ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 54


Isigaba 54

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuNewel Knight, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 10 Juni, 1831. Amalungu eBandla ayehlala eThompson, e-Ohio, ayehlukene phakathi ngodaba olumayelana nokunikelwa kwezimpahla. Ubugovu nokuhaha kwabonakala. Emva kokuthunywa kuma Shakers (bheka isihloko sesigaba 49), uLeman Copley wasephula isivumelwano sakhe sokunikela ipulazi lakhe elikhulu njengendawo yefa labaNgcwele ababefika besuka eColesville, eNew York. Ngenxa yalokho, uNewel Knight (owayengumholi wamalungu ayehlala eThompson) namanye amagosa babeze kumPhrofethi ukuzobuza ukuthi benzenjani. UmPhrofethi wabuza eNkosini wase ethola lesi sambulo, esiyala amalungu ayese Thompson ukuthi alishiye ipulazi lika Leman Copley bese ehamba eya eMissouri.

1–6, AbaNgcwele kufanele bagcine isivumelwano sevangeli ukuze bathole umusa; 7–10, Kufanele babekezele osizini.

1 Bhekani, isho kanje iNkosi, ngisho u-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, ngisho yena owabethelelwa izono zomhlaba—

2 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, nceku yami uNewel Knight, uyokuma uqine kulesi sikhundla engikubeke kuso.

3 Futhi uma abafowenu befisa ukusinda ezitheni zabo, mabaphenduke kuzo zonke izono zabo, futhi babe ngabazithobile ngempela phambi kwami futhi babe ngabadabukile.

4 Futhi njengoba isivumelwano abasenza kimi sesiphuliwe, kanjalo-ke sesibe yize futhi asiselutho.

5 Futhi maye kulowo esiza ngaye lesi sikhubekiso, ngokuba bekungaba ngcono kuye ukuba uminziswe ekujuleni kolwandle.

6 Kodwa babusisiwe labo abasigcinile isivumelwano futhi bagcina nomyalelo, ngokuba bayothola umusa.

7 Ngalokho-ke, manje hambani futhi nibaleke ezweni, hleze izitha zenu zinihlasele; nithathe uhambo lwenu, futhi nibeke enithanda abe ngumholi wenu, futhi nozokwenza umsebenzi ozoningenisela izimali.

8 Futhi niyothatha uhambo lwenu ngaleyo ndlela niye ezifundazweni ezingasentshonalanga, ezweni lase Missouri, emingceleni yamaLamani.

9 Futhi uma senihambile, bhekani, ngithi kini, funani ukuziphilisa njengabanye abantu, ngize nginilungisele indawo yenu.

10 Futhi phezu kwalokho, bekezelani osizini ngize ngize; futhi, bhekani, ngiza masinyane, nomvuzo wami ukimi, futhi labo abangifune masinya bayothola ukuphumula emiphefumulweni yabo. Ngisho kanjalo. Amen.