ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 3


Isigaba 3

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1828, mayelana nokulahleka kwamakhasi ayi 116 ombhalo olotshwe ngesandla ayehunyushwe engxenyeni yokuqala yeNcwadi kaMormoni, eyayibizwa ngencwadi kaLehi. UmPhrofethi wayevume engabaza ukuthi lamakhasi asuke kuye aye kuMartin Harris, owake wasebenza ithutshana njengomlobi ekuhunyushweni kweNcwadi kaMormoni. Lesi sambulo sanikwa nge-Urimi neThumimi (Bheka isigaba 10.)

1–4, Indlela yeNkosi yinye ayiguquki naphakade; 5–15, UJoseph Smith makaphenduke kungenjalo uzolahlekelwa yisipho sokuhumusha; 16–20, INcwadi kaMormoni yambulelwe ukuzosindisa inzalo kaLehi.

1 Imisebenzi, nezinhlelo, nezinhloso zikaNkulunkulu ngeke zavinjelwa, noma zibe yize.

2 Ngokuba uNkulunkulu akahambi ezindleleni ezigwegwile, akajikeli kwesokudla isandla noma sobunxele, noma aguquke kulokhu asekushilo, ngakho-ke izindlela zakhe ziqondile, futhi indlela yakhe yinye ayiguquki naphakade.

3 Khumbula, khumbula ukuthi akuwona umsebenzi weNkosi ovimbelekayo, kodwa wumsebenzi wabantu;

4 Ngokuba nakuba umuntu engaba nezambulo eziningi, futhi abe namandla okwenza eminingi imisebenzi emikhulu, kodwa uma eziqhayisa ngawakhe amandla, futhi engazinaki iziyalo zikaNkulunkulu, futhi alandele okufunwa yintando yakhe nezifiso zenyama, kufanele awe futhi athole impindiselo kaNkulunkulu olungileyo phezu kwakhe.

5 Bheka, uphathiswe lezi zinto, kodwa ibiqine kangakani imiyalelo yakho; futhi khumbula izethembiso ezenziwa kuwe, uma ubungayiphulanga.

6 Futhi bheka, kukaningi kangakanani uyiphula imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu, futhi ulandele ukuboniswa ngabantu.

7 Ngokuba, bheka, ubungamele wesabe abantu kunoNkulunkulu. Nakuba abantu bengazinaki iziyalo zikaNkulunkulu, futhi bewadelela namazwi akhe—

8 Kodwa wena bekufanele uthembeke; futhi ubezolula isandla sakhe akusekele kuyo yonke imicibisholo evuthayo yesitha; futhi ubezokuba nawe kuzo zonke izikhathi zenkathazo.

9 Bheka, wena unguJoseph, futhi wakhethwa ukuthi wenze umsebenzi weNkosi, kodwa ngenxa yokuphambuka, uma ungaqapheli uzowa.

10 Kodwa khumbula, uNkulunkulu unesihawu; ngakho-ke, phenduka kulokho okwenzile okuphambene nomyalo engikunike wona, futhi usakhethiwe, futhi usabiziwe futhi kulomsebenzi;

11 Ngaphandle kokuthi wenze lokhu, uzofulathelwa ube njengabanye abantu, ungabe usabanaso isipho.

12 Futhi ngenkathi unika umuntu lokho uNkulunkulu ayekunike ukuthi ukuqonde namandla okuthi ukuhumushe, wanika lokho okwakungcwele ezandleni zendoda embi,

13 Engayinakanga imiyalelo kaNkulunkulu, futhi neyaphula nezingcwele kakhulu izethembiso ezenziwa phambi kukaNkulunkulu, futhi nencike kokwayo ukwahlulela futhi neziqhayise ngokwayo ukuhlakanipha.

14 Futhi lesi yiso isizathu sokuthi ulahlekelwe amalungelo akho okwesikhashana—

15 Ngokuba uvumele umyalelo womqondisi wakho unyathelwe kusukela ekuqaleni.

16 Nokho, umsebenzi wami uyoqhubeka, njengokuba ulwazi lo mSindisi luze emhlabeni, ngobufakazi bamaJuda, ngisho kanjalo-ke ulwazi ngomSindisi luyokuza kubantu bami—

17 Naku maNefi, nakumaJakobe, nakumaJosefa, nakumaZoramu, ngobufakazi boyise—

18 Futhi lobu bufakazi buyofinyelela ekwazini kwa maLamani, nokwamaLemuweli, nokwama-Ishmayeli, abalahlekelwa wukholo ngenxa yobubi boyise, labo iNkosi ebavumele ukubhubhisa abafowabo amaNefi, ngenxa yobubi babo nezinengiso zabo.

19 Futhi kungenxa yalesi sizathu ukuthi lezi zingcwephe zilondoloziwe, eziqukethe lemibhalo—ukuze izethembiso zeNkosi zifezeke, ezenze kubantu bayo;

20 Nokuze amaLamani afinyelele ekwazini oyise, futhi ukuze azi ngezethembiso zeNkosi, nokuze akholwe yivangeli futhi athembele ezenzweni ezinhle zikaJesu Kristu, futhi adunyiswe ngokholo egameni lakhe, futhi nokuthi ngokuphenduka kwawo asindiswe. Amen.