ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 43


Isigaba 43

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngoFebruwari 1831. Ngalesi sikhathi amanye amalungu ebandla ayephazamiswe ngabantu ababezenza abembuli. UmPhrofethi wabuza iNkosi wasethola lomyalezo owawubhekiswe kumagosa eBandla. Ingxenye yokuqala imayelana nezindaba zokuphathwa kweBandla; ingxenye yokugcina iqukethe isexwayiso amagosa okufanele asinike izizwe zomhlaba.

1–7, Izambulo nemiyalelo ivela kuphela ngalowo obekiweyo; 8–14, AbaNgcwele bangcweliswa ngokwenza ubungcwele bonke phambi kweNkosi; 15–22, Amagosa athunyelwa ukuba ashumayele ukuphenduka nokuba alungiselele abantu usuku olukhulu lweNkosi; 23–28, INkosi ibiza abantu ngezwi Layo uqobo nangamandla emvelo; 29–35, ImiNyaka eyiNkulungwane nokuboshwa kukaSathane kuzoza.

1 O Lalelani, nina magosa ebandla lami, nibeke indlebe emazwini engizowakhuluma kini.

2 Ngokuba bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ninikwe umyalelo njengomthetho ebandleni lami, ngaye engimbekele nina ukuthola imiyalelo nezambulo esandleni sami.

3 Futhi lokhu niyokwazi ngokuqiniseka—ukuthi akekho omunye obekelwe nina ukuba athole imiyalelo nezambulo aze athathwe yiNkosi, uma ehlala kimi.

4 Kodwa ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, akekho omunye oyobekelwa lesi sipho ngaphandle uma kungaye; ngokuba uma sithathiwe kuye ngeke abe namandla ngaphandle kokubeka omunye esikhundleni sakhe.

5 Futhi lokhu kuyokuba wumthetho kini, ukuthi ningemukeli izimfundiso zanoma yimuphi oyoza phambi kwenu njengezambulo noma imiyalelo;

6 Futhi lokhu ngininika kona ukuze ningakhohliswa, ukuze nazi ukuthi azizona ezami.

7 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, lowo ogcotshwe yimi uyongena ngesango futhi agcotshwe njengoba nginitshelile phambilini, ukufundisa lezo zambulo enizitholile futhi eniyozithola ngaye lowo engimbekile.

8 Manje, bhekani, ngininikeza umyalelo, wokuthi uma nihlangene ndawonye niyofundisana futhi nakhane, ukuze nazi ukuthi nizokwenza kanjani futhi nizoliphatha kanjani ibandla lami, ukuthi nizolungisana kanjani ngezihloko zomthetho nemiyalelo yami, engininike yona.

9 Futhi ngaleyo ndlela niyofundiswa emthethweni webandla lami, futhi ningcweliswe yiloko enikufumene, futhi niyozibophezela ukuthi niziphathe ngobungcwele bonke phambi kwami—

10 Ukuze kuthi kangangoba nikwenza lokhu, inkazimulo iyokwengezwa embusweni eseniwufumene. Kangangoba ningakwenzi, kuzothathwa, ngisho nalokho esenikufumene.

11 Buhlanzeni ububi obuphakathi kwenu; zingcweliseni phambi kwami;

12 Futhi uma nifisa izinkazimulo zombuso, bekani inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi nimsekele phambi kwami ngomkhuleko wokukholwa.

13 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, uma nifisa izimfihlakalo zombuso, mnikeni ukudla nezingubo, nakho konke akudingayo ukuze afeze umsebenzi engimyale ngawo;

14 Futhi uma ningakwenzi uzohlala kulabo abamemukele, ukuze ngizigcinele abantu abamsulwa phambi kwami.

15 Futhi phezu kwalokho ngithi, lalelani nina magosa ebandla lami, engiwabekile: Anithunyelwanga ukuba nifundiswe, kodwa ukuba nifundise abantwana babantu izinto engizibeke ezandleni zenu ngamandla oMoya wami;

16 Futhi kufanele nifundiswe kusuka phezulu. Zingcweliseni futhi niyophiwa amandla, ukuze ninike ngisho njengoba sengikhulumile.

