ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 43


Isigaba 43

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngoFebruwari 1831. Ngalesi sikhathi amanye amalungu ebandla ayephazamiswe ngabantu ababezenza abembuli. UmPhrofethi wabuza iNkosi wasethola lomyalezo owawubhekiswe kumagosa eBandla. Ingxenye yokuqala imayelana nezindaba zokuphathwa kweBandla; ingxenye yokugcina iqukethe isexwayiso amagosa okufanele asinike izizwe zomhlaba.

1–7, Izambulo nemiyalelo ivela kuphela ngalowo obekiweyo; 8–14, AbaNgcwele bangcweliswa ngokwenza ubungcwele bonke phambi kweNkosi; 15–22, Amagosa athunyelwa ukuba ashumayele ukuphenduka nokuba alungiselele abantu usuku olukhulu lweNkosi; 23–28, INkosi ibiza abantu ngezwi Layo uqobo nangamandla emvelo; 29–35, ImiNyaka eyiNkulungwane nokuboshwa kukaSathane kuzoza.

1 O Lalelani, nina magosa ebandla lami, nibeke indlebe emazwini engizowakhuluma kini.

2 Ngokuba bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ninikwe umyalelo anjengomthetho ebandleni lami, ngaye engimbekele nina ukuthola bimiyalelo nezambulo esandleni sami.

3 Futhi lokhu niyokwazi ngokuqiniseka—ukuthi akekho omunye obekelwe nina ukuba athole imiyalelo nezambulo aze athathwe yiNkosi, uma aehlala kimi.

4 Kodwa ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, aakekho omunye oyobekelwa lesi sipho ngaphandle uma kungaye; ngokuba uma sithathiwe kuye ngeke abe namandla ngaphandle kokubeka omunye esikhundleni sakhe.

5 Futhi lokhu kuyokuba wumthetho kini, ukuthi ningemukeli izimfundiso zanoma yimuphi oyoza phambi kwenu njengezambulo noma imiyalelo;

6 Futhi lokhu ngininika kona ukuze aningakhohliswa, ukuze nazi ukuthi azizona ezami.

7 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, lowo aogcotshwe yimi uyongena bngesango futhi agcotshwe njengoba nginitshelile phambilini, ukufundisa lezo zambulo enizitholile futhi eniyozithola ngaye lowo engimbekile.

8 Manje, bhekani, ngininikeza umyalelo, wokuthi uma nihlangene ndawonye aniyofundisana futhi nakhane, ukuze nazi ukuthi nizokwenza kanjani futhi nizoliphatha kanjani ibandla lami, ukuthi nizolungisana kanjani ngezihloko zomthetho nemiyalelo yami, engininike yona.

9 Futhi ngaleyo ndlela niyofundiswa emthethweni webandla lami, futhi aningcweliswe yiloko enikufumene, futhi niyozibophezela ukuthi niziphathe ngobungcwele bonke phambi kwami—

10 Ukuze kuthi kangangoba nikwenza lokhu, inkazimulo aiyokwengezwa embusweni eseniwufumene. Kangangoba ningakwenzi, bkuzothathwa, ngisho nalokho esenikufumene.

11 Buhlanzeni aububi obuphakathi kwenu; zingcweliseni phambi kwami;

12 Futhi uma nifisa izinkazimulo zombuso, bekani inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi animsekele phambi kwami ngomkhuleko wokukholwa.

13 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, uma nifisa aizimfihlakalo zombuso, mnikeni ukudla nezingubo, nakho konke akudingayo ukuze afeze umsebenzi engimyale ngawo;

14 Futhi uma ningakwenzi uzohlala kulabo abamemukele, ukuze ngizigcinele abantu aabamsulwa phambi kwami.

15 Futhi phezu kwalokho ngithi, lalelani nina magosa ebandla lami, engiwabekile: Anithunyelwanga ukuba nifundiswe, kodwa ukuba anifundise abantwana babantu izinto engizibeke ezandleni zenu ngamandla boMoya wami;

16 Futhi kufanele anifundiswe kusuka phezulu. bZingcweliseni futhi cniyophiwa amandla, ukuze ninike ngisho njengoba sengikhulumile.

