ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 112


Isigaba 112

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuThomas B. Marsh, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 23 Julayi, 1837, ngokuphathelene nabaPhostoli abayiShumi namBili beMvana. Lesi sambulo satholakala ngosuku lapho amaGosa uHeber C. Kimball kanye no-Orson Hyde beshumayela ivangeli okokuqala Engilandi. UThomas B. Marsh ngalesi sikhathi wayenguMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili.

1–10, AbayiShumi-namBili kufanele bathumele ivangeli futhi baphakamise izwi lesexwayiso kuzo zonke izizwe nabantu; 11–15, Kufanele bathwale isiphambano sabo, balandele uJesu, futhi baphe izimvu Zakhe; 16–20, Labo abemukela ubuMongameli bokuQala bemukela iNkosi; 21–29, Ubumnyama bumboza umhlaba, futhi yilabo abakholwayo nababhabhadiswayo kuphela abazosindiswa; 30–34, UbuMongameli bokuQala nabayiShumi namBili baphethe izikhiye zohlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi.

1 Ngiqinisile isho kanje iNkosi kuwe nceku yami uThomas: Ngiyizwile imikhuleko yakho; futhi nokwabela kwakho abampofu kwenyukile kwaba yi sikhumbuzo kimi, ukuze kuzuze labo, abafowenu, abakhethwa ukuba bafakaze ngegama lami futhi nokuthi babuthumele ndawo zonke ubufakazi phakathi kwazo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, nabantu, futhi nabagcotshwa ngosizo lwezinceku zami.

2 Ngiqinisile ngithi kuwe, kube nezinto ezimbalwa enhliziyweni yakho futhi ngokuphathelene nawe, mina iNkosi, engingathokozile ngazo.

3 Nokho, kangagoba uzithobile uyophakanyiswa; ngakho-ke, zonke izono zakho zithethelelwe.

4 Inhliziyo yakho mayi thokoze phambi kobuso bami; futhi uyofakaza ngegama lami, hhayi kuphela kwabeZizwe, kodwa futhi naku maJuda; futhi uyolithumela igama lami emikhawulweni yomhlaba.

5 Ngakho-ke, yilwa, ukusa nokusa; futhi usuku emva kosuku hambisa izwi lakho lesexwayiso; futhi uma ubusuku buza ungavumeli abantu basemhlabeni balale, ngenxa yokukhuluma kwakho.

6 Ukuhlala kwakho makwaziwe eSiyoni, futhi ungayisusi indlu yakho; ngokuba Mina, iNkosi, nginomsebenzi omkhulu okufanele uwenze, ukwazisa ngegama lami phakathi kwabantwana babantu.

7 Ngakho-ke, ubophele izinkalo zakho lomsebenzi. Izinyawo zakho mazifakwe izicathulo, ngokuba ukhethiwe, futhi indlela yakho isezintabeni, nasezizweni eziningi.

8 Futhi ngezwi lakho abaningi abaphakemeyo bayothotshiswa, futhi ngezwi lakho abaningi abathobekileyo bayophakanyiswa.

9 Izwi lakho liyoba wukusola kophambukayo; futhi ngokusola kwakho ulimi lomhlebi malupheze ububi balo.

10 Zithobe; iNkosi uNkulunkulu wakho uyokuhola ngesandla, futhi ikunike impendulo emikhulekweni yakho.

11 Ngiyayazi inhliziyo yakho, futhi ngiyizwile imikhuleko yakho ngokuphathelene nabafowenu. Ungabakhethi ngothando ngaphezu kwabanye, kodwa uthando lwakho kubo malube njengoba uzithanda wena; futhi uthando lwakho maluvame kubo bonke abantu, nakubo bonke abathanda igama lami.

12 Futhi bakhulekela abafowenu beShumi-namBili. Bayale kakhulu ngenxa yegama lami, futhi nabo mabayalwe ngazo zonke izono zabo, futhi thembeka phambi kwami kulo igama lami.

13 Futhi emva kwe zilingo zabo, nosizi olukhulu, bheka, mina, iNkosi, ngizobafuna, futhi uma bengaziqinisi izinhliziyo zabo, futhi bengaqinisi izintamo zabo ngokumelene nami, bayo guqulwa, futhi ngiyobelapha.

14 Manje, ngithi kuwe, futhi engikusho kuwe, ngikusho kubo bonke abaliShumi namBili; Sukuma ubophe izinkalo zakho, thwala isiphambano sakho, ungilandele, futhi uphe izimvu zami.

