ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 33


Isigaba 33

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Ezra Thayre nakuNorthrop Sweet, eFayette, eNew York, ngo-Oktoba 1830. Ekwaziseni ngalesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uyakuqinisekisa ukuthi “iNkosi … ihlala ilindele ukubafundisa labo abafuna ngokukhuthala ngokholo.”

1–4, Izisebenzi zibizelwa ukuyoshumayela ivangeli ngehora leshumi nanye; 5–6, IBandla liyamiswa, nabakhethiweyo kufanele baqoqwe; 7–10, Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele; 11–15, IBandla lakhelwe phezu kwedwala levangeli; 16–18, Lungiselani ukuza koMyeni.

1 Bhekani, ngithi kini, zinceku zami u-Ezra noNorthrop, vulani izindlebe zenu nilalele izwi leNkosi uNkulunkulu wenu, aozwi lakhe liyaphila futhi linamandla, libukhali kunesika nhlangothi-zombili inkemba, ukuhlukanisa ujuqu amalungu nomkantsha, umphefumulo nomoya; futhi obona imicabango bnezinhloso zenhliziyo.

2 Ngokuba ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini nibizelwe ukuphakamisa amaphimbo enu anjengokukhala kwecilongo, ukuze nishumayele ivangeli lami kwesigwegwile nesiphambeneyo isizukulwane.

3 Ngokuba bhekani, ainsimu imhlophe isilungele ukuvunwa, futhi bsekuyihora leshumi nanye, futhi cnokokugcina lapho ngizokubizela izisebenzi ensimini yami.

4 Futhi anesivini sami bsesonakele sonkana; futhi abasekho abenza cokuhle ngaphandle kwabayidlanzana, futhi dbayaphambuka kokuningi ngenxa yobu ephristi-mbumbulu, bonke benemiqondo eyonakeleyo.

5 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, leli aBandla bngilimisile futhi ngalibizela ukuba liphume ehlane.

6 Futhi kanjalo-ke angizobaqoqa abakhethiweyo bami kumagumbi bamane omhlaba, ngisho bonke abazokholelwa kimi, futhi balalele izwi lami.

7 Yebo, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, insimu imhlophe ilungele ukuvunwa; ngalokho-ke, shwibani amasikela enu, nivune ngawo wonke amandla, ingqondo, nokuqina kwenu.

8 aVulani imilomo yenu futhi iyogcwaliswa, futhi niyofana no bNefi wasemandulo, owahamba eJerusalema eya ehlane.

9 Yebo, vulani imilomo yenu ningazibambi, futhi niyothwala aizithungu emhlane yenu, ngokuba bheka, nginani.

10 Yebo, vulani imilomo yenu futhi izogcwaliswa, nithi: aPhendukani, phendukani, nilungise indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde; ngokuba umbuso wezulu ususondele;

11 Yebo, phendukani futhi anibhabhadiswe, nonke, ukuze nithole ukuthethelelwa kwezono zenu; yebo, bhabhadiswani ngisho nangamanzi, emva kwalokho kuzolandela umbhabhadiso womlilo nowoMoya oNgcwele.

12 Bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, leli ayivangeli lami; futhi khumbulani ukuthi kufuneka babe nokholo kimi noma bangeke basindiswe nakanye;

13 Futhi phezu kwaleli adwala ngiyolakha ibandla lami; yebo, phezu kwalelidwala nakhelwe, futhi uma niphikelela, bamasango esihogo awayikunehlula.

14 Futhi niyokhumbula aizimfundiso zebandla nezivumelwano ukuthi nizigcine.

15 Futhi labo abanokholo aniyobaqinisa ebandleni lami, ngokubekwa bkwezandla, futhi ngiyobapha cisipho sikaMoya oNgcwele phezu kwabo.

16 Futhi iNcwadi kaMormoni anemibhalo engcwele kwambulwe yimi ukuze bnifundiswe; futhi namandla oMoya wami caphilisa zonke izinto.

17 Ngalokho-ke, thembekani, nikhuleke njalo, ninezibani zenu zilungisiwe futhi zivutha, niphethe namafutha, ukuze nilungele ukuza akoMyeni

18 Ngokuba bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, angiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.