ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 61


Isigaba 61

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, osebeni loMfula iMissouri, eJikeni laseMcIlwaine, ngomhlaka 12 Agasti 1831. Ohambeni lwabo olwalubuyela eKirtland, umPhrofethi namagosa alishumi base behambe behla ngoMfula iMissouri ngezikebhe. Ngosuku lwesithathu lohambo, behlelwa yizingozi eziningi. IGosa uWilliam W. Phelps, embonweni wasemini libalele, wabona umbhubhisi ehamba ngamandla phezu kobuso bamanzi.

1–12, INkosi isimemezele imbubhiso eningi phezu kwamanzi; 13–22, Amanzi aqalekiswa nguJohane, futhi umbhubhisi uhamba phezu kobuso bawo; 23–29, Abanye banamandla okuyala amanzi; 30–35, Amagosa kufanele ahambe ngamabili futhi ashumayele ivangeli; 36–39, Kufanele balungiselele ukuza kweNdodana yoMuntu.

1 Bhekani, futhi nilalele izwi lalowo onamandla onke, osuka phakade kuya phakade, ngisho u-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho.

2 Bhekani, iqinisile ithi iNkosi kini, O nina magosa ebandla lami, abuthene kulelibala, izono zawo manje ezixolelwe, ngokuba mina, iNkosi, ngiyazithethelela izono, futhi nginomhawu kulabo abavuma izono zabo ngezinhliziyo ezithobekileyo;

3 Kodwa ngiqinisile ngithi kini, akudingekile ukuba lonke leliqembu lamagosa ami lihambe ngokushesha okukhulu phezu kwamanzi, ngesikhathi abahlali nhlangothi zombili bebhubha bengakholwa.

4 Nokho, ngakuvumela ukuze nifakaze; bhekani, ziningi izingozi phezu kwamanzi, futhi ikakhulukazi emva kwalokhu;

5 Ngokuba mina, iNkosi, ngimemezelile olakeni lwami imbubhiso eningi phezu kwamanzi; yebo, futhi ikakhulukazi phezu kwalamanzi.

6 Nokho, yonke inyama isesandleni sami, futhi lowo othembekileyo phakathi kwenu akasoze abhubha ngamanzi.

7 Ngalokho-ke, kufanele ukuba inceku yami uSidney Gilbert nenceku yami uWilliam W. Phelps basheshe ukuya emsebenzini wabo wokufundisa ivangeli.

8 Nokho, bengingeke ngivume ukuba nihlukane kuze kube nijezisiwe ngazo zonke izono zenu, ukuze nibe munye, ukuze ningabhubhi ebubini;

9 Kodwa manje, ngiqinisile ngithi, kuhle kimi ukuba nihlukane. Ngalokho-ke izinceku zami uSidney Gilbert noWilliam W. Phelps mabahambe neqembu labo lakuqala, futhi mabathathe uhambo lwabo ngokushesha ukuze bagcwalise umsebenzi wabo wokufundisa ivangeli, futhi ngokukholwa bazonqoba;

10 Futhi kangangoba bethembekile bazogcinwa, futhi mina, iNkosi, ngizoba nabo.

11 Futhi abasele mabathathe lokho okudingekile kokwembatha.

12 Inceku yami uSidney Gilbert makathathe lokho okungadingekile ahambe nakho, ngokuvumelana kwenu.

13 Manje, bhekani, ukuze nizuze ngininike umyalelo ngalezi zinto; futhi mina, iNkosi, ngizokhuluma nani njengakubantu ezinsukwini zasemandulo.

14 Bhekani, mina, iNkosi, ekuqaleni ngawabusisa amanzi; kodwa ngezinsuku zokugcina, ngomlomo wenceku yami uJohane, ngawaqalekisa amanzi.

15 Ngalokho-ke, izinsuku zizoza lapho kungekho nyama eyosinda emanzini.

16 Futhi kuyothiwa ezinsukwini ezizayo akekho oyokwazi ukuya phezulu ezweni laseSiyoni phezu kwamanzi, kodwa lowo olungileyo enhliziyweni.

17 Futhi, njengoba mina, iNkosi, ekuqaleni ngaliqalekisa izwe, kanjalo-ke ezinsukwini zokugcina ngilibusisile, ngesikhathi salo, ukuze lisetshenziswe ngabangcwele bami, ukuze badle ukunonophala kwalo.

