ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 33


Isigaba 33

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Ezra Thayre nakuNorthrop Sweet, eFayette, eNew York, ngo-Oktoba 1830. Ekwaziseni ngalesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uyakuqinisekisa ukuthi “iNkosi … ihlala ilindele ukubafundisa labo abafuna ngokukhuthala ngokholo.”

1–4, Izisebenzi zibizelwa ukuyoshumayela ivangeli ngehora leshumi nanye; 5–6, IBandla liyamiswa, nabakhethiweyo kufanele baqoqwe; 7–10, Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele; 11–15, IBandla lakhelwe phezu kwedwala levangeli; 16–18, Lungiselani ukuza koMyeni.

1 Bhekani, ngithi kini, zinceku zami u-Ezra noNorthrop, vulani izindlebe zenu nilalele izwi leNkosi uNkulunkulu wenu, ozwi lakhe liyaphila futhi linamandla, libukhali kunesika nhlangothi-zombili inkemba, ukuhlukanisa ujuqu amalungu nomkantsha, umphefumulo nomoya; futhi obona imicabango nezinhloso zenhliziyo.

2 Ngokuba ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini nibizelwe ukuphakamisa amaphimbo enu njengokukhala kwecilongo, ukuze nishumayele ivangeli lami kwesigwegwile nesiphambeneyo isizukulwane.

3 Ngokuba bhekani, insimu imhlophe isilungele ukuvunwa, futhi sekuyihora leshumi nanye, futhi nokokugcina lapho ngizokubizela izisebenzi ensimini yami.

4 Futhi nesivini sami sesonakele sonkana; futhi abasekho abenza okuhle ngaphandle kwabayidlanzana, futhi bayaphambuka kokuningi ngenxa yobu phristi-mbumbulu, bonke benemiqondo eyonakeleyo.

5 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, leli Bandla ngilimisile futhi ngalibizela ukuba liphume ehlane.

6 Futhi kanjalo-ke ngizobaqoqa abakhethiweyo bami kumagumbi amane omhlaba, ngisho bonke abazokholelwa kimi, futhi balalele izwi lami.

7 Yebo, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, insimu imhlophe ilungele ukuvunwa; ngalokho-ke, shwibani amasikela enu, nivune ngawo wonke amandla, ingqondo, nokuqina kwenu.

8 Vulani imilomo yenu futhi iyogcwaliswa, futhi niyofana no Nefi wasemandulo, owahamba eJerusalema eya ehlane.

9 Yebo, vulani imilomo yenu ningazibambi, futhi niyothwala izithungu emhlane yenu, ngokuba bheka, nginani.

10 Yebo, vulani imilomo yenu futhi izogcwaliswa, nithi: Phendukani, phendukani, nilungise indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde; ngokuba umbuso wezulu ususondele;

11 Yebo, phendukani futhi nibhabhadiswe, nonke, ukuze nithole ukuthethelelwa kwezono zenu; yebo, bhabhadiswani ngisho nangamanzi, emva kwalokho kuzolandela umbhabhadiso womlilo nowoMoya oNgcwele.

12 Bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, leli yivangeli lami; futhi khumbulani ukuthi kufuneka babe nokholo kimi noma bangeke basindiswe nakanye;

13 Futhi phezu kwaleli dwala ngiyolakha ibandla lami; yebo, phezu kwalelidwala nakhelwe, futhi uma niphikelela, amasango esihogo awayikunehlula.

14 Futhi niyokhumbula izimfundiso zebandla nezivumelwano ukuthi nizigcine.

15 Futhi labo abanokholo niyobaqinisa ebandleni lami, ngokubekwa kwezandla, futhi ngiyobapha isipho sikaMoya oNgcwele phezu kwabo.

16 Futhi iNcwadi kaMormoni nemibhalo engcwele kwambulwe yimi ukuze nifundiswe; futhi namandla oMoya wami aphilisa zonke izinto.

17 Ngalokho-ke, thembekani, nikhuleke njalo, ninezibani zenu zilungisiwe futhi zivutha, niphethe namafutha, ukuze nilungele ukuza koMyeni

18 Ngokuba bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ngiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.