17 Lalelani, ngokuba, bhekani, usuku olukhulu lweNkosi luseduze.

18 Ngokuba usuku luyeza lapho iNkosi iyokhuluma izwi layo eliphuma ezulwini; amazulu ayonyakaza nomhlaba uyozamazama, futhi necilongo likaNkulunkulu liyokhala kade futhi kakhulu, futhi liyothi ezizweni ezileleyo: Nina abangcwele vukani niphile; nina zoni hlalani nilale ngize ngibuye ngibize futhi.

19 Ngalokho-ke bophani izinkalo zenu hleze nitholakale phakathi kwababi.

20 Phakamisani amazwi enu futhi ningazongi. Nxusani izizwe ukuba ziphenduke, abadala nabancane, ababoshiwe nabakhululekile, nithi: Zilungiseleleni usuku olukhulu lweNkosi;

21 Ngokuba uma mina, engiyindoda, ngiphakamisa izwi lami futhi ngininxusa ukuba niphenduke, futhi ningizonda, niyothini ngesikhathi usuku lufika lapho ukuduma kuyozwakalisa amazwi akho kusuka emikhawulweni yomhlaba, kukhuluma ezindlebeni zabo bonke abaphilayo, kuthi—Phendukani, futhi nilungiselele usuke olukhulu lweNkosi na?

22 Yebo, futhi phezu kwalokho, ngesikhathi imibani iyoshaya kusuka empumalanga kuya entshonalanga, futhi iyokhuluma amazwi ayo kubo bonke abaphilayo, futhi yenze izindlebe zabo bonke abezwayo zinkeneze, isho lamazwi—Phendukani, ngokuba usuku olukhulu lweNkosi selufikile na?

23 Futhi phezu kwalokho, iNkosi iyokhuluma izwi layo kusuka ezulwini, ithi: Lalelani, O nina zizwe zomhlaba, futhi nizwe amazwi alowo Nkulunkulu owanenzayo.

24 O, nina zizwe zomhlaba, kukangaki lapho bengiyonibuthela khona ndawonye njengesikhukhukazi sibuthela amachwane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!

25 Kukangaki ngininxusa ngomlomo wezinceku zami, nangokusetshenzelwa yizingelosi, nangezwi lami, nangezwi lokuduma, nangezwi lemibani, nangezwi leziphepho, nangezwi lokuzamazama komhlaba, nangezichotho ezinkulu, nangezwi lendlala nangezifo zezinhlobo zonke, nangomsindo omkhulu wecilongo, nangezwi lokwahlulela, nangezwi lomusa usuku lonke, nangezwi lenkazimulo nodumo nengcebo yempilo yaphakade, futhi bengiyonihlenga ngensindiso yaphakade, kodwa anivumanga!

26 Bhekani, usuku selufikile, lapho isitsha sentukuthelo yami sesigcwele.

27 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, lawa ngamazwi eNkosi uNkulunkulu wenu.

28 Ngalokho-ke, sebenzani, sebenzani esivinini sami okokugcina—okokugcina nxusani abantu basemhlabeni.

29 Ngokuba ngesami isikhathi esifanele ngizoza emhlabeni ngizokwahlulela, futhi abantu bami bayohlengwa futhi bayobusa nami emhlabeni.

30 Ngokuba iNkulungwane enkulu yemiNyaka, engikhulume ngayo ngomlomo wezinceku zami, iyofika.

31 Ngokuba uSathane uyoboshwa, futhi lapho esekhululiwe futhi uyobusa kuphela okwesikhashana, bese kufika ukuphela komhlaba.

32 Futhi lowo ophila ngokulunga uyoshintshwa ngokuphazima kweso, futhi umhlaba uyodlula kanjalo njengomlilo.

33 Futhi ababi bayohamba baye emlilweni ongacimekiyo, futhi nesiphelo sabo akukho muntu osaziyo emhlabeni, noyoke asazi, baze bafike phambi kwami ekwahlulelweni.

34 Lalelani lamazwi. Bhekani, nginguJesu Kristu, umSindisi womhlaba. Gcinani lezi zinto ezinhliziyweni zenu, futhi isizotha sobuphakade masihlale ezingqondweni zenu.

35 Yibani nesizotha. Gcinani yonke imiyalelo yami. Ngisho kanjalo. Amen.