlala kuyo, nefa, konke ngaphandle kwebala elibekelwe aukwakha izindlu zami, eliphathelene nalelofa, nalezo zabelo ezimiselwe inceku yami u-Oliver Cowdery.

35 Futhi kangangoba ethembekile, ngizozi phindaphinda izibusiso kuye.

36 Futhi kuyintando yami ukuthi kufanele adayise izabelo ezihlukaniselwe ukwakha idolobha labangcwele bami, kangangoba kuyokwaziswa kuye angezwi likaMoya, futhi ngokomyalo wohlelo, nangezwi lohlelo.

37 Futhi lokhu kuwukuqala kobuphathi engibunike yena, ukubusisa yena nenzalo yakhe emuva kwakhe.

38 Futhi kangangoba ethembekile, ngizozi phindaphinda izibusiso kuye.

39 Futhi phezu kwalokho, inceku yami auNewel K. Whitney makanikezwe izindlu nesabelo lapho ehlala khona manje, nesabelo nesakhiwo kuso okumi imikhumbi ethwala impahla, nesabelo esisekhoneni eliseningizimu nemikhumbi ethwala impahla, nesabelo okukhona kuso umlotha.

40 Futhi konke lokhu ngikunike inceku yami uNewel K. Whitney njengobuphathi bakhe, kube yisibusiso kuye nenzalo yakhe emuva kwakhe, ukuze kuzuze isakhiwo semikhumbi ethwala impahla yohlelo lwami engilulungisele isifunda sami ezweni laseKirtland.

41 Yebo, ngiqinisile, lobu wubuphathi engibunike inceku yami uN. K. Whitney, ngisho lesi sakhiwo sonke semikhumbi yokuthwala impahla, yena no amphatheli wakhe, nenzalo yakhe emva kwakhe.

42 Futhi kangangoba ethembekile ekugcineni imiyalelo yami, engimnike yona, ngizozi phindaphinda izibusiso kuye nasenzalweni yakhe emva kwakhe, ngisho ubuningi bezibusiso.

43 Futhi phezu kwalokho, inceku yami uJoseph Smith, omNcane, makanikezwe isabelo esihlukaniselwe ukwakha indlu yami, enezinduku ezingamashumi amane ubude neshumi nambili ububanzi, futhi nefa lapho kuhlala khona uyise;

44 Futhi lesi yisiqalo sobuphathi engibunike yena, ukuze kube yisibusiso kuye, nakuyise.

45 Ngokuba bhekani, ngimgcinele ifa auyise, ukuze odliwe; ngakho-ke uyothathwa njengowendlu yenceku yami uJoseph Smith, omNcane.

46 Futhi ngizozi phindaphinda izibusiso endlini yenceku yami uJoseph Smith, omNcane, kangangoba ethembekile, ngisho ubuningi bezibusiso.

47 Manje, umyalelo sengini nika wona ngokuphathelene neSiyoni, wokuthi aniseyikuphinde nihlanganiswe ngohlelo lokuba munye kubafowenu baseSiyoni, kuphela ngalendlela—

48 Emva kokuba senihleliwe, niyobizwa ngoHlelo lokuba Munye lwesi aKhonkwane seSiyoni, iDolobha laseKirtland. Futhi abafowenu, emva kokuba sebehleliwe, bayobizwa ngoHlelo lokuba Munye lweDolobha laseSiyoni.

49 Futhi bayohlelwa ngamagama abo, futhi egameni labo; futhi bayokwenza umsebenzi wabo egameni labo, futhi emagameni abo;

50 Futhi niyokwenza umsebenzi egameni lenu, futhi emagameni enu.

51 Futhi lokhu ngikuyalele ukuba kwenzelwe insindiso yenu, futhi ngokunjalo nensindiso yabo, ngenxa yoku axoshwa kwabo nalokho okuzokuza.

