ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 121


Isigaba 121

Umkhuleko neziphrofetho ezalotshwa nguJoseph Smith umPhrofethi encwadini ayibhalela iBandla ngesikhathi eseyisiboshwa etilongweni laseLiberty, eMissouri, ngosuku lomhlaka 20 Mashi, 1839. UmPhrofethi nabangani bakhe abambalwa base behlale izinyanga etilongweni. Izicelo nezikhalo zabo ezaziqondiswe kubaphathi zikhundla namajaji azikwazanga ukubalethela usizo.

1–6, UmPhrofethi unxusa iNkosi ngabaNgcwele abezwa ubuhlungu; 7–10, INkosi iyamduduza; 11–17, Baqalekisiwe bonke labo abakhuluma amanga bethi abantu beNkosi baphambukile; 18–25, Ngeke babe nelungelo lobuphristi futhi bayovinjelwa ukuza kuNkulunkulu; 26–32, Izambulo ezinhle kakhulu zethenjiswa kulabo ababekezelayo ngobuqhawe; 33–40, Kungani bebaningi ababizwayo kodwa beyincosana abakhethiweyo na; 41–46, Ubuphristi kufanele busetshenziswe ngokulunga kuphela.

1 O Nkulunkulu, ukuphi na? Futhi likuphi idokodo elifihle aindawo ekucashisile na?

2 aKuyoze kube nini isandla sakho usibambile, nehlo lakho, yebo ihlo lakho alimsulwa, libheka lisemazulwini aphakade ububi obenziwa kubantu bakho nasezincekwini zakho, nendlebe yakho ithinteke ngokukhala kwabo na?

3 Yebo, O Nkosi, akuyoze kube nini bezwa ubuhlungu balobu bubi nokucindezeleka okungavumelekile, ngaphambi kokuba inhliziyo yakho ibathambele, nezibilini zakho zithinteke ngokubazwela na?

4 O Nkosi Nkulunkulu aMninimandla Onke, menzi wezulu, umhlaba, nezilwandle, nazo zonke izinto ezikukho, futhi olawula futhi abeke ngaphansi kwakhe udeveli, nombuso kaSheol omnyama nowabahlwelwe—lula isandla sakho; ihlo lakho malibuke; idokodo lakho maliphakanyiswe; bindawo yakho yokucasha mayingabe isambozwa; beka indlebe yakho; inhliziyo yakho mayithanjiswe, nezibilini zakho zithinteke ngokusizwela.

5 Intukuthelo yakho mayokhelekele izitha zethu; futhi, entukuthelweni yenhliziyo yakho, ngenkemba yakho asiphindiselele ngokoniwa okubhekiswe kithi.

6 Khumbula abangcwele bakho abezwa ubuhlungu, O Nkulunkulu wethu; nezinceku zakho ziyojabula egameni lakho ingunaphakade.

7 Ndodana yami, ukuthula makube semphefumulweni wakho; aubunzima bakho nezihlupho zakho zizoba ngezesikhashana;

8 Futhi emva kwalokho, uma aukubekezelela kahle, uNkulunkulu uyokuphakamisela phezulu; uyonqoba phezu kwazo zonke izitha zakho.

9 aAbahlobo bakho bami eduze nawe, futhi bayophinde bakubingelele ngezinhliziyo ezifudumele nangezandla zobungani.

10 Wena awukafani no aJobe; abahlobo bakho abalwi nawe, noma bakubeke icala lesiphambeko, njengokuba benza kuJobe.

11 Futhi nalabo abakubeka icala lesiphambeko, ithemba labo liyoshatshalaliswa, futhi nabakulindeleyo kuyoncibilika njengo angqoqwane uncibilika phambi kwemisebe eshisayo yelanga eliphumayo;

12 Futhi nokuthi uNkulunkulu usebeke isandla sakhe nesisicilelo ukushintsha aizikhathi nezinkathi, nokuphuphuthekisa imiqondo yabo, ukuze bangayiqondi imisebenzi yakhe emangalisayo; ukuze abavivinye futhi ababambe kubo ubuqili babo;

