ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 75


Isigaba 75

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, e-Amherst, e-Ohio, ngomhlaka 25 Januwari, 1832. Lesi sigaba siyizambulo ezimbili ezahlukene (esokuqala esisendimeni yoku 1 kuya kweyama 22 kuthi esesibili sisendimeni yama 23 kuya kweyama 36) ezanikwa ngosuku olulodwa. Kwakungesikhathi somhlangano lapho uJoseph Smith emukelwa khona futhi wagcotshwa waba nguMongameli wobuPhristi obuKhulu. Amagosa athile afisa ukwazi okunye mayelana nemisebenzi yawo yangaleso sikhathi. Kwabe sekulandela lezi zambulo.

1–5, Amagosa athembekileyo ashumayela ivangeli ayofumana ukuphila okuphakade, 6–12, Khulekani ukuze nifumane uMduduzi, ofundisa zonke izinto; 13–22, Amagosa azohlala ekwahlulelweni ngokuphathelene nalabo abenqaba umyalezo wawo; 23–36, Imindeni yabefundisi kufanele ifumane usizo eBandleni.

1 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, mina okhuluma ngisho ngezwi loMoya wami, ngisho u-Alfa no-Omega, iNkosi yenu futhi noNkulunkulu wenu—

2 Lalelani, O nina eninike amagama enu ukuze nihambe niyoshumayela ivangeli lami, futhi nokuthena isivini sami.

3 Bhekani, ngithi kini kuyintando yami ukuthi nihambe futhi ningalibali, futhi ningabi ngamavila kodwa nisebenze ngamandla enu—

4 Niphakamisa amazwi enu njengezwi lecilongo, nishumayela iqiniso ngokwezambulo nemiyalelo engininike yona.

5 Ngakho-ke, uma nithembekile niyothweswa izithungu eziningi, futhi niqheliswe ngodumo, nenkazimulo, nokungafi, nempilo yaphakade.

6 Ngalokho-ke, ngiqinisile ngithi encekwini yami uWilliam E. McLellin, ngiyawuchitha umsebenzi wokuthunywa engimnike wona wokuya emazweni asempumalanga;

7 Futhi ngimnika umsebenzi wokuthunywa nomyalelo omusha, kuwo mina, iNkosi, engimsolayo ngokuvungama enhliziyweni yakhe;

8 Futhi wonile; nokho, ngiyamthethelela futhi ngiyaphinda ngithi kuye, Hamba uye emazweni aseningizimu.

9 Futhi inceku yami uLuke Johnson makahambe naye, futhi bashumayele izinto engibayale ngazo—

10 Bebiza igama leNkosi ukuze bafumane uMduduzi, ozobafundisa zonke izinto ezibafanele—

11 Bekhuleka njalo ukuze bangaphelelwa yithemba; futhi kangangoba bekwenza lokhu, ngiyoba nabo ngisho kuze kube sekupheleni.

12 Bhekani, lena yintando yeNkosi uNkulunkulu wenu ngokuphathelene nani. Ngisho kanjalo. Amen.

13 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile isho kanje iNkosi, inceku yami u-Orson Hyde nenceku yami uSamuel H. Smith mabathathe uhambo lwabo baye emazweni asempumalanga, futhi bashumayele izinto engibayale ngazo; futhi kangangoba bethembekile, bheka, ngiyoba nabo kuze kube sekugcineni.

14 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi encekwini yami uLyman Johnson, futhi nasencekwini yami u-Orson Pratt, nabo futhi bayothatha uhambo lwabo baye emazweni asempumalanga; futhi bhekani, futhi bheka, nginabo, kuze kube sekugcineni.

15 Futhi phezu kwalokho, ngithi encekwini yami u-Asa Dodds, nasencekwini yami uCalves Wilson, ukuthi nabo futhi bayothatha olwabo uhambo baye emazweni asentshonalanga, futhi bashumayele ivangeli lami, ngisho njengoba ngibayalile.