18 Manje ngininika umyalelo wokuthi engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke, ukuze nixwayise abafowenu ngalamanzi, ukuze bangezi behamba phezu kwawo, hleze ukholo lwabo luhluleke futhi babambeke ezithiyweni;

19 Mina, iNkosi, ngimisile, futhi umbhubhisi uhamba phezu kobuso bawo, futhi angikuchithi engikumisileyo.

20 Mina, iNkosi, benginicasukele izolo, kodwa namhlanje ulaka lwami luphelile.

21 Ngalokho-ke, labo engikhulume ngabo, okufanele bathathe uhambo lwabo ngokushesha—ngiyaphinda ngithi kini, mabathathe uhambo lwabo ngokushesha.

22 Futhi akusho lutho kimi, emva kwesikhashana, nxa begcwalise umsebenzi wabo wokufundisa ivangeli, noma bahamba emanzini noma ezweni; lokhu makube njengoba kwazisiwe kubo ngokwahlulela kwabo emva kwalesi sikhathi.

23 Manje, ngokuphathelene nezinceku zami, uSidney Rigdon, uJoseph Smith, omNcane, no-Oliver Cowdery, mabangezi futhi kulamanzi, ngaphandle kokuba semfuleni owakhiweyo, ngesikhathi behamba beya emakhaya abo; noma ngamanye amazwi abayukuza behamba kulamanzi, ngaphandle kokuba behamba emfuleni owakhiweyo.

24 Bhekani, mina, iNkosi, ngiyimisile indlela yokuhamba abangcwele bami, futhi bhekani, yiyo lena indlela—ukuthi emva kokushiya umfula owakhiweyo bayohamba ezweni, kangangoba beyaliwe ukuhamba futhi bahambe baye phezulu ezweni laseSiyoni;

25 Futhi bayokwenza njengabantwana bakwa-Israyeli, begxumeka amatende abo ngendlela.

26 Futhi, bhekani, lomyalelo niyowunika kubo bonke abafowenu.

27 Nokho, lowo onikwe amandla okuyala amanzi, kuye kunikwe ngoMoya ukwazi zonke izindlela zakhe;

28 Ngalokho-ke, makenze njengoba uMoya kaNkulunkulu ophilayo umyalela, noma ezweni noma emanzini, njengoba kukimi ukwenza emva kwalokhu.

29 Futhi kini kunikwe indlela yabangcwele, noma indlela yabangcwele beviyo leNkosi, ukuba lihambe.

30 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, izinceku zami, uSidney Rigdon, uJoseph Smith, omNcane, no-Oliver Cowdery, abayikuyivula imilomo yabo emabandleni ababi baze bafike eCincinnati;

31 Futhi kuleyo ndawo bayophakamisela amazwi abo kuNkulunkulu ngokumelene nalabo bantu, yebo, kuye intukuthelo yakhe eyokheleka ngokumelene nababi, abantu cishe asebelungele ukubhujiswa.

32 Futhi kusuka lapho mabahambele amabandla abafowabo, ngokuba imisebenzi yabo ngisho namanje idingeka kakhulu phakathi kwabo kunaphakathi kwamabandla ababi.

33 Manje, ngokuphathelene nabaseleyo, mabahambe futhi bamemezele izwi phakathi kwamandla ababi, kangangoba kunikiwe;

34 Futhi kangangoba bekwenza lokhu bayoba ngabangenacala, futhi abazukuba nachashazi phambi kwami.

35 Futhi mabahambe ndawonye, noma ngababili, njengoba kubonakala kukuhle kubo, kuphela inceku yami uReynolds Cahoon, nenceku yami uSamuel H. Smith, engithokoze kakhulu ngabo, mabangahlukaniswa baze babuyele emakhaya abo, futhi lokhu kungenhloso ehlakaniphile ekimi.

36 Manje, ngiqinisile ngithi kini, futhi engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke, yibani nenjabulo, bantwana abancane; ngokuba ngiphakathi kwenu, futhi anginilahlile;

37 Futhi kangangoba nizithobile phambi kwami, izibusiso zombuso zingezenu.

38 Bophani izinkalo zenu futhi niqaphele futhi nibe nesizotha, nibheke phambili ekuzeni kweNdodana yoMuntu, ngokuba izofika ngehora eningalicabangiyo.

39 Khulekani njalo ukuze ningangeni ekulingweni, ukuze nilumele usuku lokuza kwakhe, noma ekuphileni noma ekufeni. Ngisho kanjalo. Amen.