ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 34


Isigaba 34

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Orson Pratt, eFayette, eNew York, ngomhlaka 4 Novemba 1830. Umzalwane uPratt wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye ubudala ngaleso sikhathi. Wayese phendukile futhi esebhabhadisiwe ngesikhathi ezwa ukushunyayelwa kwevangeli elibuyiselwe ngomfowabo omdala, uParley P. Pratt, emasontweni ayisithupha ngaphambilini. Lesi sambulo satholakala ekhaya lakwaPeter Whitmer oMdala.

1–4, Abakholwayo baba ngamadodana kaNkulunkulu ngeNhlawulo; 5–9, Ukushunyayelwa kwevangeli kulungisa indlela yokuZa kweSibili; 10–12, Isiphrofetho siza ngamandla oMoya oNgcwele.

1 Ndodana yami au-Orson, lalela futhi uzwe futhi ubheke lokhu mina, iNkosi uNkulunkulu, engizokusho kuwena, ngisho uJesu Kristu umHlengi wakho;

2 Onguku akhanya nokuphila komhlaba, ukukhanya okukhanya ebumnyameni futhi ubumnyama abukuqondi;

3 aOwathanda umhlaba bwaze cwanikela ngempilo yakhe, ukuze bonke abayokholwa babe dngamadodana kaNkulunkulu. Ngalokho-ke uyindodana yami;

4 Futhi aubusisiwe ngokuba ukholiwe;

5 Futhi ubusisiwe ngokwedlulele ngokuba aubizwe yimi ukuba ushumayela ivangeli lami—

6 Ukuba uphakamisa izwi lakho njengokukhala kwecilongo, kade futhi kakhulu, futhi aushumayele ngokuphenduka kwesonakeleyo nesinenkani isizukulwane, ulungisa indlela yeNkosi ulindele bukuza kwayo kwesibili.

7 Ngokuba bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, aisikhathi sesiseduze ukuthi ngiyoza befwini ngamandla nenkazimulo enkulu.

8 Futhi kuyokuba ausuku olukhulu ngesikhathi sokuza kwami, ngokuba zonke izizwe bziyothuthumela.

9 Kodwa ngaphambi kokuza kwalolosuku olukhulu, ilanga liyofiphala, nenyanga iphendulwe igazi; nezinkanyezi ziyonqaba nokukhanya kwazo, ezinye ziyokuwa, futhi ukubhujiswa okukhulu kulinde ababi.

10 Ngalokho-ke, phakamisa iphimbo lakho aungazibambi, ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikhulumile; ngakho-ke phrofetha, futhi kuzokwambulwa bngamandla kaMoya oNgcwele.

11 Futhi uma uthembekile, bheka, nginawe ngize ngize—

12 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngiza masinyane. NgiyiNkosi nomHlengi wakho. Amen.