ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 46


Isigaba 46

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi eBandleni, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 8 Mashi 1831. Ngalesi sikhathi sokuqala kweBandla, isibonelo esifanayo sokuphatha izinkozo zeBandla sasingakabi bikho. Kodwa, umkhuba wokwamukela amalungu kuphela nabasahlola ibandla ngentshisekelo emihlanganweni yesidlo esingcwele nakweminye imibuthano yeBandla kwase kuyinto ejwayelekile. Lesi sambulo sizwakalisa intando yeNkosi mayelana nokulawula nokuphatha imihlangano ngokunjalo nomyalelo Wayo ngokuphathelene nokuzifuna nokuzibona izipho zikaMoya.

1–2, Amagosa kufanele aphathe imihlangano njengoba eholwa nguMoya oNgcwele; 3–6, Abafuna iqiniso akufanele benqatshelwe ukungena enkonzweni yesidlo esingcwele; 7–12, Buza kuNkulunkulu futhi ufune izipho zikaMoya; 13–26, Ukubalwa kwezinye zalezi zipho kuyanikwa; 27–33, Abaholi beBandla banikwa amandla okubona izipho zikaMoya.

1 Lalelani, O nina bantu bebandla lami; ngokuba ngiqinisile ngithi kini lezi zinto zakhulunywa kini ukuze nizuze inzuzo futhi nifunde.

2 Kodwa nakuba kunezinto ezibhaliwe, bekulokhu kwanikezwa amagosa ebandla lami kusuka ekuqaleni, futhi kohlala kunjalo, ukuphatha yonke imihlangano njengoba beqondiswe futhi beholwa nguMoya oNgcwele.

3 Nokho niyaliwe ukuba ningakhiphi namunye ngaphandle kwemihlangano yenu yawo wonke umuntu, ebanjelwa phambi kwabantu.

4 Niyaliwe futhi ukuba ningakhiphi namunye ongowe bandla ngaphandle kwemihlangano yenu yesidlo esingcwele; nokho, uma kukhona owonile, ningamvumeli athathe isidlo aze enze ukubuyisana.

5 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ningakhiphi muntu ngaphandle emihlanganweni yenu yesidlo esingcwele abafuna umbuso ngeqiniso—ngikhuluma lokhu ngokuphathelene nalabo abangesibo abebandla.

6 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ngokuphathelene nemihlangano yenu yokuqinisa, uma kukhona noma ngobani abangebona abebandla, abafuna umbuso ngeqiniso, ningabakhiphi ngaphandle.

7 Kodwa niya yalwa kuzo zonke izinto ukuba nicele kuNkulunkulu, ophana ngobuhle; futhi lokho okufakazwa nguMoya kini kanjalo-ke ngifuna nikwenze ngobungcwele bonke benhliziyo, nihamba ngobuqotho phambi kwami, nicabanga ngomphumela wensindiso yenu, nenza zonke izinto ngomkhuleko nokubonga, ukuze ningayengwa yimimoya emibi, noma yizimfundiso zodeveli, noma yimiyalelo yabantu; ngokuba eminye ngeyabantu, futhi neminye ngeyodeveli.

8 Ngalokho-ke, qaphelani kungenjalo nizokhohliseka; futhi ukuze ningakhohliseki funani ngeqiniso izipho ezinhle kakhulu, nikhumbula njalo ukuthi zinikelwani;

9 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, zinikwe ukuze kuzuze labo abangithandayo nabagcina yonke imiyalelo yami, futhi nalowo ofuna ukwenza njalo; ukuze bonke bazuze labo abafuna noma abacela kimi, labo abacelayo nabangaceli isibonakaliso ukuze banelise izinkanuko zabo.

10 Futhi, phezu kwalokho ngiqinisile ngithi kini, ngifisa ukuthi nikhumbule njalo, futhi njalo nikugcine ezingqondweni zenu ukuthi ziyini lezo zipho, ezinikwa ibandla.

11 Ngokuba akubona bonke abanikwe zonke izipho; ngokuba ziningi izipho, futhi kuwo wonke umuntu unikezwe isipho ngoMoya kaNkulunkulu.

12 Kwabanye kunikwa esinye, nakwabanye kwanikwa esinye, ukuze bonke bazuze ngazo.

13 Kwabanye kunikwa ngoMoya oNgcwele ukuba bazi ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu, nokuthi wabethelelwa izono zomhlaba.

14 Kwabanye kunikwa ukukholwa emazwini abo, ukuze nabo bathole ukuphila kwaphakade uma beqhubeka nokukholwa.

15 Futhi phezu kwalokho, kwabanye kunikwa ngoMoya oNgcwele ukuba bazi izindlela zokuphatha ezahlukene, njengoba kuthokozisa kuleyoNkosi efanayo, njengokufisa kweNkosi, yenza umusa wayo ngokwezimo zabantwana babantu.

16 Futhi, kunikwa ngoMoya oNgcwele kwabanye ukuba bazi imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, noma ngabe ngekaNkulunkulu yini, ukuze izibonakaliso zikaMoya zinikwe kuwo wonke umuntu ukuze bonke bazuze ngazo.

17 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kwabanye kunikiwe, ngoMoya kaNkulunkulu, izwi lokuhlakanipha.

18 Komunye kunikwe izwi lokwazi, ukuze bonke bafundiswe ukuba bahlakaniphe nokuba babe nolwazi.

19 Futhi phezu kwalokho, kwabanye kunikiwe ukuba babe nokukholwa ukuba baphiliswe;

20 Futhi kwabanye kunikiwe ukuba babe nokukholwa kokuba baphilise;

21 Futhi phezu kwalokho, kwabanye kunikiwe ukuba benze izimangaliso;

22 Futhi kwabanye kunikiwe ukuba baphrofethe;

23 Futhi kwabanye ukwahlukanisa imimoya.

24 Futhi phezu kwalokho, kunikiwe kwabanye ukuba bakhulume ngezilimi;

25 Futhi komunye kunikezwe ukuhumusha izilimi.

26 Futhi zonke lezi zipho zivela kuNkulunkulu, ukuze kuzuze abantwana baNkulunkulu.

27 Futhi kumbhishobhi webandla, futhi nakulabo uNkulunkulu ayobabeka futhi abagcobe ukuba bavikele ibandla futhi nokuba babe ngamagosa ebandleni, bayonikwa ukwahlukanisa zonke lezo zipho ukuze kungabi bikho namunye phakathi kwenu ozenza onezipho zokuphrofetha futhi engeyena okaNkulunkulu.

28 Futhi kuyokwenzeka ukuthi lowo ocela ngokoMoya uyothola ngokoMoya;

29 Ukuze kwabanye kunikezwe ukuba babe nazo zonke lezo zipho, ukuze kube nenhloko, ukuze onke amalungu azuze ngazo.

30 Lowo ocela ngokoMoya ucela ngokwentando kaNkulunkulu; ngalokho-ke kwenziwa ngisho njengoba ecelile.

31 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, zonke izinto kumele zenziwe egameni likaKristu, nanoma yini eniyenza ngokoMoya;

32 Futhi kumele nibonge uNkulunkulu ngokoMoya nganoma yisiphi isibusiso enibusiswa ngaso.

33 Futhi kumele nenze ukulunga nobungcwele phambi kwami njalonjalo. Ngisho kanjalo. Amen.