52 aIzivumelwano ziphulwa ngokuphambuka, bngomhawu namazwi okuzenzisa—

53 Ngakho-ke, senihlakaziwe njengohlelo lokuba munye nabafowenu, okungukuthi anisahlangene kuphela kuze kube ngalelihora kubona, ngaphandle kwalendlela, njengoba ngishilo, ngezikweletu njengoba kuyovunyelwana ngaloluhlelo emkhandlwini, njengokuvuma kwezimo zenu nangokuyalela kwezwi lomkhandlu.

54 Futhi phezu kwalokho, ngini nika umyalelo ngobuphathi engininike bona.

55 Bhekani, zonke lezi zimpahla zingezami, kungenjalo ukukholwa kwenu kuyize, futhi nitholwe ningaba zenzisi, nezivumelwano enizenzileyo kimi ziphuliwe;

56 Futhi uma izimpahla kungezami, uma kunjalo ninga abaphathi; uma kungenjalo anibona abaphathi.

57 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini, nginikhethile ukuba nibe ngabaphathi endlini yami, ngisho abaphathi ngempela.

58 Futhi ngenxa yalesi sizathu nginiyale ukuba nizihlele, ngisho ukuba nigaye aamazwi ami, ukuphelela konke kwemibhalo yami engcwele, izambulo engini nike zona, futhi nengiyoni nika zona, emva kwalokhu, izikhathi ngezikhathi—

59 Ngenhloso yokwakha ibandla nombuso wami emhlabeni, futhi nokulungiselela abantu bami aisikhathi lapho ngiyo bhlala nabo, esesi seduze.

60 Futhi niyokuzilungiselela indawo yokugcina imali, futhi niyingcwelisele igama lami.

61 Futhi niyobeka oyedwa wenu ukuba agcine indawo yokugcina imali, futhi uyogcotshelwa kulesi sibusiso.

62 Futhi kuyoba khona uphawu oluyobekwa phezu kwendawo ehlala imali, futhi zonke izinto ezingcwele ziyolethwa kulendawo yemali; futhi akukho muntu phakathi kwenu oyoyibiza ngokuthi ingeyakhe, noma iyiphi ingxenye yayo, ngokuba iyoba ngeyenu nonke ngesivumelwano sinye.

63 Futhi ngini nika kusukela ngalelihora; manje qinisekani, ukuthi niyoqala futhi nisebenzise ubuphathi engini nike bona, ngaphandle kwezinto ezingcwele, ngenhloso yokucindezela lezi zinto ezingcwele njengoba ngishilo.

64 Futhi inzuzo yezinto ezingcwele iyogcinwa endaweni yemali, futhi kuyobekwa uphawu phezu kwayo; futhi ngeke isetshenziswe noma ithathwe isuswe endaweni yemali noma ngubani, futhi ngeke uphawu luthanjiswe olubekwe phezu kwayo, kuphela ngezwi lohlelo, noma ngomyalelo.

65 Futhi niyoyigcina kanjalo inzuzo yezinto ezingcwele endaweni yemali, ngezinhloso ezingcwele nezilungileyo.

66 Futhi lokhu kuyobizwa ngendawo yemali engcwele yeNkosi; futhi uphawu luyobekwa phezu kwayo ukuze ibe ngcwele futhi ingcweliselwe iNkosi.

67 Futhi phezu kwalokho, kuyokuba nenye indawo yemali eyolungiswa, futhi umgcinisikhwama uyobekwa ukugcina indawo yemali, futhi uphawu luyobekwa phezu kwayo;

68 Futhi zonke izimali enizitholayo ebuphathini benu, ngokwenzangcono impahla engini nike yona, ngokuphathelene nezindlu, nemihlaba, noma izinkomo, noma nazo zonke izinto ngaphandle uma kuyimibhalo engcwele nelungileyo, engiyigcinele mina ukuze ngifeze izinhloso ezingcwele nezilungileyo, ziyophoswa endaweni yemali ngokushesha nisandu kuzithola lezo zimali, ngamakhulu, noma ngamashumi amahlanu, noma ngamashumi amabili, noma ngamashumi, noma ngokuhlanu.