16 Futhi lowo othembekileyo uyozinqoba zonke izinto, futhi uyophakanyiswa ngosuku lokugcina.

17 Futhi phezu kwalokho, ngithi encekwini yami uMeja N. Ashley, nasencekwini yami uBurr Riggs, mabathathe uhambo lwabo nabo baye ezweni eliseningizimu.

18 Yebo, bonke labo mabathathe uhambo lwabo, njengoba ngibayalile, behamba umuzi ngomuzi, futhi isigodi ngesigodi, futhi idolobha ngedolobha.

19 Futhi kunanoma yimuphi umuzi enigena kuwo, futhi benamukele, shiyani isibusiso senu kulowo muzi.

20 Futhi kunanoma yimuphi umuzi eningena kuwo, futhi benganemukeli, niyophuma masinyane kulowo muzi, futhi nithuntuthe uthuli lwezinyawo zenu njengobufakazi obumelene nabo.

21 Futhi niyogcwala injabulo nentokozo; futhi yazini lokhu, ukuthi ngosuku lokwahlulela niyoba ngabehluleli balowo muzi, futhi nibabeke icala;

22 Futhi kuyobekezeleleka kakhulu ngokuphathelene nabahedeni ngosuku lokwahlulela, kunalowo muzi; ngakhoke, bophani izinkalo zenu futhi nithembeke, futhi niyozinqoba zonke izinto, futhi niyophakanyiswa ngosuku lokugcina. Ngisho kanjalo. Amen.

23 Futhi phezu kwalokho, isho kanje iNkosi kini, O nina magosa ebandla lami, eninike amagama enu ukuze nazi intando yakhe ngokuphathelene nani—

24 Bhekani, ngithi kini, kungumsebenzi webandla ukulekelela ekuxhaseni imindeni yalabo, futhi nokuxhasa imindeni yalabo ababiziwe futhi nokudingeke bathunywe emhlabeni ukuyoshumayela ivangeli emhlabeni.

25 Ngalokho-ke, mina, iNkosi, ngininika lomyalelo, wokuthi nitholele imindeni yenu izindawo, kangangoba abafowenu bethanda ukuvula izinhliziyo zabo.

26 Futhi bonke labo abangatholela imindeni yabo izindawo, futhi nokuxhaswa yibandla, mabangehluleki ukuya emhlabeni, noma kusempumalanga noma entshonalanga, noma enyakatho, noma eningizimu.

27 Mabacele futhi bayofumana, bangqongqothe futhi bayovulelwa, futhi kwaziswe kusuka phezulu, ngisho ngoMduduzi, ukuthi bayoya kuphi.

28 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, wonke umuntu okufanele ondle umndeni wakhe, makawondle, futhi akasoze alahlekelwe wumqhele wakhe; futhi makasebenze ebandleni.

29 Wonke umuntu makakhuthale ezintweni zonke. Futhi ivila ngeke libe nendawo ebandleni, ngaphandle uma liphenduka lilungisa izindlela zalo.

30 Ngalokho-ke, inceku yami uSimeon Carter nenceku yami u-Emer Harris mababe munye ebufundisini;

31 Futhi ngokunjalo nenceku yami u-Ezra Thayre nenceku yami uThomas B. Marsh;

32 Ngokunjalo nenceku yami uHyrum Smith nenceku yami uReynolds Cahoon;

33 Futhi ngokunjalo nenceku yami uDaniel Stanton nenceku yami uSeymour Brunson;

34 Futhi ngokunjalo nenceku yami uSylvester Smith nenceku yami uGideon Carter;

35 Futhi ngokunjalo nenceku yami uRuggles Eames nenceku yami uStephen Burnett;

36 Futhi ngokunjalo nenceku yami uMicah B. Welton nenceku yami u-Eden Smith. Ngisho kanjalo. Amen.