13 Futhi ngokuba izinhliziyo zabo zikhohlakele, futhi nezinto abathanda ukuzithwesa abanye, futhi bathanda ukuba abanye bezwe ubuhlungu, zizoza akubo kakhulu;

14 Ukuze badunyazwe futhi, namathemba abo ashatshalaliswe;

15 Futhi kungakabi minyaka emingaki kusuka manje, bona nezizukulwane zabo bayoshanyelwe ngaphansi kwezulu, kusho uNkulunkulu, kangangoba akukho noyedwa wabo osalayo aphile.

16 Baqalekisiwe bonke labo abayophakamisela aabagcotshiweyo bami isithende, kusho iNkosi, futhi bememeza bethi bbonile bebe bengonanga phambi kwami, kusho iNkosi, kodwa benze lokho obekufanele emehlweni ami, futhi engibayale ngakho.

17 Kodwa labo abamemezela ukuthi baphambukile bakwenza ngokuba beyizinceku zesono, futhi banga abantwana bokungalaleli uqobo lwabo.

18 Futhi labo abafunga amanga ngokumelene nezinceku zami, ukuze bazilethe ebugqilini nasekufeni—

19 Maye kubo; ngokuba abakhubekise abancinyane bami bayohlukaniswa ne bzimiso zendlu yami.

20 aAmaqoma abo ngeke agcwale, izindlu zabo nezinqolobane zabo ziyobhubha, futhi bona uqobo lwabo bayodelelwa yilabo ababa luthayo.

21 Ngeke babe nelungelo lo abuphristi, noma izizukulwane zabo emva kwabo izizukulwane ngezizukulwane.

22 Bekuyoba angcono kubo ukuba itshe lokusila ligaxwe ezintanyeni zabo, futhi baminziswe ekujuleni kolwandle.

23 Maye kubo bonke labo abahlupha abantu bami, futhi ababaphoqa ukuthi babaleke, futhi ababa bulalayo, futhi bafakaze ngokumelene nabo, kusho iNkosi yamaBandla; aisizukulwane samabululu ngeke silubalekele usizi nobuhlungu obungapheli besihogo.

24 Bheka, amehlo ami aayayibona futhi ayayazi yonke imisebenzi yabo, futhi ngigcine bisahlulelo esisheshayo ngesikhathi saso, sabo bonke;

25 Ngokuba kune asikhathi esimisiwe sawo wonke umuntu, kuyoba ngokwe bmisebenzi yakhe.

26 UNkulunkulu uyokunika aulwazi ngo bMoya wakhe oNgcwele, yebo, ngesingachazeki cisipho sikaMoya oNgcwele, esingakaze sambulwe kusukela umhlaba wabakhona kuze kube manje;

27 Olwalindelwa ngokhokho bethu ngokulangazelela ukuba lwambulwe ezinsukwini zokugcina, imiqondo yabo eyakhonjwa kulo yizingelosi, njengoba lwalugcinelwe ukupheleliswa kwenkazimulo yabo;

28 Isikhathi esizayo lapho aokungekho lutho oluyofihlwa, noma kukhona uNkulunkulu oyedwa noma bonkulunkulu abaningi, bayokwambulwa.

29 Zonke izihlalo zobukhosi nemibuso, iziphathimandla namandla, kuyo akwambulwa futhi kunikwe bonke abalibekezelele ngobuqhawe ivangeli likaJesu Kristu.

30 Futhi nokuthi, ngabe ikhona yini aimikhawulo ebekelwe amazulu noma izilwandle, noma umhlaba owonileyo, noma ilanga, inyanga, noma izinkanyezi—

31 Zonke izikhathi zokuzungeza kwazo, zonke izinsuku ezibekiweyo, izinyanga, neminyaka, futhi zonke izinsuku zezinsuku zazo, izinyanga, futhi neminyaka, nazo zonke izinkazimulo zazo, imithetho yazo, nezikhathi zazo ezihleliweyo, ziyokwambulwa ngezinsuku zo ahlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi—

32 Njengalokho okwabekwa phakathi ko aMkhandlu bkaNkulunkulu waPhakade wabo bonke abanye onkulunkulu ngaphambi kokuba lomhlaba ubekhona, okufanele kugcinelwe isiphetho nesiphelo sawo, lapho wonke umuntu eyongena kubo cubukhona bakhe nakukho dukuphumula kwakhe kokungafi.