69 Noma ngamanye amazwi, uma kukhona umuntu phakathi kwenu ofumana amadola amahlanu makawafake endaweni yemali; noma uma ethola ayishumi, noma angamashumi amabili, angamashumi amahlanu noma alikhulu, makenze kanjalo;

70 Futhi makungabi bikho muntu phakathi kwenu othi ingeyakhe; ngokuba ngeke ibizwe ngeyakhe, noma iyiphi ingxenye yayo.

71 Futhi akukho ngxenye yayo eyosetshenziswa, noma ithathwe endaweni yemali, kuphela ngezwi nokuvumelana kohlelo.

72 Futhi lokhu kuyoba yizwi nokuvumelana kohlelo—ukuba noma yimuphi umuntu phakathi kwenu athi kumgcini sikhwama: Ngidinga lokhu ukungilekelela ebuphathini bami—

73 Uma kungamadola amahlanu, noma uma kungamadola alishumi, noma angamashumi amabili noma angamashumi amahlanu, noma ikhulu, umgcini sikhwama uyomnikeza inani alidingayo ukumlekelela ebuphathini bakhe—

74 Kuze kube ufunyanwa engophambukile, futhi kuvezwe phambi komkhandlu wohlelo ngokusobala ukuthi ungongathembekile anomphathi ongahlakaniphile.

75 Kodwa uma esalokhu ehlanganyela ngokugcwele, futhi ethembekile futhi ehlakaniphile ebuphathini bakhe, lokhu kuyoba wuphawu lwakhe kumgcini sikhwama ukuthi umgcini sikhwama angagodli.

76 Kodwa uma kukhona isiphambeko, umgcini sikhwama uyoba ngaphansi kokulawulwa wumkhandlu nezwi lohlelo.

77 Futhi uma kutholakala umgcini sikhwama engumphathi ongathembekile futhi nongahlakaniphile, uyoba ngaphansi kokulawulwa wumkhandlu nezwi lohlelo, futhi uyosuswa esikhundleni sakhe, futhi aomunye uyobekwa esikhundleni sakhe.

78 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, ngokuphathelene nezikweletu zenu—bhekani kuyintando yami ukuthi anizikhokhe zonke bizikweletu zenu.

79 Futhi kuyintando yami ukuthi anizithobe phambi kwami, futhi nifumane lesi sibusiso bngokukhuthala nokuzithoba nangomkhuleko wokukholwa.

80 Futhi kangangoba nikhuthele futhi nithobekile, futhi nenza aumkhuleko wokukholwa, bhekani, ngizozithambisa izinhliziyo zalabo enibakweletayo, ngize ngilethe isu kini lokuba nikhululwe.

81 Ngakho-ke bhalelani ngokushesha eNew York futhi nibhale ngokwalokho okuzonikwa ngu aMoya wami; futhi ngizozithambisa izinhliziyo zalabo enibakweletayo, ukuba kususwe ezingqondweni zabo ukuba balethe ukuhlushwa phezu kwenu.

82 Futhi kangangoba anizithobile futhi nithembekile futhi nibiza igama lami, bhekani, ngizoni nika bukunqoba.

83 Ngini nika isethembiso, sokuthi niyokhululwa ngalesi sikhathi sodwa ebugqilini benu.

84 Kangangoba nifumana ithuba lokuboleka imali ngamakhulu, noma ngezinkulungwane, ngisho kuze kube niboleke okwanele ukunikhulula ebugqilini, kulilungelo lenu.

85 Futhi bambisani ngezimpahla engizibeke ezandleni zenu, ngalesi sikhathi sodwa, ngokunikeza amagama enu ngokuvumelana noma ngenye indlela, njengoba kuyobukeka kukuhle kini.

86 Ngini nika lelilungelo, ngalesi sikhathi sodwa; futhi bhekani, uma niqhubeka nokwenza lezi zinto engizibeke phambi kwenu, ngokwemiyalelo yami, zonke lezi zinto zingezami, futhi nina ningabaphathi bami, futhi umninindlu ngeke avume indlu yakhe ifohlwe. Ngisho kanjalo. Amen.