ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 56


Isigaba 56

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 15 Juni, 1831. Lesi sambulo sisola u-Ezra Thayre ngokungasi hloniphi isambulo esasinikwe ngaphambilini (“umyalelo” okukhulunywa ngawo endimeni yesi 8), uJoseph Smith ayemtholele sona, esiyala uThayre ngokuphathelene nokwakufanele akwenze epulazini lika Frederick G. Williams, lapho ayehlala khona. Lesi sambulo futhi siyakuhoxisa ukubizwa kuka Thayre ukuba ahambe aye eMissouri no Thomas B. Marsh (bheka isigaba 52:22).

1–2, AbaNgcwele kufanele bathwale isiphambano sabo futhi balandele iNkosi ukuze bathole insindiso; 3–13, INkosi iyayala futhi ichithe, futhi abangalaleli bayasuswa; 14–17, Maye kulabo abacebile abangabasizi abampofu, futhi maye kulabo abampofu izinhliziyo zabo ezingadabukile; 18–20, Babusisiwe abampofu abacwebile enhliziyweni, ngokuba bayodla ifa lomhlaba.

1 Lalelani, O nina bantu aabavuma igama lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu; ngokuba bhekani, intukuthelo yami yokhelekile kulabo abangivukelayo, futhi bayoyazi eyami ingalo neyami intukuthelo, ngosuku blokuhanjelwa nelolaka phezu kwezizwe.

2 Futhi lowo ongezukusithwala aisiphambano sakhe futhi bangilandele, futhi agcine imiyalelo yami, nguye lowo ongeke asindiswe.

3 Bhekani, mina, iNkosi, ngiyayala; futhi lowo ozongangi athobeli buyosuswa ngesami isikhathi esifanele, emva kokuba sengiyalile futhi nomyalelo usuphuliwe.

4 Ngalokho-ke mina, iNkosi, ngiyayala futhi angichithe, njengoba kubukeka kukuhle kimi, futhi konke lokhu kuyophendulwa phezu kwamakhanda babangivukelayo, kusho iNkosi.

5 Ngalokho-ke, ngiyawuchitha umyalelo engawunika izinceku zami auThomas B. Marsh no-Ezra Thayre, futhi nginika umyalelo omusha encekwini yami uThomas, ukuba athathe uhambo lwakhe ngokushesha aye ezweni laseMissouri, futhi inceku yami uSelah J. Griffin naye uyohamba naye.

6 Ngokuba bhekani, ngiyawuchitha umyalelo engawunikeza izinceku zami uSelah J. Griffin noNewel Knight, ngenxa yokuba ngontamolukhuni kwabantu bami abaseThompson, nokungivukela kwabo.

7 Ngalokho-ke, inceku yami uNewel Knight makasale nabo; futhi ngangobuningi kwabangahamba bangahamba, labo abadabukileyo phambi kwami, futhi baholwe nguye ukuya ezweni engilimisileyo.

8 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami u-Ezra Thayre kufanele aphenduke aekuzaziseni kwakhe, nasebugovini bakhe, futhi athobele umyalelo wokuqala engimnike wona maqondana nendawo ahlala kuyo.

9 Futhi uma ezokwenza lokhu, njengoba kungeke kwabakhona ukwahlukana ezweni, uyobekwa futhi ukuba aye ezweni laseMissouri;

10 Kungenjalo uzoyifumana imali ayikhokhile, futhi ayishiye indawo, futhi auyosuswa ebandleni lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wamabandla;

11 Futhi nakuba izulu nomhlaba kudlula, lawamazwi awasoze aadlula, kodwa ayogcwaliseka.

12 Futhi uma inceku yami uJoseph Smith, omNcane, kufanele ukuba ayikhokhe imali, bheka, mina, iNkosi, ngiyomkhokhela yona futhi ezweni laseMissouri, ukuze labo ayofumana kubo bavuzwe futhi ngokwalokho abakwenzayo;

13 Ngokuba bayofumana ngokwalokho abakwenzayo, ngisho emazweni efa labo.

14 Bhekani, isho kanje iNkosi kubantu bami—ninezinto eziningi okufanele nizenze futhi nokufanele niphenduke kuzo; ngokuba bhekani, izono zenu ziyazeka kimi, futhi azixolelwe, ngokuba nifuna aukwenza intando yenu.

15 Futhi izinhliziyo zenu azinelisekile. Futhi anilithobeli iqiniso, kodwa anijabula ekungalungini.

16 Maye kini abantu abacebileyo, eningathandi bukunika impahla yenu ckwabampofu, ngokuba dingcebo yenu izoyona imimoya yenu; futhi lokhu kuyokuba wukulila kwenu ngosuku lukuhanjelwa, nelokwahlulelwa, nolwentukuthelo: eIsivuno sesidlulile, ihlobo liphelile, umoya wami awusindisiwe!

17 Maye kini abantu abampofu, izinhliziyo zenu ezingadabukile, imimoya yenu engadabukile, nezisu zenu ezingeneli, izandla zenu ezingayeki ukuthatha izimpahla zabanye abantu, amehlo enu agcwele bumhobholo, futhi eningafuni ukusebenza ngezandla zenu!

18 Kodwa babusisiwe aabampofu abacwebileyo ezinhliziyweni, izinhliziyo zabo bezidabukileyo, imimoya yabo edabukileyo, ngokuba bayowubona cumbuso kaNkulunkulu uza ngamandla nangodumo olukhulu uzobakhulula; ngokuba ukunonophala dkomhlaba kuyoba ngokwabo.

19 Ngokuba bhekani, iNkosi iyokuza, futhi ainkokhelo yayo iyoba kuyo, futhi iyovuza wonke umuntu, futhi abampofu bayojabula;

20 Futhi izizukulwane zabo aziyodla ifa lomhlaba isizukulwane ngesizukulwane, phakade naphakade. Manje sengiyagcina ukukhuluma nani. Ngisho kanjalo. Amen.