Isigaba 121
Umkhuleko neziphrofetho ezalotshwa nguJoseph Smith umPhrofethi encwadini ayibhalela iBandla ngesikhathi eseyisiboshwa etilongweni laseLiberty, eMissouri, ngosuku lomhlaka 20Â Mashi, 1839. UmPhrofethi nabangani bakhe abambalwa base behlale izinyanga etilongweni. Izicelo nezikhalo zabo ezaziqondiswe kubaphathi zikhundla namajaji azikwazanga ukubalethela usizo.
1–6, UmPhrofethi unxusa iNkosi ngabaNgcwele abezwa ubuhlungu; 7–10, INkosi iyamduduza; 11–17, Baqalekisiwe bonke labo abakhuluma amanga bethi abantu beNkosi baphambukile; 18–25, Ngeke babe nelungelo lobuphristi futhi bayovinjelwa ukuza kuNkulunkulu; 26–32, Izambulo ezinhle kakhulu zethenjiswa kulabo ababekezelayo ngobuqhawe; 33–40, Kungani bebaningi ababizwayo kodwa beyincosana abakhethiweyo na; 41–46, Ubuphristi kufanele busetshenziswe ngokulunga kuphela.
1 O Nkulunkulu, ukuphi na? Futhi likuphi idokodo elifihle indawo ekucashisile na?
2 Kuyoze kube nini isandla sakho usibambile, nehlo lakho, yebo ihlo lakho alimsulwa, libheka lisemazulwini aphakade ububi obenziwa kubantu bakho nasezincekwini zakho, nendlebe yakho ithinteke ngokukhala kwabo na?
3 Yebo, O Nkosi, kuyoze kube nini bezwa ubuhlungu balobu bubi nokucindezeleka okungavumelekile, ngaphambi kokuba inhliziyo yakho ibathambele, nezibilini zakho zithinteke ngokubazwela na?
4 O Nkosi Nkulunkulu Mninimandla Onke, menzi wezulu, umhlaba, nezilwandle, nazo zonke izinto ezikukho, futhi olawula futhi abeke ngaphansi kwakhe udeveli, nombuso kaSheol omnyama nowabahlwelwe—lula isandla sakho; ihlo lakho malibuke; idokodo lakho maliphakanyiswe; indawo yakho yokucasha mayingabe isambozwa; beka indlebe yakho; inhliziyo yakho mayithanjiswe, nezibilini zakho zithinteke ngokusizwela.
5 Intukuthelo yakho mayokhelekele izitha zethu; futhi, entukuthelweni yenhliziyo yakho, ngenkemba yakho siphindiselele ngokoniwa okubhekiswe kithi.
6 Khumbula abangcwele bakho abezwa ubuhlungu, O Nkulunkulu wethu; nezinceku zakho ziyojabula egameni lakho ingunaphakade.
7 Ndodana yami, ukuthula makube semphefumulweni wakho; ubunzima bakho nezihlupho zakho zizoba ngezesikhashana;
8 Futhi emva kwalokho, uma ukubekezelela kahle, uNkulunkulu uyokuphakamisela phezulu; uyonqoba phezu kwazo zonke izitha zakho.
