ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 97


Isigaba 97

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 2 Agasti, 1833. Lesi sambulo siqondene ikakhulukazi nezindaba zabaNgcwele eSiyoni, esiFundeni iJackson, eMissouri, kuphendulwa ukubuza komPhrofethi eNkosini ukuze athole ulwazi. Amalunga eBandla eMissouri ngalesi sikhathi ayengaphansi kokuhlushwa okukhulu futhi, ngomhlaka 23 Julayi 1833, babephoqelekile ukusayina isivumelwano sokusishiya isiFunda iJackson.

1–2, Abaningi babaNgcwele eSiyoni (esiFundeni iJackson, eMissouri) babusisiwe ngokuthembeka kwabo; 3–5, UParley P. Pratt uyanconywa ngomsebenzi wakhe esikoleni eSiyoni; 6–9, Labo abagcina izivumelwano zabo bemukelekile eNkosini; 10–17, Indlu kufanele yakhiwe eSiyoni lapho abanenhliziyo ecwebileyo bezombona khona uNkulunkulu; 18–21, ISiyoni ngabacwebileyo ngenhliziyo; 22–28, ISiyoni izophunyula esijezisweni seNkosi uma ithembekile.

1 Ngiqinisile, ngithi kini bahlobo bami, ngikhuluma kini ngezwi lami, ngisho izwi loMoya wami, ukuze nginitshengise intando yami ngabazalwane benu abasezweni lase Siyoni, abaningi babo abazithobe ngokweqiniso futhi bafuna ngokukhuthala ukuba bafunde ukuhlakanipha nokuthola iqiniso.

2 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, babusisiwe abanjalo, ngokuba bayokufumana lokho; ngokuba mina, iNkosi, ngitshengisa umusa kubo bonke abamnene, futhi nakubo bonke engizobasthengisa umusa, ukuze ngibe ngongenacala uma ngibaletha ekwahlulelweni.

3 Bhekani, ngithi kini, ngokuphathelene nesikole eSiyoni, mina, iNkosi, ngithokozile kakhulu ukuba kobekhona isikole eSiyoni, futhi nangenceku yami uParley P. Pratt, ngokuba uhlala kimi.

4 Futhi kangangoba eqhubeka ehlala kimi uyoqhubeka nokwengamela isikole ezweni laseSiyoni ngize ngimnike eminye imiyalelo.

5 Futhi ngizombusisa ngezibusiso eziningi, ekuchasiseni yonke imibhalo engcwele nezimfihlo ukuze kwakheke isikole, nebandla eSiyoni.

6 Futhi kwabasele besikole, mina, iNkosi, ngiyathanda ukutshengisa umusa; nokho, kunalabo okudingeka bajeziswe, futhi imisebenzi yabo iyokwaziswa.

7 Izembe libekiwe empandeni yemithi; futhi yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyocekelwa phansi futhi iphoswe emlilweni. Mina, iNkosi, sengikukhulumile.

8 Ngiqinisile ngithi kini, bonke phakathi kwabo abaziyo ukuthi izinhliziyo zabo ziqotho, futhi zidabukile, futhi imimoya yabo idabukile, futhi bethanda ukugcina izivumelwano zabo ngoku nikela—yebo, wonke umnikelo mina, iNkosi, engiyowulayeza—bemukelekile kimi.

9 Ngokuba mina, iNkosi, ngiyobenza bathele njengesihlahla esithela kakhulu esitshalwe enhlabathini enhle, eduze nomthombo ocwebile, esikhipha isithelo esiyigugu kakhulu.

10 Ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuthi indlu kufanele yakhelwe mina ezweni laseSiyoni, njenge sifanekiso engini nike sona.

11 Yebo, mayakhiwe ngokushesha, ngokweshumi kwabantu bami.

12 Bhekani, lokhu ngokweshumi futhi kungumnikelo mina, iNkosi, engiwudingayo ezandleni zabo, ukuze kwakhelwe mina indlu ukuze kusindiswe iSiyoni—

13 Kube yindawo yokubonga yabo bonke abangcwele, futhi kube yindawo yokufundisa bonke labo ababizelwe emsebenzini wobufundisi kukho konke ukubizwa nezikhundla zabo ezahlukene;

14 Ukuze bapheleliswe ekuqondeni ubufundisi babo, kokubonwa ngokucabanga kwengqondo, kumgomo, nasemfundisweni, kuzo zonke izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu emhlabeni, izikhiye zalowo umbuso ezinikwe kini.

15 Futhi kangangoba abantu bami bengakhela indlu yami egameni leNkosi, futhi bengayivumeli into engahlanzekile ize kuyo, ukuze ingangcoliswa, inkazimulo yami iyohlala phezu kwayo;

16 Yebo, futhi nokuba-khona kwami kuyoba lapho, ngokuba ngiyoza kuyo, futhi bonke abanenhliziyo ecwebileyo abayoza kuyo bayombona uNkulunkulu.

17 Kodwa uma ingcolisiwe ngeke ngize kuyo, futhi nenkazimulo yami ngeke ibekhona lapho; ngokuba ngeke ngize emathempelini angcolileyo.

18 Manje, bhekani, uma iSiyoni yenza lezi zinto iyophumelela, futhi izandise futhi ikhazimule kakhulu, ibe nkulu, futhi isabeke kakhulu.

19 Futhi izizwe zomhlaba ziyomazisa, futhi ziyothi: Impela iSiyoni yidolobha likaNkulunkulu wethu, futhi impela uSiyoni ngeke awe, ngeke asuswe endaweni yakhe, ngokuba uNkulunkulu ulapho, nesandla seNkosi silapho;

20 Futhi ufungile ngamandla obukhulu bakhe ukuba abe yinsindiso yakhe no mbhoshongo wakhe ophakeme.

21 Ngakho-ke, ngiqinisile, isho kanje iNkosi, iSiyoni mayijabule, ngokuba lena iSiyoni—abacwebileyo ngenhliziyo; ngakho-ke, iSiyoni mayijabule, ngesikhathi ababi beyolila.

22 Ngokuba bhekani, futhi bheka, impindiselo iyeza masinyane kwababi njengesivunguvungu; futhi ngubani oyophunyula kuyo na?

23 Isijeziso seNkosi siyodlula ngobusuku nasemini, futhi umbiko waso uyokhathaza bonke abantu; yebo, ngeke simiswe kuze kuze iNkosi;

24 Ngokuba intukuthelo yeNkosi iyokheleka ngokumelene nezinengiso zabo nakuyo yonke imisebenzi yabo yobubi.

25 Nokho, uSiyoni uyophunyula uma ezama ukwenza zonke izinto noma yini engimyale ngayo.

26 Kodwa uma engazami noma yini engimyale ngayo, ngizom vakashela ngokwemisebenzi yonke yakhe, ngosizi olukhulu, ngobhubhane, ngezinhlupho, ngenkemba, ngempindiselo, ngo mlilo oqothulayo.

27 Nokho, lokhu makufundwe kanye ezindlebeni zakhe, ukuthi mina, iNkosi, sengiwemukele umnikelo wakhe; futhi uma engeke esona futhi akukho nokukodwa kwalezi zinto okuyomehlela;

28 Futhi ngiyom busisa ngezibusiso, futhi ngiphindaphinde izibusiso eziningi phezu kwakhe, naphezu kwezizukulwane zakhe phakade naphakade, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu. Amen.