15 Ningaziphakamisi; ningayivukeli inceku yami uJoseph; ngokuba ngiqinisile ngithi kini, nginaye, futhi isandla sami siyoba phezu kwakhe, futhi izikhiye engimnike zona, futhi nakini, ngeke zithathwe kuye ngize ngize.

16 Ngiqinisile ngithi kuwe, nceku yami uThomas, uyindoda engiyikhethileyo ukuba iphathe izikhiye zombuso wami, ngokuphathelene nabayiShumi namBili, ndawo zonke phakathi kwezizwe zonke—

17 Ukuze ube yinceku yami ezovula umnyango wombuso ezindaweni zonke lapho inceku yami uJoseph, nenceku yami uSidney, nenceku yami uHyrum, bengeke bakwazi ukuza khona.

18 Ngokuba kubo ngibeke umthwalo wamabandla onke okwesikhashana.

19 Ngalokho-ke, noma yikuphi lapho beyokuthumela khona, hamba, futhi ngizoba nawe; futhi noma iyiphi indawo oyoshumayela kuyo igama lami uyovulelwa umnyango omkhulu wethuba lokusebenza, ukuze balithole izwi lami.

20 Lowo owemukela izwi lami wemukela mina, futhi noma ngabe owemukela mina, wemukela labo, abobuMongameli bokuQala, engibathumileyo, engibenze abaluleki ngenxa yegama lami kini.

21 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, labo eniyobathuma egameni lami, ngezwi labafowenu, abayiShumi namBili, abavunywe ngokufaneleyo futhi bagunyazwa yini, bayokuba namandla okuvula umnyango wombuso wami kunoma yisiphi esizwe noma kuphi lapho niyobathuma khona—

22 Kangangoba beyozithoba phambi kwami, futhi behlala ezwini lami, futhi belalela izwi loMoya wami.

23 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ubumnyama bumboze umhlaba, futhi obukhulu ubumnyama bumboze imiqondo yabantu, futhi yonke inyama yonakele phambi kobuso bami.

24 Bhekani, imipindiselo iza ngokushesha kubantu basemhlabeni, usuku lolaka, usuku lokusha, usuku lwencithakalo, lokukhala, lokudabuka, nelesililo; futhi njengesi vunguvungu luyoza kubo bonke ubuso bomhlaba, kusho iNkosi.

25 Futhi luyoqala kuyo indlu yami, futhi luyoya phambili kusuka endlini yami, kusho iNkosi;

26 Kuqala phakathi kwalabo abaphakathi kwenu, kusho iNkosi, abazenze abazi igama lami futhi bengazange bangazi, futhi naba hlambalaze ngokumelene nami phakathi kwendlu yami, kusho iNkosi.

27 Ngakho-ke, qinisekani ukuthi anizikhathazi ngokuphathelene nezindaba zebandla lami kulendawo, kusho iNkosi.

28 Kodwa cwebisani izinhliziyo zenu phambi kwami; futhi emva kwalokho hambani niye kuwo wonke umhlaba, futhi nishumayele ivangeli lami kuzo zonke izidalwa ezingakalitholi;

29 Futhi lowo okholwayo futhi abhabhadiswe uyosindiswa, futhi lowo ongakholwa, futhi nongabhabhadiswa, uyoba ngaphansi kwamandla kaSathane.

30 Ngokuba kini, abayiShumi namBili, futhi nalabo, abobuMongameli bokuQala, ababekwe nani ukuba babe ngabeluleki nabaholi benu, amandla alobu buphristi anikiwe, ngezinsuku zokugcina futhi nangesikhathi sokugcina, lapho kukhona uhlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi,

31 Amandla lawo eninawo, ngokuhlangana nabo bonke labo abanikwe uhlelo lokwengamela kunoma yisiphi isikhathi kusuka ekuqaleni kwendalo;

32 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, izikhiye zohlelo lokwengamela, enizifumene, zehle njalo zisuka kobaba, futhi okokugcina kwakho konke, zithunyelwa kini phansi zisuka ezulwini.

33 Ngiqinisile ngithi kini, bhekani ukuthi lukhulu kangakanani ubizo lwenu. Hlanzani izinhliziyo zenu nezingubo zenu, funa igazi lalesi sizukulwane lifunwe ezandleni zenu.

34 Thembekani ngize ngize, ngokuba ngiza masinyane; futhi umvuzo wami unami ukukhokhela wonke umuntu njengoko msebenzi wakhe. Ngingu Alfa no-Omega. Amen.