ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 9


Isigaba 9

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Epreli 1829. U-Oliver uyalwa ukuba abekezele futhi uyancengwa ukuba aneliseke wukubhala, okwamanje, lokho okushiwo ngumhumushi, kunokuzama ukuhumusha.

1–6, Eminye imibhalo yakudala isazohunyushwa; 7–14, INcwadi kaMormoni ihunyushwa ngokufunda nangokuthola isiqiniseko ngokomoya.

1 Bheka, ngithi kuwe, ndodana yami, ngokuba awuzange uhumushe njengalokho ucelile kimi, futhi uphinde waqala futhi ukubhalela inceku yami, uJoseph Smith, omNcane, ngisho kanjalo-ke ngifisa ukuba uqhubeke uze uqede lombhalo, engimphathise wona.

2 Futhi emva kwalokho, bheka, ngineminye imibhalo, engizokunika amandla ongawasebenzisela ukulekelela ukuyihumusha.

3 Bekezela, ndodana yami, ngokuba kuwukuhlakanipha kimi, futhi akudingekile ukuthi uhumushe kulesi sikhathi samanje.

4 Bheka, umsebenzi wena obizelwe ukuwenza ukubhalela inceku yami uJoseph.

5 Futhi, bheka, kungenxa yokuthi awuqhubekanga njengoba uqalile, ngesikhathi uqala ukuhumusha, okudale ukuthi ngilithathe leli lungelo kuwe.

6 Ungavungami, ndodana yami, ngokuba kuwukuhlakanipha kimi okudale ngikuphathe ngalendlela.

7 Bheka, awuzange uqondisise; ucabange ukuthi ngizokunika leli lungelo, ekubeni ungazange uzihluphe ngaphandle kokucela kimi.

8 Kodwa, bheka, ngithi kuwe, kufanele uzindle ngakho engqondweni yakho; bese ungibuza ukuthi kulungile yini, futhi uma kulungile ngiyokweza ukuthi isifuba sakho sivuthe ngaphakathi kuwe; ngakho-ke, uyozwa ukuthi kulungile.

9 Kodwa uma kungalungile ngeke ube naleyo mizwa, kodwa uyokuba nomqondo ongasebenzi oyokwenza ukukhohlwe lokho okuyinto engalungile; ngakho-ke, ngeke ukwazi ukubhala lokho okungcwele ngaphandle kokuthi unikwe yimi.

10 Manje, ukuba ubukwazile lokhu ngabe uhumushile; nokho, akudingekile ukuthi uhumushe manje.

11 Bheka, bekudingekile ngesikhathi uqala; kodwa usabile, futhi isikhathi sesidlulile, futhi akusadingekile manje;

12 Ngokuba, awuboni yini ukuthi nginike inceku yami uJoseph amandla anele, akwazile ngawo ukukhokhela isikhathi esilahlekile na? Futhi akekho kini engimlahle ngecala.

13 Yenza lokhu engikuyale ngako, futhi uyophumelela. Thembeka, ungasivumeli silingo.

14 Yima uqine emsebenzini engikubizele kuwo, futhi ngeke kulahleke ngisho nolulodwa unwele ekhanda lakho, futhi uyophakanyiswa ngosuku lokugcina. Amen.