17 Lalelani, ngokuba, bhekani, ausuku bolukhulu lweNkosi luseduze.

18 Ngokuba usuku luyeza lapho iNkosi iyokhuluma aizwi layo eliphuma ezulwini; amazulu bayonyakaza nomhlaba cuyozamazama, futhi dnecilongo likaNkulunkulu liyokhala kade futhi kakhulu, futhi liyothi ezizweni ezileleyo: Nina abangcwele evukani niphile; nina zoni fhlalani gnilale ngize ngibuye ngibize futhi.

19 Ngalokho-ke bophani izinkalo zenu hleze nitholakale phakathi kwababi.

20 Phakamisani amazwi enu futhi ningazongi. Nxusani izizwe ukuba ziphenduke, abadala nabancane, ababoshiwe nabakhululekile, nithi: Zilungiseleleni usuku olukhulu lweNkosi;

21 Ngokuba uma mina, engiyindoda, ngiphakamisa izwi lami futhi ngininxusa ukuba niphenduke, futhi ningizonda, niyothini ngesikhathi usuku lufika lapho aukuduma kuyozwakalisa amazwi akho kusuka emikhawulweni yomhlaba, kukhuluma ezindlebeni zabo bonke abaphilayo, kuthi—Phendukani, futhi nilungiselele usuke olukhulu lweNkosi na?

22 Yebo, futhi phezu kwalokho, ngesikhathi imibani iyoshaya kusuka empumalanga kuya entshonalanga, futhi iyokhuluma amazwi ayo kubo bonke abaphilayo, futhi yenze izindlebe zabo bonke abezwayo zinkeneze, isho lamazwi—Phendukani, ngokuba usuku olukhulu lweNkosi selufikile na?

23 Futhi phezu kwalokho, iNkosi iyokhuluma izwi layo kusuka ezulwini, ithi: Lalelani, O nina zizwe zomhlaba, futhi nizwe amazwi alowo Nkulunkulu owanenzayo.

24 O, nina zizwe zomhlaba, kukangaki lapho bengiyonibuthela khona ndawonye anjengesikhukhukazi sibuthela amachwane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa banivumanga!

25 Kukangaki angininxusa ngomlomo bwezinceku zami, cnangokusetshenzelwa yizingelosi, nangezwi lami, nangezwi lokuduma, nangezwi lemibani, nangezwi leziphepho, nangezwi lokuzamazama komhlaba, nangezichotho ezinkulu, nangezwi dlendlala nangezifo zezinhlobo zonke, nangomsindo omkhulu wecilongo, nangezwi lokwahlulela, nangezwi elomusa usuku lonke, nangezwi lenkazimulo nodumo nengcebo yempilo yaphakade, futhi bengiyonihlenga fngensindiso yaphakade, kodwa anivumanga!

26 Bhekani, usuku selufikile, lapho isitsha sentukuthelo yami sesigcwele.

27 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, lawa ngamazwi eNkosi uNkulunkulu wenu.

28 Ngalokho-ke, asebenzani, sebenzani esivinini sami okokugcina—okokugcina nxusani abantu basemhlabeni.

29 Ngokuba ngesami isikhathi esifanele angizoza emhlabeni ngizokwahlulela, futhi abantu bami bayohlengwa futhi bayobusa nami emhlabeni.

30 Ngokuba aiNkulungwane enkulu yemiNyaka, engikhulume ngayo ngomlomo wezinceku zami, iyofika.

31 Ngokuba auSathane buyoboshwa, futhi lapho esekhululiwe futhi uyobusa kuphela cokwesikhashana, bese kufika dukuphela komhlaba.

32 Futhi lowo ophila angokulunga buyoshintshwa ngokuphazima kweso, futhi umhlaba uyodlula kanjalo njengomlilo.

33 Futhi ababi bayohamba baye aemlilweni ongacimekiyo, futhi nesiphelo sabo akukho muntu osaziyo emhlabeni, noyoke asazi, baze bafike phambi kwami bekwahlulelweni.

34 Lalelani lamazwi. Bhekani, nginguJesu Kristu, aumSindisi womhlaba. bGcinani lezi zinto ezinhliziyweni zenu, futhi cisizotha sobuphakade dmasihlale eezingqondweni zenu.

35 Yibani anesizotha. Gcinani yonke imiyalelo yami. Ngisho kanjalo. Amen.