ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 100


Isigaba 100

Isambulo esanikwa kuJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, ePerrysburg, eNew York, ngomhlaka 12 Oktoba, 1833. Laba zalwane bobabili, ngenxa yokuthi babe bengekho emindenini yabo izinsuku eziningana, baba nokukhathazeka ngayo.

1–4, UJoseph noSidney kufanele bashumayele ivangeli ukuze kusindiswe abantu; 5–8, Bazonikwa ngaso leso sikhathi okuzofanele bakusho; 9–12, USidney kufanele abe ngumkhulumeli futhi uJoseph kufanele abe ngumambuli futhi abe namandla ebufakazini; 13–17, INkosi izovusa abantu abamsulwa, futhi abalalelayo bazosindiswa.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini, bahlobo bami uSidney noJoseph, imindeni yenu iyaphila; isezandleni zami, futhi ngizokwenza kubo njengoba kubonakala kukuhle kimi; ngokuba kimi kunamandla onke.

2 Ngakho-ke, ngilandeleni, futhi nilalele iziyalo engiyoni nika zona.

3 Bhekani, futhi bheka, nginabantu abaningi kulendawo, ezifundeni ndawo zonke; futhi umnyango omkhulu wethuba lokusebenza uyovuleka ezifundeni eziseduze kulendawo engasempumalanga.

4 Ngakho-ke, mina, iNkosi, nginivumele ukuba nize kulendawo; ngokuba ngokwenze njalo ngakubona kufanele ukuze kusindiswe abantu.

5 Ngakho-ke, ngiqinisile ngithi kini, phakamisani amaphimbo enu kulaba bantu; khulumani imicabango engiyoyifaka ezinhliziyweni zenu, futhi ngeke nidunyazwe phambi kwabantu;

6 Ngokuba niyonikwa ngalelohora, yebo, ngaleso sikhathi, eniyokusho.

7 Kodwa umyalelo engini nika wona, ngowokuthi niyosho noma yini eniyoyisho egameni lami, ngesizotha senhliziyo, ngomoya wobumnene, ezintweni zonke.

8 Futhi ngini nika isethembiso, sokuthi kangangoba nikwenza lokhu uMoya oNgcwele uyothunyelwa kini ukufakaza ngazo zonke izinto noma yini eniyoyisho.

9 Futhi ngikubona kufanele ukuthi wena, nceku yami uSidney, ube ngumkhulumeli kulaba bantu; yebo, ngiqinisile, ngizokugcoba kulolubizo, ngisho ukuba ube umkhulumeli wenceku yami uJoseph.

10 Futhi ngizomnika amandla kubo ubufakazi.

11 Futhi ngizokunika amandla okuba ube namandla ekuchasiseni imibhalo yonke engcwele, ukuze ube ngumkhulumeli wakhe, futhi yena uyoba ngumambuli kuwe, ukuze wena ubazi ubuqiniso bezinto zonke eziphathelene nombuso wami emhlabeni.

12 Ngakho-ke, qhubekani nohambo lwenu futhi izinhliziyo zenu mazijabule; ngokuba bhekani, futhi bheka, nginani ngisho kuze kube sekugcineni.

13 Manje sengininika izwi eliphathelene no Siyoni. USiyoni uyo khululwa, nakuba ejeziswa okwesikhashana.

14 Abafowenu, izinceku zami u-Orson Hyde noJohn Gould, base zandleni zami; futhi kangangoba begcina imiyalelo yami bayosindiswa.

15 Ngakho-ke, izinhliziyo zenu maziduduzeke; ngokuba zonke izinto ziyosebenzelana kube kuhle kulabo abahamba ngobuqotho, futhi ukuze kungcweliswe ibandla.

16 Ngokuba ngizozivusela abantu abamsulwa, abazongi sebenzela ngokulunga;

17 Futhi bonke abakhuleka egameni leNkosi, futhi bagcine imiyalelo yayo, bayosindiswa. Ngisho kanjalo. Amen.