33 Kuyoze kube nini amanzi agobhozayo ehlezi engacwebile na? Yimaphi amandla ayovimba amazulu na? Ngokufanayo umuntu angalula ingalo yakhe ebuthakathaka ukumisa umfula iMissouri endleleni yawo emisiwe, noma ukuwushintsha endleleni yawo ubuyele emuva, njengokuvimba uMninimandla Onke ukuba athulule aulwazi lusuka ezulwini phezu kwamakhanda abaholi babaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

34 Bheka, baningi aababiziwe, kodwa bayingcosana babakhethiweyo. Futhi kungani bengakhethwanga na?

35 Ngokuba izinhliziyo zabo zinake kakhulu izinto azalomhlaba, futhi balangazelela bukudunyiswa ngabantu, kangangoba abasifundi lesi sifundo esisodwa—

36 Sokuthi aamalungelo obuphristi axhumene ngokungahlukaniseki bnamandla asezulwini, futhi nokuthi amandla asezulwini ngeke alawulwa noma aphathwe ngaphandle uma kungokwemigomo yo ckulunga.

37 Ukuthi anganikwa kithi, kuyiqiniso; kodwa uma sizama aukufihla bizono zethu, noma ukwanelisa cukuzikhukhumeza kwethu, ukulangazelela kwethu okuyize, noma ukusebenzisa ukulawula noma ukubusa noma impoqo kubantwana babantu, nganoma okungakanani ukungalungi, bheka, amazulu dayaziqhelisa; uMoya weNkosi uyadabuka; futhi uma usuqhelile, Amen kubuphristi noma kulo igunya laleyo ndoda.

38 Bheka, ngaphambi kokuba azi, usesele yedwa, aukukhahlela ezinkandini, bukuhlupha abangcwele, nokulwa noNkulunkulu.

39 Sifunde kabuhlungu ukuthi akuyimvelo nesimilo cishe sawo wonke umuntu, qeduba bathole igunya elincane, njengoba becabanga, masinyane bazoqala babuse ngokungalungile.

40 Ngakho-ke baningi ababiziwe, kodwa bayingcosana abakhethiweyo.

41 Akukho mandla noma umthelela ongagcinwa noma okufanele ugcinwe ngobuphristi, ngaphandle akokubonisa, ngokuba bnenhliziyo ende, ngobubele nangobumnene, nangothando olungazenzisi;

42 Ngomusa, nangolwazi oluphelele, okuyowukhulisa kakhulu umoya ngaphandle akokuzenzisa, nangaphandle bkwenkohliso

43 aSola kakhulu ngesikhathi esifanele, uma uqhutshwa uMoya oNgcwele; futhi emva kwalokho ukhombise ukukhula ko bthando kulowo omsolile, funa akuthathe njengesitha sakhe;

44 Ukuze azi ukuthi ukukholwa kwakho kuqinile kunamaketango okufa.

45 Izibilini zakho mazigcwale isihe kubo bonke abantu, futhi nakwabendlu yokukholwa, futhi aukulunga makubuse bimicabango yakho ngokungaphezi; uma kunjalo ukuzethemba kwakho kuyoqina phambi kukaNkulunkulu; futhi nemfundiso yobuphristi iyoconsela emoyeni wakho cnjengamazolo esuka ezulwini.

46 aUmoya oNgcwele uyoba ngumhlobo wakho njalo, futhi nentonga yakho ibe yintonga engashintshiyo yokulunga neqiniso; futhi bnokubusa kwakho kuyoba ukubusa kwaphakade, futhi ngaphandle kwempoqo kuyogobhozela kuwe phakade naphakade.