ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 74


Isigaba 74

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, esiFundeni sase Wayne, eNew York, ngonyaka ka 1830. Ngisho nanga phambi kokuba iBandla limiswe, imibuzo yayilokhu ikhona mayelana nokuthi iyiphi indlela okuyiyo yokubhabhadisa, okwabangela ukuthi umPhrofethi afune ukucaciseleka ngaloludaba. Umlando ka Joseph Smith uthi lesi sambulo siyincazelo yalencwadi Ⅰ kwabaKorinte 7:14, okuyiyona ncwadi eyayisetshenziswa ukunika isizathu sokubhabhadiswa kwabantwana.

1–5, UPawulu weluleka iBandla langesikhathi sakhe ukuthi bangawugcini umthetho kaMose; 6–7, Abantwana abancane bangcwele futhi bangcweliswa ngeNhlawulo.

1 Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile, kodwa manje bangcwele.

2 Manje, ezinsukwini zabaphostoli umthetho wokusokwa wawenziwa phakathi kwawo wonke amaJuda ayengalikholwa ivangeli likaJesu Kristu.

3 Futhi kwenzeka ukuthi kwaqubuka impikiswano enkulu phakathi kwabantu ngokuphathelene nomthetho wokusoka, ngokuba umyeni ongakholwayo wayefisa ukuthi abantwana bakhe basokwe futhi babe ngaphansi komthetho kaMose, lowomthetho owawusugcwalisekile.

4 Futhi kwenzeka ukuthi abantwana, bekhuliswe ngaphansi komthetho kaMose, banaka amasiko oyise futhi bangalikholwa ivangeli likaKristu, ngalokho abazange babe ngabangcwele.

5 Ngalokho-ke, ngalenhloso umphostoli wabhalela ibandla, ebanikeza umyalelo, okwakungewona oweNkosi, kodwa okwakungowakhe, ukuthi ikholwa malingahlangani nongakholwayo; ngaphandle uma umthetho kaMose uchithiwe phakathi kwabo,

6 Ukuze abantwana babo bahlale bengasokiwe; futhi ukuze isiko lichithwe, elalithi abantwana abancane abekho ngcwele; ngokuba lalenziwa phakathi kwamaJuda;

7 Kodwa abantwana abancane bangcwele, bengcweliswe ngenhlawulo kaJesu Kristu; futhi yikho lokhu okuchazwa yimibhalo engcwele.