9 Abahlobo bakho bami eduze nawe, futhi bayophinde bakubingelele ngezinhliziyo ezifudumele nangezandla zobungani.
10 Wena awukafani no Jobe; abahlobo bakho abalwi nawe, noma bakubeke icala lesiphambeko, njengokuba benza kuJobe.
11 Futhi nalabo abakubeka icala lesiphambeko, ithemba labo liyoshatshalaliswa, futhi nabakulindeleyo kuyoncibilika njengo ngqoqwane uncibilika phambi kwemisebe eshisayo yelanga eliphumayo;
12 Futhi nokuthi uNkulunkulu usebeke isandla sakhe nesisicilelo ukushintsha izikhathi nezinkathi, nokuphuphuthekisa imiqondo yabo, ukuze bangayiqondi imisebenzi yakhe emangalisayo; ukuze abavivinye futhi ababambe kubo ubuqili babo;
13 Futhi ngokuba izinhliziyo zabo zikhohlakele, futhi nezinto abathanda ukuzithwesa abanye, futhi bathanda ukuba abanye bezwe ubuhlungu, zizoza kubo kakhulu;
14 Ukuze badunyazwe futhi, namathemba abo ashatshalaliswe;
15 Futhi kungakabi minyaka emingaki kusuka manje, bona nezizukulwane zabo bayoshanyelwe ngaphansi kwezulu, kusho uNkulunkulu, kangangoba akukho noyedwa wabo osalayo aphile.
16 Baqalekisiwe bonke labo abayophakamisela abagcotshiweyo bami isithende, kusho iNkosi, futhi bememeza bethi bonile bebe bengonanga phambi kwami, kusho iNkosi, kodwa benze lokho obekufanele emehlweni ami, futhi engibayale ngakho.
17 Kodwa labo abamemezela ukuthi baphambukile bakwenza ngokuba beyizinceku zesono, futhi banga bantwana bokungalaleli uqobo lwabo.
18 Futhi labo abafunga amanga ngokumelene nezinceku zami, ukuze bazilethe ebugqilini nasekufeni—
19 Maye kubo; ngokuba bakhubekise abancinyane bami bayohlukaniswa ne zimiso zendlu yami.
20 Amaqoma abo ngeke agcwale, izindlu zabo nezinqolobane zabo ziyobhubha, futhi bona uqobo lwabo bayodelelwa yilabo ababa luthayo.
21 Ngeke babe nelungelo lo buphristi, noma izizukulwane zabo emva kwabo izizukulwane ngezizukulwane.
22 Bekuyoba ngcono kubo ukuba itshe lokusila ligaxwe ezintanyeni zabo, futhi baminziswe ekujuleni kolwandle.
23 Maye kubo bonke labo abahlupha abantu bami, futhi ababaphoqa ukuthi babaleke, futhi ababa bulalayo, futhi bafakaze ngokumelene nabo, kusho iNkosi yamaBandla; isizukulwane samabululu ngeke silubalekele usizi nobuhlungu obungapheli besihogo.
24 Bheka, amehlo ami ayayibona futhi ayayazi yonke imisebenzi yabo, futhi ngigcine isahlulelo esisheshayo ngesikhathi saso, sabo bonke;
25 Ngokuba kune sikhathi esimisiwe sawo wonke umuntu, kuyoba ngokwe misebenzi yakhe.
26 UNkulunkulu uyokunika ulwazi ngo Moya wakhe oNgcwele, yebo, ngesingachazeki isipho sikaMoya oNgcwele, esingakaze sambulwe kusukela umhlaba wabakhona kuze kube manje;
27 Olwalindelwa ngokhokho bethu ngokulangazelela ukuba lwambulwe ezinsukwini zokugcina, imiqondo yabo eyakhonjwa kulo yizingelosi, njengoba lwalugcinelwe ukupheleliswa kwenkazimulo yabo;
28 Isikhathi esizayo lapho okungekho lutho oluyofihlwa, noma kukhona uNkulunkulu oyedwa noma onkulunkulu abaningi, bayokwambulwa.
29 Zonke izihlalo zobukhosi nemibuso, iziphathimandla namandla, kuyo kwambulwa futhi kunikwe bonke abalibekezelele ngobuqhawe ivangeli likaJesu Kristu.
30 Futhi nokuthi, ngabe ikhona yini imikhawulo ebekelwe amazulu noma izilwandle, noma umhlaba owonileyo, noma ilanga, inyanga, noma izinkanyezi—
31 Zonke izikhathi zokuzungeza kwazo, zonke izinsuku ezibekiweyo, izinyanga, neminyaka, futhi zonke izinsuku zezinsuku zazo, izinyanga, futhi neminyaka, nazo zonke izinkazimulo zazo, imithetho yazo, nezikhathi zazo ezihleliweyo, ziyokwambulwa ngezinsuku zo hlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi—
32 Njengalokho okwabekwa phakathi ko Mkhandlu kaNkulunkulu waPhakade wabo bonke abanye onkulunkulu ngaphambi kokuba lomhlaba ubekhona, okufanele kugcinelwe isiphetho nesiphelo sawo, lapho wonke umuntu eyongena kubo ubukhona bakhe nakukho ukuphumula kwakhe kokungafi.
33 Kuyoze kube nini amanzi agobhozayo ehlezi engacwebile na? Yimaphi amandla ayovimba amazulu na? Ngokufanayo umuntu angalula ingalo yakhe ebuthakathaka ukumisa umfula iMissouri endleleni yawo emisiwe, noma ukuwushintsha endleleni yawo ubuyele emuva, njengokuvimba uMninimandla Onke ukuba athulule ulwazi lusuka ezulwini phezu kwamakhanda abaholi babaNgcwele beziNsuku zokuGcina.
34 Bheka, baningi ababiziwe, kodwa bayingcosana abakhethiweyo. Futhi kungani bengakhethwanga na?
35 Ngokuba izinhliziyo zabo zinake kakhulu izinto zalomhlaba, futhi balangazelela ukudunyiswa ngabantu, kangangoba abasifundi lesi sifundo esisodwa—
36 Sokuthi amalungelo obuphristi axhumene ngokungahlukaniseki namandla asezulwini, futhi nokuthi amandla asezulwini ngeke alawulwa noma aphathwe ngaphandle uma kungokwemigomo yo kulunga.
37 Ukuthi anganikwa kithi, kuyiqiniso; kodwa uma sizama ukufihla izono zethu, noma ukwanelisa ukuzikhukhumeza kwethu, ukulangazelela kwethu okuyize, noma ukusebenzisa ukulawula noma ukubusa noma impoqo kubantwana babantu, nganoma okungakanani ukungalungi, bheka, amazulu ayaziqhelisa; uMoya weNkosi uyadabuka; futhi uma usuqhelile, Amen kubuphristi noma kulo igunya laleyo ndoda.
38 Bheka, ngaphambi kokuba azi, usesele yedwa, ukukhahlela ezinkandini, ukuhlupha abangcwele, nokulwa noNkulunkulu.
39 Sifunde kabuhlungu ukuthi kuyimvelo nesimilo cishe sawo wonke umuntu, qeduba bathole igunya elincane, njengoba becabanga, masinyane bazoqala babuse ngokungalungile.
40 Ngakho-ke baningi ababiziwe, kodwa bayingcosana abakhethiweyo.
41 Akukho mandla noma umthelela ongagcinwa noma okufanele ugcinwe ngobuphristi, ngaphandle kokubonisa, ngokuba nenhliziyo ende, ngobubele nangobumnene, nangothando olungazenzisi;
42 Ngomusa, nangolwazi oluphelele, okuyowukhulisa kakhulu umoya ngaphandle kokuzenzisa, nangaphandle kwenkohliso—
43 Sola kakhulu ngesikhathi esifanele, uma uqhutshwa uMoya oNgcwele; futhi emva kwalokho ukhombise ukukhula ko thando kulowo omsolile, funa akuthathe njengesitha sakhe;
44 Ukuze azi ukuthi ukukholwa kwakho kuqinile kunamaketango okufa.
45 Izibilini zakho mazigcwale isihe kubo bonke abantu, futhi nakwabendlu yokukholwa, futhi ukulunga makubuse imicabango yakho ngokungaphezi; uma kunjalo ukuzethemba kwakho kuyoqina phambi kukaNkulunkulu; futhi nemfundiso yobuphristi iyoconsela emoyeni wakho njengamazolo esuka ezulwini.
46 Umoya oNgcwele uyoba ngumhlobo wakho njalo, futhi nentonga yakho ibe yintonga engashintshiyo yokulunga neqiniso; futhi nokubusa kwakho kuyoba ukubusa kwaphakade, futhi ngaphandle kwempoqo kuyogobhozela kuwe phakade naphakade.